UJehova NoKristu—Bangabavelele Ekuxhumaneni Nabantu
“INkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.”—AMOSE 3:7.
1. Iziphi izindlela zokuxhumana ezisetshenziswayo namuhla?
NAMUHLA ezokuxhumana ziyibhizinisi elingenisa izigidigidi zamarandi. Zonke izincwadi ezikhishwayo, wonke amaphephandaba nomagazini okunyatheliswa njalo, zonke izinhlelo zomsakazo nethelevishini ezisakazwayo, kuhlanganise nazo zonke izithombe ezinyakazayo nemidlalo yaseshashalazini, kuyimizamo yokuxhumana. Kungokufanayo nangazo zonke izincwadi ezibhalwayo ziposwe kuhlanganise nazo zonke izingcingo ezishaywayo. Konke kuyimizamo yokuxhumana.
2. Iziphi ezinye izibonelo zezentuthuko abantu abaye bazenza ezicini zobuchwepheshe zokuxhumana?
2 Intuthuko eye yenziwa ngabantu ezicini zobuchwepheshe zokuxhumana iyamangalisa. Ngokwesibonelo, izintambo zefiber-optic, ezingcono kakhulu kunezintambo zethusi, zingathwala izingxoxo zocingo ezingamashumi ezinkulungwane ngesikhathi esisodwa. Bese kuba neziphuphutheki zokuxhumana, ezizungeza umhlaba zisemkhathini futhi ezinemishini yokuthumela izimpawu zocingo, ezetelegraph, ezomsakazo, nezethelevishini. Isiphuphutheki esisodwa esinjalo singasingatha imibiko yocingo engu-30 000 ngesikhathi esisodwa!
3. Kwenzekani lapho kunamagebe okuxhumana?
3 Kodwa naphezu kwazo zonke lezindlela zokuxhumana, kunosizi oluningi ezweni ngenxa yokuntuleka kokuxhumana phakathi kwabantu ngabanye. Ngaleyondlela, sitshelwa ukuthi “kunomhosha okhulayo—‘igebe elandayo ekuxhumaneni’—phakathi kwababusi nababuswayo.” Futhi lokho okubizwa ngokuthi igebe lesizukulwane kungaba yini uma kungekhona ukwehluleka kwabazali nenzalo yabo ukuxhumana ngokuphumelelayo omunye nomunye? Abeluleki bezemishado babika ukuthi inkinga enkulu kunazo zonke emishadweni ukwehluleka ukuxhumana phakathi kwendoda nomfazi. Ukuntuleka kokuxhumana okufanele kungabangela ngisho nokufa. Ekuqaleni kuka-1990, abantu abangu-73 bafa ekuphahlazekeni kwendiza, njengoba isici esabangela lokho ngokusobala sasiwukwehluleka ukuxhumana phakathi komshayeli nabaqondisa izindiza bephansi. Isihloko sephephandaba sathi: “Isithiyo Ekuxhumaneni Siholele Enhlekeleleni.”
4. (a) Kusho ukuthini “ukuxhumana”? (b) Uyini umgomo wokuxhumana kobuKristu?
4 Kuyini ukuxhumana endabeni yobuKristu? Ngokwesinye isichazamazwi, “ukuxhumana” kusho “ukudlulisela ukwaziswa, umqondo, noma umuzwa ukuze kwamukelwe noma kuqondwe ngokwanelisayo.” Esinye isichazamazwi sikuchaza ngokuthi “kuyikhono lokuveza imibono ngokuphumelelayo.” Phawula amazwi athi “ukuveza imibono ngokuphumelelayo.” Ukuxhumana kobuKristu ngokukhethekile kumelwe kube okuphumelelayo ngenxa yokuthi umgomo wakho uwukufinyelela izinhliziyo zabantu ngeqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu, ngethemba lokuthi bayokwenza ngokuvumelana nalokho abakufundayo. Ngokukhethekile, kushukunyiswa ukungabi nabugovu, uthando.
Indima KaJehova Ekuxhumaneni Nabantu
5. Iyiphi enye yezindlela zokuqala uJehova uNkulunkulu axhumana ngazo nomuntu?
5 UJehova uNkulunkulu ngokungangabazeki ungomkhulu kakhulu ekuxhumaneni nabantu. Ngenxa yokuthi wasidala ngomfanekiso wakhe, uyakwazi ukuxhumana nathi, futhi kungenzeka ngathi ukuba sixhumane nabanye ngaye. Kusukela ekudalweni komuntu, uJehova uye waxhumana nezidalwa zakhe zasemhlabeni ngaye ngokwakhe. Enye indlela aye wakwenza ngayo lokhu kuye kwaba ngendalo yakhe ebonakalayo. Ngaleyondlela, umhubi uyasitshela: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe. Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.” (IHubo 19:1, 2) Futhi eyabaseRoma 1:20 isitshela ukuthi “okungabonwayo . . . [kukaNkulunkulu] kubonakala [ngokukhanyayo, NW] kwasekudalweni kwezwe.” Ukuthi “kubonakala ngokukhanyayo” kubonisa ukuxhumana okuphumelelayo!
6. Yini uJehova axhumana ngayo nezidalwa zakhe zasemhlabeni ngenkathi zisensimini yase-Edene?
6 Labo abangakholelwa kuNkulunkulu nasesambulweni sakhe saphezulu bangazama ukusenza sikholelwe ukuthi kukumuntu ngokwakhe ukuba azitholele ukuthi kungani ekhona. Kodwa iZwi likaNkulunkulu likwenza kucace ukuthi uNkulunkulu uye waxhumana nomuntu kusukela ekuqaleni. Ngaleyondlela, uNkulunkulu wanikeza indoda nowesifazane bokuqala lomyalo wokuzalana: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu . . . [kwazo zonke izilwane].” UNkulunkulu futhi wabanika ukuba badle ngokuthanda emithini yasensimini—ngaphandle kowodwa. Khona-ke, lapho uAdamu noEva bengalaleli, uJehova wakhuluma ngesithembiso sokuqala sobuMesiya, enikeza isintu inhlansi yethemba: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho [inyoka] nowesifazane, naphakathi [“kwembewu,” NW] yakho [“nembewu,” NW] yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 1:28; 2:16, 17; 3:15.
7. Incwadi kaGenesise yembulani mayelana nokuxhumana kukaJehova nezinceku zakhe?
7 Lapho indodana ka-Adamu uKayini igcwele umhawu obulalayo, uJehova uNkulunkulu waxhumana nayo, eqinisweni ethi: ‘Qaphela! Uzongena enkingeni!’ Kodwa uKayini wenqaba ukulalela lesosixwayiso futhi wabulala umfowabo. (Genesise 4:6-8) Khona-ke, lapho umhlaba ugcwala ubudlova nobubi, uJehova waxhumana nendoda elungile uNowa ngenjongo yaKhe yokususa emhlabeni konke okwakuwungcolisa. (Genesise 6:13–7:5) Ngemva kukaZamcolo, lapho uNowa nomkhaya wakhe bephuma emkhunjini, uJehova waxhumana nabo ngenjongo yaKhe ngokuqondene nobungcwele bokuphila negazi, futhi ngothingo wanikeza isiqinisekiso sokuthi wayengasayikuphinde abhubhise konke okuphilayo ngomzamcolo. Emakhulwini athile eminyaka kamuva, uJehova waxhumana noAbrahama ngenjongo yaKhe yokwenza yonke imindeni yesintu izibusise ngeMbewu ka-Abrahama. (Genesise 9:1-17; 12:1-3; 22:11, 12, 16-18) Futhi lapho uNkulunkulu ememezela ukuthi wayezobhubhisa izonakali zaseSodoma naseGomora, ngothando waxhumana noAbrahama ngaleloqiniso, ethi: “Ngingamfihlela uAbrahama lokho engizakukwenza na?”—Genesise 18:17.
8. Yiziphi izindlela ezine uJehova aye waxhumana ngazo nezinceku zakhe?
8 Eqala ngoMose, uJehova wasebenzisa uhlu olude lwabaprofethi ukuze axhumane noIsrayeli. (Heberu 1:1) Ngezinye izikhathi wayezikhulumela ngomlomo, njengalapho etshela uMose: “Zilobele lawamazwi.” (Eksodusi 34:27) Ngokuvame kakhulu uJehova wayexhumana nabakhulumeli bakhe ngemibono, njengoba ayeke wenza kakade kuAbrahama.a UJehova futhi wasebenzisa amaphupho ukuze axhumane nabantu, futhi hhayi ezincekwini zakhe kuphela kodwa nakulabo ababesebenzelana nezinceku zakhe. Ngokwesibonelo, uJehova wabangela iziboshwa ezimbili ezazinoJosefa ukuba ziphuphe amaphupho, lawo uJosefa azichazela wona. UJehova futhi wabangela uFaro noNebukadinesari ukuba baphuphe amaphupho, lawo izinceku zakhe uJosefa noDaniyeli ezabachazela wona. (Genesise 40:8–41:32; uDaniyeli, izahluko 2 no-4) Ngaphezu kwalokho, ezikhathini eziningi uJehova wayesebenzisa izithunywa eziyizingelosi ukuze axhumane nezinceku zakhe.—Eksodusi 3:2; AbAhluleli 6:11; Mathewu 1:20; Luka 1:26.
9. Yini eyashukumisela uJehova ukuba axhumane nabantu bakhe uIsrayeli, njengoba kuboniswa imaphi amazwi akhe?
9 Konke ukuxhumana okunjalo kukaJehova ngabaprofethi bakhe kwabonisa uthando lwakhe ngabantu bakhe uIsrayeli. Ngokwesibonelo, ngomprofethi wakhe uHezekeli wathi: “Angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina-ndlu yakwaIsrayeli na?” (Hezekeli 33:11) UJehova wayebhekakade futhi ebekezela ekuxhumaneni nabantu bakhe basendulo abahlubukayo, njengoba kungabonwa kwezesi-2 IziKronike 36:15, 16: “UJehova uNkulunkulu wawoyise wathuma kubo ngezandla zezithunywa zakhe, ethuma njalonjalo, ngokuba wahawukela abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala; kepha . . . bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe . . . kwaze kwangabakho ukwelashwa.”
10. UJehova uxhumana kanjani nabantu bakhe namuhla, futhi kungaliphi izinga enguNkulunkulu wokuxhumana?
10 Namuhla, sineZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, iBhayibheli Elingcwele, uJehova adlulisela ngalo ukwaziswa ngaye ngokwakhe, izinjongo zakhe, nentando yakhe ngathi. (2 Thimothewu 3:16, 17) Eqinisweni, njengovelele kakhulu ekuxhumaneni, uJehova uthi: “INkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.” (Amose 3:7) Uyazazisa izinceku zakhe lokho ahlose ukukwenza.
Indima YeNdodana KaNkulunkulu Ekuxhumaneni Nabantu
11. Ngubani oyithuluzi likaJehova elivelele ekuxhumaneni nomuntu, futhi kungani isiqu sakhe esithi “uLizwi” sifaneleka?
11 Kuwo wonke amanxusa asetshenziswa uJehova ukuze axhumane nabantu ngentando yaKhe, uLizwi, uLogos, owaba nguJesu Kristu ungovelele kakhulu. Kubaluleke ngani ukubizwa kwakhe ngokuthi uLizwi noma uLogos? Kubonisa ukuthi unguMkhulumeli kaJehova oyiNhloko. Futhi uyini umkhulumeli? Umuntu oxhumana nabanye ngalokho okushiwo ngomunye. Ngakho uLogos waba umdluliseli wezwi likaJehova uNkulunkulu endalweni yaKhe ehlakaniphile yasemhlabeni. Leyondima ibaluleke kangangokuba ubizwa ngokuthi uLizwi.—Johane 1:1, 2, 14.
12. (a) UJesu wezela yiphi injongo emhlabeni? (b) Yini efakazela ukufeza kwakhe leyonjongo ngokwethembeka?
12 UJesu ngokwakhe watshela uPontiyu Pilatu ukuthi injongo yakhe eyinhloko yokuza emhlabeni kwakuwukuxhumana nesintu ngeqiniso: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Futhi umlando osemaVangelini usilandisa ngendlela asifeza kahle ngayo lesosabelo. INtshumayelo yakhe yaseNtabeni ibhekwa njengentshumayelo ezedlula zonke eyake yashunyayelwa ngumuntu. Yeka ukuthi waxhumana kahle kanjani nabantu ngaleyontshumayelo! “Izixuku [ezezwa leyontshumayelo] zamangala ngokufundisa kwakhe.” (Mathewu 7:28) Ngokuqondene nesinye isenzakalo, siyafunda: “Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.” (Marku 12:37) Lapho kuthunyelwa izikhonzi ezithile ukuba ziyobopha uJesu, zabuya zilambatha. Ngani? Zaphendula abaFarisi: “Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu.”—Johane 7:46.
Abafundi BakaKristu Bathunywa Ukuba Babe Ngabaxhumana Nabantu
13. Yini ebonisa ukuthi uKristu kwakungamanelisi ukuba kube nguye yedwa oxhumana nabantu?
13 Enganelisiwe ukuba kube nguye yedwa oxhumana nabantu, uJesu okokuqala wathuma abaphostoli abangu-12 futhi kamuva abavangeli abangu-70 ukuba bayoxhumana nabantu ngezindaba ezinhle zoMbuso. (Luka 9:1; 10:1) Khona-ke ngaphambidlana kokuba enyukele ezulwini, wathuma abafundi bakhe ukuba benze umsebenzi okhethekile. Msebenzi muni? Njengoba sifunda kuMathewu 28:19, 20, wabayala ukuba babe ngabaxhumana nabantu; futhi kwakumelwe bafundise nabanye ukuba babe ngabaxhumana nabantu.
14. AmaKristu okuqala ayephumelela kanjani ekuxhumaneni nabantu?
14 Ingabe abafundi babephumelela ekuxhumaneni nabantu? Ngokuqinisekile babephumelela! Ngenxa yokushumayela kwabo ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., kwenezelwa imiphefumulo engu-3 000 kulelobandla lobuKristu elalisanda kwakhiwa. Ngokushesha lelonani landa laba abantu abangu-5 000. (IzEnzo 2:41; 4:4) Akumangalisi ukuthi izitha zabo ezingamaJuda zabamangalela ngokugcwalisa lonke iJerusalema ngesifundiso sabo futhi kamuva zakhononda nangokuthi base bezamazamise wonke umhlaba owakhiwe ngokushumayela kwabo!—IzEnzo 5:28; 17:6.
15. Yiliphi ithuluzi uJehova aye walisebenzisa ezikhathini zanamuhla ukuze axhumane nabantu?
15 Kuthiwani ngezikhathi zanamuhla? Njengoba kwabikezelwa kuMathewu 24:3, 45-47, uMphathi, uJesu Kristu, uye wamisa “inceku ethembekileyo neqondayo,” eyakhiwa amaKristu agcotshiwe, ukuze inakekele konke okungokwakhe emhlabeni phakathi nalolusuku lokuba khona kwakhe. Leyonceku ethembekileyo neqondayo namuhla imelelwa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, enenxusa layo lokusakaza eliyiWatch Tower Bible and Tract Society. Ngokufaneleke kakhulu, leyonceku ethembekileyo neqondayo iye yabizwa ngokuthi umzila kaNkulunkulu wokuxhumana. Nayo, isikhuthaza ukuba sikwazi kahle ukuxhumana nabantu. Eqinisweni, umagazini wokuqala ngqá weZion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence weluleka abafundi bawo: “Uma unomakhelwane noma umngane ocabanga ukuthi uyothakazeliswa noma azuziswe imfundo [yalomagazini], ungase udonsele ukunakekela kwakhe kuyo; ngaleyondlela ushumayela iZwi futhi wenze okuhle kubo bonke abantu ngokwethuba onalo.”
16. Yini ebonisa ukuthi kudingeka okwengeziwe kuneBhayibheli lilodwa ukuze uNkulunkulu axhumane ngokuphumelelayo nezinceku zakhe zasemhlabeni?
16 Nokho, ukuba neZwi likaNkulunkulu nokulifunda ngokomuntu siqu kukodwa akwanele ekuzuzeni ulwazi oluqondile olubeka umuntu endleleni eyisa ekuphileni. Khumbula isikhulu esingumTopiya esasifunda isiprofetho sikaIsaya kodwa singakuqondi lokho esasikufunda. UFiliphu umvangeli wasichazela lesosiprofetho, ngemva kwalokho sase sikulungele ukubhapathizwa njengomfundi kaKristu. (IzEnzo 8:27-38) Iqiniso lokuthi kudingeka okwengeziwe kunokumane ufunde iBhayibheli uwedwa lingabonakala kweyabase-Efesu 4:11-13, lapho uPawulu ebonisa khona ukuthi uKristu akanikezanga abathile kuphela ukuba babe abaphostoli abaphefumlelwe nabaprofethi kodwa wanika abanye ukuba babe “abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo.”
17. Singalibona ngaziphi izimpawu ezibonakalisayo inxusa uJehova alisebenzisayo namuhla ukuze axhumane nesintu ngezinjongo zakhe?
17 Singababona kanjani labo abasetshenziswa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu ekusizeni abantu abayoba amaKristu ukuba bafinyelele ezingeni lobudoda obupheleleyo? NgokukaJesu, olunye lwezimpawu ezibonakalisayo kwakuyoba ukuthandana kwabo njengoba noJesu athanda abalandeli bakhe. (Johane 13:34, 35) Njengolunye uphawu olubonakalisayo: “Babengeke babe ingxenye yezwe, njengoba noJesu ayengeyona. (Johane 15:19; 17:16) Olunye futhi uphawu kwakuyoba ukuthi babheka iZwi likaNkulunkulu njengeliyiqiniso, njengoba uJesu enza, bencika ngokuqhubekayo egunyeni lalo. (Mathewu 22:29; Johane 17:17) Ukuqokomisa igama likaNkulunkulu, njengoba kwenza uJesu, kwakuyoba olunye uphawu. (Mathewu 6:9; Johane 17:6) Futhi olunye uphawu olwengeziwe kwakuyoba ukulandela isibonelo sikaJesu ekushumayeleni uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17; 24:14) Linye kuphela iqembu elihlangabezana nalezimfuneko, okuwukuthi yilabo abaxhumana nabantu ezizweni zonke abaziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova abangamaKristu.
18. Iziphi izindawo ezintathu zokuxhumana okuzoxoxwa ngazo ezihlokweni ezilandelayo?
18 Nokho, ukuxhumana kuhilela umthwalo wemfanelo ngakwabanye. Obani amaKristu anomthwalo wemfanelo wokuxhumana nabo? Ngokuyisisekelo, kunezindawo ezintathu amaKristu okumelwe azikhathalele ukuze agcine imizila yokuxhumana ivulekile: umkhaya, ibandla lobuKristu, nenkonzo yobuKristu yasensimini. Izihloko ezilandelayo zizoxoxa ngalezici zendaba yethu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka uGenesise 15:1; 46:2; Numeri 8:4; 2 Samuweli 7:17; 2 IziKronike 9:29; Isaya 1:1; Hezekeli 11:24; Daniyeli 2:19; Obadiya 1; Nahume 1:1; IzEnzo 16:9; IsAmbulo 9:17.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yikuphi ukulimala okungaba khona ngenxa yokuntuleka kokuxhumana?
◻ Obani ababili abavelele ekuxhumaneni nabantu?
◻ Yiziphi izindlela ezihlukahlukene eziye zasetshenziswa uNkulunkulu ukuze axhumane nabantu?
◻ UJesu wachwephesha kanjani ekuxhumaneni nabantu?
◻ AmaKristu okuqala ayephumelela kanjani ekuxhumaneni?
[Isithombe ekhasini 18]
NjengoYise wasezulwini, uJesu wayenozwela ekuxhumaneni nabantu