Amasiko Enkolo NeBhayibheli
“IZWI likaNkulunkulu nilenza libe-yize ngesiko lenu.” Lawa kwakungamazwi angazange ashiwo omunye ngaphandle kukaJesu Kristu. (Marku 7:13) Njengabantu abaningi namuhla, amaJuda osukwini lukaJesu anamathela ngokwethembeka endleleni eyinkimbinkimbi yemithetho nemikhuba. Futhi njengabefundisi abaningi banamuhla, abaholi bawo benkolo babebheka lamasiko njengabaluleke ukwedlula iBhayibheli.
Ngokwesibonelo: iZwi likaNkulunkulu laliyala ngokuqondile ukuba abantwana bahloniphe abazali babo. (Eksodusi 20:12) Lokhu ngokusobala kwakuhlanganisa ukusiza abazali ababesezimweni ezicindezelayo ngokwezimali. Nokho, kwavela isiko labaJuda elalinikeza indlela ayeyibona ilungile yokugwema lesibopho esingokweBhayibheli. Umuntu oyigovu kwakudingeka afunge nje ukuthi impahla yakhe siqu yayizonikelwa kamuva ethempelini, ebekela leyompahla eceleni ngokuba athi “yikorbana.” Leligama lalisho “isipho esinikelwa kuNkulunkulu.” Nakuba umkhulekeli ongumJuda ngokusobala ayekhululekile ukuba aqhubeke esebenzisa lelikorbana ngokwenzuzo yakhe siqu, ngesaba esingokwenkolo wayengayincisha abazali bakhe.—Marku 7:9-12, qhathanisa neNW.
Nokho, uJesu wabekela lelisiko namanye ‘amasiko angcwele’ obuJuda inselele ethi: “Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”—Mathewu 15:3-9.
Ngokwalokho okwashiwo uJesu, ingabe umKristu ngempela angabheka noma yiliphi isiko lenkolo njengelisesilinganisweni esifanayo neBhayibheli? Lutho neze. Kungakhathaliseki ukuthi lowomkhuba wenziwa ngomuzwa noma ngomzwelo ongakanani, ukukhathalela komKristu kuwukuthi uyavumelana yini neZwi likaNkulunkulu noma cha. Ngokuhambisana nalokhu, cabangela eminye imikhuba yenkolo engokwesiko echazwe encwadini yamaKatolika iLiturgy—An Elementary Course, kaMaría A. Lombillo Clark, T. D. Lamasiko aqhathaniseka kanjani nalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela?
[Ibhokisi]
IMIKHUBA YESONTO IZWI LIKANKULUNKULU
“Ukukhulekela kwethu uNkulunkulu “Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.”
sikubonakalisa ngemikhuba —1 Johane 5:21.
yenkolo.” “UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye
bafanele ukukhuleka ngomoya
nangeqiniso.”—Johane 4:24.
“Sihamba ngokukholwa, asihambi
ngokubona.”—2 Korinte 5:7.
“NginguJehova; yilo igama lami;
angiyikunika omunye inkazimulo yami,
nezithombe ezibaziweyo udumo
lwami.”—Isaya 42:8.
“Kumelwe sinikele ngemikhuba “Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo,
yenkolo eNcasakazini uMariya namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu,
Ongcwele Kakhulu, ezingelosini, nowokusemhlabeni phansi . . .
nakosanta. Kodwa imikhuba ungazikhothameli, ungazikhonzi.”
yenkolo [enjalo] yokuhlonipha —Eksodusi 20:4, 5.
. . . ekugcineni iya “Mina-Johane . . . ngawa phansi ukuba
kuNkulunkulu, ngendlela efanayo ngikhuleke phambi kwezinyawo
yokuthi inkosi iyahlonishwa zengelosi . . . Yayisithi kimi: Musa;
lapho inhlonipho inikezwa . . . khuleka kuNkulunkulu.”
izikhonzi zayo.” —IsAmbulo 22:8, 9.
“KunoNkulunkulu oyedwa, nomxhumanisi
oyedwa phakathi kukaNkulunkulu
nabantu, umuntu, uJesu Kristu.”
—1 Thimothewu 2:5, NW.
“ISiphambano sibalulekile ealtare; “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho
ngaphandle kwaso iMisa Elingcwele konke okukuwo, yena oyiNkosi
alinakugujwa. Izindwangu yezulu nomhlaba, akahlali
ezintathu zealtare, izibani emathempelini enziwe ngezandla.”
ezimbili, nezinkwa zesakramente —IzEnzo 17:24.
nakho kubalulekile.” ‘Thina asibheki okubonwayo, kodwa
okungabonwayo.’—2 Korinte 4:18.
“UNovember 1 . . . uwusuku “Abafileyo abamdumisi uJehova, qha,
lokugujwa koSuku Lwabo Bonke noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.”
OSanta. UwuSuku Olungcwele lwayo —IHubo 115:17.
yonke imiphefumulo ephila “Abafileyo abazi-lutho.”
ngenjabulo ezulwini, nokuthi —UmShumayeli 9:5.
ngolunye usuku kuyoba ngeyethu.” “Yonke imiphefumulo engayikumlalela
lowomprofethi iyobhujiswa.”
—IzEnzo 3:23, Douay Version.
“Ukuze kusizwe lemiphefumulo “Esihogweni ngeke kube namsebenzi,
[iSonto] lamisa ‘ukuKhunjulwa namcabango, nakuhlakanipha, nalwazi,
kwabafe bethembekile’ lapho ujahele khona.”
ngoNovember 2. Ngalolusuku —UmShumayeli 9:10, Douay Version.
abapristi bagubha iMisa kathathu “Ningamethembi [umuntu;] . . .
ukuze banciphise ukuhlushwa uyakubuyela emhlabathini wakhe:
kwalemiphefumulo ebusisiwe ngalolosuku onke amacebo abo
esesihlanzweni nokuyenza ingene ayophela.”—IHubo 146:2-4
ngokushesha ezulwini.” [145:2-4, Douay Version].
“Lapho ihlaziywa okokugcina,
imfundiso yamaKatolika ngesihlanzo
isekelwe esikweni, hhayi
emBhalweni oNgcwele.”—New Catholic
Encyclopedia, Umqulu 11, ikhasi 1034.
Ukhululiwe Emasikweni Alimazayo
Ngakho-ke amasiko amaningi enkolo athandwayo awamthokozisi uNkulunkulu futhi ngaleyondlela ayalimaza. Nokho, ngokuthakazelisayo umphostoli uPawulu wabhala: “Manje ngiyanincoma ngoba phakathi kwakho konke . . . nibambelele ngokuqinile emasikweni njengoba nje ngawadlulisela kini.” (1 Korinte 11:2, NW) Nokho, lamasiko ayeyimikhuba elungile, ezuzisayo esekelwe eZwini likaNkulunkulu—engeyona imikhuba eyize, eyenziwe ngabantu. Athatha indawo “yendlela yokuziphatha eyize eyamukelwe ngesiko” eyayiqhutshwa abaningi ekhulwini lokuqala ngaphambi kokuba babe ngamaKristu.—1 Petru 1:18, NW.
Ngokufanayo namuhla, umuntu owesaba uNkulunkulu kumelwe ahlolisise futhi enqabe noma yiliphi isiko elingekho ngokombhalo. Ngokuqinisekile, ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu bubaluleke kakhulu ukwedlula noma yiziphi izindlela ezenziwe abantu zokukhulekela! Yebo, ukwenqaba amasiko angekho ngokombhalo akulula neze. Ngokuvamile kudinga ukulungisa izindlela zokuziphatha ezaqalwa kudala. Ngokwesibonelo, enye insizwa eColombia yayithe shi emasikweni enkolo. Kusukela ebuntwaneni yayinesifiso esijulile sokuba umpristi ongumKatolika. Ngokuvamile yayidlala ‘ngokuqhuba iMisa’ nodadewabo, yamukele ngisho “nokuvunywa kwezono” kubo. Eminyakeni ethile kamuva yakwazi ukungena esikoleni samaKatolika sokulungiselela abazofundela ubufundisi, ekugcineni yabhalisa eyunivesithi yamaKatolika. Lapho, amasiko enkolo agxiliswa ngisho nangokwengeziwe ekuphileni kwayo.
Ngolunye usuku, omunye woFakazi BakaJehova wavakashela ekhaya lakubo. Nakuba abazali bayo bengamvumelanga uFakazi ukuba akhulume, okuncane akusho kwamkhanga lona omusha oshisekela inkolo. Kamuva walungiselela ukutadisha iBhayibheli ngasese naloFakazi. Uyakhumbula: “Isifiso sami esiqotho sasiwukwazi iBhayibheli ngombono ohlukile ngaphandle kokushintsha inkolo yami. Nganginesifiso esijulile sokukhonza uNkulunkulu njengompristi, ukuba ngizame ukubangela ushintsho ezinhliziyweni zabantu. Ngemva kokutadisha iBhayibheli inyanga, kwaba nempi phakathi kwami, njengoba nje namasiko nemikhuba yesonto lami kwakulwisana nezindinganiso ezihlanzekile zemiBhalo.”
Umkhaya wakhe wamphoqelela ukuba ayeke ukutadisha iBhayibheli, futhi ekugcineni waphoqelelwa ukuba ahambe ekhaya. Nakuba kunjalo, uthi: “Ngemva kwezinyanga ezimbili ngitadisha iBhayibheli, ngaqiniseka ngokuthi ngangenze iphutha elikhulu, ngayeka eyunivesithi nomsebenzi wami njengothisha ekholiji lenkolo futhi ngazinikela ekushumayeleni endlini ngendlu. Manje ukuphila kwami kushintshile kanye nemikhuba yami. Ngazizwa ngijabule kakhulu ngalolosuku engingeke ngilukhohlwe engabonisa ngalo ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo.” Lensizwa manje ikhonza isikhathi esigcwele isiza abanye ukuba bazikhulule emasikweni ahlambalaza uNkulunkulu.
Uma ungozinikele ngentshiseko esikweni lenkolo, nawe ungase ukuthole kudingekile ukwenza ushintsho oluthile. Khumbula futhi lokho uJesu ake akusho kowesifazane ongumSamariya emthonjeni. Yena nabantu bakubo babenomkhuba ohlonishwa ngoba usunesikhathi eside wokukhulekela uNkulunkulu eNtabeni yaseGerizimu. Nokho, uJesu wambonisa ukuthi leli kwakuyisiko eliyize, ethi: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakulentaba naseJerusalema. . . . Abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.”—Johane 4:19-23.
Ingabe ungumuntu ‘ofunwa uBaba’? Ingabe unesifiso esijulile sokukhulekela uNkulunkulu ngeqiniso? Khona-ke isixwayiso sikamphostoli uPawulu kwabaseKolose 2:8 sifaneleka kakhulu: “Xwayani ukuba kungabibikho onikhohlisayo ngokufaka imibono yakhe yefilosofi, nemicabango engelutho esuselwa esikweni lomuntu.” (The Holy Bible, Ronald A. Knox) Kunalokho, landela izimfundiso zobuKristu beqiniso, ezingakuholela ekuphileni okuphakade!—Johane 17:3.