Izinhlanga Zesintu
Incazelo: Njengoba lisetshenziswe lapha, elithi izinhlanga lisho ukwehlukaniswa kwesintu leso ngokwezigaba zesimilo esinenhlanganisela ethile yezici zokwakheka ezingase zizuzwe ngefa nezanele ukuba leloqembu zilihlukanise njengohlobo oluhlukile lwabantu. Nokho, kumelwe kuphawulwe ukuthi iqiniso lokuthi izinhlanga ziyakwazi ukuganana ziveze abantwana libonisa ukuthi eqinisweni ‘ziwuhlobo’ olulodwa, zonke zingamalungu omkhaya wesintu. Ngakho-ke izinhlanga ezihlukahlukene zimane nje ziyizingxenyana zakho konke ukwehlukahlukana okungaba khona esintwini.
Izinhlanga ezihlukahlukene zavelaphi?
Gen. 5:1, 2; 1:28: “Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu. Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu [noma, iSintu] mhla bedalwa.” “UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba.” (Ngaleyondlela sonke isintu siyinzalo yalabo bantu bokuqala ababili, uAdamu noEva.)
IzE. 17:26: “[UNkulunkulu] wazenza izizwe zonke ngagazi linye [lika-Adamu] ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba.” (Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinhlanga ezakha isizwe, zonke ziyinzalo ka-Adamu.)
Gen. 9:18, 19: “Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; . . . Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.” (Ngemva kokuba uNkulunkulu ebhubhise izwe elingamesabi ngozamcolo wembulunga yonke ngosuku lukaNowa, izakhamuzi ezintsha zomhlaba, kuhlanganise nazo zonke izinhlanga ezaziwayo namuhla, zavela enzalweni yamadodana amathathu kaNowa nawomkawo.)
Ingabe uAdamu noEva babemane bengabantu nje bokucatshangelwa?
IBhayibheli aliwusekeli lowombono; bheka isihloko esikhulu esithi “UAdamu NoEva.”
UKayini wamtholaphi umkakhe uma kwakunomkhaya owodwa nje kuphela?
Gen. 3:20: “UAdamu wamqamba umkakhe igama lokuthi uEva, ngokuba waba-ngunina wabo bonke abaphilayo.” (Ngakho-ke bonke abantu babeyoba inzalo ka-Adamu noEva.)
Gen. 5:3, 4: “UAdamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti. Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.” (Enye yamadodana ka-Adamu kwakunguKayini, futhi enye yamadodakazi ka-Adamu kumelwe ukuba yaba ngumkaKayini. Ngalesosikhathi emlandweni wesintu lapho abantu babesaphile kahle ngokomzimba nangamandla, njengoba kuboniswa ubude bokuphila kwabo, ukuba nokwenzeka kokudlulisela ubuthakathaka ngenxa yokushada nesihlobo esiseduze kwakungekukhulu. Nokho, ngemva kweminyaka eyizi-2 500 yomlando wesintu, lapho isimo sesintu sempilo sasesiwohloke kakhulu, uJehova wanikeza amaIsrayeli imithetho eyenqabela ukuganana kwezihlobo.)
Gen. 4:16, 17: “Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. UKayini wamazi umkakhe [“walala nomkakhe,” NE]; wakhulelwa, wazala uEnoke.” (Phawula ukuthi uKayini akazange aqale abonane nomkakhe ezweni ayebalekele kulo, njengokungathi wayevela komunye umkhaya. Kunalokho, ikhona lapho aba nobuhlobo bobulili naye ukuze abe nendodana.)
Kuchazwa kanjani-ke ukuba khona kwezimilo ezihlukahlukene zezinhlanga?
“Bonke abantu abaphilayo namuhla bangabohlobo olulodwa, okuthiwa yiHomo Sapiens, futhi bavela egazini elifanayo. . . . Umehluko ongowokwakheka kwabantu ungenxa yokwehlukana ngokofuzo nangethonya lendawo abakuyo kulawomandla ofuzo. Ezimweni eziningi, lowomehluko ungenxa yokuthonyana kwalezizinto ezimbili. . . . Umehluko phakathi kwabantu ngabanye ohlangeni olulodwa noma phakathi kwezakhamuzi ngokuvamile mkhulu kunomehluko osesilinganisweni phakathi kwezinhlanga noma izakhamuzi.”—Iqembu lomhlaba wonke lezazi zesayensi elahlanganiswa yiUNESCO, elacashunwa kwethi Statement on Race (New York, 1972, uhlelo lwesithathu), Ashley Montagu, kk. 149, 150.
“Uhlanga lumane nje lungelinye lamaqembu ezakhi zofuzo ahlukene wodwa kancane lawo izinhlobo zabantu ezahlukaniselwa kuwo phakathi nangemva kokuhlakazeka kokuqala ngokwezindawo zomhlaba. Uhlanga ngalunye luye lwaba kweyodwa yezindawo eziyinhloko eziyisihlanu zamazwekazi omhlaba. . . . Ngempela umuntu washintsha ngokwezakhi zofuzo phakathi nalesikhathi sokuphela komlando futhi singalinganisa futhi sifunde imiphumela yalokhu kushintsha kulokho okusasele namuhla ezinhlangeni ezindala ngokomumo womhlaba. Njengoba besingase silindele, ukushintsha kubonakala kuhlobene nezinga lokwehlukaniswa. . . . Lapho ukwehlukaniswa kwezinhlanga kwenzeka emazwekazini, nokuhlanganiswa kwezinkulungwane zamanani abantu emaqenjini ezakhi zofuzo ezingazodwa kuwo wonke umhlaba, kwasunguleka umehluko wokwanda kwezakhi zofuzo esiwubonayo manje. . . . Ihlaya esibhekene nalo liwukuthi iqembu labantu ngalinye libonakala lihlukile ngaphandle kodwa ngaphansi kwalomehluko kukhona ukufana okuyisisekelo.” (Heredity and Human Life, New York, 1963, H. L. Carson, kk. 151, 154, 162, 163) (Ngaleyondlela, emlandweni wabantu wasekuqaleni, lapho iqembu labantu lalihlukene nabanye futhi laganiselana lodwa, inhlanganisela ethile yezakhi zofuzo evelele yagcizeleleka kuleyonzalo.)
Ingabe iBhayibheli liyafundisa ukuthi abamnyama baqalekisiwe?
Lowomqondo usekelwe ekuqondeni kabi uGenesise 9:25, lapho uNowa ecashunwa ethi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe-yisigqila sezigqila kubafowabo.” Ifundisise kahle; ayisho lutho ngebala lesikhumba. Lesiqalekiso sasingenxa yokuthi indodana kaHamu uKhanani ngokusobala yayenze isenzo esethusayo esasidinga ukuba iqalekiswe. Kodwa yayingubani inzalo kaKhanani? Kwakungebona abamnyama, kodwa abantu abanesikhumba esikhanyayo abahlala ngasempumalanga yoLwandle iMeditera. Ngenxa yemikhuba yabo eyonakele, amasiko obudemoni, ukukhonza izithombe, nokunikela ngabantwana, baba ngaphansi kwesahlulelo saphezulu, futhi uNkulunkulu walinikeza amaIsrayeli izwe lamaKhanani. (Gen. 10:15-19) Akuwona wonke amaKhanani abhujiswa; amanye asetshenziswa kanzima, ekugcwalisekeni kwesiqalekiso.—Josh. 17:13.
Abamnyama bavela kuyiphi yezinzalo zikaNowa? “Amadodana kaKushe [enye yamadodana kaHamu]: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka.” (Gen. 10:6, 7) Kamuva izindawo ezibhekisela kuKushe eBhayibhelini ngokuvamile zihambisana neEtiyopiya. Elithi Seba kamuva lisetshenziswa lapho kubhekiselwa kwabanye abantu abasengxenyeni esempumalanga yeAfrika futhi ngokusobala eseduze ne-Etiyopiya.—Isaya 43:3, umbhalo waphansi weBhayibheli leZikhombo iNW.
Ingabe bonke abantu bangabantwana bakaNkulunkulu?
Ukuba ngabantwana bakaNkulunkulu akukhona lokho thina bantu abangaphelele esinegunya kukho ngokuzalwa. Kodwa sonke siyinzalo ka-Adamu, lowo okwathi ekudalweni kwakhe ephelele waba ‘indodana kaNkulunkulu.’—Luka 3:38.
IzE. 10:34, 35: “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”
Joh. 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Ukuba nokholo lwangempela kuyo kudingekile nganoma ubani wethu ukuba azuze lolohlobo lobuhlobo noNkulunkulu olwalahlwa uAdamu. Lelolungelo livulekele abantu bazo zonke izinhlanga.)
1 Joh. 3:10: “Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.” (Ngakho-ke uNkulunkulu akabheki bonke abantu njengabantwana bakhe. Ngokombono ongokomoya, labo abenza ngamabomu lokho uNkulunkulu akulahlayo uyise wabo unguDeveli. Bheka uJohane 8:44. Nokho, amaKristu eqiniso abonisa izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu. Kulawa, uNkulunkulu uye wakhetha inani elilinganiselwe ukuba libuse njengamakhosi kanye noKristu ezulwini. Laba uNkulunkulu ubhekisela kubo ‘njengabantwana’ noma “amadodana” akhe. Mayelana nemininingwane eyengeziwe, bheka isihloko esikhulu esithi “Ukuzalwa Ngokusha.”)
Roma 8:19-21: “Ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. . . . Nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Ukukhululwa kwesintu kuyofika lapho “abantwana bakaNkulunkulu,” ngemva kokwamukela ukuphila kwasezulwini, ‘bembulwa’ njengabathatha isinyathelo esiqondile ngenxa yesintu ngaphansi kokuqondisa kukaKristu. Ngemva kokuba abathembekile emhlabeni [okubhekiselwa kubo ngokuthi “okudaliweyo” kulombhalo] sebethole ukuphelela kobuntu futhi sebebonise ukwethembeka okungenakunyakaziswa kuJehova njengoMbusi weNdawo Yonke, khona-ke nabo futhi bayojabulela ubuhlobo obuhle babantwana bakaNkulunkulu. Abantu bazo zonke izizwe bayohlanganyela kulokhu.)
Ingabe abantu bazo zonke izizwe bayoke babe munye ngempela njengabafowabo nodadewabo?
Kulabo ababeyoba ngabafundi bakhe beqiniso, uJesu wathi: “Nina nonke ningabazalelwane.” (Math. 23:8) Kamuva wanezela: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Joh. 13:35.
Naphezu kokungapheleli kobuntu, lowomuzwa wobunye wawungokoqobo phakathi kwamaKristu okuqala. Umphostoli uPawulu wabhala: “Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.”—Gal. 3:28.
Ubuzalwane bobuKristu obungavinjelwa ukwehlukana kwezinhlanga buyinto engokoqobo phakathi koFakazi BakaJehova kulelikhulu lama-20. Umlobi uWilliam Whalen wathi kuyiU.S. Catholic: “Ngikholelwa ukuthi esinye sezici ezikhanga kakhulu [senhlangano yoFakazi BakaJehova] kuye kwaba umgomo wabo wokulingana kwezinhlanga.” Ngemva kokuhlolisisa oFakazi BakaJehova eAfrika, isazi sezenhlalo eOxford University uBryan Wilson wathi: “OFakazi mhlawumbe baphumelela ngaphezu kwanoma iliphi iqembu ngejubane abasusa ngalo ukubandlululana kwezizwe phakathi kwamalungu abo.” Ibika ngokuhlangana kwezizwe zonke zoFakazi ezivela emazweni ayi-123, iThe New York Times Magazine yathi: “OFakazi babahlaba umxhwele abaseNew York hhayi nje ngamanani abo kuphela, kodwa ngokwehlukahlukana kwabo (bahlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila), ukungabi nabuvogu kwabo ngokobuhlanga (oFakazi abaningi bangamaNigro) nokuziphatha kwabo okuthulile, nokuhlelekile.”
Ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzobhubhisa isimiso sezinto samanje esingalungile, kuhlanganise nabo bonke abangamthandi ngempela uJehova uNkulunkulu kanye nabanye abantu. (Dan. 2:44; Luka 10:25-28) IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi abayosinda kuyoba ngabantu abavela “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.” (IsAm. 7:9) Behlanganiswe ndawonye ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso, ukholo kuJesu Kristu, nawuthando ngomunye nomunye, ngempela bayoba umkhaya wesintu onobunye.