UJehova Unikeza Amandla Angaphezu Kwavamile
1 Bonke abafundi bakaJesu baye banikezwa ilungelo eliyigugu lenkonzo engcwele—inkonzo yobuKristu. (Math. 24:14; 28:19, 20) Kodwa ukungapheleli kobuntu nezingcindezi zalesi simiso sezinto ngezinye izikhathi kungase kusenze sizibheke njengabangafaneleki kahle.
2 Uma lokhu kwenzeka singaduduzwa incwadi umphostoli uPawulu ayibhalela amaKristu agcotshiwe aseKorinte. Wabhala: “Sinalomcebo ezitsheni zobumba.” (2 Kor. 4:7) Ngokuqiniseka, uPawulu wathi: “Njengoba sinalenkonzo . . . , singayeki.” (2 Kor. 4:1) Yiqiniso kuyinselele ngathi sonke, kungakhathaliseki ukuthi singabagcotshiwe noma ‘singabezinye izimvu,’ ukuqhubeka simemezela izindaba ezinhle “singayeki.” Sidinga amandla avela kuNkulunkulu, onikeza “amandla angaphezu kwavamile.”—Joh. 10:16; 2 Kor. 4:7b.
3 Kuyakhuthaza ukuthi oFakazi abaningi bashumayela ivangeli ngentshiseko naphezu kokuba kudingeka babhekane nokuphikiswa okunzima, izinkinga ezinkulu zempilo noma ukulinganiselwa ngokwezimali. Sonke kumelwe siqaphele ukuthi isabelo sethu sokushumayela sisekelwa uJehova. Kunokuba sivumele ukudumazeka noma ukwesaba kudambise ukuzimisela kwethu ukushumayela, ‘masiqhubekeni sizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bezikhwepha zayo.’—Efe. 6:10; IzAga 24:10.
4 Indlela Yokuzuza Amandla KaNkulunkulu: Phikelela emthandazweni, ucele usizo namandla kaNkulunkulu. (Roma 12:12; Fil. 4:6, 7) Khona-ke, thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ukuba akunike amandla angaphezu kwavamile. (IzAga 3:5) Funda izindaba zokuphila kwabantu banamuhla komagazini bethu, ngoba zinikeza ubufakazi bokuthi uJehova uyazisiza izinceku zakhe namuhla ukuba zikhuthazelele uvivinyo. Sondelana nabafowethu ebandleni, futhi ungayiyeki imihlangano yebandla.—Roma 1:11, 12; Heb. 10:24, 25.
5 Kwangathi singenza konke esingakwenza ukuze sibe sethubeni lokuthola amandla kaJehova—amandla angaphezu kwavamile futhi ayosisiza ukuba singawuyeki lomsebenzi obaluleke kunayo yonke, wokushumayela ngoMbuso.