-
“Manje Yiso Isikhathi Esamukeleka Ngokukhethekile”INqabayokulinda—2010 | Disemba 15
-
-
6, 7. Iliphi ilungelo elikhulu elinikezwe amaKristu agcotshiwe namuhla, futhi obani abasebenza nabagcotshiweyo?
6 Ekuqaleni kwencwadi yakhe, uPawulu wakhuluma ngelungelo elikhulu yena namaKristu agcotshiwe akanye nawo abanikwa lona. (Funda eyesi-2 Korinte 5:18-20.) Wachaza ukuthi uNkulunkulu wayebabizele injongo ekhethekile yokufeza “inkonzo yokubuyisana,” ukunxusa abantu ukuba ‘babuyisane noNkulunkulu.’ Lokho kwakusho ukubuyisela ubungane noma ubunye noNkulunkulu.
7 Kusukela ekuhlubukeni kwase-Edene, sonke isintu besilokhu sihlukanisiwe noma sidediselwe kude noJehova. (Roma 3:10, 23) Lokho kuhlukaniswa kuye kwafaka isintu sisonke ebumnyameni obungokomoya, okuholela ekuhluphekeni nasekufeni. UPawulu wabhala: “Siyazi ukuthi yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22)
-
-
“Manje Yiso Isikhathi Esamukeleka Ngokukhethekile”INqabayokulinda—2010 | Disemba 15
-
-
8. Yini eyenza isimemo sokubuyisana sibe esiphawulekayo?
8 Okwenza isimemo sokubuyisana siphawuleke nakakhulu ukuthi ngisho noma ufa lwalunxanye kuphela—ludalwe ukuhlubuka komuntu e-Edene—nguNkulunkulu owasithatha kuqala isinyathelo sokululungisa lolo fa. (1 Joh. 4:10, 19) Yini ayenza? UPawulu waphendula: “UNkulunkulu ngoKristu wayenza izwe libuyisane naye, engalibaleli iziphambeko zalo, futhi uliphathise thina izwi lokubuyisana.”—2 Kor. 5:19; Isaya 55:6.
9. Yini uPawulu ayenza ebonisa ukuthi wayesazisa isihe sikaNkulunkulu?
9 Ngokulungiselela umhlatshelo wesihlengo, uJehova wenza ukuba labo ababonisa ukholo bakwazi ukuthethelelwa iziphambeko zabo futhi babuyiselwe ebuhlotsheni noma ebunyeni naye. Ngaphezu kwalokho, wathumela izithunywa zakhe ukuba zinxuse abantu kuyo yonke indawo ukuba benze ukuthula naye lapho besengakwazi. (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:3-6.)
-