Bacebisa Ukuphila Kwabo—Ungakwenza Yini Okufanayo?
UMARC, umzalwane waseCanada, wayeqashwe inkampani eyakha imishini eyinkimbinkimbi esetshenziswa osomkhathi. Wayesebenza izinsuku ezithile kuphela futhi ekhonza njengephayona elivamile. Umphathi wakhe wabe esemnika isikhundla esiphakeme esasizofuna asebenze isikhathi esigcwele futhi ezothola imali eshisiwe. UMarc wenzenjani?
U-Amy, udade wasePhilippines, wayekhonza njengephayona elivamile esafunda isikole. Ngemva kokuqeda isikole, wanikezwa isikhundla esiphakeme emsebenzini wesikhathi esigcwele esasifuna isikhathi sakhe esiningi kodwa esasiholela kahle. U-Amy wakhethani?
UMarc no-Amy benza izinqumo ezingefani, futhi imiphumela yezinqumo zabo ibonisa ukuthi kungani sihlakaniphile iseluleko esanikezwa amaKristu aseKorinte lasendulo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Labo abasebenzisa izwe [mababe] njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele.”—1 Kor. 7:29-31.
Lisebenzise Izwe Kodwa Hhayi Ngokugcwele
Ngaphambi kokuba sithole ukuthi kwenzekani kuMarc no-Amy, ake sihlole kafushane incazelo yegama elithi “izwe” (noma, elithi koʹsmos ngesiGreki) uPawulu alisebenzisa encwadini ayibhalela abaseKorinte. Kuleyo ndima yeBhayibheli, elithi koʹsmos lisho isimiso sezwe esiphila kuso—umphakathi wabantu uwonke—futhi lihlanganisa nezinto ezivamile eziyingxenye yokuphila kwansuku zonke, njengendawo yokuhlala, ukudla nokokugqoka.a Ukuze sithole lezo zidingo zansuku zonke, iningi lethu kumelwe lisebenze. Ngempela siphoqelekile ukusebenzisa izwe ukuze sifeze isibopho sethu esingokomBhalo sokuzinakekela thina nemikhaya yethu. (1 Thim. 5:8) Nokho, ngesikhathi esifanayo, siyaqaphela ukuthi “izwe liyadlula.” (1 Joh. 2:17) Ngakho, siyalisebenzisa izwe ngokwezinga okudingeka senze ngalo, kodwa asilisebenzisi “ngokugcwele.”—1 Kor. 7:31.
Beshukunyiswe yileso seluleko seBhayibheli sokulinciphisa ngangokunokwenzeka izinga abalisebenzisa ngalo izwe, abazalwane nodade abaningi baye baphinde bahlola izimo zabo, banciphisa isikhathi ababesisebenza, futhi benza ukuphila kwabo kwaba lula. Ngemva kokwenza lokho, ngokushesha bathola ukuthi empeleni babekucebisile ukuphila kwabo ngoba base benesikhathi esengeziwe sokuba nemikhaya yabo nesenkonzo kaJehova. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kwabo okulula kwabenza bangabe besancika kangako ezweni, bancika ngokwengeziwe kuJehova. Ungakwenza yini okufanayo nawe—wenze ukuphila kwakho kube lula ukuze uthuthukise izithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu?—Math. 6:19-24, 33.
“Sizizwa Sisondelene Kakhudlwana NoJehova Kunanini Ngaphambili”
UMarc, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, walalela iseluleko seBhayibheli sokungalisebenzisi ngokugcwele izwe. Wasenqaba isikhundla esiholelayo ayesinikwa. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, umphathi wakhe wamthembisa iholo elikhulu nakakhulu ukuze amnxenxe ukuba awamukele umsebenzi omusha. UMarc uthi: “Kwakuwuvivinyo, kodwa nakulokhu ngenqaba.” Uchaza isizathu salokho: “Mina nomkami, uPaula, sasifuna ukwenza ukuphila kwethu kugxile ekukhonzeni uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka. Ngakho-ke, sanquma ukwenza ukuphila kwethu kube lula. Sathandaza kuJehova sicela ukuhlakanipha ukuze sifinyelele umgomo wethu, sabeka nosuku oluqondile lokuqala ukukhonza uJehova ngokugcwele.”
UPaula uthi: “Ngangisebenza izinsuku ezintathu ngesonto ngingunobhala esibhedlela futhi ngihola kahle. Ngesikhathi esifanayo, ngangiyiphayona elivamile. Nokho, njengoMarc, ngangifuna ukuzenza ngitholakale ukuze ngikhonze uJehova nomaphi lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Kodwa kwathi lapho ngifaka incwadi yokwesula emsebenzini, umphathi wami wathi ngangikufanelekela ukunikwa isikhundla sikanobhala omkhulu esasisanda kuvuleka. Kwakuyisikhundla sonobhala esiholela kakhulu kuleso sibhedlela, kodwa nganamathela esinqumweni sami sokwesula. Lapho ngitshela umphathi wami isizathu sokungasamukeli leso sikhundla, wangincoma ngokholo lwami.”
Ngokushesha ngemva kwalokho, uMarc noPaula bathola isabelo sokuyokhonza njengamaphayona akhethekile ebandleni elincane endaweni ecezile eCanada. Waba yini umphumela wokuthutha kwabo? UMarc uthi: “Ngemva kokuyeka umsebenzi ozinzile ngokwezimali engase ngiwenze cishe ingxenye yokuphila kwami, ngangesaba, kodwa uJehova wayibusisa inkonzo yethu. Sinenjabulo enkulu ebangelwa ukupha abanye izipho ezingokomoya. Inkonzo yesikhathi esigcwele yathuthukisa nomshado wethu. Izingxoxo zethu zigxila ezintweni ezibaluleke ngempela—izindaba ezingokomoya. Sizizwa sisondelene kakhudlwana noJehova kunanini ngaphambili.” (IzE. 20:35) UPaula uyanezela: “Lapho uyeka umsebenzi wakho ushiye nomuzi wakho onethezekile owujwayele, kudingeka uthembele ngokugcwele kuJehova. Sakwenza lokho, futhi uJehova wasibusisa. Abafowethu nodade abathandekayo ebandleni lethu elisha basenza sizizwe sithandwa futhi sidingeka. Manje ngisebenzisa amandla engangiwasebenzisa emsebenzini wami ukuze ngisize abantu ngokomoya. Angive ngikujabulela ukukhonza kulesi sabelo.”
‘Nganginakho Konke Kodwa Ngingajabule’
U-Amy, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wakhetha inkambo ehlukile. Wawamukela umsebenzi oholelayo wesikhathi esigcwele ayewunikwa. Uthi: “Ngonyaka wokuqala ngaqhubeka ngikhuthele enkonzweni, kodwa kancane kancane ukuphila kwami kwasuka ezithakazelweni zoMbuso kwagxila ekuzithuthukiseni emsebenzini. Ngathola amathuba amahle okuthuthuka emsebenzini futhi ngaqala ukusebenzisa amandla ami ekuzameni ukufinyelela izikhundla eziphakeme. Njengoba imithwalo yemfanelo yomsebenzi wami yayanda, saya sincipha isikhathi engangisichitha enkonzweni. Ekugcineni, ngayeka ngokuphelele ukushumayela.”
Ekhumbula leso sikhathi, u-Amy uthi: “Ngokwezimali, nganginakho konke. Ngangihamba njalo futhi ngijabulela ukuvelela ngenxa yesikhundla enganginaso emsebenzini. Kodwa ngangingajabule. Naphezu kokuba nemali, nganginezinkinga eziningi. Ngangizibuza ukuthi konakelephi. Ekugcineni ngabe sengibona ukuthi ngangicishe ‘ngaduka okholweni’ ngenxa yokuphishekela umsebenzi kuleli zwe. Ngenxa yalokho, ngangizwa ‘iminjunju eminingi’ njengoba nje iZwi likaNkulunkulu lisho.”—1 Thim. 6:10.
Wenzenjani u-Amy? Uthi: “Ngacela abadala ukuba bangisize ngiphinde ngivuseleleke ngokomoya futhi ngaqala ukuya emihlanganweni. Kwathi kuculwa, ngaqala ukukhala. Ngakhumbula indlela engangijabule ngayo phakathi neminyaka emihlanu ngihlanganyela ekuvuneni njengephayona, nakuba ngaleso sikhathi ngangimpofu ngokwezinto ezibonakalayo. Ngabona ukuthi kwakudingeka ngiyeke ukuchitha isikhathi sami ngifunana nemali nokuthi kwakudingeka ngibeke izithakazelo zoMbuso kuqala. Ngathatha isikhundla esiphansi emsebenzini, okwanciphisa iholo lami ngengxenye, ngaphinde ngaqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela.” Ejabule, u-Amy uthi: “Ngakujabulela ukukhonza njengephayona iminyaka embalwa. Manje nginomuzwa wokwaneliseka engingazange ngibe nawo lapho ngisachitha isikhathi sami esiningi ngisebenzela izwe.”
Ungalwenza yini ushintsho ezimweni zakho, wenze ukuphila kwakho kube lula? Uma usebenzisa isikhathi oyosithola ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso, nawe uyocebisa ukuphila kwakho.—IzAga 10:22.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, amakhasi 1207-8.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
Ungalwenza yini ushintsho ezimweni zakho, wenze ukuphila kwakho kube lula?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 19]
“Sengiyakuthanda Kwamanje!”
UDavid, umdala ongumKristu e-United States, wayefisa ukuhlanganyela nomkakhe nezingane zabo enkonzweni yesikhathi esigcwele. Wakwazi ukuhlela ukuba angasebenzi ngezinye izinsuku enkampanini ayesebenza kuyo, wayeseqala ukukhonza njengephayona elivamile. Ingabe lolu shintsho lwakucebisa ukuphila kwakhe? Ngemva kwezinyanga ezithile, uDavid wabhalela umngane wakhe: “Akukho okwanelisa ngaphezu kokuba nengxenye egcwele ekukhonzeni uJehova nomkhaya wakho. Ukukutshela iqiniso, bengicabanga ukuthi kuzongithatha isikhathi ukujwayela ukuphayona, kodwa sengiyakuthanda kwamanje! Akuve kuqabula.”
[Isithombe ekhasini 18]
UMarc noPaula besenkonzweni