-
Ukuhlanganyela Induduzo Esiyinikwa UJehovaINqabayokulinda—1996 | Novemba 1
-
-
“Ithemba lethu ngani alintengi, njengoba sazi ukuthi, njengoba nje ningabahlanganyeli bezinhlupheko, ngendlela efanayo niyohlanganyela induduzo futhi.”—2 KORINTE 1:7.
-
-
Ukuhlanganyela Induduzo Esiyinikwa UJehovaINqabayokulinda—1996 | Novemba 1
-
-
Kungakhathaliseki uhlobo losizi, bonke abaphishekela ukuphila kokuzinikezela kuNkulunkulu ngokukholeka bangaqiniseka ngento eyodwa. Bayothola induduzo nosizo lukaNkulunkulu, ngokomuntu siqu.
-
-
Ukuhlanganyela Induduzo Esiyinikwa UJehovaINqabayokulinda—1996 | Novemba 1
-
-
11 Kumelwe ukuba incwadi kaPawulu yesibili yaliduduza ngempela ibandla laseKorinte. Futhi lokhu kwakungenye yezinhloso zakhe. Wachaza: “Ithemba lethu ngani alintengi, njengoba sazi ukuthi, njengoba nje ningabahlanganyeli bezinhlupheko, ngendlela efanayo niyohlanganyela induduzo futhi.” (2 Korinte 1:7) Esiphethweni sencwadi yakhe, uPawulu wanxusa: “Qhubekani . . . niduduzwa, . . . futhi uNkulunkulu wothando nowokuthula uyoba nani.”—2 Korinte 13:11.
12. Yisiphi isidingo wonke amaKristu anaso?
12 Yeka isifundo esibalulekile esingasifunda kulokhu! Wonke amalungu ebandla lobuKristu kudingeka ‘ahlanganyele induduzo’ uNkulunkulu ayinika ngeZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele, nenhlangano yakhe yasemhlabeni. Ngisho nabasusiwe ekuhlanganyeleni bangase badinge induduzo uma beye baphenduka balungisa inkambo yabo embi. Ngakho, “isigqila esikholekile nesiqondayo” siye sasungula ilungiselelo lomusa lokubasiza. Kanye ngonyaka abadala ababili bangase bahambele abasusiwe ekuhlanganyeleni. Kungenzeka ukuthi abasasibonisi isimo sengqondo sokuhlubuka noma abasahileleki esonweni esingathi sína futhi bangase badinge usizo ukuze bathathe izinyathelo ezidingekayo ukuze babuyiselwe ekuhlanganyeleni.—Mathewu 24:45; Hezekeli 34:16.
-