-
“Ukufa Kumelwe Kwenziwe Ize”INqabayokulinda—1998 | Julayi 1
-
-
Njengesitha sokugcina, ukufa kumelwe kwenziwe ize.” (1 Korinte 15:25, 26) Yebo, yonke iminonjana yesono sika-Adamu nokufa kuyobe sekususiwe. Khona-ke, ngenxa yalokho, uNkulunkulu uyobe egeqé ‘amathuna ayisikhumbuzo’ ngokubuyisela abafileyo ekuphileni.—Johane 5:28.
-
-
“Ukufa Kumelwe Kwenziwe Ize”INqabayokulinda—1998 | Julayi 1
-
-
Nokho, abantu abavusiwe bayobe besengaphansi kwesono sika-Adamu. Khona-ke, kumelwe ukuthi le miqulu iyonikeza iziyalezo zaphezulu okuyomelwe wonke umuntu azilandele ukuze azuze ngokugcwele emhlatshelweni kaJesu Kristu. Lapho kususwa umnonjana wokugcina wesono sika-Adamu, ‘ukufa kuyobe sekwenziwe ize’ ngomqondo ophelele. Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uNkulunkulu uyobe ‘eyikho konke kuwo wonke umuntu.’ (1 Korinte 15:28) Umuntu uyobe engasakudingi ukungenela komPristi Ophakeme noma uMhlengi. Sonke isintu siyobuyiselwa esimweni esiphelele u-Adamu ayesijabulela ekuqaleni.
-