Ingabe UNkulunkulu Uza Kuqala Emkhayeni Wakho?
“Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke.”—MARKU 12:29, 30.
1. Kubaluleke kangakanani ukuba sithande uJehova?
UMBHALI othile wayebuze uJesu: “Imuphi umyalo ongowokuqala kuyo yonke?” Esikhundleni sokunikeza umbono wakhe siqu, uJesu waphendula umbuzo wakhe ngokucaphuna eZwini likaNkulunkulu kuDuteronomi 6:4, 5. Waphendula: “Owokuqala ngothi, ‘Yizwa, O Israyeli, uJehova uNkulunkulu wethu unguJehova munye, futhi kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke nangezikhwepha zakho zonke.’”—Marku 12:28-30.
2. (a) Yikuphi ukuphikiswa okwadingeka uJesu abhekane nakho? (b) Yini engakwenza kube nzima ukujabulisa uJehova ngezinye izikhathi?
2 Ukuze silalele lokho uJesu akubiza ngokuthi umyalo wokuqala—obaluleke kakhulu—ngaso sonke isikhathi kudingeka senze okujabulisa uJehova. UJesu wakwenza, nakuba ngesinye isikhathi umphostoli uPetru aphikisana nesinyathelo sakhe, kanti ngesinye isikhathi kwakuyizihlobo zakhe siqu eziseduze ezenza kanjalo. (Mathewu 16:21-23; Marku 3:21; Johane 8:29) Kuthiwani uma uzithola usesimweni esifanayo? Ake sithi amalungu omkhaya afuna uyeke ukufunda iBhayibheli nokuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Ingabe uyokwenza uNkulunkulu eze kuqala ngokwenza okumjabulisayo? Ingabe uNkulunkulu uza kuqala, ngisho nalapho amalungu omkhaya ephikisa imizamo yakho yokumkhonza?
Ugibe Lokuphikisa Komkhaya
3. (a) Ungaba yini umphumela wezimfundiso zikaJesu ekhaya? (b) Amalungu omkhaya angabonisa kanjani ukuthi ubani asondelene kakhulu naye ngokomzwelo?
3 UJesu akazange abuthathe kancane ubunzima obungase bube khona lapho abanye ekhaya bephikisa ilungu elamukela izimfundiso zakhe. “Izitha zomuntu kuyoba abantu bendlu yakhe siqu,” kusho uJesu. Kodwa naphezu kwalowo mphumela odabukisayo, uJesu wabonisa ukuthi ubani okufanele eze kuqala lapho ethi: “Lowo osondelene ngokomzwelo kakhulu noyise noma nonina kunanami akangifanele; futhi lowo osondelene ngokomzwelo nendodana noma nendodakazi kunanami akangifanele.” (Mathewu 10:34-37) Senza uJehova uNkulunkulu eze kuqala ngokulandela izimfundiso zeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ‘engumfanekiso okuyiwonawona wobuqu [bukaNkulunkulu] uqobo.’—Heberu 1:3; Johane 14:9.
4. (a) Yini uJesu athi yayihilelekile ekubeni umlandeli wakhe? (b) AmaKristu kufanele awazonde ngamuphi umqondo amalungu omkhaya?
4 Ngesinye isikhathi lapho uJesu ekhuluma ngalokho okuhileleke ngempela ekubeni umlandeli wakhe weqiniso, wathi: “Uma noma ubani eza kimi futhi engamzondi uyise nonina nomkakhe nabantwana nabafowabo nodadewabo, yebo, ngisho nomphefumulo wakhe siqu, akakwazi ukuba umfundi wami.” (Luka 14:26) Ngokusobala uJesu wayengasho ukuthi abalandeli bakhe kwakufanele bawazonde ngokoqobo amalungu emikhaya yabo, ngoba wayala abantu ukuba bathande ngisho nezitha zabo. (Mathewu 5:44) Kunalokho, uJesu lapha wayesho ukuthi uthando lwabalandeli bakhe ngamalungu omkhaya kumelwe lube ngaphansi kothando lwabo ngoNkulunkulu. (Qhathanisa noMathewu 6:24.) Ngokuvumelana nalowo mqondo, iBhayibheli lithi uJakobe ‘wamzonda’ uLeya wathanda uRaheli, okusho ukuthi wayengamthandi uLeya njengoba ayethanda udadewabo, uRaheli. (Genesise 29:30-32) Ngisho “nomphefumulo” wethu siqu, noma ukuphila, uJesu wathi, kufanele uzondwe, noma uthandwe kancane kunoJehova!
5. USathane ulisebenzisa kanjani ngobuqili ilungiselelo lomkhaya?
5 NjengoMdali noMniki-kuphila, uJehova ufanelwe ukuzinikela okuphelele kwazo zonke izinceku zakhe. (IsAmbulo 4:11) “Ngiguqa kuBaba,” kubhala umphostoli uPawulu, “eqanjwe ngaye yonke imikhaya yasezulwini neyasemhlabeni.” (Efesu 3:14, 15) UJehova wenza ilungiselelo lomkhaya ngendlela emangalisa kangangokuba amalungu omkhaya asondelane ngokomzwelo okungokwemvelo ngelinye nelinye. (1 AmaKhosi 3:25, 26; 1 Thesalonika 2:7) Nokho, uSathane uDeveli ngobuqili ukusebenzisa kabi lokhu kusondelana komkhaya ngokomzwelo okungokwemvelo, okuhlanganisa nesifiso sokujabulisa esibathandayo. Ubhebhethekisa amalangabi okuphikisa komkhaya, futhi abaningi bakuthola kunzima ukumelela iqiniso leBhayibheli ngokuqinile lapho bebhekene nakho.—IsAmbulo 12:9, 12.
Ukubhekana Nenselele
6, 7. (a) Amalungu omkhaya angasizwa kanjani ukuba aqaphele ukubaluleka kokutadisha iBhayibheli nobudlelwane bobuKristu? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siwathanda ngempela amalungu omkhaya wakithi?
6 Yini oyoyenza uma uphoqeleka ukuba ukhethe phakathi kokujabulisa uNkulunkulu nokujabulisa ilungu lomkhaya? Ingabe uyocabanga ukuthi uNkulunkulu akalindele ukuba sitadishe iZwi lakhe futhi sisebenzise izimiso zalo uma ukwenza kanjalo kudala ukungezwani ekhaya? Kodwa cabanga ngakho. Uma bekunqoba futhi uyeka ukutadisha iBhayibheli noma ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova, obathandayo bayoqonda kanjani ukuthi ulwazi olunembile lweBhayibheli luyindaba yokufa nokuphila?—Johane 17:3; 2 Thesalonika 1:6-8.
7 Singafanisa lesi simo ngalendlela: Ake sithi ilungu lomkhaya lithanda utshwala ngokweqile. Ingabe ukunganaki noma ukuthethelela inkinga yalo yokuphuza kungalizuzisa ngempela? Kungaba ngcono yini ukulondoloza ukuthula ngokuyekelela nokungenzi lutho ngenkinga yalo? Cha, cishe uyavuma ukuthi kungaba ngcono ukuzama ukulisiza ukuba linqobe inkinga yalo yokuphuza, ngisho noma kusho ukubhekana nolaka nezinsongo zalo. (IzAga 29:25) Ngokufanayo, uma uwathanda ngempela amalungu omkhaya wakini, ngeke unqotshwe imizamo yawo yokukuyekisa ukutadisha iBhayibheli. (IzEnzo 5:29) Kungokuthatha ukuma okuqinile kuphela lapho ungawasiza khona ukuba aqonde ukuthi ukuphila ngezimfundiso zikaKristu kusho ukuphila kwethu siqu.
8. Sizuza kanjani eqinisweni lokuthi uJesu wayenza ngokukholeka intando kaNkulunkulu?
8 Ukwenza uNkulunkulu eze kuqala kungaba nzima kakhulu ngezinye izikhathi. Kodwa khumbula, uSathane wakwenza kwaba nzima nangoJesu ukwenza intando kaNkulunkulu. Kodwa uJesu akazange ayeke; wakhuthazelela ngisho nosizi lwesigxobo sokuhlushwa ngenxa yethu. ‘UJesu Kristu unguMsindisi wethu,’ kusho iBhayibheli. ‘Wasifela.’ (Thithu 3:6; 1 Thesalonika 5:10) Asibongi yini ngokuthi uJesu akazange anqotshwe ukuphikiswa? Ngenxa yokuthi wakhuthazelela ukufa komhlatshelo, sinethemba lokuphila okumi phakade ezweni elisha lokulunga elinokuthula ngokubonisa ukholo egazini lakhe elachithwa.—Johane 3:16, 36; IsAmbulo 21:3, 4.
Umvuzo Ocebile Ongawuthola
9. (a) AmaKristu angahlanganyela kanjani ekusindiseni abanye? (b) Sasiyini isimo somkhaya wakubo kaThimothewu?
9 Uqaphelile yini ukuthi nawe ungaba nengxenye ekusindiseni abanye, kuhlanganise nezihlobo ezithandeka kakhulu? Umphostoli uPawulu wanxusa uThimothewu: “Hlala kulezizinto [ozifundisiwe], ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:16) UThimothewu wayehlala emkhayeni ohlukene, uyise ongumGreki engakholwa. (IzEnzo 16:1; 2 Thimothewu 1:5; 3:14) Nakuba singazi ukuthi uyise kaThimothewu wagcina ebe yikholwa yini, ithuba lokuthi kungenzeka wagcina eyilo lakhuliswa kakhulu ukuziphatha kokukholeka komkakhe u-Evnike, noThimothewu.
10. Yini amaKristu angayenzela abangane bawo bomshado abangakholwa?
10 ImiBhalo yembula ukuthi amadoda nabafazi abanamathela ngobuqotho eqinisweni leBhayibheli bangaba nengxenye ekusindiseni abangane babo bomshado abangewona amaKristu ngokubasiza ukuba babe amakholwa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma kukhona umfowethu onomfazi ongakholwayo, kodwa nokho umfazi evuma ukuhlala naye, makangamshiyi; futhi owesifazane onomyeni ongakholwayo, kodwa nokho umyeni evuma ukuhlala naye, makangamshiyi umyeni wakhe. Ngoba, wena mfazi, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umyeni wakho? Noma, wena ndoda, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umkakho?” (1 Korinte 7:12, 13, 16) Umphostoli uPetru wachaza indlela abafazi abangabasindisa ngayo abayeni babo, enxusa: “Nani bafazi, zithobeni kubayeni benu siqu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo.”—1 Petru 3:1.
11, 12. (a) Yimuphi umvuzo izinkulungwane zamaKristu eziye zawuthola, futhi yini aye ayenza ukuze awuthole? (b) Landisa okuhlangenwe nakho kwelungu lomkhaya elavuzwa ngokukhuthazela ngokukholeka.
11 Eminyakeni yamuva izinkulungwane eziningi ziye zaba oFakazi BakaJehova ngemva kwezinyanga eziningi ngisho neminyaka ziphikisa umsebenzi wobuKristu wezihlobo zazo ezingoFakazi. Yeka umvuzo lokhu okuyiwo kumaKristu aye angazanyazanyiswa, futhi yeka isibusiso kwabake baba abaphikisi! Ngezwi elinomunyu, umdala ongumKristu oneminyaka engu-74 ubudala walandisa: “Ngimbonga njalo umkami nabantwana ngokunamathela eqinisweni phakathi neminyaka engangibaphikisa ngayo.” Wathi iminyaka emithathu wayenqaba ngenkani ukuba umkakhe akhulume naye ngeBhayibheli. “Kodwa wangihlakaniphela,” esho, “waqala ukufakaza kimi lapho engihlikihla izinyawo. Ngibonga ngiyanconcoza ngokuthi akazange avumele ukunqotshwa ukuphikisa kwami!”
12 Enye indoda eyayiphikisa umkhaya wayo yabhala: ‘Ngangiyisitha esikhulu somkami ngoba ngemva kokuba ethole iqiniso, ngangimsongela, futhi sasixabana nsuku zonke; ngiqondé ukuthi, ngangidala izingxabano njalo. Kodwa konke kwaba yize; umkami wanamathela eBhayibhelini. Kwaphela iminyaka engu-12 ngilwa kanzima neqiniso, umkami, kanye nengane. Kubo bobabili, nganginguDeveli ohamba ngezinyawo.’ Ekugcineni lendoda yaqala ukuhlaziya ukuphila kwayo. ‘Ngabona indlela engangibe uhlupho ngayo,’ ichaza. ‘Ngafunda iBhayibheli, futhi ngosizo lwemfundiso yalo, manje nginguFakazi obhapathiziwe.’ Cabanga ngomvuzo omkhulu womkayo, yebo, ukukwazi ukusiza ‘ekusindiseni umyeni wakhe’ ngokukukhuthazelela ngokukholeka ukuphikisa kwakhe iminyaka engu-12!
Ukufunda KuJesu
13. (a) Yisiphi isifundo esiyinhloko amadoda nabafazi okufanele basifunde enkambweni kaJesu yokuphila? (b) Abantu abakuthola kunzima ukuzithoba entandweni kaNkulunkulu bangazuza kanjani esibonelweni sikaJesu?
13 Isifundo esiyinhloko amadoda nabafazi okufanele basifunde enkambweni kaJesu yokuphila esokulalela uNkulunkulu. “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo,” kusho uJesu. “Angifuni intando yami siqu, kodwa intando yalowo ongithumile.” (Johane 5:30; 8:29) Ngisho nalapho uJesu ngesinye isikhathi ethola isici esithile sentando kaNkulunkulu singajabulisi, walalela. Wathandaza: “Uma uthanda, susa lendebe kimi.” Kodwa wanezela ngokushesha: “Noma kunjalo, makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) UJesu akazange acele uNkulunkulu ukuba ashintshe intando yaKhe; wabonisa ukuthi umthanda ngempela uNkulunkulu ngokuzithoba ngokulalela kunoma yini eyayiyintando kaNkulunkulu ngaye. (1 Johane 5:3) Ukwenza intando kaNkulunkulu ize kuqala ngaso sonke isikhathi, njengoba kwenza uJesu, kubaluleke kakhulu ukuze siphumelele ekuphileni lapho singakashadi nalapho sesishadile futhi sinemikhaya. Cabangela ukuthi kungani kunjalo.
14. Iyiphi indlela amanye amaKristu acabanga ngayo ngokungafanele?
14 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, lapho amakholwa enza uNkulunkulu eze kuqala, afuna ukuhlala nabangane bawo bomshado abangakholwa futhi ngokuvamile ayakwazi ukubasiza babe sethubeni lokuthola insindiso. Ngisho nalapho bobabili abangane bomshado bengamakholwa, imishado yabo ingase ingabi ngefiselekayo. Ngenxa yokuthambekela esonweni, amadoda nabafazi ababi nemiqondo yothando ngaso sonke isikhathi ngomunye nomunye. (Roma 7:19, 20; 1 Korinte 7:28) Abanye baze bafune ngisho nokuthola umngane omusha, nakuba bengenazizathu ezingokomBhalo zokuhlukanisa. (Mathewu 19:9; Heberu 13:4) Bacabanga ukuthi yilokhu okubalungele kangcono, ukuthi intando kaNkulunkulu ngamadoda nabafazi yokuba bahlale ndawonye inzima kakhulu. (Malaki 2:16; Mathewu 19:5, 6) Ngokungangabazeki lokhu kungesinye isibonelo sokucabanga ngendlela yabantu kunekaNkulunkulu.
15. Kungani ukwenza uNkulunkulu eze kuqala kuyisivikelo?
15 Yeka ukuthi kuyisivikelo kanjani ukwenza uNkulunkulu eze kuqala! Imibhangqwana eshadile eyenza kanjalo iyozama ukuhlala ndawonye ilungise izinkinga zayo ngokusebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela igwema zonke izinhlobo zobuhlungu benhliziyo eziba khona lapho intando yakhe inganakwa. (IHubo 19:7-11) Lokhu kuboniswa umbhangqwana osemusha okwathi sekusele kancane uhlukanise, wanquma ukulalela iseluleko seBhayibheli. Eminyakeni ethile kamuva lapho inkosikazi icabanga ngenjabulo eyayibe nayo emshadweni wayo, yathi: “Kumelwe ngihlale phansi ngikhale lapho ngicabanga ukuthi sacishe sangahlala ndawonye nomyeni wami yonke leminyaka. Ngiye ngithandaze kuJehova uNkulunkulu futhi ngimbonge ngeseluleko nesiqondiso sakhe esiye sasihlanganisa ndawonye ebuhlotsheni obujabulisa ngalendlela.”
Madoda, Bafazi—Lingisani UKristu!
16. Yisiphi isibonelo uJesu asibekela amadoda nabafazi?
16 UJesu, owayenza uNkulunkulu eze kuqala ngaso sonke isikhathi, wawabekela isibonelo esihle kakhulu amadoda nabafazi, futhi benza kahle uma besinakisisa. Amadoda anxuswa ukuba alingise indlela uJesu abusebenzisa ngayo ubunhloko bothando phezu kwamalungu ebandla lobuKristu. (Efesu 5:23) Futhi abafazi abangamaKristu bangafunda esibonelweni sikaJesu esingenaphutha sokuzithoba kuNkulunkulu.—1 Korinte 11:3.
17, 18. Yiziphi izindlela uJesu abekela ngazo amadoda isibonelo esihle?
17 IBhayibheli liyayala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” (Efesu 5:25) Indlela ebalulekile uJesu alubonisa ngayo uthando lwakhe ngebandla lakhe labalandeli kwakuwukuba abe umngane wabo oseduze. “Nginibize ngokuthi ningabangane,” kusho uJesu, “ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Johane 15:15) Cabanga ngaso sonke isikhathi uJesu asichitha ekhuluma nabafundi bakhe—izingxoxo ezininginingi aba nazo nabo—nokubethemba kwakhe! Akusona isibonelo esihle kakhulu leso emadodeni?
18 UJesu wayenesithakazelo sangempela kubafundi bakhe futhi ebathanda ngempela. (Johane 13:1) Lapho izimfundiso zakhe zingabacaceli, ngokubekezela wazinika isikhathi sokubacacisela izinto ngasese. (Mathewu 13:36-43) Wena ndoda, ingabe inhlalakahle yomkakho ibalulekile ngendlela efanayo kuwe? Ingabe uba nesikhathi naye, uqikelela ukuthi amaqiniso eBhayibheli anicacela kahle nobabili engqondweni nasenhliziyweni? UJesu wayehamba nabaphostoli bakhe enkonzweni, mhlawumbe ebaqeqesha ngabanye. Uyahamba yini nomkakho enkonzweni, niye endlini ngendlu futhi niqhube izifundo zeBhayibheli ndawonye?
19. Indlela uJesu asingatha ngayo ubuthakathaka obuphikelelayo babaphostoli bakhe iwabekela kanjani isibonelo amadoda?
19 UJesu wanikeza amadoda isibonelo esivelele ikakhulukazi ekusingatheni ukungapheleli kwabaphostoli bakhe. Phakathi nesidlo sakhe sokugcina nabaphostoli bakhe, wakwazi ukubona umoya ophikelelayo wokubanga. Ingabe wabagxeka ngokhahlo? Cha, kodwa ngokuthobeka wageza izinyawo zabo ngabanye. (Marku 9:33-37; 10:35-45; Johane 13:2-17) Umbekezelela ngaleyo ndlela umkakho? Esikhundleni sokukhononda ngobuthakathaka obuphikelelayo, ingabe uzama ngokubekezela ukumsiza nokufinyelela inhliziyo yakhe ngesibonelo sakho? Cishe abafazi bayosabela kuleso sihawu sothando, njengoba abaphostoli bagcina benzile.
20. Yini abafazi abangamaKristu okungafanele nanini bayikhohlwe, futhi ubani oyisibonelo sabo?
20 Nabafazi kudingeka bacabange ngoJesu, ongazange nanini akhohlwe ukuthi ‘inhloko kaKristu uNkulunkulu.’ Wayezithoba njalo kuYise wasezulwini. Ngokufanayo, abafazi akufanele bakhohlwe ukuthi ‘inhloko yowesifazane indoda,’ yebo, ukuthi abayeni babo bayizinhloko zabo. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:23) Umphostoli uPetru wanxusa abafazi abangamaKristu ukuba bacabangele isibonelo ‘sabesifazane abangcwele’ bezikhathi zangaphambili, ikakhulukazi esikaSara, ‘owayelalela u-Abrahama, embiza ngokuthi “nkosi.”’—1 Petru 3:5, 6.
21. Kungani umshado ka-Abrahama noSara waphumelela kodwa okaLoti nomkakhe ungaphumelelanga?
21 Ngokusobala uSara wadela umuzi onethezekile edolobheni elalichumile ukuze ayohlala ematendeni ezweni ayengalazi. Ngani? Ingabe kungoba ayekhethe leyo ndlela yokuphila? Cishe akunjalo. Ingabe kungoba umyeni wakhe wayemcele ukuba ahambe? Ngokungangabazeki yileso isizathu, ngoba uSara wayemthanda futhi emhlonipha u-Abrahama ngenxa yezimfanelo zakhe zokuhlonipha uNkulunkulu. (Genesise 18:12) Kodwa isizathu esiyinhloko esamenza wahamba nomyeni wakhe uthando lwakhe ngoJehova nesifiso sakhe esisuka enhliziyweni sokulandela ukuqondisa kukaNkulunkulu. (Genesise 12:1) Wayekujabulela ukulalela uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, umkaLoti wakungabaza ukwenza intando kaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho wabheka emuva elangazelela izinto ezazisele emuva emzini ababehlala kuwo eSodoma. (Genesise 19:15, 25, 26; Luka 17:32) Yeka indlela edabukisayo lowo mshado owaphela ngayo—ngenxa yokungamlaleli kwakhe uNkulunkulu!
22. (a) Ikuphi ukuzihlola amalungu emikhaya okungaba ukuhlakanipha ukuba akwenze? (b) Yini esizoyicabangela esifundweni sethu esilandelayo?
22 Ngakho njengendoda noma umfazi, kubalulekile ukuba uzibuze, ‘Ingabe uNkulunkulu uza kuqala emkhayeni wethu? Ngizama ngempela yini ukufeza indima engiyinikwe uNkulunkulu emkhayeni? Ingabe ngenza umzamo oqotho wokuthanda umngane wami womshado futhi ngimsize abe nobuhlobo obuhle noJehova futhi abulondoloze?’ Emikhayeni eminingi kunezingane. Ngokulandelayo sizocabangela indima yabazali nesidingo sokuba bona nezingane zabo benze uNkulunkulu eze kuqala.
Uyakhumbula?
◻ Ingaba yini imiphumela yezimfundiso zikaJesu emikhayeni eminingi?
◻ Yimuphi umvuzo oye wamukelwa yizinkulungwane zamaKristu aye angazanyazanyiswa?
◻ Yini eyosiza abangane bomshado ukuba bagweme ukuziphatha okubi nokuhlukanisa?
◻ Amadoda angafundani esibonelweni sikaJesu?
◻ Abafazi bangenzani ukuze imishado ijabulise?
[Isithombe ekhasini 10]
USara waba nayiphi ingxenye ekuphumeleleni komshado wakhe?