Siyakhathala Kodwa Asipheli Amandla
“UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, . . . unika okhatheleyo amandla; kongenamandla ashukumisayo wenza kuvame amandla aphelele.”—ISAYA 40:28, 29.
1, 2. (a) Isiphi isimemo esikhangayo esidluliselwa kubo bonke abafuna ukuqhuba ukukhulekela okumsulwa? (b) Yini engabeka ingokomoya lethu engozini enkulu?
NJENGABAFUNDI bakaJesu, sisazi kahle lesi simemo sakhe esikhangayo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. . . . Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) AmaKristu futhi anikwa “izinkathi zokuqabuleka . . . zivela ebusweni bukaJehova.” (IzEnzo 3:19) Ngokuqinisekile uye wazizwela imiphumela eqabulayo yokufunda amaqiniso eBhayibheli, yokuba nethemba eliqhakazile ngekusasa, neyokusebenzisa izimiso zikaJehova ekuphileni kwakho.
2 Nokho, abanye babakhulekeli bakaJehova babhekana neziqubu zokukhathala ngokomzwelo. Kokunye lezi zikhathi zokudangala ziba mfushane. Kwezinye izimo umuzwa wokukhathala ungase uqhubeke isikhathi eside. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi izibopho zabo zobuKristu seziwumthwalo ocindezelayo kunokuba zibe umthwalo oqabulayo njengoba uJesu athembisa. Imizwa enjalo eqeda amandla ingaba yingozi enkulu ebuhlotsheni bomKristu noJehova.
3. Kungani uJesu anikeza iseluleko esikuJohane 14:1?
3 Lapho esezoboshwa abulawe, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. Bonisani ukholo kuNkulunkulu, nibonise ukholo nakimi.” (Johane 14:1) UJesu washo la mazwi abaphostoli sebezobhekana nezenzakalo ezibuhlungu. Zaziyolandelwa ukuqubuka koshushiso. UJesu wayazi ukuthi abaphostoli bakhe babengakhubeka ngenxa yokudangala. (Johane 16:1) Uma ingalawuliwe, imizwa yokudabuka yayingabakhinyabeza ngokomoya, ibenze bayeke ukuthembela kuJehova. Kunjalo nangamaKristu namuhla. Ukudangala okuqhubeka isikhathi eside kungabangela ubuhlungu obukhulu, futhi izinhliziyo zethu zingase zisindwe. (Jeremiya 8:18) Umuntu esinguye ngaphakathi angase abe buthakathaka. Kulokhu kucindezeleka, singase sitheneke amandla ngokomzwelo nangokomoya, siphelelwe ngisho nayisifiso sokukhulekela uJehova.
4. Yini engasisiza ukuba sivikele izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso ekukhathaleni?
4 Siyafaneleka ngempela iseluleko seBhayibheli: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) IBhayibheli linikeza amacebiso asebenzayo asisiza ukuba sivikele inhliziyo yethu engokomfanekiso ekudangaleni nasekukhathaleni ngokomoya. Nokho, okokuqala, kudingeka sithole kahle ukuthi yini esenza sikhathale.
UbuKristu Abucindezeli
5. Yini engase ibonakale iphikisana mayelana nokuba ngumfundi ongumKristu?
5 Kuyiqiniso ukuthi ukuba ngumKristu kudinga ukuzikhandla ngamandla. (Luka 13:24) UJesu waze wathi: “Noma ngubani ongathwali isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele, akakwazi ukuba ngumfundi wami.” (Luka 14:27) La mazwi angase azwakale ephikisana namazwi kaJesu athi umthwalo wakhe ulula futhi uyaqabula, kodwa empeleni awaphikisani.
6, 7. Kungani sithi indlela yethu yokukhulekela ayikhathazi?
6 Nakuba kuwukhathaza umzimba, ukuzikhandla ngamandla nokusebenza kanzima kunganelisa futhi kuqabule lapho kwenzelwa injongo enhle. (UmShumayeli 3:13, 22) Futhi iyiphi nje injongo engaba yinhle ukudlula ukuhlanganyela amaqiniso amahle eBhayibheli nomakhelwane bethu? Futhi ukushikashikeka kwethu ukuze siphile ngezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme zokuziphatha kuba ubala uma kuqhathaniswa nezinzuzo esizitholayo. (IzAga 2:10-20) Ngisho nalapho sishushiswa, sikubheka njengelungelo ukuhlupheka ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu.—1 Petru 4:14.
7 Umthwalo kaJesu uyaqabula ngempela, ikakhulu lapho uqhathaniswa nobumnyama obungokomoya balabo abaqhubeka besejokeni lenkolo yamanga. UNkulunkulu uyasithanda, usibonisa isisa, futhi akafuni okungaphezu kwamandla ethu. “Imiyalo [kaJehova] ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) UbuKristu beqiniso, obuvezwe emiBhalweni, abucindezeli. Kusobala ukuthi indlela yethu yokukhulekela ayikubangeli ukukhathala nokudangala.
‘Lahla Konke Okusindayo’
8. Yini ngokuvamile eyimbangela yokukhathala okungokomoya?
8 Ngokuvamile, noma ikuphi ukukhathala okungokomoya esikuzwayo kubangelwa umthwalo owengeziwe esiwuthweswa yilesi simiso sezinto esonakele. Ngenxa yokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” sizungezwe amathonya amabi angasithena amandla futhi aphazamise ukulinganisela kwethu kobuKristu. (1 Johane 5:19) Izinto ezingabalulekile zingenza isimiso sethu sobuKristu sibe yinkimbinkimbi futhi siphazamiseke. Le mithwalo eyenezelwe ingase isisinde, ize isicindezele imbala. Ngokufanelekayo, iBhayibheli lisiyala ukuba “silahle konke okusindayo.”—Hebheru 12:1-3.
9. Iminako yezinto ezibonakalayo ingasisinda kanjani?
9 Ngokwesibonelo, ukuba matasa kwezwe ngokufuna ukuvelela, imali, ukuzijabulisa, ukuhamba amazwe kokungcebeleka, neminye iminako yezinto ezibonakalayo kungathonya ukucabanga kwethu. (1 Johane 2:15-17) Amanye amaKristu ekhulu lokuqala ayephishekela ingcebo akwenza kwaba inkiyankiya ukuphila kwawo. Umphostoli uPawulu uyachaza: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
10. Yini esingayifunda ngengcebo emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli?
10 Lapho sizizwa sikhathele futhi sidangele enkonzweni yethu kuNkulunkulu, kungenzeka yini ukuthi kubangelwa ukuphishekela izinto ezibonakalayo okucinanisa ingokomoya lethu? Lena yinto engenzeka ngempela, njengoba kubonisa umfanekiso kaJesu womhlwanyeli. “Izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa nezifiso zazo zonke ezinye izinto,” konke lokhu uJesu wakufanisa nameva ‘angenayo aminyanise’ imbewu eyizwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu. (Marku 4:18, 19) Ngakho, iBhayibheli liyaseluleka: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’”—Hebheru 13:5.
11. Singazisusa kanjani izinto ezingasisinda?
11 Ngezinye izikhathi, into eyenza ukuphila kwethu kube inkimbinkimbi akubi ukuphishekela izinto ezengeziwe, kodwa kuba yilokho esikwenzayo ngezinto esesinazo kakade. Abanye bangase bakhathale ngokomzwelo ngenxa yezinkinga ezinkulu zempilo, ukushonelwa abathandekayo, noma ezinye izinkinga ezicindezelayo. Baye babona isidingo sokuhlala bahlale benze izinguquko. Omunye umbhangqwana oshadile wanquma ukuyeka eminye yemisebenzana yawo yokuchitha isizungu neminye engabalulekile. Wakhipha zonke izimpahla zawo wapakisha konke okuhlobene nemisebenzana enjalo wakubeka kude. Sonke kungasizuzisa ukuhlala sihlale sihlole imikhuba nezimpahla zethu, sisuse konke okusindayo okungadingekile ukuze singakhathali bese siphela amandla emiphefumulweni yethu.
Ukuba Nengqondo Nesizotha Kubalulekile
12. Yini okufanele siyiqaphele mayelana namaphutha ethu uqobo?
12 Amaphutha ethu uqobo, ngisho nasezintweni ezincane, angenza ukuphila kwethu kuye kuba yinkimbinkimbi. Yeka indlela ayiqiniso ngayo amazwi kaDavide: “Ngoba iziphambeko zami zeqé ikhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangesinda kakhulu.” (IHubo 38:4) Ngokuvamile, izinguquko ezimbalwa ezivumelana nezimo zethu zingasinciphisela imithwalo esindayo.
13. Ukuba nengqondo kungasisiza kanjani ukuba silinganisele embonweni wethu ngenkonzo yethu?
13 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibe ‘nokuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.’ (IzAga 3:21, 22) IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyabonelela [noma, kunengqondo].” (Jakobe 3:17) Abanye baye bazizwa becindezelekile ukuba benze okulingana nokwabanye enkonzweni yobuKristu. Nokho, iBhayibheli liyasiyala: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu. Ngoba yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” (Galathiya 6:4, 5) Yiqiniso, isibonelo esihle samanye amaKristu singasikhuthaza ukuba sikhonze uJehova ngenhliziyo yonke, kodwa ukuhlakanipha okusebenzayo nokuba nengqondo kuyosisiza ukuba sizibekele imigomo efinyelelekayo ngokwezimo zethu.
14, 15. Singakubonisa kanjani ukuhlakanipha okusebenzayo ekunakekeleni izidingo zemizimba nemizwelo yethu?
14 Ukuba nengqondo ngisho nasezicini ezingase zibonakale zingabalulekile kangako kungasiza ekuvimbeleni ukukhathala. Ngokwesibonelo, ingabe sizijwayeza imikhuba elinganiselayo esisiza sibe nempilo enhle ngokomzimba? Cabanga ngesibonelo sombhangqwana oshadile okhonza kwelinye lamahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova. Baye bakubona ukubaluleka kokuhlakanipha okusebenzayo ekuvimbeleni ukukhathala. Inkosikazi ithi: “Noma ngabe sinomsebenzi ongakanani, sizama ukulala ngesikhathi esithi asifane nsuku zonke. Sivivinya umzimba njalo futhi. Lokhu kuye kwasisiza ngempela. Siye sathola ukuthi kungakanani esikwazi ukukwenza, futhi senza ngokuvumelana nalokho. Asizami ukuziqhathanisa nalabo ababonakala sengathi abakhathali.” Ingabe thina sikudla njalo ukudla okunempilo futhi silale ngokwanele? Ukunaka impilo yethu ngokunengqondo kunganciphisa imizwa yokukhathala okungokomzwelo nokungokomoya.
15 Abanye bethu banezidingo ezihlukile. Ngokwesibonelo, omunye udade ongumKristu usekhonze ezabelweni eziningana eziyinselele enkonzweni yesikhathi esigcwele. Useke waba nezinkinga ezinkulu zempilo, ezihlanganisa nomdlavuza. Yini emsizayo ukuba abhekane nezimo ezicindezelayo? Uthi: “Kubalulekile kimi ukuba nesikhathi sokuba ngedwa, kuthule cwaka. Lapho ngizwa ukucindezeleka nokukhathala kuzipha amandla, ngizidinga ngokuphuthuma nakakhulu izikhathi zokuba ngedwa, ngifunde futhi ngiphumule.” Ukuhlakanipha okusebenzayo nekhono lokucabanga kusisiza siqaphele futhi sanelise izidingo zethu ezihlukile, ngaleyo ndlela sigweme ukukhathala okungokomoya.
UJehova UNkulunkulu Usinika Amandla
16, 17. (a) Kungani kubaluleke kakhulu ukunakekela impilo yethu engokomoya? (b) Yini okufanele ibe khona esimisweni sethu sansuku zonke?
16 Yebo, ukunakekela impilo yethu engokomoya kubaluleke kakhulu. Kungenzeka sikhathale emzimbeni nakuba sinobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu, kodwa asisoze sakhathala ukumkhulekela. UJehova “unika okhatheleyo amandla; kongenamandla ashukumisayo wenza kuvame amandla aphelele.” (Isaya 40:28, 29) Umphostoli uPawulu, owazibonela mathupha ukuba yiqiniso kwala mazwi, wabhala: “Asiyeki, kodwa ngisho noma umuntu esinguye ngaphandle ewohloka, ngokuqinisekile umuntu esinguye ngaphakathi wenziwa musha usuku nosuku.”—2 Korinte 4:16.
17 Phawula inkulumo ethi “usuku nosuku.” Lokhu kusikisela ukuthi kumelwe siwasebenzise nsuku zonke amalungiselelo kaJehova. Isithunywa sevangeli esakhonza ngokwethembeka iminyaka engu-43 sasikhathala futhi sidangale ngezinye izikhathi. Kodwa asizange siphele amandla. Sithi: “Ngiye ngakwenza umkhuba ukuvuka kusenesikhathi ukuze ngibe nesikhathi sokuthandaza kuJehova nokufunda iZwi lakhe, ngaphambi kokuba ngiqale ukwenza noma yini. Lesi simiso sansuku zonke siye sangisiza ukuba ngikhuthazele kuze kube manje.” Impela singathembela emandleni kaJehova asekelayo uma njalo, yebo “usuku nosuku,” sithandaza kuye futhi sizindla ngezimfanelo zakhe eziphakeme nezithembiso zakhe.
18. Iyiphi induduzo iBhayibheli eliyinika abathembekile asebegugile noma abagulayo?
18 Lokhu kusiza ngokukhethekile kulabo abazizwa bedangele ngenxa yokuguga noma impilo engeyinhle. Abanjalo bangase bangadangaliswa ukuziqhathanisa nabanye, kodwa badangaliswe ukuziqhathanisa nalokho ababeyikho. Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyabazisa asebekhulile! IBhayibheli lithi: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) UJehova uyakwazi ukulinganiselwa kwethu futhi ukwazisa kakhulu ukumkhulekela kwethu ngenhliziyo yonke naphezu kobuthakathaka esinabo. Futhi imisebenzi emihle esesiyenzile kakade iqoshwe ngokungacimeki enkumbulweni kaNkulunkulu. ImiBhalo iyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.” (Hebheru 6:10) Yeka indlela sonke esijabula ngayo ngokuba nalabo abaye bathembeka kuJehova amashumi eminyaka!
Ungayeki
19. Kusizuzisa kanjani ukuzigcina simatasa ekwenzeni okuhle?
19 Abaningi bakholelwa ukuthi ukuvivinya umzimba njalo kunganciphisa ukukhathala. Ngokufanayo, imisebenzi engokomoya eyenziwa njalo ingasiza ekudambiseni imizwa yokukhathala ngokomzwelo noma ngokomoya. IBhayibheli lithi: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali. Khona-ke ngempela, uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:9, 10) Phawula inkulumo ethi “ukwenza okuhle” nethi “masenze okuhle.” Zisho ukuthi kufanele senze okuthile. Ukwenzela abanye okuhle kungasisiza ngempela singapheli amandla enkonzweni yethu kuJehova.
20. Ukuze silwe nokudangala, abantu abanjani okufanele sigweme ukuzihlanganisa nabo?
20 Ngokuphambene, ukuzihlanganisa nabantu abangayinaki imithetho kaNkulunkulu futhi wenze izinto nabo kungaba umthwalo okhathazayo. IBhayibheli liyasixwayisa: “Ukwesinda kwetshe nomthwalo wesihlabathi—kodwa ukukhathazwa ngoyisiwula kusinda kunakho kokubili.” (IzAga 27:3) Ukuze silwe nemizwa yokudangala nokukhathala, kuhle sigweme ukuzihlanganisa nalabo abagxila emicabangweni edikibalisayo futhi abathanda ukuphawula amaphutha abanye nokubagxeka.
21. Singabakhuthaza kanjani abanye emihlanganweni yobuKristu?
21 Imihlangano yobuKristu iyilungiselelo elivela kuJehova elingasifaka umdlandla ngokomoya. Kuyo, siba nethuba elihle kakhulu lokukhuthazana ngemfundo nobudlelwane obuqabulayo. (Hebheru 10:25) Wonke umuntu ebandleni kufanele alwele ukuba owakhayo lapho ephendula emihlanganweni noma lapho enengxenye esimisweni endaweni yesikhulumi. Labo abaholayo njengabafundisi banomthwalo wemfanelo okhethekile wokukhuthaza abanye. (Isaya 32:1, 2) Ngisho nalapho kunesidingo sokuyala noma sokusola, umoya iseluleko esinikezwa ngawo kufanele uqabule. (Galathiya 6:1, 2) Uthando lwethu ngabanye luyosisiza ngempela ukuba sikhonze uJehova singapheli amandla.—IHubo 133:1; Johane 13:35.
22. Kungani singaba nesibindi yize singabantu abangaphelele?
22 Ukukhulekela uJehova kulesi sikhathi sokuphela kuhilela ukusebenza. Futhi amaKristu awagomekile emiphumeleni yokukhathala kwengqondo, ubuhlungu obungokomzwelo, nezimo ezicindezelayo. Njengoba singabantu abangaphelele sibuthakathaka, njengezitsha zobumba. Nokho, iBhayibheli lithi: “Sinale ngcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) Yebo, siyokhathala, kodwa kwangathi singephele amandla nanini noma siyeke phansi. Kunalokho, ‘masibe nesibindi futhi sithi: “UJehova ungumsizi wami.”’—Hebheru 13:6.
Ukubukeza Okufushane
• Iziphi ezinye zezinto ezisindayo esingase sikwazi ukuhlukana nazo?
• Singakwenza kanjani “okuhle” kwamanye amaKristu?
• UJehova usisekela kanjani lapho sikhathele noma sidangele?
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wayazi ukuthi ukudangala okuqhubeka isikhathi eside kwakungenza abaphostoli bakhathazeke
[Isithombe ekhasini 24]
Abanye baye bayiyeka imisebenzana ethile yokuchitha isizungu neminye engabalulekile
[Isithombe ekhasini 26]
Naphezu kokulinganiselwa kwethu, uJehova ukwazisa kakhulu ukumkhulekela kwethu ngenhliziyo yonke