Khuthazanani Njengoba Usuku Lusondela
“[Khuthazanani], ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.”—HEBERU 10:25, qhathanisa ne“NW.”
1, 2. Iluphi usuku olusondelayo, futhi kumelwe sibe yini isimo sengqondo sabantu bakaJehova?
LABO namuhla abahlanganyela ekutheni, ‘Wozani nithabathe amanzi okuphila,’ abazihlukanisi. Njengoba usuku olukhulu lokunqoba kukaJehova lusondela, basebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha [“sikhuthazane,” NW], ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.”—Heberu 10:24, 25.
2 ImiBhalo iprofetha ‘ngalolosuku’ ‘njengosuku lukaJehova.’ (2 Petru 3:10) Njengoba uJehova engoPhezukonke, enguNkulunkulu onamandla onke, alukho usuku okungenzeka ludlule usuku lwakhe. (IzEnzo 2:20) Lusho ukulwelwa kobukhosi bakhe njengoNkulunkulu phezu kwendawo yonke. Lolosuku olubaluleke ngokungenakuqhathaniswa luyasondela.
3. Usuku lukaJehova lwalusondela kanjani kumaKristu ekhulwini lokuqala leminyaka, futhi kuthiwani ngathi namuhla?
3 Umphostoli uPawulu watshela amaKristu ekhulwini lokuqala leminyaka leSikhathi sethu Esivamile ukuthi usuku lukaJehova lwalusondela. Ayebheke phambili ekufikeni kwalolosuku, kodwa emuva lapho, lolosuku lwaluqhele ngeminyaka engaphezu kwengu-1 900. (2 Thesalonika 2:1-3) Naphezu kwaleloqiniso, kwakumelwe akhuthazeke ngoba lolosuku lwaluzofika nakanjani, futhi uma amaKristu ayephikelela njalo kulolokholo, ayeyongena kulolosuku olubusisekile. (2 Thimothewu 4:8) Emuva lapho, lolosuku lwabonakala lusondela. Kithina namuhla, usuku lukaJehova selusondele ngempela. Konke ukugcwaliseka okumangalisayo kwesiprofetho seBhayibheli kufakazela leliqiniso elijabulisayo. Ngokushesha, igama likaNkulunkulu wethu, uJehova, lizongcweliswa kuze kube phakade.—Luka 11:2.
Bakhuthazwa Yigama Laphezulu
4. NgokwesAmbulo 19:6, ubani ozoba iNkosi, futhi igama lakhe liqondwa kanjani?
4 Igama laphezulu kumelwe libe yindaba ethakazelisayo kuwo wonke umkhaya wesintu. IToday’s English Version ithi: “Dumisani uNkulunkulu! Ngoba iNkosi, uNkulunkulu wethu uMninimandla onke, iyiNkosi!” (IsAmbulo 19:6) Ngokwaleyonguqulo yeBhayibheli yekhulu lama-20 leminyaka, uyiNkosi, uNkulunkulu umninimandla onke. Leyonguqulo, kanye nezinye eziningi zanamuhla, azilivezi igama loMuntu waphezulu oqala ukubusa njengeNkosi. Nokho, igama laphezulu lihlanganisiwe ekubabazeni okuthi “Haleluya!” (“Dumisani uJah” noma, “Dumisani uJehova”) okutholakala eBhayibhelini lesiZulu elivamile nasezinguqulweni zeRevised Standard Version, iNew International Version, nenguqulo kaMoffatt yesAmbulo 19:6. Engxenyeni enkulu yeSikhathi sethu Esivamile, igama laphezulu ngokuyisisekelo liye lafihlwa ezinguqulweni zeBhayibheli. Nokho, njengoba sizobona, lelogama liye laba elikhuthaza kakhulu kubantu bakaNkulunkulu, kokubili ezikhathini zasendulo nezanamuhla.
5, 6. (a) Kungani uMose kwakudingeka azi igama likaNkulunkulu ayemmelela? (b) Kumelwe ukuba waba yini umphumela kumaIsrayeli lapho uMose egcizelela igama laphezulu?
5 Sikhumbula ukuthi lapho uMose ethunywa uNkulunkulu oPhezukonke kubantu bakwaIsrayeli ababegqilazwe ezweni laseGibithe, umbuzo wokuthi wayethunywe ubani waphakama ezingqondweni zabantu uMose ayethunywe kubo. UMose wayekulindele ukuthi abantu abangamaJuda abahluphekayo babeyofuna ukwazi igama likaNkulunkulu ayemmelela. Ngalokhu siyafunda kuEksodusi 3:15: “UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwaIsrayeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: yileli eliyigama lami kuze kube-phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
6 Lapho lokhu kwaziswa kugcizelelwa kuwo, amaIsrayeli kumelwe ukuba azizwa ekhuthazeke kakhulu. Ukukhululwa kwawo kwaqinisekiswa ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Futhi yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakukhuthaza kanjani ukuba nethemba lokujwayelana noNkulunkulu lapho ayezobonakalisa lokho okushiwo igama lakhe siqu—engazehlukanisi ngokuziqhenya!—Eksodusi 3:13; 4:29-31.
7. (a) Sazi kanjani ukuthi abafundi bakaJesu babejwayelene negama laphezulu? (b) Igama likaNkulunkulu labekelwa kanjani eceleni?
7 Abafundi beNkosi uJesu Kristu nabo bakhuthazwa kakhulu igama laphezulu elithi, Jehova, nalokho elalikumelela. (Johane 17:6, 26) Phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni, ngokuqinisekile akazange alibekele eceleni igama laphezulu, futhi kwakungeyona injongo yakhe ukuba abeke igama lakhe elithi, Jesu, kuqala. Kwakungemva kokuqala kokuhlubuka okholweni lobuKristu lweqiniso okwabikezelwa kuphela lapho igama laphezulu labekelwa khona eceleni, yebo, lasuswa ngokoqobo engxoxweni yamaKristu. (IzEnzo 20:29, 30) Lapho nje igama leNdodana kaNkulunkulu liqala ukuqokonyiswa kakhulu, limboze elikaYise, amaKristu okuzisholo ayeyothola ukukhulekela kwawo uYise kuqhubeka kuba okungekhona okomuntu siqu, kuntula ubunye bomkhaya, futhi kanjalo kungakhuthazi kakhulu.
8. Uye waba yini umphumela oqhubekayo kubantu bakaNkulunkulu lapho bethatha igama elithi oFakazi BakaJehova?
8 Ngakho-ke, kwakuyisizathu senjabulo engachazeki lapho abaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke abahlangene neWatch Tower Society bethatha igama elithi oFakazi BakaJehova ngo-1931. Kwakungabangeli injabulo nje kuphela kodwa kwakukhuthaza kakhulu. Ngenxa yalokhu, abafundi beBhayibheli ababesanda kwethiwa babengakhuthazana.—Qhathanisa noIsaya 43:12.
9. AmaKristu eqiniso azizwa kanjani ngaLowo angoFakazi bakhe?
9 Ngakho-ke, amaKristu eqiniso namuhla akuthola kufanelekile ukuchaza Lowo angoFakazi bakhe ababikezelwa, ngisho nanjengoba uJesu Kristu uMholi wawo enza lapho elapha emhlabeni. (IsAmbulo 1:1, 2) Yebo, achaza yena yedwa njengalowo ogama lakhe linguJehova.—IHubo 83:18.
Bagcwele Injabulo Nomoya Ongcwele
10-12. (a) Wawuyoba yini umphumela wamandla ayisiphekupheku kubalandeli bakaJesu? (b) OFakazi BakaJehova abanenjabulo bafuna ukuphathana kanjani?
10 Emazwini akhe okuvalelisa kubaphostoli bakhe uJesu Kristu wathi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:19, 20.
11 Phawula ukuthi amaKristu ayesanda kufundiswa kwakumelwe abhapathizwe egameni lomoya ongcwele. Lomoya ongcwele awuyena umuntu kodwa ungamandla ayisiphekupheku kaJehova uNkulunkulu, awasebenzisa ngoJesu Kristu. NgePentekoste, uJehova uNkulunkulu, ngoJesu, wathululela lamandla ayisiphekupheku phezu kwabalandeli bakaJesu Kristu abazinikezele. (IzEnzo 2:33) Bagcwala lomoya ongcwele, futhi esinye sezibonakaliso, noma izithelo zomoya ongcwele siyinjabulo. (Galathiya 5:22, 23; Efesu 5:18-20) Injabulo iyimfanelo eshukumisayo. Abafundi kumelwe bagcwale injabulo yomoya ongcwele. Umthandazo owashiwo umphostoli uPawulu ufaneleka kakhulu: “UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.”—Roma 15:13.
12 Begcwele lomoya obangela injabulo, oFakazi BakaJehova namuhla, kuhlanganise ‘nesixuku esikhulu,’ bayofuna, yebo, bayoshukunyiselwa ukuba bakhuthazane phakathi nalesimiso sezinto esingenabungane. Ngokufanelekile, umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngokukhuthazana.’—IsAmbulo 7:9, 10; Roma 1:12; 14:17.
Zonke Izizathu Zokukhuthazeka
13. Yiziphi izizathu esinazo zokukhuthazeka nokukhuthazana?
13 Njengoba ezithola ephakathi kwalesimiso sezinto, leso umphikisi wakho konke okulungile angumbusi ngisho nonkulunkulu waso, amaKristu ayofuna ukukhuthazana ngaphakathi kwebandla lobuKristu lomhlaba wonke, eligcwele umoya ongcwele kaJehova uNkulunkulu. (Heberu 10:24, 25; IzEnzo 20:28) Sinazo zonke izizathu zokukhuthazeka. Yebo, yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuba nolwazi oluqondile ngoJehova neNdodana yaKhe nangamandla ayisiphekupheku abawasebenzisayo, okuwukuthi, umoya ongcwele! Yeka ukuthi sibonga kanjani ngethemba abalinikezayo! Ngaleyondlela ukukhulekela kwethu kugcwele injabulo. Umphostoli uPawulu watshela amaKristu ayewabhalela incwadi yakhe ukuba akhuthazane futhi akhane okholweni lwawo olungcwele kakhulu. Kwakumelwe akwenze lokhu ‘ikakhulukazi njengoba ngokomfanekiso ayebona usuku lusondela.’ Ngaphezu kwalokho, lapho imibuso yezombangazwe yalomhlaba iqeda ubuKristu bokuzisholo, kanye nazo zonke ezinye izinkolo zamanga, isimo siyofuna ukuba sikhuthazane ngisho nangaphezulu.
14. Obani okufanele bakhuthazane, futhi kanjani?
14 Nakuba abadala behola ekukhuthazeni umhlambi emabandleni abo ngamanye, wonke amaKristu kudingeka akhuthazane, njengoba amaHeberu 10:25 eyala. Eqinisweni, lena imfuneko yobuKristu. Uma uyilungu lebandla, ingabe uyasinikeza lesikhuthazo? Ungase uzibuze, ‘Ngingasinikeza kanjani? Yini engingayenza?’ Okokuqala, ngokuba khona nje kwakho emihlanganweni nangokusekela kwakho ilungiselelo lobuKristu, abakhuthazeki yini bonke abanye abazalwane nodade, cishe ngisho nanjengoba wena ngokwakho ukhuthazeka lapho ubona abanye beba khona ngokwethembeka emihlanganweni yebandla? Bangakhuthazwa futhi nayisibonelo sakho sokukhuthazela ngokwethembeka. Ngokuqhubeka kwakho enkambweni yobuKristu naphezu kwezinkinga nobunzima bokuphila, ungadangali, ungabeka isibonelo esishukumisayo.
Melana Nokudunyazwa Okuvela KuDeveli
15. Kungani uDeveli “enolaka olukhulu,” futhi ngokumelene nobani?
15 Akuthina sodwa esazi ukuthi usuku lukaJehova luseduze. NoSathane uDeveli uyazi. IsAmbulo 12:12 sisitshela ukuthi manje kunomaye emhlabeni “ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” Njengoba isAmbulo 12:17 sibonisa, intukuthelo yakhe enkulu iqondiswe kulabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” Akungabazeki ngakho—uDeveli ufuna ukusidumaza! Futhi uyazi kahle ukuthi angazama kanjani ukukwenza. Uyabazi ubuthakathaka nezinkinga zethu, futhi usizakala ngakho.
16. Kungani uSathane esebenzisa ukudunyazwa njengesikhali?
16 Kungani uSathane esebenzisa ukudunyazwa njengesikhali? Ngoba kuvame ukusebenza. Ngisho nomuntu oye wakhuthazelela ukuphikiswa nokushushiswa okuqondile angaba isisulu sokudumala. USathane ufuna ukusola uJehova uNkulunkulu futhi azame ukubonisa ukuthi angabasusa abantu ekumkhulekeleni. (IzAga 27:11; qhathanisa noJobe 2:4, 5; IsAmbulo 12:10.) Uma engakudumaza, angase akubangele ukuba uyekethise enkonzweni yakho kuNkulunkulu; angase akubangele ngisho nokuba uyeke, ube opholile ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso.—2 Korinte 2:10, 11; Efesu 6:11; 1 Petru 5:8.
17. Imiphumela engemihle yokudunyazwa yabonakala kanjani osukwini lukaMose?
17 Imiphumela engemihle yokudunyazwa ingaphawulwa endabeni yamaIsrayeli eGibithe lasendulo. Ngemva kokuba uMose ekhulume kuFaro, lowomashiqela wayandisa kakhulu imithwalo yawo nokuwacindezela. UNkulunkulu watshela uMose ukuba aqinisekise amaIsrayeli ukuthi wayeyowakhulula ngempela, awenze abantu baKhe, awasindise, futhi awangenise ezweni lesithembiso. UMose wawatshela lokho amadodana akwaIsrayeli. Kodwa uEksodusi 6:9 uyabika: “Abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.” Lokhu kusabela kwamdumaza nokumdumaza uMose wangabe esafuna ukukhuluma noFaro njengoba ayeyaliwe, kwaze kwaba yilapho uJehova eqinisekisa uMose futhi emkhuthaza.—Eksodusi 6:10-13.
18. Kungani kunesidingo esikhulu ngabantu bakaNkulunkulu sokuba bamelane nokudunyazwa okubangelwa uDeveli?
18 USathane uDeveli uwazi kahle umphumela ongemuhle ukudunyazwa okungaba nawo encekwini kaNkulunkulu. Njengoba izAga 24:10 zisho: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Njengoba siphila phakathi kangaka nesikhathi sokuphela, kudingeka sibe namandla futhi siqine ngokomoya. Kubi ngokwanele ukuthi kumelwe sibhekane nokungapheleli kwethu, ubuthakathaka, namaphutha okungase kusibambe; kodwa njengoba uSathane ezama ukusizakala ngalamaphutha, sidinga usizo.
Ncika Ngokuqinile Emhlatshelweni KaKristu
19. Yini eyosisiza ukuba simelane nokudunyazwa, futhi ngani?
19 Usizo olukhulu ngokuphathelene nalokhu yilungiselelo lesihlengo uJehova alenza laba nokwenzeka ngoJesu Kristu. Singaba ngabanqobi ngokwencika ngokuqinile esihlengweni. Kuyingozi ukulibukela phansi lelilungiselelo. Yebo, sisazophambeka, noma sone, uma nje singakapheleli. Kodwa akumelwe sidumale futhi siyeke, sinomuzwa wokuthi alikho ithemba, futhi ngaleyondlela siwele ogibeni lukaSathane. Siyazi ukuthi sinomhlatshelo ogcwele wesono. Lesihlengo siyakwazi ukususa izono. Uma ‘singabesixuku esikhulu,’ kumelwe sibe nokholo nokwethemba okugcwele kokuthi singageza izingubo zethu sizenze zibe mhlophe egazini leWundlu.—IsAmbulo 7:9, 14.
20. IsAmbulo 12:11 sibonisa kanjani ukuthi umdumazi omkhulu, uDeveli, anganqotshwa?
20 KusAmbulo 12:10 uSathane uchazwa ‘njengommangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.’ Singamnqoba kanjani ummangaleli omubi nomdumazi onjalo omkhulu? Ivesi 11 lalesosahluko linikeza impendulo: “Bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba-sekufeni.” Ngakho abantu bakaJehova kudingeka bazigcine benethemba eligcwele emhlatshelweni wesihlengo, igazi leWundlu. Gcina isikhuthazo esitholakala ngokufakaza siqinile, uzihlanganyela njalo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabo bonke ongazihlanganyela nabo.
21. Singahlanganyela kanjani ngokungahlosiwe emsebenzini kaDeveli wokudumaza abafowethu?
21 Ngezinye izikhathi, ngisho nangokungahlosiwe, singase sihlanganyele emsebenzini kaDeveli wokudumaza abafowethu. Kanjani? Ngokuba abagxeka kakhulu, abafuna kakhulu, noma abalunge ngokwedlulele. (UmShumayeli 7:16) Sonke sinakho ukuntula nobuthakathaka. Masingasizakali ngakho njengoba kwenza uDeveli. Kunalokho, masikhulume ngendlela ekhuthazayo ngabafowethu nangabantu bakaJehova njengeqembu elihlelekile. Sifuna ukuqhubeka sikhuthazana futhi kanjalo sigweme ukudumazana.
Ukukhuthaza Njengoba Usuku Lusondela
22, 23. (a) Kungani kungamelwe sikushiyele kubadala kuphela ukuba babe umthombo wesikhuthazo? (b) Ababonisi ebandleni lobuKristu bangakhuthazwa kanjani?
22 Ngaso sonke isikhathi kumelwe kube ukuzimisela kwethu okuqinile ukukhuthazana njengoba usuku lusondela. Khuthaza abanye ngesibonelo sakho sokwethembeka nangamazwi enduduzo. Lingisa uJehova neNkosi uJesu Kristu kulokhu. Ungakushiyeli kubadala bebandla kuphela ukuba babe umthombo wesikhuthazo. Phela, abadala ngokwabo bayasidinga isikhuthazo. Banobuthakathaka namaphutha njengawo wonke umhlambi, futhi kumelwe babhekane nezinkinga ezifanayo ekunakekeleni imikhaya yabo ezweni eliwohlokayo. Ngaphezu kwalokho, banalokho uPawulu akuchaza njengokukhathalela amabandla. (2 Korinte 11:28, 29) Umsebenzi wabo unzima—badinga isikhuthazo.
23 Ungabakhuthaza kakhulu labo abasezikhundleni zobubonisi ebandleni lobuKristu ngokubambisana nabo. Khona-ke uyobe ulandela iseluleko esikumaHeberu 13:17: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.”
24. Kulolusuku lokudunyazwa, yini okumelwe ngabe siyayenza, futhi ngani?
24 Siphila osukwini lokudunyazwa. Ngempela izinhliziyo zabantu ziphele amandla ngenxa yokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba owakhiwe, njengoba uJesu abikezela. (Luka 21:25, 26) Njengoba kunezinkinga eziningi kangaka ezithambekele ekucindezeleni nasekudumazeni, “[“sikhuthazane,” NW], ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” Landelani iseluleko esihle somphostoli uPawulu kweyoku-1 Thesalonika 5:11: “[“Duduzanani,” NW], nakhane njengokuba futhi nikwenza.”
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani amaKristu kumelwe akhuthazane, ngisho nangaphezu kokuba ayenza ngaphambili?
◻ Ulwazi ngegama laphezulu belukhuthaza kanjani kubantu bakaJehova?
◻ Kungaziphi izindlela esingakhuthazana ngazo ngabanye?
◻ Kungani kumelwe sigweme ukuhlanganyela emsebenzini kaDeveli wokudumaza abafowethu?
[Isithombe ekhasini 17]
Abadala bayahola ekukhuthazeni umhlambi osemabandleni abo