Amandla Okuthonya—Sidumisa Umuntu Noma Sikhazimulisa UNkulunkulu?
UXENOPHON, ujenene odumile ongumGreki, wabhala: “Umbusi akufanele adlule abantu abaphethe ngokumane abe ngcono nje kunabo, kufanele kube njengokungathi ubafake isiphonso.” Namuhla, abaningi bangabiza leso ‘siphonso’ ngokuthi amandla okuthonya.
Yiqiniso, akubona bonke ababusi abangabantu abanamandla okuthonya. Kodwa labo abanawo, basebenzisa ikhono labo ukuze bashukumisele izixuku ekuzinikeleni futhi bazilawule ukuze bafeze izinjongo zabo. Mhlawumbe isibonelo samuva esinedumela elibi kakhulu kwakungu-Adolf Hitler. “[Ngo-1933] eningini lamaJalimane uHitler wayenamandla okuthonya—noma wayesezoba namandla okuthonya—njengomholi wangempela,” kubhala uWilliam L. Shirer encwadini yakhe ethi The Rise and Fall of the Third Reich. “Babezomlandela ngokuphumputheka, njengokungathi wayenesahlulelo saphezulu, iminyaka eyishumi nambili yesiyaluyalu eyayizolandela.”
Umlando ongokwenkolo nawo ugcwele abaholi abanamandla okuthonya abashukumisela abantu ukuba bazinikele kubo kodwa abafaka abalandeli babo enhlekeleleni. “Niqaphele ukuba ningadukiswa muntu,” kuxwayisa uJesu, “ngoba abantu abaningi bayoza ngegama lami bethi, ‘NginguKristu,’ futhi bayodukisa abaningi.” (Mathewu 24:4, 5, Phillips) OKristu bamanga abanamandla okuthonya abazange bavele ekhulwini lokuqala leminyaka kuphela. Phakathi nawo-1970, uJim Jones wathi ‘wayengumesiya we-People’s Temple.’ Wachazwa ‘njengomfundisi onamandla okuthonya’ futhi ‘onethonya elingavamile kubantu,’ futhi ngo-1978 washoshozela ukuzibulala kwabantu okukhulu kunakho konke emlandweni.a
Ngokusobala, amandla okuthonya angaba isipho esiyingozi. Nokho, iBhayibheli likhuluma ngohlobo oluhlukile lwesipho, noma izipho, esivela kuNkulunkulu, esingatholwa yibo bonke abantu ukuze bazuze. Igama lesiGreki lalesi sipho lithi khaʹri·sma, futhi livela izikhathi ezingu-17 eBhayibhelini. Esinye isazi esingumGreki silichaza ngokuthi ‘isipho samahhala nesingafanelekelwa, okuthile okunikwe umuntu engakusebenzelanga futhi engakufanelekeli, okuthile okuvela emseni kaNkulunkulu futhi obekungenakutholakala noma umuntu abengenakuba nakho ngomzamo wakhe.’
Ngakho ngokwemiBhalo, elithi khaʹri·sma lisho isipho esitholwa ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe. Iziphi ezinye zalezi zipho uNkulunkulu aye wasinika zona ngomusa? Futhi singazisebenzisa kanjani ukuze zimdumise? Ake sicabangele ezintathu zalezi zipho zomusa.
Ukuphila Okumi Phakade
Isipho esikhulu kunazo zonke akungabazeki ukuthi isipho sokuphila okumi phakade. UPawulu wabhalela ibandla laseRoma: “Inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa, kodwa isipho [khaʹri·sma] uNkulunkulu asinikezayo siwukuphila okumi phakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Kumelwe siphawule ukuthi “inkokhelo” (ukufa) ingokuthile esiye sakuzuza ngesimo sethu esinesono, nakuba singathandi. Ngakolunye uhlangothi, ukuphila okumi phakade uNkulunkulu akwenza kutholakale kungokuthile esingakufanelekele ngokuphelele, esingeke sikuzuze ngokufaneleka kwethu.
Isipho sokuphila okumi phakade kufanele saziswe futhi sihlanganyelwe nabanye. Singasiza abantu ukuba bafinyelele ekumazini uJehova, bamkhonze futhi ngaleyo ndlela baphiwe isipho sokuphila okumi phakade. IsAmbulo 22:17 sithi: “Umoya nomlobokazi bayaqhubeka bethi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.”
Singabaholela kanjani abanye kulawa manzi anikeza ukuphila? Ngokuyinhloko ngokulisebenzisa kahle iBhayibheli enkonzweni yethu. Yiqiniso ukuthi kwezinye izingxenye zomhlaba, abantu abavamile ukufunda noma ukucabanga ngezinto ezingokomoya; noma kunjalo, kuhlale kunamathuba ‘okuvusa indlebe’ yothile. (Isaya 50:4) Ngokuphathelene nalokhu, singathembela emandleni ashukumisayo eBhayibheli, “ngoba izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma ngokuhlakanipha kweBhayibheli okusebenzisekayo, induduzo nethemba elikunikezayo, noma incazelo yalo ngokuphathelene nenjongo yokuphila, iZwi likaNkulunkulu lingathinta inhliziyo futhi lenze abantu baqale ukuhamba endleleni eya ekuphileni.—2 Thimothewu 3:16, 17.
Ngaphezu kwalokho, izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini zingasisiza ukuba sithi “Woza!” Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi phakathi nalesi sikhathi sobumnyama obungokomoya, ‘uJehova uyophuma’ phezu kwabantu bakhe. (Isaya 60:2) Izincwadi ze-Watch Tower Society zibonakalisa lesi sibusiso esivela kuJehova, futhi unyaka ngamunye ziholela izinkulungwane zabantu kuJehova, uMthombo wokukhanyiselwa okungokomoya. Lezi zincwadi azidumisi abantu abathile. Kunjengoba isethulo se-Nqabayokulinda sichaza, “injongo ye-Nqabayokulinda iwukudumisa uJehova uNkulunkulu njengeNkosi enguMbusi wendawo yonke. . . . Ikhuthaza ukukholwa eNkosini kaNkulunkulu ebusa manje, uJesu Kristu, egazi layo elachitheka livula indlela ngesintu ukuba sizuze ukuphila okuphakade.”
Isikhonzi sesikhathi esigcwele esingumKristu, esiye saphumelela ngokuphawulekayo iminyaka eminingi enkonzweni yaso, siphawula ngokuba yinzuzo kwe-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ekusizeni abantu ukuba basondele kuNkulunkulu: “Lapho abantu engifunda nabo iBhayibheli beqala ukufunda futhi bajabulele INqabayokulinda ne-Phaphama!, bathuthuka ngokushesha. Lab’omagazini ngibabheka njengabawusizo olungenakuqhathaniswa ekusizeni abantu ukuba bazi uJehova.”
Amalungelo Enkonzo
UThimothewu wayengumfundi ongumKristu owanikwa esinye isipho okwakudingeka asinakekele ngokukhethekile. Umphostoli uPawulu wamtshela: “Ungasidebeseli isiphiwo [khaʹri·sma] esikuwe owasinikwa ngesibikezelo nangenkathi indikimba yamadoda amadala ikubeka izandla.” (1 Thimothewu 4:14) Sasiyini lesi sipho? Sasihlanganisa ukumiswa kukaThimothewu njengombonisi ojikelezayo, ilungelo lenkonzo okwakudingeka alinakekele ngokwethembeka. Esahlukweni esifanayo, uPawulu wanxusa uThimothewu: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 Thimothewu 4:13, 16.
Abadala namuhla nabo kudingeka bawazise amalungelo abo enkonzo. Njengoba uPawulu asho, enye indlela abangakwenza ngayo lokhu iwukuba ‘banake ukufundisa kwabo.’ Kunokuba balingise abaholi bezwe abanamandla okuthonya, baqondisa ukunakekela kuNkulunkulu, hhayi kubo ngokwabo. UJesu, iSibonelo sabo, ngokungangabazeki wayengumfundisi ovelele owayenamandla okuthonya, kodwa ngokuzithoba wakhazimulisa uYise. Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.”—Johane 5:41; 7:16.
UJesu wakhazimulisa uYise wasezulwini ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengegunya lokufundisa kwakhe. (Mathewu 19:4-6; 22:31, 32, 37-40) Ngokufanayo uPawulu wagcizelela isidingo sokuba ababonisi ‘babambelele ngokuqinile ezwini elikholekile ngokuqondene nobuciko babo bokufundisa.’ (Thithu 1:9) Eqinisweni, ngokusekela izinkulumo zabo ngokuqinile emiBhalweni, abadala bayosho njengoba kwasho uJesu: “Izinto engizisho kini madoda angizikhulumi ngokuzisungulela kwami siqu.”—Johane 14:10.
Abadala ‘bangabambelela kanjani ngokuqinile ezwini elikholekile’? Ngokugxilisa izinkulumo nezabelo zabo zemihlangano eZwini likaNkulunkulu, bechaza futhi begcizelela imibhalo abayisebenzisayo. Imifanekiso evus’amadlingozi noma okuhlangenwe nakho okuhlekisayo, uma kwenziwa ngokweqile, kungase kuchezukise izilaleli eZwini likaNkulunkulu bese kudonsela ukunakekela ekhonweni lesikhulumi. Ngakolunye uhlangothi, amavesi eBhayibheli yiwona azofinyelela inhliziyo futhi ashukumise izilaleli. (IHubo 19:7-9; 119:40; qhathanisa noLuka 24:32.) Izinkulumo ezinjalo azenzi umuntu avelele kodwa zikhazimulisa uNkulunkulu ngokwengeziwe.
Enye indlela abadala abangaba ngayo abafundisi abaphumelelayo iwukuba bafunde kwabanye. Njengoba nje uPawulu asiza uThimothewu, nabadala bangasizana ngokufanayo. “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” (IzAga 27:17; Filipi 2:3) Abadala bayazuza ngokubonisana nokunikezana ukusikisela. Omunye umdala osanda kumiswa wachaza: “Umdala onokuhlangenwe nakho wazipha isikhathi ukuze angibonise indlela ayilungiselela ngayo inkulumo yeningi. Lapho elungiselela, wahlanganisa nemibuzo yobuciko, imifanekiso, izibonelo noma okuhlangenwe nakho okufushane kanye nezingxenye ezingokomBhalo azicwaningisisile. Ngiye ngafunda kuye indlela yokuthaka izinkulumo zami ukuze ngigweme ukunikeza inkulumo eduma nenesidina.”
Thina sonke esinamalungelo enkonzo, kungakhathaliseki ukuthi singabadala, izinceku ezikhonzayo noma amaphayona, kudingeka sisazise isipho sethu. Ngaphambi kokufa kwakhe, uPawulu wakhumbuza uThimothewu ukuba ‘asivuthele njengomlilo isipho [khaʹri·sma] sikaNkulunkulu esasikuye,’ endabeni kaThimothewu esasihilela isipho esikhethekile somoya. (2 Thimothewu 1:6) Emakhaya ama-Israyeli, ngokuvamile imililo yayingamalahle nje abomvu. Kwakungenzeka ukuba ‘bayivuthele’ ukuze ibe namalangabi futhi ishise ngokwengeziwe. Ngakho sikhuthazwa ukuba sigxilise izinhliziyo namandla ethu ezabelweni zethu, sivuthele njengomlilo noma iziphi izipho ezingokomoya esiye saziphathiswa.
Izipho Ezingokomoya Kumelwe Zihlanganyelwe
Uthando lukaPawulu ngabafowabo baseRoma lwamshukumisela ukuba abhale: “Ngilangazelela ukunibona, ukuze ngidlulisele kini isipho [khaʹri·sma] esithile esingokomoya ukuze niqiniswe; noma, kunalokho, ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) UPawulu wabheka ikhono lethu lokuqinisa ukholo lwabanye ngokukhuluma nabo njengesipho esingokomoya. Ukushintshana ngalezi zipho ezingokomoya kungaphumela ekusekelweni kokholo nasekukhuthazaneni.
Futhi lokhu kuyadingeka ngokuqinisekile. Kulesi simiso esibi esiphila kuso, sonke sibhekana nokucindezeleka ngandlela-thile. Nokho, ukukhuthazana njalo kungasisiza ukuba sibekezele. Umqondo wokushintshana—kokubili ukunika nokwamukela—ubalulekile ukuze sihlale siqinile ngokomoya. Yiqiniso, sonke sidinga ukuqiniswa ngezikhathi ezithile, kodwa sonke singakhana.
Uma sikuphaphamela ukuqaphela esikholwa nabo abadangele, singase “sikwazi ukududuza labo abakunoma iluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.” (2 Korinte 1:3-5) Igama lesiGreki elisho induduzo (pa·raʹkle·sis) ngokwezwi nezwi lisho “ukubizela ngasohlangothini lwakho.” Uma sisondela eduze komfowethu noma udadewethu ukuze simsize lapho kudingekile, akungabazeki ukuthi nathi ngokwethu siyothola ukusekelwa kothando okufanayo lapho sikudinga.—UmShumayeli 4:9, 10; qhathanisa nezEnzo 9:36-41.
Okunye okuzuzisa kakhulu ukuhambela kokwalusa kothando kwabadala. Nakuba zikhona izikhathi lapho kuye kuhanjelwe abathile ukuze banikwe iseluleko esingokomBhalo endabeni edinga ukunakekelwa, ukuhambela kokwalusa okuningi kuyizikhathi zesikhuthazo, ‘ukududuzwa kwezinhliziyo.’ (Kolose 2:2) Lapho ababonisi behambela abathile ngaleyo ndlela ukuze babaqinise ukholo, empeleni badlulisela isipho esingokomoya. NjengoPawulu, bayothola le ndlela eyingqayizivele yokupha ivuza, futhi ‘bayobalangazelela’ abafowabo.—Roma 1:11.
Yilokho okwenzeka kumdala othile eSpain, olandisa okuhlangenwe nakho okulandelayo: “URicardo, umfana oneminyaka engu-11 ubudala, wayebonakala engenandaba nemihlangano nebandla nje lilonke. Ngakho ngacela imvume kubazali bakaRicardo yokuba ngihambele indodana yabo, futhi bavuma ngokushesha. Babehlala endaweni enezintaba okuthatha ihora elilodwa ngemoto ukusuka kwami ukuya khona. Ngokusobala uRicardo wakujabulela ukubona ukuthi nganginesithakazelo kuye, futhi wasabela ngokushesha. Akuthathanga sikhathi, waba ummemezeli ongabhapathiziwe nelungu lebandla elikhuthele. Washintsha ekubeni namahloni waba umuntu oweneme nonobungane. Abaningi ebandleni babuza: ‘Kwenzekeni kuRicardo?’ Kwaba sengathi bayaqala ukumbona. Lapho ngicabanga ngalokho kuhambela kokwalusa okubalulekile, nginomuzwa wokuthi ngizuze ngaphezu kukaRicardo. Lapho engena eHholo LoMbuso, ubuso bakhe buyaqhakaza, abese ephuthuma ezongibingelela. Ngiye ngakujabulela ukubona intuthuko yakhe engokomoya.”
Ngokungangabazeki, ukuhambela kokwalusa, okufana nalokhu, kubusiseke kakhulu. Ukuhambela okunjalo kuvumelana nokunxusa kukaJesu: “Yalusa izimvana zami.” (Johane 21:16) Yiqiniso, akubona bodwa abadala abangadlulisela izipho ezinjalo ezingokomoya. Wonke umuntu ebandleni angavuselela abanye othandweni nasemisebenzini emihle. (Heberu 10:23, 24) Njengoba nje abaqwali bezintaba beboshelwa ndawonye ngentambo uma beqwala, nathi sihlanganiswe ndawonye izibopho ezingokomoya. Ngokungenakugwenywa, esikwenzayo nesikushoyo kuyabathinta abanye. Amazwi ahlabayo noma ukugxeka okunokhahlo kungantengantengisa izibopho ezisihlanganisayo. (Efesu 4:29; Jakobe 3:8) Ngakolunye uhlangothi, amazwi esikhuthazo akhethwe kahle nosizo lothando kungasiza abafowethu ukuba banqobe ubunzima abanabo. Ngaleyo ndlela sizobe sihlanganyela izipho ezingokomoya zenani elihlala njalo.—IzAga 12:25.
Ukuyibonakalisa Ngokugcwele Inkazimulo KaNkulunkulu
Kusobala ukuthi umKristu ngamunye unesilinganiso esithile samandla okuthonya. Siye sanikwa ithemba eliyigugu lokuphila okumi phakade. Futhi sinezipho ezingokomoya esingazihlanganyela nabanye. Futhi singaphishekela ukushukumisela abanye ukuba babe nezinjongo ezinhle. Abanye banezipho ezengeziwe ezingamalungelo enkonzo. Zonke lezi zipho ziwubufakazi bomusa kaNkulunkulu ongasifanele. Futhi njengoba noma isiphi isipho esingase sibe naso singokuthile esikuthole kuNkulunkulu, ngokuqinisekile asinaso isizathu sokuziqhayisa.—1 Korinte 4:7.
NjengamaKristu, senza kahle uma sizibuza, ‘Ingabe ngizosebenzisa noma isiphi isilinganiso samandla okuthonya okungenzeka nginawo ukuze ngikhazimulise uJehova, uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele”? (Jakobe 1:17) Ingabe ngizolingisa uJesu futhi ngikhonze abanye ngokwamakhono nezimo zami?’
Umphostoli uPetru ufingqa umthwalo wethu kulokhu ngale ndlela: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho [khaʹri·sma], sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene. Uma noma ubani ekhuluma, makakhulume njengokungathi amazwi kaNkulunkulu angcwele; uma noma ubani ekhonza, makakhonze njengoncike ezikhwepheni ezinikezwa nguNkulunkulu; ukuze kukho konke uNkulunkulu akhazinyuliswe ngoJesu Kristu.”—1 Petru 4:10, 11.
[Umbhalo waphansi]
a Kwafa abantu abangu-913 sebebonke, kuhlanganise noJim Jones ngokwakhe.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 23]
Corbis-Bettmann
UPI/Corbis-Bettmann