Yilindele KuJehova Induduzo
“Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.”—ROMA 15:5.
1. Kungani usuku ngalunye luza nesidingo esikhudlwana senduduzo?
USUKU ngalunye oludlulayo luza nesidingo esandayo senduduzo. Njengoba umlobi weBhayibheli aphawula eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule, “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Esikhathini sethu ‘ukububula nezinhlungu’ kuye kwaba kukhulu kunanoma yinini ngaphambili. Kusukela ngeMpi Yezwe I, isintu siye sabhekana nosizi lulandelana ngezimpi, ubugebengu, nezinhlekelele ezingokwemvelo ngokuvamile ezihlobene nokuphatha komuntu umhlaba budedengu.—IsAmbulo 11:18.
2. (a) Ubani okufanele asolwe kakhulu ngenxa yomaye besintu abakhona namuhla? (b) Yiliphi iqiniso elisinikeza isizathu senduduzo?
2 Kungani kuye kwaba nokuhlupheka okungaka esikhathini sethu? Lichaza ngokukhishwa kukaSathane emazulwini ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, iBhayibheli liyaphendula: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” (IsAmbulo 12:12) Ubufakazi obusobala bokugcwaliseka kwaleso siprofetho busho ukuthi cishe sesifike ekupheleni kokubusa kukaSathane okubi. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi maduzane nje ukuphila emhlabeni kuzobuyela esimweni sokuthula esasikhona ngaphambi kokuba uSathane aholele abazali bethu bokuqala ekuhlubukeni!
3. Kunini lapho abantu babengayidingi khona induduzo?
3 Ekuqaleni, uMdali womuntu walungiselela abantu bokuqala ababili ipaki elihle njengekhaya labo. Lalisendaweni ebizwa ngokuthi i-Edene, okusho “Intokozo” noma “Injabulo.” (Genesise 2:8, umbhalo waphansi we-NW) Ngaphezu kwalokho, u-Adamu no-Eva babejabulela impilo ephelele, benethemba lokungafi. Cabanga nje ngezici eziningi ababengathuthukisa kuzo amakhono abo—ingadi, ubuciko, ukwakha, umculo. Cabanga nangayo yonke imisebenzi yendalo ababengayihlola njengoba befeza umyalo ababewunikeziwe wokunqoba umhlaba bawenze ipharadesi. (Genesise 1:28) Ngempela ukuphila kuka-Adamu no-Eva kwakungeke kugcwale ukububula nezinhlungu, kodwa kwakuyogcwala injabulo nentokozo. Ngokusobala, babengeke bayidinge induduzo.
4, 5. (a) Kungani u-Adamu no-Eva bahluleka ovivinyweni lokulalela? (b) Kwenzeke kanjani ukuba isintu sidinge induduzo?
4 Nokho, u-Adamu no-Eva babekudinga ukuhlakulela uthando olujulile nokwazisa ngoYise wasezulwini onomusa. Uthando olunjalo lwaluyobashukumisela ekubeni balalele uNkulunkulu ngaphansi kwazo zonke izimo. (Qhathanisa noJohane 14:31.) Ngokudabukisayo, bobabili abazali bethu bokuqala bahluleka ukulalela uMbusi wabo ofanele, uJehova. Kunalokho, bazivumela ukuba babe ngaphansi kokubusa okubi kwengelosi eyonakele, uSathane uDeveli. NguSathane owayenga u-Eva ukuba one futhi adle isithelo esenqatshelwe. Ngemva kwalokho u-Adamu wona lapho naye edla isithelo somuthi uNkulunkulu ayexwayise ngokucacile ngaso: “Mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”—Genesise 2:17.
5 Ngalendlela, umbhangqwana onesono waqala ukufa. Lapho ekhipha isigwebo sokufa, uNkulunkulu wathi futhi ku-Adamu: “Umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.” (Genesise 3:17, 18) Ngakho u-Adamu no-Eva balahlekelwa ithuba lokwenza umhlaba owawungalinyiwe ube ipharadesi. Njengoba base bexoshiwe e-Edene, kwakumelwe bazikhandle bezama ukuthola ukudla emhlabathini owawuqalekisiwe. Njengoba inzalo yabo yayisizuze njengefa lesi simo sokona nesokufa, yaba nesidingo esikhulu senduduzo.—Roma 5:12.
Isithembiso Esiduduzayo Sagcwaliseka
6. (a) Yisiphi isithembiso esiduduzayo uNkulunkulu asenza ngemva kokuba isintu siwele esonweni? (b) Yisiphi isiprofetho ngokuphathelene nenduduzo uLameka asisho?
6 Lapho egweba umbangeli wokuhlubuka komuntu, uJehova wabonakala ‘enguNkulunkulu onika induduzo.’ (Roma 15:5) Wenza kanjalo ngokuthembisa ukuthumela ‘inzalo’ ekugcineni eyayizokhulula inzalo ka-Adamu emiphumeleni eyinhlekelele yokuhlubuka kuka-Adamu. (Genesise 3:15) Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu futhi wanikeza kusengaphambili umbono walokhu kukhululwa. Ngokwesibonelo, waphefumulela uLameka, umzukulu okude ka-Adamu ngendodana yakhe uSeti, ukuba aprofethe ngalokho indodana kaLameka eyayizokwenza: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.” (Genesise 5:29) Ngokuvumelana nalesi sithembiso, umfana wethiwa ngokuthi uNowa, okuqondwa njengokusho ukuthi “Impumuzo” noma “Induduzo.”
7, 8. (a) Yisiphi isimo esenza uJehova wazizwa ezisola ngokuthi wayedale umuntu, futhi yini aba nenjongo yokuyenza ngalokho? (b) UNowa waphila kanjani ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe?
7 Ngesikhathi esifanayo, uSathane wayezuza abalandeli kwezinye zezingelosi zasezulwini. Lezi zaziguqula abantu zathatha abazukulu baka-Adamu besifazane abakhangayo zabenza omkazo. Ukuhlangana okunjalo okuphambene nemvelo kwabhebhezela ukonakala kwesintu kwaveza uhlobo lwabantu olungamaNefili olungamhloniphi uNkulunkulu, “ababulali,” abagcwalisa umhlaba ngobudlova. (Genesise 6:1, 2, 4, 11; Jude 6) “Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni . . . Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.”—Genesise 6:5, 6.
8 Injongo kaJehova yaba ukubhubhisa lelozwe elibi ngozamcolo wendawo yonke, kodwa waqale wayala uNowa ukuba akhe umkhumbi wokulondoloza ukuphila. Ngaleyo ndlela, abantu nezilwane basindiswa. Yeka indlela uNowa nomkhaya wakhe okumelwe ukuba bazizwa bekhululeke ngayo ngemva kukaZamcolo njengoba bephuma emkhunjini bephumela emhlabeni ohlanziwe! Yeka indlela okwaduduza ngayo ukuthola ukuthi isiqalekiso emhlabeni sase sisusiwe, okwenza umsebenzi wokulima waba lula kakhulu! Ngempela, isiprofetho sikaLameka sabonakala siyiqiniso, futhi uNowa waphila ngokuvumelana nencazelo yegama lakhe. (Genesise 8:21) Njengenceku kaNkulunkulu ekholekile, uNowa wasetshenziswa ekuletheni isilinganiso esithile ‘senduduzo’ esintwini. Nokho, ithonya elibi likaSathane nezingelosi zakhe ezingamademoni alizange liphele ngoZamcolo, futhi isintu siyaqhubeka sibubula ngaphansi komthwalo wesono, ukugula, nokufa.
Othile Omkhulu KunoNowa
9. UJesu Kristu uye waba kanjani umsizi nomduduzi kubantu abaphendukayo?
9 Ekugcineni, ekupheleni kweminyaka engu-4 000 yomlando womuntu, iNzalo ethenjisiwe yafika. Eshukunyiswa uthando olukhulu ngesintu, uJehova uNkulunkulu wathumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izokufa njengesihlengo sesintu esonayo. (Johane 3:16) UJesu Kristu uletha ukukhululeka okukhulu ezonini eziphendukayo ezibonisa ukholo ekufeni kwakhe okuwumhlatshelo. Bonke abanikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babe abafundi beNdodana yakhe ababhapathiziwe bathola ukuqabuleka nenduduzo ehlala njalo. (Mathewu 11:28-30; 16:24) Naphezu kokungapheleli kwabo, bathola injabulo ejulile ekukhonzeni uNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile. Yeka indlela okubaduduza ngayo ukwazi ukuthi uma beqhubeka bebonisa ukholo kuJesu, bayovuzwa ngokuphila okumi phakade! (Johane 3:36; Heberu 5:9) Uma ngenxa yobuthakathaka benza isono esingathi sína, banomsizi, noma umduduzi, oyiNkosi evusiwe uJesu Kristu. (1 Johane 2:1, 2) Ngokuvuma isono esinjalo nangokuthatha izinyathelo ezingokomBhalo zokugwema ukusenza umkhuba isono, bayakhululeka, bazi ukuthi ‘uNkulunkulu ukholekile futhi ulungile ukuba athethelele izono zabo.’—1 Johane 1:9; 3:6; IzAga 28:13.
10. Sifundani ngezimangaliso uJesu azenza lapho esemhlabeni?
10 Ngenkathi esemhlabeni, uJesu waletha ukuqabuleka nangokukhulula ababenamademoni, ngokwelapha zonke izinhlobo zezifo, nangokuvusa abathandekayo abafileyo baphinde baphile. Yiqiniso, izimangaliso ezinjalo zazingezenzuzo yesikhashana nje kuphela, ngoba labo ababebusiswe kanjalo baguga futhi bafa kamuva. Noma kunjalo, ngalokho uJesu wakhomba ezibusisweni zesikhathi esizayo ezihlala njalo ayozilethela sonke isintu. Njengoba manje eseyiNkosi yasezulwini enamandla, maduzane nje uzokwenza okungaphezu kokumane axoshe amademoni. Uyowaphonsa kwalasha, esimweni sokungenzi lutho, kanye nomholi wawo, uSathane. Ngemva kwalokho kuyoqala ukuBusa kukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okukhazimulayo.—Luka 8:30, 31; IsAmbulo 20:1, 2, 6.
11. Kungani uJesu azibiza ngokuthi ‘uyiNkosi yesabatha’?
11 UJesu wathi ‘uyiNkosi yesabatha,’ futhi ukuphulukisa kwakhe okuningi kwenziwa ngosuku lweSabatha. (Mathewu 12:8-13; Luka 13:14-17; Johane 5:15, 16; 9:14) Kungani enza kanjalo? Phela, iSabatha laliyingxenye yoMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli, ngaleyo ndlela laba ‘isithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Heberu 10:1) Izinsuku eziyisithupha zokusebenza zisikhumbuza iminyaka yomuntu engu-6 000 edlule yokugqilazwa ukubusa kukaSathane okucindezelayo. Usuku lweSabatha ekupheleni kwesonto lusikhumbuza ngokuphumula okududuzayo isintu esiyokujabulela phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaNowa Omkhulu, uJesu Kristu.—Qhathanisa neyesi-2 Petru 3:8.
12. Yiziphi izenzakalo eziduduzayo esingabheka phambili kuzo?
12 Yeka impumuzo izikhonzi zasemhlabeni zombuso kaKristu eziyoyizwa, lapho ekugcineni, zizithola zikhululeke ngokuphelele ethonyeni likaSathane elibi! Induduzo eyengeziwe ziyoyithola lapho kwelashwa ukugula kwazo okungokomzimba, okungokomzwelo, nokungokwengqondo. (Isaya 65:17) Khona-ke, cabanga ngenjabulo yazo njengoba ziqala ukwamukela abathandekayo abavusiwe! Ngalezi zindlela uNkulunkulu ‘uyosula zonke izinyembezi emehlweni azo.’ (IsAmbulo 21:4) Njengoba izinzuzo zomhlatshelo kaJesu wesihlengo zisetshenziswa ngokuqhubekayo, izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ezilalelayo ziyothuthukela ekupheleleni, zikhululeke ngokuphelele kuyo yonke imiphumela emibi yesono sika-Adamu. (IsAmbulo 22:1-5) Ngemva kwalokho uSathane uyokhululwa “isikhashana.” (IsAmbulo 20:3, 7) Bonke abantu abasekela ubukhosi bukaJehova obufanele ngokukholeka bayovuzwa ngokuphila okumi phakade. Cabanga ngenjabulo engachazeki nempumuzo eyoba khona ngenxa “yokukhululwa [ngokuphelele] ekugqilazweni ukonakala”! Ngaleyo ndlela isintu esilalelayo siyojabulela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:21.
13. Kungani wonke amaKristu eqiniso edinga induduzo evela kuNkulunkulu?
13 Okwamanje, siyaqhubeka siyizisulu zokububula nezinhlungu ezivamile kubo bonke abaphila esimisweni sikaSathane esibi. Ukwanda kokugula okungokomzimba nezinkinga ezingokomzwelo kuthinta zonke izinhlobo zabantu, kuhlanganise namaKristu akholekile. (Filipi 2:25-27; 1 Thesalonika 5:14) Ngaphezu kwalokho, njengamaKristu sivame ukubhekana nokujivazwa okungenabulungisa nokushushiswa uSathane akuletha phezu kwethu ngenxa ‘yokulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’ (IzEnzo 5:29) Ngakho, ukuze sikhuthazele ekwenzeni intando kaNkulunkulu kuze kube sekupheleni kwezwe likaSathane, sidinga induduzo, usizo, namandla esiwanikwa uJehova.
Lapho Singathola Khona Induduzo
14. (a) Yisiphi isithembiso uJesu asenza ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe? (b) Yini edingekayo ukuze sizuze ngokugcwele enduduzweni yomoya kaNkulunkulu ongcwele?
14 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wakwenza kwacaca kubaphostoli bakhe abakholekile ukuthi wayesezobashiya abuyele kuYise. Lokhu kwabakhathaza futhi kwababangela usizi. (Johane 13:33, 36; 14:27-31) Eqaphela ukuthi badinga induduzo eqhubekayo, uJesu wathembisa: “Ngiyocela uBaba futhi uyoninika omunye umduduzi ukuze abe nani kuze kube phakade.” (Johane 14:16, umbhalo waphansi we-NW) Lapha uJesu wayebhekisela emoyeni kaNkulunkulu ongcwele, owathululelwa phezu kwabafundi bakhe ezinsukwini ezingu-50 ngemva kokuvuswa kwakhe.a Phakathi kwezinye izinto, umoya kaNkulunkulu wabaduduza phakathi nokulingwa kwabo futhi wabaqinisa ukuba baqhubeke benza intando kaNkulunkulu. (IzEnzo 4:31) Nokho, usizo olunjalo akufanele lubhekwe njengento ezenzekelayo. Ukuze azuze ngokugcwele kulo, umKristu ngamunye kumelwe aqhubeke ethandazela usizo olududuzayo uNkulunkulu alunikeza ngomoya wakhe ongcwele.—Luka 11:13.
15. Yiziphi ezinye zezindlela uJehova asinika ngazo induduzo?
15 Enye indlela uNkulunkulu anikeza ngayo induduzo kungeZwi lakhe, iBhayibheli. UPawulu wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Lokhu kubonisa isidingo sokuba njalo sitadishe futhi sizindle ngezinto ezilotshwe eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini. Futhi kudingeka sibe khona njalo emihlanganweni yamaKristu, lapho kuhlanganyelwa khona amaphuzu aduduzayo avela eZwini likaNkulunkulu. Enye yezinjongo eziyinhloko zemibuthano enjalo iwukukhuthazana.—Heberu 10:25.
16. Amalungiselelo kaNkulunkulu aduduzayo kufanele asishukumisele ukuba senzeni?
16 Incwadi kaPawulu kwabaseRoma iyaqhubeka ibonise imiphumela emihle esiyitholayo ekusebenziseni amalungiselelo kaNkulunkulu aduduzayo. “Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo,” kubhala uPawulu, “anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso, ukuba nganhliziyonye nikhazimulise ngamlomo munye uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu.” (Roma 15:5, 6) Yebo, ngokuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaNkulunkulu aduduzayo, siyofana kakhudlwana noMholi wethu onesibindi, uJesu Kristu. Lokhu kuyosishukumisela ekubeni siqhubeke sisebenzisa imilomo yethu ekukhazimuliseni uNkulunkulu emsebenzini wethu wokufakaza, emihlanganweni yethu, engxoxweni yethu yangasese nesikholwa nabo, nasemithandazweni yethu.
Ngezikhathi Zovivinyo Olunzima
17. UJehova wayiduduza kanjani iNdodana yakhe, futhi kwaba namuphi umphumela?
17 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe okubuhlungu uJesu ‘wayekhathazeke kakhulu’ futhi ‘elusizi kakhulu.’ (Mathewu 26:37, 38) Ngakho wathi ukuqhela kubafundi bakhe futhi wathandazela usizo kuYise. “Wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.” (Heberu 5:7) IBhayibheli libika ukuthi “ingelosi ezulwini yabonakala [kuJesu] futhi yamqinisa.” (Luka 22:43) Indlela yesibindi neyobudoda uJesu abhekana ngayo nabaphikisi bakhe iwubufakazi bokuthi indlela kaNkulunkulu yokududuza iNdodana yakhe yaphumelela kakhulu.—Johane 18:3-8, 33-38.
18. (a) Iyiphi inkathi eyayivivinya kakhulu ekuphileni komphostoli uPawulu? (b) Singabaduduza kanjani abadala abazikhandlayo nabanobubele?
18 Umphostoli uPawulu naye wabhekana nezikhathi zokuvivinywa okunzima. Ngokwesibonelo, inkonzo yakhe e-Efesu yayiphawuleka “ngezinyembezi nangokulingwa [okwamehlela] ngezingobe zamaJuda.” (IzEnzo 20:17-20) Ekugcineni, uPawulu wahamba e-Efesu ngemva kokuba abasekeli bakankulunkulukazi u-Arthemisi bebangele isiyaluyalu emzini ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela. (IzEnzo 19:23-29; 20:1) Njengoba uPawulu ayelibangise ngasenyakatho emzini waseTrowa, kwakunokunye okwakumkhathaza. Esikhathini esithile ngaphambi kwesiyaluyalu sase-Efesu, wayethole umbiko ophazamisayo. Ibandla elisafufusa laseKorinte lalihlaselwe ukuhlukana, futhi lalibekezelela ubufebe. Ngakho ese-Efesu, uPawulu wayebhale incwadi enokusola okuqinile enethemba lokulungisa isimo. Kwakungelula ngaye ukwenza kanjalo. “Nganilobela ngezinyembezi eziningi nginosizi olukhulu nobuhlungu benhliziyo,” esho kamuva encwadini yesibili. (2 Korinte 2:4) NjengoPawulu, abadala abanobubele abakutholi kulula ukunikeza iseluleko esilungisayo nokusola, ngokwengxenye ngenxa yokuthi babuqaphela kahle nobabo ubuthakathaka. (Galathiya 6:1) Khona-ke, kwangathi singaba induduzo kulabo abaholayo phakathi kwethu ngokusabela kalula eselulekweni sothando esisekelwe eBhayibhelini.—Heberu 13:17.
19. Kungani uPawulu asuka eTrowa waya eMakedoniya, futhi ekugcineni wayithola kanjani impumuzo?
19 Ngesikhathi ese-Efesu, uPawulu akazange nje ababhalele kuphela abazalwane baseKorinte kodwa futhi wathuma uThithu ukuba ayobasiza, emyala ukuba ambuyisele umbiko ngendlela abasabela ngayo encwadini. UPawulu wayenethemba lokuthola uThithu eTrowa. Lapho, uPawulu wabusiswa ngamathuba amahle okwenza abafundi. Kodwa lokhu akuzange kukunciphise ukukhathazeka kwakhe ngoba uThithu wayengakafiki. (2 Korinte 2:12, 13) Ngakho wabhekisa amabombo eMakedoniya, enethemba lokuhlangana noThithu lapho. Ukukhathazeka kukaPawulu kwakhuliswa ukuphikiswa kwenkonzo yakhe kanzima. “Ngesikhathi sifika eMakedoniya,” echaza, “inyama yethu ayiyitholanga impumuzo, kodwa saqhubeka sihlupheka ngazo zonke izindlela—kwakukhona ukulwa ngaphandle, ukwesaba ngaphakathi. Noma kunjalo, uNkulunkulu oduduza labo abadangele, wasiduduza ngokuba khona kukaThithu.” (2 Korinte 7:5, 6) Yeka impumuzo lapho uThithu efika ekugcineni ezotshela uPawulu ngokusabela okuhle kwabaseKorinte encwadini yakhe!
20. (a) Njengasendabeni kaPawulu, iyiphi enye indlela ebalulekile uJehova anika ngayo induduzo? (b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
20 Okuhlangenwe nakho kukaPawulu kuyaduduza ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla, eziningi zazo nazo ezibhekana novivinyo oluzenza ‘zidangale’ noma ‘zicindezeleke.’ (Phillips) Yebo, ‘uNkulunkulu onika induduzo’ uyazazi izidingo zethu ngabanye futhi angasisebenzisa ukuba siduduzane, njengoba nje noPawulu athola induduzo embikweni kaThithu wesimo sengqondo sabaseKorinte sokuphenduka. (2 Korinte 7:11-13) Esihlokweni sethu esilandelayo, sizocabangela ukusabela kukaPawulu okuhle kwabaseKorinte nendlela okungasisiza ngayo ukuba sibe abahlanganyeli benduduzo kaNkulunkulu abaphumelelayo namuhla.
[Umbhalo waphansi]
a Enye yezindlela eziyinhloko umoya kaNkulunkulu owawusebenza ngayo kumaKristu ekhulu lokuqala kwakuwukuwagcoba njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya okutholwa, nabafowabo bakaJesu. (2 Korinte 1:21, 22) Lokhu kungokwabafundi bakaKristu abangu-144 000 kuphela. (IsAmbulo 14:1, 3) Namuhla iningi lamaKristu liye lanikezwa ngomusa ithemba lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. Nakuba lingagcotshiwe, nalo lamukela usizo nenduduzo yomoya kaNkulunkulu ongcwele.
Ungaphendula?
◻ Kwenzeka kanjani ukuba isintu sidinge induduzo?
◻ UJesu uye wabonakala kanjani emkhulu kunoNowa?
◻ Kungani uJesu azibiza ngokuthi ‘uyiNkosi yesabatha’?
◻ UNkulunkulu uyinika kanjani induduzo namuhla?
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UPawulu waduduzeka kakhulu ngenxa yombiko kaThithu ngabaseKorinte
IMAKEDONIYA
IFilipi
IGRISI
IKorinte
I-ASIYA
ITrowa
I-Efesu