Isahluko Seshumi Nesikhombisa
Bonisa Ukuzinikela Kokuhlonipha UNkulunkulu Ekhaya
1. Ukusebenzisa isiqondiso seZwi likaNkulunkulu kuye kwayithinta kanjani imishado?
UJEHOVA unguMsunguli womshado, neZwi lakhe linikeza imikhaya isiqondiso esihle kakhulu. Ngokusebenzisa leso siqondiso, abantu abaningi baye bakha imishado ephumelelayo. Kuyatuseka ukuthi abanye ababekipitile baye bashukunyiselwa ukuba babhalise umshado wabo ngokomthetho. Abanye baye bayeka ukushendeza. Amadoda ayizidlova ayexhaphaza omkawo nabantwana bawo aye afunda ukubonisa umusa nesisa.
2. Yini ehilelekile ekuphileni komkhaya kobuKristu?
2 Ukuphila komkhaya wamaKristu kuhilela izinto eziningi, njengendlela esibheka ngayo ukuhlala njalo komshado, lokho esikwenzayo ekufezeni imithwalo yethu yemfanelo yomkhaya, nendlela esiwaphatha ngayo amalungu omkhaya. (Efesu 5:33–6:4) Yize sazi ukuthi iBhayibheli lithini ngokuphila komkhaya, kudinga umzamo ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. Akekho kithi ofisa ukuba njengalabo uJesu abalahla ngokweqa imiyalo kaNkulunkulu. Babezikhohlisa becabanga ukuthi ukuzinikela enkolweni kukodwa kwanele. (Mathewu 15:4-9) Asifuni ukuba nesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa singakubonisi emizini yethu. Kunalokho, sifuna ukubonisa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kweqiniso, ‘okuyinzuzo enkulu.’—1 Thimothewu 5:4; 6:6; 2 Thimothewu 3:5.
Umshado Uyohlala Isikhathi Eside Kangakanani?
3. (a) Kwenzekani ngemishado eminingi, kodwa yini okufanele sizimisele ukuyenza? (b) Usebenzisa iBhayibheli lakho, phendula imibuzo ehlelwe ngezansi kwalesi sigaba.
3 Ukugqashuka kalula kwezibopho zomshado kuya kwanda. Eminye imibhangqwana osekuyiminyaka ishadile inquma ukuhlukanisa futhi ishade nomunye umuntu. Futhi akuseyona into engavamile ukuzwa ukuthi imibhangqwana emisha isihlala ngokwahlukana nakuba inesikhathi esifushane ishadile. Kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani, kufanele sifune ukuthokozisa uJehova. Ngakho masicabangele imibuzo nemibhalo elandelayo sibone lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngokuhlala njalo kwesibopho somshado.
Lapho indoda nowesifazane beshada, kufanele balindele ukuhlala ndawonye isikhathi esingakanani? (Marku 10:6-9; Roma 7:2, 3)
Yisiphi okuwukuphela kwesizathu sesehlukaniso esamukelekayo kuNkulunkulu esivumela umuntu ukuba aphinde ashade? (Mathewu 5:31, 32; 19:3-9)
UJehova uzizwa kanjani ngezehlukaniso iZwi lakhe elingazigunyazi? (Malaki 2:13-16)
Ingabe iBhayibheli liyakukhuthaza ukuhlala ngokwahlukana njengendlela yokuxazulula izinkinga zomshado? (1 Korinte 7:10-13)
Ukuhlala ngokwahlukana kungase kuvunyelwe ngaphansi kwaziphi izimo? (IHubo 11:5; Luka 4:8; 1 Thimothewu 5:8)
4. Kungani eminye imishado ihlala njalo?
4 Eminye imishado iyaphumelela, ihlale njalo. Kungani? Kubalulekile ukuba bobabili labo abazoshada balinde baze bavuthwe, kodwa ukuthola umngane onezithakazelo ezifanayo nezakho futhi okwaziyo ukuxoxa naye ngokukhululekile nakho kubalulekile. Nokho, okubaluleke nakakhulu ukuthola umngane womshado othanda uJehova nohlonipha iZwi lakhe njengesisekelo sokuxazulula izinkinga. (IHubo 119:97, 104; 2 Thimothewu 3:16, 17) Umuntu onjalo ngeke abe nesimo sengqondo sokuthi uma izinto zingahambi kahle, bayomane bahlale ngokwahlukana noma bahlukanise. Ngeke asebenzise ukushiyeka komngane wakhe womshado njengezaba zokushalazela eyakhe imithwalo yemfanelo. Kunalokho, uyobhekana nezinkinga futhi athole amakhambi asebenzayo.
5. (a) Ukwethembeka kuJehova kunayiphi indima emshadweni? (b) Ngisho nalapho umuntu ephikiswa, yiziphi izinzuzo ezingaba khona uma ebambelela ezindinganisweni zikaJehova?
5 USathane ugomela ngokuthi uma sihlupheka, siyozilaxaza izindlela zikaJehova. (Jobe 2:4, 5; IzAga 27:11) Kodwa oFakazi BakaJehova abaningi abaye bahlushwa abangane bomshado abaphikisayo abazange bazilahle izifungo zabo zomshado. Bayaqhubeka bethembekile kuJehova nemiyalo yakhe. (Mathewu 5:37) Abanye abaye bakhuthazela baye bajabula lapho abangane babo bomshado bezihlanganisa nabo ekukhonzeni uJehova—ngisho nangemva kweminyaka bephikiswa! (1 Petru 3:1, 2) AmaKristu anabangane bomshado abangabonisi zimpawu zokushintsha noma abaye bawashiya ngoba ekhonza uJehova, nawo ayazi ukuthi ayobusiswa ngokunikeza ubufakazi bokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ekhaya.—IHubo 55:22; 145:16.
Ngamunye Afeze Indima Yakhe
6. Ukuze umshado uphumelele, yiliphi ilungiselelo okumelwe lihlonishwe?
6 Yiqiniso, ukuba nomshado ophumelelayo kudinga okungaphezu nje kokuhlala ndawonye. Ngokuyinhloko kudingeka ukuba umngane womshado ngamunye ahloniphe ilungiselelo likaJehova lobunhloko. Lokhu kwenza kube nokuhleleka okuhle futhi kudale nomuzwa wokulondeka ekhaya. Kweyoku-1 Korinte 11:3, siyafunda: “Inhloko yawo wonke amadoda uKristu; nenhloko yowesifazane indoda; nenhloko kaKristu uNkulunkulu.”
7. Ubunhloko kufanele busetshenziswe kanjani emkhayeni?
7 Ingabe uphawulile ukuthi yini lelo vesi elikhulume ngayo kuqala? Yebo, wonke amadoda aneNhloko, uKristu, okufanele azithobe kuyo. Lokhu kusho ukuthi indoda kufanele isebenzise ubunhloko bayo ngendlela ebonisa izimfanelo zikaJesu. UKristu uzithoba kuJehova, ulithanda ngokujulile ibandla, futhi uyalinakekela. (1 Thimothewu 3:15) Waze “wazinikela ngenxa yalo.” UJesu akayena umuntu oqhoshayo nongacabangeli, kodwa ‘unomoya omnene futhi uthobekile ngenhliziyo.’ Labo abangaphansi kobunhloko bakhe ‘batholela imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ Lapho indoda iphatha umkhaya wayo ngale ndlela, ibonisa ukuthi iyazithoba kuKristu. Ngakho-ke, umfazi ongumKristu kufanele akuthole kuzuzisa futhi kuqabula ukubambisana nomyeni wakhe futhi azithobe ebunhlokweni bakhe.—Efesu 5:25-33; Mathewu 11:28, 29; IzAga 31:10, 28.
8. (a) Kungani kungase kubonakale sengathi izindlela zobuKristu azilethi imiphumela efiselekayo kweminye imizi? (b) Kufanele senzeni uma sibhekene nesimo esinjalo?
8 Nokho, izinkinga zizophakama. Ngaphambi kokuba noma ubani emkhayeni aqale ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungenzeka ukuthi kwase kunomkhutshana osugxilile wokucasukela ukuqondiswa abanye. Ukucelwa ngomusa nokuphathwa ngothando kungase kubonakale kungaphumeleli. Siyazi ukuthi iBhayibheli lithi silahle “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo.” (Efesu 4:31) Kodwa uma kuyile ndlela kuphela abanye abayijwayele, yini okufanele yenziwe? UJesu akazange alingise abantu abasongelayo nabathuka inhlamba, kodwa wancika kuYise. (1 Petru 2:22, 23) Ngakho lapho kuphakama izimo ezivivinyayo ekhaya, bonisa ukuthi unokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ngokuthandaza kuJehova ucele usizo lwakhe esikhundleni sokusebenzisa izindlela zezwe.—IzAga 3:5-7.
9. Esikhundleni sokugxeka, yini amadoda amaningi angamaKristu aye afunda ukuyenza?
9 Izinguquko azenzeki ngokushesha ngaso sonke isikhathi, kodwa iseluleko seBhayibheli siyasebenza ngempela lapho umuntu esisebenzisa ngesineke nangenkuthalo. Amadoda amaningi atholé ukuthi imishado yawo iye yaqala ukuthuthuka lapho eqonda indlela uKristu aliphatha ngayo ibandla. Lelo bandla alakhiwa abantu abaphelele. Noma kunjalo, uJesu uyalithanda, ulibekela isibonelo esifanele, futhi asebenzise imiBhalo ukuze alisize lithuthuke. Wadela ukuphila kwakhe ngenxa yebandla. (1 Petru 2:21) Isibonelo sakhe sikhuthazé amadoda amaningi angamaKristu ukuba asebenzise kahle ubunhloko bawo futhi anikeze usizo lothando lokuthuthukisa isimo. Lokhu kuveza imiphumela emihle kakhulu kunokugxeka noma ukuqudula.
10. (a) Indoda noma inkosikazi—ngisho nethi ingumKristu—ingenza ukuphila kube nzima kwabanye ekhaya ngaziphi izindlela? (b) Yini engase yenziwe ukuze kulungiswe isimo?
10 Kuthiwani uma indoda ingazikhathaleli izidingo ezingokomzwelo zomkhaya wayo noma uma ingathathi sinyathelo sokuhlela izingxoxo zeBhayibheli zomkhaya noma sokuhlela eminye imisebenzi? Noma kuthiwani uma inkosikazi ingabambisani nomyeni wayo futhi ingabonisi ukuzithoba kokuhlonipha uNkulunkulu? Abanye bathola imiphumela emihle ngokuxoxa ngenhlonipho njengomkhaya ngezinkinga ezinjalo. (Genesise 21:10-12; IzAga 15:22) Kodwa ngisho noma kungabi nemiphumela efiselekayo, ngamunye kithi angaba neqhaza ekuthuthukiseni isimo esihle ekhaya ngokuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwethu, sibonise ukuwacabangela ngothando amanye amalungu omkhaya. (Galathiya 5:22, 23) Intuthuko ngeke ibe khona ngokulinda omunye umuntu ukuba enze okuthile, kodwa ngokufeza indima yethu, kanjalo sikubonisa ngezenzo ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.—Kolose 3:18-21.
Lapho Singazithola Khona Izimpendulo
11, 12. Yini uJehova ayilungiselele ukuze asisize siphumelelise ukuphila komkhaya?
11 Kunemithombo eminingi abantu abaphendukela kuyo ukuze bathole iseluleko ngezindaba zemikhaya yabo. Kodwa siyazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqukethe iseluleko esihle kakhulu, futhi siyajabula ukuthi ngenhlangano yakhe ebonakalayo, uNkulunkulu uyasisiza ukuba sisisebenzise. Ingabe uyazuza kulolo sizo?—IHubo 119:129, 130; Mika 4:2.
12 Ngaphandle kokuya emihlanganweni yebandla, ingabe ninaso isikhathi enisibekele eceleni sesifundo somkhaya seBhayibheli sasikhathi sonke? Imikhaya eyenza kanjalo ingaphumelela ekubeni nobunye ekukhulekeleni kwayo. Ukuphila kwayo komkhaya kuyacetshiswa njengoba isebenzisa iZwi likaNkulunkulu ezimweni zayo.—Duteronomi 11:18-21.
13. (a) Uma sinemibuzo ngezindaba zomkhaya, singalutholaphi usizo esiludingayo? (b) Yini okufanele ibonakale kuzo zonke izinqumo esizenzayo?
13 Kungenzeka unemibuzo ngezindaba zomkhaya. Ngokwesibonelo, kuthiwani ngokuhlela umndeni? Ingabe ukukhipha isisu kungathethelelwa ngaphansi kwezimo ezithile? Uma ingane ingenandaba nezinto ezingokomoya, kufanele ilindelwe ukuba ihlanganyele ngezinga elingakanani ekukhulekeleni komkhaya? Imibuzo eminingi enjalo iye yadingidwa ezincwadini ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Funda ukusebenzisa izinsiza-kufunda zeBhayibheli, kuhlanganise nezincwadi zezikhombo, ukuze uthole izimpendulo. Uma ungenazo izincwadi eziboniswa yisikhombo, zibheke emtatsheni wezincwadi oseHholo LoMbuso. Noma kungenzeka uthole lezi zincwadi kuyi-computer yakho. Ungaxoxa nangemibuzo yakho namadoda nabesifazane abangamaKristu avuthiwe. Kodwa ungalindeli ukuba umbuzo ngamunye uphendulwe ngoyebo noma ngocha. Ngokuvamile nguwe okumelwe unqume, uwedwa noma njengombhangqwana oshadile. Yibani senenza izinqumo ezibonisa ukuthi anigcini nje ngokubonisa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu lapho niphambi kwabantu kodwa nalapho nisekhaya.—Roma 14:19; Efesu 5:10.
Ingxoxo Yokubukeza
• Ukuthembeka kuJehova kuhileleke kanjani ekuthembekeni kumngane wakho womshado?
• Lapho sicindezelwa yizinkinga zomkhaya, yini eyosisiza ukuba senze lokho okuthokozisa uNkulunkulu?
• Ngisho noma abanye emkhayeni beshiyeka, yini esingayenza ukuze sithuthukise isimo?
[Isithombe ekhasini 155]
Ubunhloko bendoda kufanele bubonakalise izimfanelo zikaJesu
[Isithombe ekhasini 157]
Ukuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nomkhaya kuwenza ube nobunye