Ingabe Basizakala ‘Ngobumpofu Nokungazi’?
“OFAKAZI BAKAJEHOVA . . . basizakala ngobumpofu, ukunganaki, nokungazi kwengxenye enkulu yabantu bakithi,” kugomela umbhali waseMexico uJorge García, “ukuze baqhubeke bethumba onembeza babo.”—IExcelsior kaMarch 9, 1983.
Izinsolo ezifanayo ngokumelene noFakazi BakaJehova zivamile ukuzwakala eLatin America. ‘Akekho umuntu obalulekile oke abe omunye woFakazi BakaJehova,’ kusho abanye abantu abayizifundiswa, abezombangazwe, nabaholi benkolo. ‘OFakazi BakaJehova bathola abalandeli babo kubantu abampofu, abangazi.’ Kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova abaningi abanayo imali eningi, kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova ‘basizakala ngobumpofu, ukunganaki, nokungazi?’ Ingabe iqiniso lokuthi abantu abaningi abathobekile nabampofu bayasabela ezimfundisweni zabo lisho ukuthi izimfundiso ezinjalo azilungile?
Ukuze siphendule lemibuzo, ake sihlehlele emuva ekhulwini lokuqala leSikhathi sethu Esivamile. Luhlobo luni lwabantu olwalukhangwa ubuKristu emuva ngalesosikhathi?
UbuKristu—Isizathu Sokuba Bukhange Abantukazana
Abagxeki bosuku lwanamuhla boFakazi BakaJehova bamane nje baphinda amazwi abaphikisi bobuKristu bekhulu lokuqala. Ngokwesibonelo, ake ucabange ngezihlakaniphi zamaGreki ezazihlala emzini wasendulo iKorinte. Njengoba umphostoli uPawulu ekubeka, ‘amaGreki [a]funa ukuhlakanipha.’ (1 Korinte 1:22) Yebo, ayengafuni ukuhlakanipha kweBhayibheli, kodwa ayefuna izimpikiswano zefilosofi ezididayo. Futhi lapho umphostoli uPawulu ‘engafikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha’ kodwa kunalokho edlulisela isigijimi esicacile ‘sikaKristu, lowo obethelwe esigxotsheni sokuhlushwa,’ ubuKristu bahlekwa usulu abaningi ‘njengobuwubuwula.’—1 Korinte 1:23, Qhathanisa neNW; 2:1, 2.
Khona-ke, ingabe uPawulu ‘wayesizakala ngokungazi,’ lapho encenga abantu abathobekile nabantukazana kanye nezinye izakhamuzi zaseKorinte? Lutho neze. UPawulu wachazela amaKristu lapho: “Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, . . . kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo, . . . ukuze kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.”—1 Korinte 1:26-29.
Kusukela khona kanye ekuqaleni, ubuKristu babulokhu buyinkolo ekhanga ngokuyinhloko abantu abaphansi abathobekile. Abaphostoli bakaJesu abayi-12—abayisisekelo sebandla lakhe—babengathathiwe phakathi kwababhali nabaFarisi ababefundile. (Efesu 2:20) Kunalokho, babevela esigabeni sezisebenzi, abane bengabadobi ngokomsebenzi. (Mathewu 4:18-22; 10:2, 3) Babengamadoda ayebhekwa ngabaholi benkolo ‘njengangafundile, ayimifunda nje,’ besho ukuthi imfundo yabo yayiphansi futhi ingaveli ezikoleni zemfundo ephakeme. (IzEnzo 4:13) Ababhali nabaFarisi “ababefundile” bambukela phansi uMesiya owayelindelwe isikhathi eside, behleka usulu izimfundiso zakhe nabalandeli bakhe. Bathatha isimo sengqondo sokuthi ‘akekho umuntu obalulekile olandela uJesu.’
Khumbula okwenzeka ngesinye isikhathi lapho bethuma izikhonzi ukuba ‘zibambe’ uJesu. Izikhonzi zabuya zilambatha. Kungani? Umbhalo ogciniwe weBhayibheli uthi: “Izikhonzi zaphendula zathi: Akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhuluma lowomuntu.” Yebo, zamangala ngezimfundiso zikaJesu! Nokho, abaholi benkolo ababefundile basabela kanjani? “Kanti nani nidukisiwe na? Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oké wakholwa nguye na?” (Johane 7:32, 44-48) Ngakho-ke ukuzidla kwabavimbela ukuba bamamukele uJesu. Kuyiqiniso, iBhayibheli lithi “abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni; ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.”—Johane 12:42, 43.
Ake ucabange ngalokho! Lamadoda ayeqiniseka ngempela ukuthi uJesu wayeneqiniso, kodwa enqaba ukuba abafundi bakhe ngenxa yokwesaba abantu. Kwakungelula neze ngalezozikhulu ukuba zidele isithunzi sazo kubantu bendawo ezikuyo, abezombangazwe, nabezenkolo ukuba zibe abalandeli bakaJesu. Akumangalisi ukuthi uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu”! (Mathewu 19:23) Ngakho, ngokuvamile, abanjalo babezidla kakhulu ukuba balandele inkolo eyayifuna ukuba ngokuzithoba ‘bathabathe isiphambano sabo, balandele uJesu.’ (Mathewu 16:24) Ngakho-ke uKristu wake wathi ethandaza: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane.” (Luka 10:21) Ngokungefani nezihlakaniphi zezwe, abanjalo babelamukela iqiniso.—Qhathanisa noMathewu 18:3.
UNkulunkulu Akakhethi
Umfundi uJakobe wabhala: “UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe-ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?” (Jakobe 2:5) Khona-ke, ingabe lokhu kwakusho ukuthi labo ababecebile futhi benemfundo yezwe babenqatshelwe ukuba bakhonze uNkulunkulu? Lutho neze! Ngemva kokuba oweZizwe wokuqala oguqukile, uKorneliyu, amukele umoya ongcwele, uPetru waphawula: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Mhlawumbe uPetru wayekhumbula amazwi kaJehova kuSamuweli, akhulunywa emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili: “Lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:7.
Khona-ke, ngokuthakazelisayo, iBhayibheli lithi ‘isixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.’ (IzEnzo 6:7) AmaKristu ayetholakala futhi ‘nasendlini kaKesari’ eyayinesithunzi. (Filipi 4:22) Futhi ngisho nakuba amaKristu amaningi ayengenayo imali eningi, ayekhona amanye ebandleni ayecebile.—1 Thimothewu 6:17.
Izikhathi Zanamuhla
Khona-ke, akumelwe kusimangalise ukuthi iqiniso namuhla liye lathela izithelo ngokuyinhloko phakathi kwabantu abavamile. UJehova usabuka, hhayi imali umuntu anayo ebhange noma imfundo yezwe, kodwa inhliziyo. (IzAga 21:2) Khumbula, futhi, ukuthi uJesu wathi: “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi.” (Johane 6:44) Ngokuqinisekile, uYise wayeyodonsela kuye kuphela labo ababethobekile nababefundiseka, akunjalo?
Nokho, lokhu akusho ukuthi abantu abafundile nababizwa ngokuthi bayizifundiswa ababi oFakazi BakaJehova. Lapho uPawulu enikeza incazelo ecacile, kodwa enamandla, yeqiniso phambi kweNkosi uAgripha, leyonkosi yavuma: “Kusilele kancane ungivumise ngibe-ngumKristu.” (IzEnzo 26:27, 28) Ngokufanayo, abaningi abafundile baye bakhangwa iqiniso ngencazelo ecacile futhi enengqondo yeqiniso leBhayibheli enikezwa oFakazi BakaJehova. Khumbula, umuntu othobekile akayena ngempela ongafundile. UMose wabizwa ngokuthi ‘omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.’ (Numeri 12:3) Kodwa, ‘wayefundiswe ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe.’—IzEnzo 7:22.
Nokho, kufanele kuphawulwe ukuthi lapho abantu abanemfundo encane yezwe beqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova, ngokuvamile bathatha izinyathelo zokuthuthukisa amakhono abo emfundo. Bazama ukuthuthukisa imikhuba yabo yokufunda nokutadisha ukuze bafunde ngezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli futhi bahambisane nochungechunge lwezincwadi zeBhayibheli ezikhishwa njalo oFakazi BakaJehova. Uma umuntu oqotho efuna ukufunda iBhayibheli kodwa ethiywa ukungafundi, ngokuvamile ukufundiswa kwamahhala kungahlelwa ngebandla lakuleyondawo.
IWatchtower Society inyathelisa ngisho nencwajana enesihloko esithi Funda Ukuzifundela Nokubhala. Lencwajana iye yasiza izinkulungwane eziningi zabantu ukuba zifunde ukufunda, eAsia, eAfrika, naseMelika ePhakathi neseNingizimu. Kwelinye izwe laseLatin America, abayizi-51 249 baye bafunda ukuzifundela nokubhala eminyakeni engama-26 edlule ngosizo lwalencwajana! Kwelinye idolobhana laseLatin America, umhloli woMnyango Wezemfundo wahlangana nabameleli bezinhlangano eziningana ezihlukahlukene—kuhlanganise noFakazi BakaJehova. UFakazi owayelapho wabalandisa ngenjwana ethi Funda Ukuzifundela wamemela leloqembu komunye wemihlangano yoFakazi.
Leloqembu laya eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini—umhlangano oklanyelwe ukusiza amadoda nabesifazane ukuba babe abafundisi abaphumelelayo. Okwabamangalisa, babona indoda ababazi ukuthi ayifundile—isendaweni yesikhulumi futhi inikeza inkulumo yeBhayibheli! Omunye wezivakashi, uthisha-nhloko wesikole, wathi: “Ngeke Akunakwenzeka ukuthi lendoda ebeyaziwa njengengafundile isikwazi ukukhuluma ngolimi lweSipanishi [kunolimi lwayo lomdabu], kungasaphathwa ukukhuluma eningini, kodwa manje iyakwazi.”
Ngakho kunokusizakala ngabantukazana, amaKristu eqiniso namuhla ayabasiza ukuba bazithuthukise ngokubasiza ukuba bafinyelele ulwazi lweqiniso. AmaKristu anjalo afeza umsebenzi wokufundisa awuthunywa uJesu lapho ethi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Futhi ngenxa yalokho, unyaka ngamunye amashumi ezinkulungwane avela kuzo zonke izizinda zomphakathi azihlanganisa noFakazi BakaJehova.