Sebenzisa ‘Inkemba Yomoya’ Ngekhono
‘Yamukelani inkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.’—EFE. 6:17.
1, 2. Kufanele senzeni ngenxa yesidingo esikhona sabamemezeli boMbuso abengeziwe?
LAPHO ebona isidingo esingokomoya sezixuku, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” UJesu akagcinanga nje ngokusho lokhu. Ngemva kwalokho, “wabiza abafundi bakhe abayishumi nambili” wabathuma ukuba bayoshumayela, noma ‘bayovuna.’ (Math. 9:35-38; 10:1, 5) Kamuva, ‘wakhetha abanye abangamashumi ayisikhombisa wabathuma ngababili’ ukuba bayokwenza lowo msebenzi.—Luka 10:1, 2.
2 Nanamuhla kusenesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso abengeziwe. Inani lababekhona eSikhumbuzweni ngonyaka wenkonzo ka-2009 emhlabeni wonke lalingu-18 168- 323. Ladlula inani loFakazi BakaJehova ngezigidi ezingaphezu kweziyishumi. Ngempela amasimu asemhlophe alungele ukuvunwa. (Joh. 4:34, 35) Ngakho-ke, kufanele sithandazele izisebenzi ezengeziwe. Kodwa singenza kanjani ngokuvumelana nemithandazo yethu? Singakwenza lokhu ngokuba izikhonzi eziphumelela ngokwengeziwe sibe sihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20; Marku 13:10.
3. Umoya kaNkulunkulu ubaluleke kanjani ekusisizeni ukuba sibe izikhonzi eziphumelelayo?
3 Esihlokweni esandulele sixoxe ngendlela ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu okuwusizo ngayo ‘ekukhulumeni izwi likaNkulunkulu ngesibindi.’ (IzE. 4:31) Lo moya ungasisiza nokuba sibe izikhonzi ezinekhono. Enye indlela esingathuthukisa ngayo ukuphumelela kwethu enkonzweni iwukusebenzisa kahle ithuluzi elihle kakhulu uJehova uNkulunkulu asinikeze lona—iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. Liwumkhiqizo womoya ongcwele. (2 Thim. 3:16) Isigijimi salo siphefumulelwe uNkulunkulu. Ngakho, lapho silichaza ngekhono iqiniso leBhayibheli enkonzweni yethu, sisuke siqondiswa umoya ongcwele. Ngaphambi kokuba sicabangele ukuthi singakwenza kanjani lokhu, ake sicabange ngendlela lelo Zwi elinamandla ngayo.
‘Izwi LikaNkulunkulu Linamandla’
4. Isigijimi sikaNkulunkulu esitholakala eBhayibhelini singamshintsha kanjani umuntu?
4 Yeka ukuthi izwi likaNkulunkulu, noma isigijimi salo, linamandla kangakanani! (Heb. 4:12) Ngomqondo ongokomfanekiso, isigijimi seBhayibheli sibukhali ukudlula noma iyiphi inkemba eyenziwe umuntu, ngoba sihlaba size sihlukanise amathambo nomnkantsha wawo. Iqiniso lemiBhalo lifinyelela ingaphakathi lomuntu, imicabango nemizwelo, lidalule lokho ayikho ngempela ngaphakathi. Leli qiniso lingaba namandla aguqulayo futhi lingenza umuntu ashintshe ngempela. (Funda eyabaseKolose 3:10.) Yebo, iZwi likaNkulunkulu lingakushintsha ukuphila kwabantu!
5. Iziphi izindlela iBhayibheli elingasiqondisa ngazo, futhi kube namuphi umphumela?
5 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyincwadi enokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. Linokwaziswa okuwusizo okungabonisa abantu indlela yokuphila kuleli zwe eliyinkimbinkimbi. IZwi likaNkulunkulu aligcini ngokukhanyisa izinyathelo zethu zamanje kodwa likhanyisa nendlela esisazoyihamba. (IHu. 119:105) Liwusizo olukhulu lapho sibhekene nezinkinga noma lapho senza izinqumo ngokuphathelene nokukhetha abangane, ukuzijabulisa, umsebenzi, ukugqoka nokunye. (IHu. 37:25; IzAga 13:20; Joh. 15:14; 1 Thim. 2:9) Ukusebenzisa izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu kusenza sikwazi ukuhlalisana nabanye. (Math. 7:12; Fil. 2:3, 4) Njengoba indlela yethu engokomfanekiso ikhanya bhá, siyakwazi ukucabangela imiphumela yesikhathi esizayo yezinqumo zethu. (1 Thim. 6:9) ImiBhalo ibikezela nangenjongo kaNkulunkulu ngekusasa, okusisiza ukuba siphishekele indlela yokuphila evumelana naleyo njongo. (Math. 6:33; 1 Joh. 2:17, 18) Yeka ukuthi umuntu angaba nokuphila okunenjongo kanjani uma evumela izimiso zikaNkulunkulu ziqondise ukuphila kwakhe!
6. IBhayibheli liyisikhali esinamandla kangakanani empini yethu engokomoya?
6 Cabanga nangokuthi iBhayibheli liyisikhali esinamandla kangakanani empini yethu engokomoya. UPawulu wabiza izwi likaNkulunkulu ngokuthi ‘inkemba yomoya.’ (Funda eyabase-Efesu 6:12, 17.) Lapho sethulwe ngempumelelo, isigijimi seBhayibheli singakhulula abantu ekugqilazweni uSathane ngokomoya. Siyinkemba esindisa ukuphila hhayi ebulalayo. Kufanele silwele ukuba nekhono lokuyisebenzisa, akunjalo?
Liphathe Ngokufanele
7. Kungani kubalulekile ukufunda ukuyisebenzisa kahle ‘inkemba yomoya’?
7 Isosha lingazisebenzisa ngempumelelo izikhali zalo empini kuphela uma liye laziqeqesha futhi lafunda ukuzisebenzisa kahle. Kudingeka okufanayo nangokusebenzisa ‘inkemba yomoya’ empini yethu engokomoya. UPawulu wabhala: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 Thim. 2:15.
8, 9. Yini eyosisiza ukuba sithole umqondo walokho okushiwo iBhayibheli? Nikeza isibonelo.
8 Yini eyosisiza ukuba ‘siphathe izwi leqiniso ngokufanele’ enkonzweni yethu? Ngaphambi kokuba sifundise abanye ngokucacile lokho okushiwo iBhayibheli, kudingeka ukuba thina ngokwethu sithole umqondo walo. Lokhu kudinga ukuba sinake umongo wevesi noma wendinyana. Esinye isichazamazwi sithi umongo wegama, womusho noma wevesi wakhiwa amagama, imisho noma indaba engaphambi nangemva kwako futhi usiza ekucaciseni incazelo yako.
9 Ukuqonda ivesi leBhayibheli ngokunembile kudinga ukuba sicabangele indaba elizungezile. Amazwi kaPawulu akweyabaseGalathiya 5:13 ayakubonisa lokhu. Wabhala: “Nabizelwa inkululeko, bazalwane; kuphela ningayisebenzisi le nkululeko njengethuba enyameni, kodwa ngothando yibani izinceku zomunye komunye.” Iyiphi inkululeko uPawulu ayekhuluma ngayo? Ingabe wayekhuluma ngokukhululeka esonweni nasekufeni, ekugqilazweni izimfundiso zamanga, noma kwenye into? Umongo ubonisa ukuthi wayekhuluma ngenkululeko eba umphumela ‘wokukhululwa esiqalekisweni soMthetho.’ (Gal. 3:13, 19-24; 4:1-5) Wayekhuluma ngenkululeko yokuba umKristu. Labo ababeyiqonda le nkululeko baba izigqila zomunye nomunye ngenxa yothando. Ababengenalo uthando babehlebana futhi bexabana.—Gal. 5:15.
10. Ukuze siqonde imiBhalo ngokunembile, hlobo luni lokwaziswa okufanele silucabangele, futhi singaluthola kanjani?
10 Igama elithi “umongo” linenye incazelo. Amagama anomqondo ofanayo nelithi “umongo” ahlanganisa elithi “isizinda” nelithi “izimo.” Ukuze siyiqonde ngokunembile incazelo yevesi, kufanele sicabangele imininingwane eyisisekelo, njengokuthi leyo ncwadi yeBhayibheli yabhalwa ngubani, nini futhi kwakwenzenjani. Kuwusizo nokucabangela injongo yokubhalwa kwaleyo ncwadi, futhi uma kungenzeka nokuthi yayinjani inhlalo, ukuziphatha nemikhuba yenkolo yangaleso sikhathi.a
11. Yini okufanele siyiqaphele lapho sichaza imiBhalo?
11 ‘Ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele’ kuhilela okungaphezu kokuchaza amaqiniso angokomBhalo ngokunembile. Kufanele siqaphele ukuba singasebenzisi iBhayibheli ukuze sesabise abantu. Nakuba singayisebenzisa imiBhalo ukuze sivikele iqiniso, njengoba kwenza uJesu lapho elingwa uDeveli, iBhayibheli alisona isagila sokushaya izilaleli zethu. (Dut. 6:16; 8:3; 10:20; Math. 4:4, 7, 10) Kufanele silalele iseluleko somphostoli uPetru esithi: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Pet. 3:15.
12, 13. Iziphi “izinto ezimbelwe ngokuqinile” iqiniso leZwi likaNkulunkulu elingazigumbuqela? Nikeza isibonelo.
12 Lapho liphathwa ngokufanele, iqiniso leZwi likaNkulunkulu lingenzani? (Funda eyesi-2 Korinte 10:4, 5.) Iqiniso leBhayibheli lingagumbuqela “izinto ezimbelwe ngokuqinile,” okungukuthi, lingadalula izimfundiso zamanga, imikhuba elimazayo namafilosofi abonisa ukuhlakanipha kwabantu abangaphelele. Singasebenzisa iBhayibheli ukuze siqede noma imiphi imibono “ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu.” Izimfundiso zeBhayibheli zingasetshenziswa ekusizeni abanye ukuba bavumelanise ukucabanga kwabo neqiniso.
13 Ngokwesibonelo, cabanga ngogogo oneminyaka engu-93 ohlala eNdiya. Wafundiswa inkolelo yokuphindukuzalwa kwasebuntwaneni. Lapho eqala ukufunda iBhayibheli ngeposi nendodana yakhe eyayihlala kwelinye izwe, wakwamukela ngokushesha lokho ayekufunda ngoJehova nangezithembiso zakhe. Nokho, imfundiso yokuphindukuzalwa yayigxile kakhulu engqondweni yakhe kangangokuthi waphikisa lapho indodana yakhe imbhalela ngesimo sabafileyo. Wathi: “Kunzima kimi ukuqonda iqiniso lalokho okushiwo yile miBhalo yakho. Zonke izinkolo zifundisa ukuthi kunokuthile ngaphakathi kithi okungafi. Bengilokhu ngikholelwa ukuthi umzimba uyafa nokuthi ingxenye ethile engabonakali izalwa kabusha kweminye imizimba izikhathi ezingaba ngu-8 400 000. Lokhu kungahlala kanjani kungabi iqiniso? Usho ukuthi zonke lezi zinkolo zinephutha?” Ingabe ‘inkemba yomoya’ ingayigumbuqela inkolelo embelwe ngokuqine kangaka? Ngemva kwezinye izingxoxo ezingokomBhalo ngale ndaba, ngemva kwamasonto ambalwa wathi: “Ekugcineni sengiqala ukuliqonda iqiniso langempela ngokufa. Kungijabulisa kakhulu ukwazi ukuthi lapho kuba novuko, siyokwazi ukuhlangana nabantu esibathandayo abashona. Ngethemba ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofika maduze.”
Lisebenzise Ngekhono Lokukholisa
14. Kusho ukuthini ukukholisa izilaleli zethu?
14 Ukusebenzisa iBhayibheli ngokuphumelelayo enkonzweni akusho nje ukucaphuna imiBhalo. UPawulu wayesebenzisa “ikhono lokukholisa” lapho ekhuluma futhi nathi kufanele senze okufanayo. (Funda izEnzo 19:8, 9; 28:23.) ‘Ukukholisa’ kusho “ukwenza umuntu ashintshe umbono wakhe.” Umuntu okholisiwe “uqiniseka kangangokuthi ugcina eseyethemba leyo nto.” Lapho sikholisa umuntu ukuba amukele imfundiso yeBhayibheli, simenza ukuba ashintshe, aqale ukuyethemba leyo mfundiso. Ukuze sifeze lokhu, kufanele siqinisekise lowo osilalele ngokuba yiqiniso kwalokho esikushoyo. Lokhu singakwenza ngalezi zindlela ezilandelayo.
15. Ungabhekisela kanjani eBhayibhelini ngendlela elenza lihlonishwe?
15 Bhekisela eZwini likaNkulunkulu ngendlela elenza lihlonishwe. Lapho wethula umBhalo, siza umninikhaya abone ukubaluleka kokwazi umbono kaNkulunkulu ngendaba. Ngemva kokumbuza umbuzo nokuthola impendulo yakhe, ungase uthi, ‘Ake sibone ukuthi singekwazi yini ukuthola umbono kaNkulunkulu ngale ndaba.’ Noma ungase umbuze, ‘UNkulunkulu uthini ngale ndaba?’ Ukwethula umBhalo ngale ndlela kugcizelela ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu futhi kwenza ukuba osilalele alazise kakhulu. Ukusebenzisa le ndlela kubalulekile ikakhulukazi lapho sishumayela kumuntu okholelwa kuNkulunkulu kodwa ongajwayelene nalokho okufundiswa iBhayibheli.—IHu. 19:7-10.
16. Yini ezokusiza ukuba uchaze imiBhalo ngokufanele?
16 Ungagcini nje ngokufunda imiBhalo; yichaze. Kwakuwumkhuba kaPawulu ‘ukuchaza nokubonisa ngezingcaphuno’ izinto ayezifundisa. (IzE. 17:3) Ngokuvamile ivesi elithile liba namaphuzu angaphezu kwelilodwa, futhi kungase kudingeke ukuba uqokomise amazwi asebenza kulokho enixoxa ngakho. Lokhu ungakwenza ngokuphinda amazwi adlulisela umqondo noma ngokubuza imibuzo ezosiza umninikhaya ukuba awabone. Yibe usuchaza okushiwo yileyo ngxenye yomBhalo. Lapho usukwenzile lokhu, siza umninikhaya ukuba abone ukuthi lelo vesi lisebenza kanjani kuye.
17. Ungabonisana kanjani nabantu ngemiBhalo ngendlela ekholisayo?
17 Bonisana nabantu ngemiBhalo ngendlela ekholisayo. Esebenzisa ukunxusa okusuka enhliziyweni nekhono lokwenza indaba iqondakale, uPawulu ‘wabonisana nabanye ngemiBhalo’ ngendlela ekholisayo. (IzE. 17:2, 4) Nawe, lwela ukufinyelela inhliziyo yomuntu okulalele. ‘Khipha’ okukuyo ngokusebenzisa imibuzo engahlabi ebonisa ukuthi unesithakazelo kuye. (IzAga 20:5) Kugweme ukuveza amaphuzu ngendlela ecunulayo. Beka amaphuzu ngendlela ecacile neqondakalayo. Kufanele asekelwe ebufakazini obugculisayo. Okushoyo kufanele kusekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Kungcono ukusebenzisa ivesi elilodwa kahle ngokulichaza nangokucacisa iphuzu elikulo kunokufunda imiBhalo emibili noma emithathu ngokulandelana. Ukusebenzisa ubufakazi obuseceleni nakho ‘kunganezela ukuthonya ezindebeni zakho.’ (IzAga 16:23) Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba ucwaninge ukuze unikeze ukwaziswa okwengeziwe. Ugogo oneminyaka engu-93 ubudala okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwakudingeka azi ukuthi kungani imfundiso yomphefumulo (noma umoya) ongafi yande kangaka. Kwakudingeka aqonde ukuthi yadabukaphi leyo mfundiso nokuthi yangena kanjani ezinkolweni eziningi zezwe ukuze akholiseke futhi amukele lokho okufundiswa iBhayibheli ngale ndaba.b
Qhubeka Ulisebenzisa Ngekhono
18, 19. Kungani kufanele siqhubeke sisebenzisa ‘inkemba yomoya’ ngekhono?
18 IBhayibheli lithi: “Isimo saleli zwe siyashintsha.” Abantu ababi bayaqhubeka beba babi kakhulu. (1 Kor. 7:31; 2 Thim. 3:13) Ngakho, kubalulekile ukuba sigumbuqele “izinto ezimbelwe ngokuqinile” ngokusebenzisa ‘inkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.’
19 Yeka ukuthi sijabula kangakanani ngokuba neZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nokusebenzisa isigijimi salo esinamandla ukuze sisiphule izimfundiso zamanga futhi sifinyelele izinhliziyo zabantu abaqotho! Ayikho into embelwe engahlula lesi sigijimi. Ngakho-ke, masizikhandle ukuze sisebenzise ‘inkemba yomoya’ ngekhono emsebenzini wethu esiwunikwe uNkulunkulu wokumemezela uMbuso.
[Imibhalo yaphansi]
a Izincwadi eziyizinsiza-kufunda ezinhle kakhulu ongathola kuzo imininingwane eyisisekelo ngezincwadi zeBhayibheli zihlanganisa ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumulelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” i-Insight on the Scriptures nezihloko ze-Nqabayokulinda ezithi “IZwi LikaJehova Liyaphila.”
b Bheka incwajana ethi Kwenzekani Kithi Lapho Sifa? amakhasi 5-16.
Ufundeni?
• Linamandla kangakanani iZwi likaNkulunkulu?
• ‘Singaliphatha’ kanjani “izwi leqiniso ngokufanele”?
• Isigijimi seBhayibheli singazenzani “izinto ezimbelwe ngokuqinile”?
• Ungalithuthukisa kanjani ikhono lakho lokukholisa enkonzweni?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
Ukusebenzisa IZwi LikaNkulunkulu Ngendlela Ekholisayo
▪ Hlakulela inhlonipho ngeBhayibheli
▪ Chaza imiBhalo
▪ Bonisana nabantu ngendlela ekholisayo ukuze ufinyelele inhliziyo
[Isithombe ekhasini 11]
Kumelwe ufunde ukusebenzisa ‘inkemba yomoya’ ngokuphumelelayo