-
Ukulindela ‘Ngokulangazela’INqabayokulinda—1998 | Septhemba 15
-
-
lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:14-21; 2 Thimothewu 2:10-12.
13 Ngenxa yesono sika-Adamu, yonke inzalo yakhe “yabekwa ngaphansi kobuze,” yazalelwa ebugqilini besono nokufa. Ayizange ikwazi ukuzikhulula ebugqilini obunjalo. (IHubo 49:7; Roma 5:12, 21) Yeka indlela ezinye izimvu ezilangazelela ngayo ‘ukukhululwa ekugqilazweni ukonakala’! Kodwa ngaphambi kokuba kwenzeke lokho, kumelwe kwenzeke izinto ezithile ngokuvumelana nezikhathi nezinkathi zikaJehova.
-
-
Ukulindela ‘Ngokulangazela’INqabayokulinda—1998 | Septhemba 15
-
-
Khona-ke, phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, ‘ayokwambulwa’ ngokwengeziwe njengabapristi abayimizila yokwabela “indalo” engabantu izinzuzo zomhlatshelo kaJesu wesihlengo. Lokhu kuyophumela ‘ekukhululweni’ kwesintu “ekugqilazweni ukonakala” futhi ekugcineni ‘singene enkululekweni ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21; IsAmbulo 20:5; 22:1, 2)
-