UJehova Uyabathanda Abantu Abapha Bethokoza
“Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo [ophayo, “NW”] ethokoza.”—2 KORINTE 9:7.
1. UNkulunkulu noKristu baye baba kanjani abantu abapha bethokoza?
UJEHOVA waba ngumuntu wokuqala opha ethokoza. Ngenjabulo wanikeza iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuphila wayeseyisebenzisa ukuba yenze kube khona izingelosi nesintu. (IzAga 8:30, 31; Kolose 1:13-17) UNkulunkulu wasinikeza ukuphila nokuphefumula nazo zonke izinto, kuhlanganise nezimvula ezivela ezulwini nezinkathi zezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngenjabulo. (IzEnzo 14:17; 17:25) Ngempela, bobabili uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bangabantu abapha bethokoza. Bapha ngenjabulo bengenawo umoya wobugovu. UJehova wathanda izwe lesintu kakhulu kangangokuba “waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” Futhi ngokunganqikazi uJesu ‘wanikela ukuphila kwakhe kwaba isihlengo sabaningi.’—Johane 3:16; Mathewu 20:28.
2. NgokukaPawulu, luhlobo luni lomuntu ophayo uNkulunkulu aluthandayo?
2 Ngakho-ke, izinceku zikaNkulunkulu noKristu kufanele zibe ngabantu abapha bethokoza. Ukupha okunjalo kwakhuthazwa encwadini yesibili yomphostoli uPawulu eyayiya kumaKristu aseKorinte, eyabhalwa cishe ngo-55 C.E. Ngokusobala ebhekisela eminikelweni yokuzithandela neyomuntu siqu eyayenziwa ngokukhethekile ukuze kusizwe amaKristu asweleyo aseJerusalema naseJudiya, uPawulu wathi: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” (2 Korinte 9:7; Roma 15:26; 1 Korinte 16:1, 2; Galathiya 2:10) Abantu bakaNkulunkulu baye basabela kanjani emathubeni okupha? Futhi yini esingayifunda eselulekweni sikaPawulu esiphathelene nokupha?
Bashukunyiswa Izinhliziyo Ezivumayo
3. AmaIsrayeli akusekela ngaliphi izinga ukwakhiwa kwetabernakele lokukhulekelwa kukaJehova?
3 Izinhliziyo ezivumayo zishukumisela abantu bakaNkulunkulu ekubeni bazidele bona kanye nempahla yabo ukuze basekele injongo yaphezulu. Ngokwesibonelo, amaIsrayeli osuku lukaMose akusekela ngenjabulo ukwakhiwa kwetabernakele lokukhulekelwa kukaJehova. Izinhliziyo zabesifazane abathile zabashukumisela ukuba baphothe uboya bezimbuzi, kuyilapho amadoda athile esebenza njengezingcweti. Abantu ngenjabulo banikela ngegolide, isiliva, ukhuni, ilineni, nangezinye izinto ‘njengomnikelo’ wokuzithandela oya ‘kuJehova.’ (Eksodusi 35:4-35) Babepha kakhulu kangangokuba izinto ezazinikelwe ‘zazanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala.’—Eksodusi 36:4-7.
4. UDavide nabanye banikela ethempelini benasiphi isimo sengqondo?
4 Emakhulwini eminyaka kamuva, iNkosi uDavide yanikela kakhulu ethempelini likaJehova elalizokwakhiwa indodana yayo uSolomoni. Njengoba uDavide ‘ayekade eyenamela indlu kaNkulunkulu,’ wanikela ‘ngengcebo’ yakhe yegolide nesiliva. Izikhulu, izinduna, nabanye ‘bagcwalisa isandla sabo ngesipho esiya kuJehova.’ Waba yini umphumela? Phela, “abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova”! (1 IziKronike 29:3-9) Babengabantu abapha bethokoza.
5. AmaIsrayeli akusekela kanjani ukukhulekela kweqiniso phakathi namakhulu eminyaka?
5 Phakathi namakhulu eminyaka, amaIsrayeli ayenelungelo lokusekela itabernakele, amathempeli akamuva, kanye nezinkonzo zabapristi namaLevi ezazenziwa lapho. Ngokwesibonelo, osukwini lukaNehemiya amaJuda anquma ukwenza iminikelo ukuze asekele ukukhulekela okumsulwa, eqaphela ukuthi kwakungafanele angayinaki indlu kaNkulunkulu. (Nehemiya 10:32-39) Ngokufanayo namuhla, oFakazi BakaJehova ngokuthokoza benza iminikelo yokuzithandela ukuze kwakhiwe izindawo zokuhlangana futhi zigcinwe zisesimweni esifanelekile futhi kusekelwe ukukhulekela kweqiniso.
6 .Nikeza izibonelo zokupha ngokuthokoza okwenziwa amaKristu.
6 AmaKristu okuqala ayengabantu abapha bethokoza. Ngokwesibonelo, uGayu ‘wayenza okuthembekileyo’ ngokubonisa umoya wokungenisa izihambi kwabajikelezayo ngenxa yezithakazelo zoMbuso, njengoba nje noFakazi BakaJehova bebonisa umoya wokungenisa izihambi kubabonisi abajikelezayo manje abathunyelwa iWatch Tower Bible and Tract Society. (3 Johane 5-8) Kuyizindleko ezithile ukuhlela ukuba labazalwane bahambele amabandla nokubabonisa umoya wokungenisa izihambi, kodwa yeka indlela lokhu okuzuzisa ngayo ngokomoya!—Roma 1:11, 12.
7 .AbaseFilipi bazisebenzisa kanjani izinto zabo ezibonakalayo?
7 Amabandla esewonke aye asebenzisa izinto zawo ezibonakalayo ukuze athuthukise izithakazelo zoMbuso. Ngokwesibonelo, uPawulu watshela abakholwayo baseFilipi: “NaseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.” (Filipi 4:15-17) AbaseFilipi bapha ngenjabulo, kodwa yiziphi izici ezishukumisela ukupha ngokuthokoza okunjalo?
Yini Eshukumisela Ukupha Ngokuthokoza?
8. Ungakufakazela kanjani ukuthi umoya kaNkulunkulu ushukumisela abantu bakhe ukuba babe abantu abapha bethokoza?
8 Umoya ongcwele kaJehova, noma amandla ayisiphekupheku, ushukumisela abantu bakhe ukuba babe ngabantu abapha bethokoza. Lapho amaKristu aseJudiya eswele, umoya kaNkulunkulu washukumisela abanye abakholwayo ukuba bawasize ngezinto ezibonakalayo. Ukuze akhuthaze amaKristu aseKorinte ukuba enze konke okusemandleni awo lapho enza iminikelo enjalo, uPawulu wacaphuna isibonelo samabandla aseMakedoniya. Nakuba abakholwayo baseMakedoniya babebhekene noshushiso nobumpofu, babonisa uthando lobuzalwane ngokupha ngokungaphezu kwamandla abo. Baze bacela ngisho nelungelo lokupha! (2 Korinte 8:1-5) Icebo likaNkulunkulu alincikile kuphela eminikelweni yabacebile. (Jakobe 2:5) Izinceku zakhe ezizinikezele ezimpofu ngokwezinto ezibonakalayo ziye zaba insika eyinhloko ekuxhaseni ngokwezimali umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. (Mathewu 24:14) Nokho, azihlupheki ngenxa yokupha kwazo, ngoba uNkulunkulu uzinakekela ngokungehluleki izidingo zabantu bakhe kulomsebenzi, futhi umoya wakhe ungamandla abangela ukuqhubeka kwawo kanye nokwanda.
9 .Ukholo, ulwazi, nothando kuhlangene kanjani nokupha ngokuthokoza?
9 Ukupha ngokuthokoza kubangelwa ukholo, ulwazi, nothando. UPawulu wathi: “Njengalokho [nina baseKorinte] nivamile kukho konke: ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo, manivame nakuwo lowomsebenzi womusa. Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.” (2 Korinte 8:7, 8) Ukunikela ecebweni likaJehova, ikakhulukazi lapho ophayo enamandla alinganiselwe, kudinga ukholo emalungiselelweni kaNkulunkulu esikhathi esizayo. AmaKristu anolwazi oluningi afuna ukukhonza injongo kaJehova, futhi labo abanothando olukhulu ngaye nangabantu bakhe basebenzisa ngenjabulo impahla yabo ukuze baqhubekisele phambili icebo lakhe.
10. Kungani kungathiwa isibonelo sikaJesu sishukumisela amaKristu ekubeni aphe ngokuthokoza?
10 Isibonelo sikaJesu sishukumisela amaKristu ukuba aphe ngokuthokoza. Ngemva kokunxusa abaseKorinte ukuba baphe ngothando, uPawulu wathi: “Niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba-mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.” (2 Korinte 8:9) Nakuba ayecebile ezulwini ngaphezu kwanoma iyiphi enye indodana kaNkulunkulu, uJesu wadela konke lokhu futhi wembatha ukuphila kobuntu. (Filipi 2:5-8) Nokho, ngokuba mpofu ngalendlela engenabugovu uJesu waba nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova futhi wadela ukuphila kwakhe njengomhlatshelo wesihlengo ukuze kuzuze abantu ababeyowamukela. Ngokuvumelana nesibonelo sikaJesu, akufanele yini siphe ngenjabulo ukuze sisize abanye futhi sibe nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova?
11, 12. Ukuhlela okuhle kungasenza kanjani sibe abantu abapha bethokoza?
11 Ukuhlela okuhle kwenza kube nokwenzeka ukupha ngokuthokoza. UPawulu watshela abaseKorinte: “Ngosuku lokuqala lweviki akube-yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi-yikhathi kwenziwa umnikelo.” (1 Korinte 16:1, 2) Ngendlela efanayo yomuntu siqu neyokuzithandela, labo abafisa ukwenza iminikelo ukuze baqhubekisele phambili umsebenzi woMbuso namuhla bayokwenza kahle ngokubekela eceleni ingxenye ethile yeholo labo ngenxa yaleyonjongo. Ngenxa yokuhlela okunjalo okuhle, oFakazi ngabanye, imikhaya, namabandla bangenza iminikelo ukuze bathuthukise ukukhulekela kweqiniso.
12 Ukusebenzisa izindlela esihlele ukunikela ngazo kuyosenza sithokoze. Njengoba uJesu asho, “kunenjabulo enkulu ngokupha kunangokwamukela.” (IzEnzo 20:35, NW) Ngakho abaseKorinte babengandisa injabulo yabo ngokulandela iseluleko sikaPawulu sokusebenzisa icebo labo elase linonyaka lokuthumela imali eJerusalema. Wathi: “Kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.” Lapho othile enza iminikelo ngokwalokho anakho, kufanele yaziswe kakhulu. Uma sithembela kuNkulunkulu, angenza kube nokulingana ukuze kuthi labo abanokuningi babe ngabaphayo, hhayi abasaphazayo, bese kuthi labo abanokuncane bangasweli ngoba lokho kunciphisa amandla abo nekhono labo lokumkhonza.—2 Korinte 8:10-15.
Ukuphathwa Ngokucophelela Kokupha
13. Kungani abaseKorinte babengathembela ekuqondiseni kukaPawulu iminikelo?
13 Nakuba uPawulu aqondisa ilungiselelo lomnikelo ukuze abakholwayo abaswele bajabulele impumuzo ngokuqondene nezinto ezibonakalayo futhi bahlanganyele ngomfutho owengeziwe emsebenzini wokushumayela, yena noma abanye abazange bayisebenzisele izinkonzo zabo lemali. (2 Korinte 8:16-24; 12:17, 18) UPawulu wayesebenza ukuze ahlangabezane nezidingo zakhe siqu zezinto ezibonakalayo kunokuba athwese noma iliphi ibandla umthwalo ongokwezimali. (1 Korinte 4:12; 2 Thesalonika 3:8) Ngakho-ke, lapho bemnikeza iminikelo abaseKorinte babeyiphathisa inceku kaNkulunkulu ethembekile nekhuthele.
14. Ngokuqondene nokusetshenziswa kweminikelo, yiliphi irekhodi iWatch Tower Society enalo?
14 Selokhu kwamiswa iWatch Tower Bible and Tract Society ngo-1884, abantu abanikelayo baye baba nobufakazi bokuthi iwumqondisi othembekile wayo yonke iminikelo eyiphathiswayo ngenxa yomsebenzi woMbuso kaJehova. Ngokwencwadi yayo yomthetho-sisekelo, iNhlangano ilwela ukwanelisa isidingo sabantu esikhulu kunazo zonke, isidingo sezinto ezingokomoya. Lokhu kwenziwa ngezincwadi zeBhayibheli nangemfundo ephathelene nendlela yokuthola insindiso. Namuhla, uJehova usheshisa ukuqoqelwa kwabantu abanjengezimvu enhlanganweni yakhe ekhulayo, futhi isibusiso sakhe ekusetshenzisweni kweminikelo ngokuhlakanipha emsebenzini wokushumayela ngoMbuso siwubufakazi obusobala bokwamukelwa ngokwaphezulu. (Isaya 60:8, 22) Siyaqiniseka ukuthi uyoqhubeka eshukumisa izinhliziyo zabantu abapha bethokoza.
15. Kungani lomagazini ngezikhathi ezithile ukhuluma ngeminikelo?
15 INhlangano ngezikhathi ezithile isebenzisa izinhlu zalomagazini ukuze yenze abafundi bawo baqaphele ilungelo labo lokwenza iminikelo yokuzithandela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Lokhu akukhona ukufuna inkongozelo, kodwa kuyisikhumbuzo esiya kubo bonke abafisa ukusekela “umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle” njengoba uNkulunkulu ebachumisa. (Roma 15:16, NW; 3 Johane 2) INhlangano isebenzisa yonke imali enikeliwe ngendlela eyonga kakhulu ukuze kwenziwe igama likaJehova noMbuso kwaziwe. Yonke iminikelo yamukelwa ngokubonga, kwaziswe ukuthi yamukelwe, futhi isetshenziselwe ukusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngalemali kusekelwa imisebenzi yezithunywa zevangeli emazweni amaningi, futhi izindawo zokunyathelisa ezibalulekile ekusakazeni ulwazi lweBhayibheli zigcinwa zisesimweni esifanelekile futhi zandiswe. Ngaphezu kwalokho, iminikelo eyenziwa emsebenzini womhlaba wonke isetshenziselwa ukuhlangabezana namanani akhuphukayo okukhiqiza amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kanye namakhasethi adlalwa emsakazweni nawevideo. Ngezindlela ezinjalo izithakazelo zoMbuso zithuthukiswa abantu abapha bethokoza.
Kungabi Ngokucindezelwa
16. Nakuba bembalwa oFakazi BakaJehova abacebile ngokwezinto ezibonakayo, kungani iminikelo yabo yaziswa?
16 Bambalwa oFakazi BakaJehova abacebile ngokwezinto ezibonakalayo. Nakuba bengase banikele ngemali elinganiselwe ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso, iminikelo yabo ibalulekile. Lapho uJesu ebona umfelokazi oswele efaka amafadingi amabili emphongolweni owawusethempelini, wathi: “Lomfelokazi ompofu ubeké okuningi kunabo bonke. Ngokuba bonke laba [abanye ababenikela] babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeké konke abephila ngakho.” (Luka 21:1-4) Nakuba isipho sakhe sasisincane, wayengumuntu opha ethokoza—futhi umnikelo wakhe waziswa.
17, 18. Uyini umongo wamazwi kaPawulu akweyesi-2 Korinte 9:7, futhi yini eboniswa igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ethokoza”?
17 Ngokuqondene nomsebenzi wokusiza amaKristu aseJudiya, uPawulu wathi: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” (2 Korinte 9:7) Lomphostoli kungenzeka wayebhekisela engxenyeni esencwadini yezAga 22:8 enguqulweni yeSeptuagint, ethi: “UNkulunkulu uyambusisa umuntu opha ethokoza; futhi uyomnika lokho akuswelayo emisebenzini yakhe.” (The Septuagint Bible, eyahunyushwa uCharles Thomson) UPawulu wasebenzisa elithi “uyamthanda” esikhundleni selithi “uyambusisa,” kodwa kunokuhlobana, ngoba isivuno sezibusiso siwumphumela wothando lukaNkulunkulu.
18 Umuntu opha ethokoza uyakujabulela ngempela ukupha. Phela, egameni lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ethokoza” kweyesi-2 Korinte 9:7 kuvela igama elithi “ngokwesasa”! Ngemva kokuveza lokhu, isazi uR. C. H. Lenski sathi: “UNkulunkulu uyamthanda umuntu opha ejabula, eneme, ethokoza . . . okholo [lwakhe] luhlangana nokumomotheka lapho kuvela elinye ithuba lokuba anikele.” Umuntu onomoya onjalo wenjabulo akanikeli ekhononda noma ngokucindezelwa kodwa upha ngenhliziyo yakhe yonke. Ingabe uthokoza kanjalo ngokupha ukuze usekele izithakazelo zoMbuso?
19. AmaKristu okuqala ayenza kanjani iminikelo?
19 AmaKristu okuqala awazange adlulise amapuleti enkongozelo noma akhokhe okweshumi ngokunikela ingxenye yeshumi yeholo lawo ngenxa yezinjongo ezingokwenkolo. Kunalokho, iminikelo yawo yayingeyokuzithandela ngokuphelele. UTertullian, owaguqulelwa ebuKristwini cishe ngo-190 C.E., wabhala: “Nakuba sinalo ibhokisi lemali, ayiyona eyokuthenga insindiso, njengeyenkolo ethengwayo. Ngosuku lwenyanga [ngokusobala kanye ngenyanga], uma ethanda, umuntu ngamunye ufaka umnikelo omncane; kodwa kuphela nje uma ekujabulela, futhi ekwazi; ngoba akukho ukucindezelwa; konke kwenziwa ngokuzithandela.”—Apology, Isahluko XXXIX.
20, 21. (a) Yini lomagazini wangaphambili owayisho ngelungelo lokukusekela ngezimali icebo likaNkulunkulu, futhi lokhu kusebenza kanjani ngisho namanje? (b) Yini eyenzekayo uma sidumisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu?
20 Ukupha ngokuzithandela bekulokhu kuwumkhuba owenziwayo phakathi kwezinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla. Nokho, ngezinye izikhathi abanye abazange balisebenzise ngokugcwele ilungelo labo lokusekela icebo likaNkulunkulu ngokwenza iminikelo. Ngokwesibonelo, ngoFebruary 1883 lomagazini wathi: “Abanye bathwele umthwalo omkhulu ongokwezimali ngenxa yabanye, kangangokuba amandla abo angokwezimali aba mancane ngenxa yokuzikhandla ngokweqile, futhi ngenxa yalokho kulimala ukuba kwabo wusizo; futhi akugcini lapho, kodwa labo . . . abangakasiqondi ngokugcwele isimo, baye balahlekelwa ngenxa yokungakwenzi lokho.”
21 Njengoba isixuku esikhulu sigobhozela enhlanganweni kaJehova namuhla, nanjengoba umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela naseMpumalanga Yurophu nakwezinye izindawo ezazivinjelwe ngaphambili, kuba nesidingo esikhulayo sokwandisa imishini yokunyathelisa nezinye izindawo. Kumelwe kunyatheliswe amaBhayibheli engeziwe kanye nezinye izincwadi. Imisebenzi eminingi engokwasezulwini iyaqhubeka; nokho, eminye ibiyoqhubeka ngokushesha ngokwengeziwe ukuba bekukhona imali eyanele. Yebo, sinalo ukholo ukuthi uNkulunkulu uyolungiselela okudingekayo, futhi siyazi ukuthi labo ‘abadumisa uJehova ngezinto zabo eziyigugu’ bayobusiswa. (IzAga 3:9, 10, qhathanisa neNW.) Ngempela, “ohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.” UJehova ‘uyosicebisa kukho konke ukuphana,’ futhi ukupha kwethu ngenjabulo kuyobangela abaningi ukuba bambonge futhi bamdumise.—2 Korinte 9:6-14.
Bonisa Ukubonga Kwakho Ngezipho ZikaNkulunkulu
22, 23. (a) Siyini isipho sikaNkulunkulu esingakhulumekiyo? (b) Njengoba sizazisa izipho ezivela kuJehova, yini okufanele siyenze?
22 Eshukunyiswa ukubonga okusuka enhliziyweni, uPawulu ngokwakhe wathi: “Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.” (2 Korinte 9:15) ‘Njengomhlatshelo ohlawulelayo’ wezono zamaKristu agcotshiwe nezezwe lonke, uJesu uyisisekelo kanye nomzila wesipho sikaJehova sesihle esingakhulumekiyo. (1 Johane 2:1, 2, qhathanisa neNW.) Lesosipho ‘siwumusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu’ aye wawubonisa kubantu bakhe emhlabeni ngoJesu Kristu, futhi uyanda kube insindiso kubo nenkazimulo kaJehova nokulwelwa kwakhe.—2 Korinte 9:14.
23 Ukubonga kwethu okusuka ezinhliziyweni kuya kuJehova ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo nangezinye izipho eziningi ezingokomoya nezingokwenyama azinikeza abantu bakhe. Phela, ubuhle bukaBaba wethu wasezulwini bumangalisa kakhulu kangangokuba budlula amandla omuntu okuchaza! Futhi ngokuqinisekile kufanele busibangele ukuba sibe abantu abapha bethokoza. Khona-ke, njengoba sinokwazisa okusuka ezinhliziyweni masenze konke esingakwenza ukuze sithuthukise icebo likaNkulunkulu wethu ophayo, uJehova, unguMuphi wokuqala novelele kunabo bonke othokozayo!
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Izinhliziyo ezivumayo ziye zashukumisela abantu bakaJehova ukuba benzeni?
◻ Yini ebangela ukupha ngokuthokoza?
◻ IWatch Tower Society iyisebenzisa kanjani yonke iminikelo eyamukelayo?
◻ Luhlobo luni lomuntu ophayo uNkulunkulu aluthandayo, futhi kufanele sikubonise kanjani ukubonga kwethu ngezipho zaKhe eziningi?
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho itabernakele lakhiwa, amaIsrayeli asebenza ngenkuthalo futhi anikela kuJehova ngomusa
[Isithombe ekhasini 18]
Iminikelo enjengeyomfelokazi owayeswele iyaziswa futhi ibalulekile