-
Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Kufanele Sigujwe Kangaki?INqabayokulinda—1994 | Mashi 15
-
-
Umkhosi Okuwukuphela Kwawo
Lomkhosi waqalwa uJesu ngosuku afa ngalo. Wayeseligubhile idili lamaJuda lePhasika nabaphostoli bakhe. Khona-ke wadlulisela isinkwa sePhasika esingenamvubelo kubo, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina.” Ngokulandelayo, uJesu wadlulisa indebe yewayini, ethi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” Wathi futhi: “Lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19, 20; 1 Korinte 11:24-26) Lomkhosi ubizwa ngokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, noma iSikhumbuzo. Uwukuphela komkhosi uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawugubhe.
Amasonto amaningi athi lomkhosi ayawenza kanye nawo wonke amanye amadili awo, kodwa amaningi awo awugubha ngendlela ehlukile kunaleyo uJesu ayala ngayo. Mhlawumbe umehluko ophawuleka kakhulu inani lezikhathi lomkhosi ogujwa ngazo. Amanye amasonto awugubha nyanga zonke, masonto onke, ngisho nansuku zonke. Ingabe yilokho uJesu ayekuhlosile lapho etshela abafundi bakhe ukuthi: “Lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke ukuba ningikhumbule”? I-New English Bible ithi: “Yenzani lokhu njengesikhumbuzo sami.” (1 Korinte 11:24, 25) Isikhumbuzo noma usuku lokukhumbula okuthile lugujwa kangaki? Ngokuvamile, kanye ngonyaka.
Khumbula futhi ukuthi uJesu waqala lomkhosi wabe esefa ngosuku lukaNisan 14 ekhalendeni lamaJuda.a Kwakuwusuku lwePhasika, umkhosi owawukhumbuza amaJuda ngokusindiswa kwawo okukhulu eGibithe ekhulwini le-16 B.C.E. Ngalesosikhathi umhlatshelo wewundlu wasindisa amazibulo amaJuda, kuyilapho ingelosi kaJehova yawabulala wonke amazibulo aseGibithe.—Eksodusi 12:21, 24-27.
Lokhu kusisiza kanjani ukuba siqonde? Nokho, umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Nelethu iphasika lihlatshiwe‚ elinguKristu.” (1 Korinte 5:7) Ukufa kukaJesu kwakuwumhlatshelo wePhasika omkhulu, kunikeza isintu ithuba lensindiso enkulu ngokwengeziwe. Ngakho-ke, kumaKristu iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sithathé indawo yePhasika lamaJuda.—Johane 3:16.
IPhasika laliwumkhosi waminyaka yonke. Khona-ke, ngokunengqondo neSikhumbuzo sinjalo. IPhasika—usuku uJesu afa ngalo—ngaso sonke isikhathi laliba ngosuku lwe-14 lwenyanga yamaJuda uNisan. Ngakho, ukufa kukaKristu kufanele kukhunjulwe kanye ngonyaka ngosuku lwekhalenda oluqondene noNisan 14.
-
-
Isidlo SeNkosi Sakusihlwa—Kufanele Sigujwe Kangaki?INqabayokulinda—1994 | Mashi 15
-
-
a UNisan, inyanga yokuqala onyakeni wamaJuda, wayeqala ngokuvela kokuqala kwenyanga entsha. Ngakho uNisan 14 ngaso sonke isikhathi wayefika inyanga igcwele.
-