Isahluko Sesine
Ungaliphatha Kanjani Ikhaya?
1. Kungani ukuphatha ikhaya kungaba nzima kangaka namuhla?
“ISIMO salelizwe siyashintsha.” (1 Korinte 7:31) Lawo mazwi alotshwa eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule, futhi yeka indlela ayiqiniso ngayo namuhla! Izinto ziyashintsha, ikakhulukazi ngokuphathelene nokuphila komkhaya. Lokho okwakubhekwa njengokuvamile noma okuyisiko eminyakeni engu-40 noma engu-50 edlule ngokuvamile akwamukelwa namuhla. Ngenxa yalokhu, ukuphatha ikhaya ngokuphumelelayo kungabeka izinselele ezinkulu. Nakuba kunjalo, uma iseluleko esingokomBhalo silandelwa, ungabhekana ngokuphumelelayo nalezo zinselele.
PHILA NGOKWALOKHO ONAKHO
2. Yiziphi izimo ezingokomnotho ezibangela ukucindezeleka emkhayeni?
2 Namuhla abantu abaningi abasaneliswa ukuphila okulula, okugxile emkhayeni. Njengoba ezentengiselwano zikhiqiza imikhiqizo eyandayo futhi zisebenzisa amakhono azo okukhangisa ukuze zizame ukuheha umphakathi, izigidi zobaba nomama zichitha amahora amaningi emsebenzini ukuze zithenge lemikhiqizo. Ezinye izigidi zibhekana nomshikashika wansuku zonke wokuthola okuya ngasethunjini. Kufanele zichithe isikhathi esiningi kakhulu emsebenzini kunangaphambili, mhlawumbe zibe nemisebenzi emibili, ukuze nje zikwazi ukukhokhela izidingo zazo. Kanti abanye bangakujabulela ukuthola umsebenzi, njengoba ukuntuleka kwemisebenzi kuyinkinga edlange kangaka. Yebo, ukuphila akulula ngaso sonke isikhathi ngomkhaya wanamuhla, kodwa izimiso zeBhayibheli zingayisiza imikhaya ibhekane nesimo.
3. Isiphi isimiso esachazwa umphostoli uPawulu, futhi ukusisebenzisa kungamsiza kanjani umuntu ukuba aphumelele ekuphatheni ikhaya?
3 Umphostoli uPawulu wabhekana nokucindezela kwezomnotho. Lapho ebhekene nakho, wafunda isifundo esibalulekile, asichaza encwadini yakhe eyayiya kumngane wakhe uThimothewu. UPawulu uyabhala: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.” (1 Thimothewu 6:7, 8) Yiqiniso, umkhaya udinga okungaphezu nje kokudla nokokwembatha. Udinga nendawo ozohlala kuyo. Izingane zidinga imfundo. Bese kuba nezikweletu zezokwelapha nezinye izindleko. Nakuba kunjalo, isimiso samazwi kaPawulu siyasebenza. Uma saneliswa ukufeza izidingo zethu kunoba nezinto esizifunayo, ukuphila kuyoba lula ngokwengeziwe.
4, 5. Ukucabanga kusengaphambili nokuhlela kusengaphambili kungasiza kanjani ekuphatheni ikhaya?
4 Esinye isimiso esiwusizo sitholakala komunye wemifanekiso kaJesu. Wathi: “Ubani kini ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) UJesu lapha ukhuluma ngokucabanga kusengaphambili, ukuhlela kusengaphambili. Esahlukweni esandulelayo sibonile ukuthi lokhu kusiza kanjani lapho umbhangqwana osemusha ucabangela ukushada. Futhi ngemva komshado, kuyasiza nasekuphatheni ikhaya. Ukucabanga kusengaphambili kulomkhakha kuhilela ukubhala phansi uhlelo lokusetshenziswa kwemali, ukuhlela kusengaphambili ukuzisebenzisa ngokuhlakanipha izimali ezikhona. Ngalendlela umkhaya ungazilawula izindleko, ubekele eceleni imali ezosetshenziswa ezintweni ezibalulekile usuku ngalunye noma isonto ngalinye, futhi ungaphili ngokungaphezu kwamandla awo.
5 Kwamanye amazwe, ukuba nohlelo olunjalo lokusetshenziswa kwemali kungase kusho ukulwisana nesifiso sokuboleka imali enenzalo enkulu ngenjongo yokuthenga izinto ezingadingekile. Kwamanye, kungase kusho ukuzibamba ekusebenziseni amakhadi okuthenga. (IzAga 22:7) Kungase kusho nokulwa nokuthenga into ngoba uyibona—ukuthenga into ngesigubhukane ngaphandle kokucabanga ngezidingo nemiphumela. Ngaphezu kwalokho, ukubhala uhlelo lokusetshenziswa kwemali kuyokwenza kucace ukuthi ukusaphaza imali ngobugovu ekugembuleni, ekubhemeni ugwayi, nasekuphuzeni ngokweqile ikhinyabeza isimo somnotho somkhaya, futhi kuphikisana nezimiso zeBhayibheli.—IzAga 23:20, 21, 29-35; Roma 6:19; Efesu 5:3-5.
6. Imaphi amaqiniso angokomBhalo asiza labo abangenakukugwema ukuphila ngobumpofu?
6 Kuthiwani-ke ngalabo abaphoqelekile ukuba baphile ngobumpofu? Phakathi kokunye, bangaduduzwa ukwazi ukuthi lenkinga esakazeke emhlabeni wonke imane nje ingeyesikhashana. Ezweni elisha elisondela ngokushesha, uJehova uyoqeda ubumpofu kanye nabo bonke ububi obubangela usizi esintwini. (IHubo 72:1, 12-16) Okwamanje, amaKristu eqiniso, ngisho noma edla imbuya ngothi, awaphelelwa yithemba ngokuphelele, ngoba anokholo esithembisweni sikaJehova esithi: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.” Ngakho, okholwayo angasho ngokuqiniseka athi: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.” (Heberu 13:5, 6) Kulezi zinsuku ezinzima, uJehova uye wasekela abakhulekeli bakhe ngezindlela eziningi uma bephila ngezimiso zakhe futhi bebeka uMbuso wakhe kuqala ekuphileni kwabo. (Mathewu 6:33) Iningi labo lingafakaza, lisho ngamazwi omphostoli uPawulu ukuthi: “Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba kokubili ukuba nensada nokuswela. Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.”—Filipi 4:12, 13.
UKUTHWALISANA UMTHWALO
7. Imaphi amazwi kaJesu, uma esetshenziswa, ayosiza ekuphatheni ikhaya ngokuphumelelayo?
7 Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Ukusebenzisa lesi seluleko emkhayeni kusiza kakhulu ekuphatheni ikhaya. Kanti obani abangomakhelwane bethu abaseduze, esibathanda kakhulu, uma kungebona labo esihlala nabo ndawonye ekhaya—amadoda namakhosikazi, abazali nezingane? Amalungu omkhaya angabonisana kanjani uthando?
8. Uthando lungaboniswa kanjani emkhayeni?
8 Enye indlela ingokuba ilungu ngalinye lomkhaya lenze indima yalo esesilinganisweni emisebenzini yasekhaya. Ngakho, kudingeka izingane zifundiswe ukuqoqa izinto ngemva kokuzisebenzisa, kungaba izingubo noma amathoyizi. Kungase kudinge isikhathi nomzamo ukwendlala umbhede njalo ekuseni, kodwa kuwusizo olukhulu ekuphathweni kwekhaya. Yiqiniso, ubuhlikilili obuncane, besikhashana, abunakugwenywa, kodwa bonke bangabambisana ukuze bagcine ikhaya lihlanzekile, futhi baqoqe ngemva kokudla. Ubuvila, ukuminza, nomoya wokungathandi, wokuba manqikanqika ubaphatha kabi bonke. (IzAga 26:14-16) Ngakolunye uhlangothi, umoya wokwenama, wokuzithandela uthuthukisa ukuphila komkhaya ojabulayo. “UNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.
9, 10. (a) Yimuphi umthwalo ngokuvamile osemahlombe enkosikazi yekhaya, futhi ungenziwa kanjani ube lula? (b) Yimuphi umbono onokulinganisela ngomsebenzi wasendlini osikiselwayo?
9 Ukucabangela nothando kuyosiza ekuvimbeleni isimo esiyinkinga engathi sína kwamanye amakhaya. Ngokwesiko, omama bebelokhu beyinsika yokuphila kwasekhaya. Baye banakekela izingane, bahlanza ikhaya, bawasha izingubo zomkhaya, bathenga ukudla futhi bakupheka. Kwamanye amazwe, kuye kwaba isiko ngabesifazane ukusebenza emasimini, badayise imikhiqizo emakethe, noma bafake isandla ngezinye izindlela emalini yezindleko zomkhaya. Ngisho nalapho lokhu kwakungelona isiko ngaphambili, izigidi zabesifazane abashadile ziye zaphoqeleleka ukuba zifune umsebenzi ngaphandle kwasekhaya. Inkosikazi nomama osebenza kanzima kulemikhakha ehlukahlukene ukufanele ukunconywa. ‘Njengomfazi okhutheleyo’ ochazwe eBhayibhelini, umatasa. “Akadli isinkwa sobuvila.” (IzAga 31:10, 27) Nokho, lokhu akusho ukuthi owesifazane uyena kuphela ongasebenza ekhaya. Ngemva kokuba indoda nenkosikazi besebenze usuku lonke bengekho ekhaya, ingabe inkosikazi yodwa okufanele ithwale umthwalo womsebenzi wasendlini, indoda namanye amalungu omkhaya bebe bephumule? Lutho neze. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:13, 14.) Ngakho, ngokwesibonelo, uma umama ezolungisa ukudla, angajabula uma amanye amalungu omkhaya emsiza ekulungiseni ngokudeka itafula, ukuthenga, noma ukucoca lapha nalaphaya endlini. Yebo, bonke bangawuhlanganyela umthwalo.—Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:2.
10 Abanye bangathi: “Lapho ngihlala khona akuwona umsebenzi wendoda ukwenza lezi zinto.” Lokho kungase kube iqiniso, kodwa ngeke yini kube kuhle ukucabanga ngalendaba? Ngesikhathi uJehova uNkulunkulu esungula umkhaya, akashayanga mthetho wokuthi umsebenzi othile wawuzokwenziwa abesifazane kuphela. Ngesinye isikhathi, lapho indoda ethembekile u-Abrahama ivakashelwe izithunywa ezikhethekile zivela kuJehova, yahlanganyela ekulungiseleleni nasekupheni izivakashi ukudla. (Genesise 18:1-8) IBhayibheli liyeluleka: “Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu.” (Efesu 5:28) Uma, ekupheleni kosuku, indoda ikhathele futhi ifuna ukuphumula, akunakwenzeka yini ukuthi nenkosikazi izizwa ngendlela efanayo, mhlawumbe ngisho nangaphezulu? (1 Petru 3:7) Ngakho-ke, ngeke yini kufaneleke futhi kubonise uthando ngendoda ukuba isize ekhaya?—Filipi 2:3, 4.
11. Kungayiphi indlela uJesu abekela ngayo ilungu ngalinye lomkhaya isibonelo esihle?
11 UJesu uyisibonelo esihle kunazo zonke somuntu owajabulisa uNkulunkulu futhi wajabulisa nabangane bakhe. Nakuba engazange ashade, uJesu uyisibonelo esihle emadodeni, emakhosikazini nasezinganeni. Wathi ngaye ngokwakhe: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza,’ okungukuthi, ukukhonza abanye. (Mathewu 20:28) Yeka indlela ejabula ngayo leyo mikhaya emalungu ayo ahlakulela isimo sengqondo esinjalo!
UKUHLANZEKA—KUNGANI KUBALULEKE KANGAKA?
12. Yini uJehova ayidinga kulabo abamkhonzayo?
12 Esinye isimiso seBhayibheli esingasiza ekuphathweni kwekhaya sitholakala kweyesi-2 Korinte 7:1. Siyafunda: “Masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” Labo abalalela lamazwi aphefumulelwe bayamukeleka kuJehova, ofuna ‘ukukhulekela okuhlanzekile nokungangcolile.’ (Jakobe 1:27) Futhi imikhaya yabo ithola izinzuzo ezihambisana nakho.
13. Kungani ukuhlanzeka kubalulekile ekuphathweni kwekhaya?
13 Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi luyeza usuku lapho izifo nokugula kuyobe kungasekho. Ngaleso sikhathi, “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:4, 5) Nokho, kuze kube yileso sikhathi, umkhaya ngamunye kufanele ubhekane nokugula ngezikhathi ezithile. Ngisho noPawulu noThimothewu bagula. (Galathiya 4:13; 1 Thimothewu 5:23) Nokho, ochwepheshe bezokwelapha bathi izifo eziningi ziyagwemeka. Imikhaya ehlakaniphile iyaphunyuka ezifweni ezigwemekayo uma igwema ukungcola okungokwenyama nokungokomoya. Ake sicabangele ukuthi kwenzeka kanjani.—Qhathanisa nezAga 22:3.
14. Kungayiphi indlela ukuhlanzeka ngokokuziphatha okungavikela ngayo umkhaya ezifweni?
14 Ukuhlanzeka okungokomoya kuhlanganisa nokuhlanzeka kokuziphatha. Njengoba kwaziwa, iBhayibheli likhuthaza izindinganiso eziphakeme zokuziphatha futhi lilahla noma iluphi uhlobo lokusondelana ngokobulili ngaphandle komshado. “Izifebe, . . . noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda . . . ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Ukuphila ngokuvumelana nalezi zindinganiso eziqinile kubaluleke kakhulu kumaKristu aphila ezweni lanamuhla elonakele. Ukwenza kanjalo kujabulisa uNkulunkulu, futhi kusiza ekuvikeleni umkhaya ezifweni ezidluliselwa ngobulili njengengculaza, ugcunsula, isipatsholo, ne-chlamydia.—IzAga 7:10-23.
15. Nikeza isibonelo sokuntuleka kokuhlanzeka okungokomzimba okungabangela ukugula ngokungadingekile.
15 ‘Ukuzihlanza komuntu kukho konke ukungcola kwenyama’ kusiza ekuvikeleni umkhaya nakwezinye izifo. Izifo eziningi zibangwa ukungcola okungokwenyama. Isibonelo esiyinhloko esomkhuba wokubhema. Ukubhema akungcolisi nje kuphela amaphaphu, izingubo, nawo kanye umoya kodwa futhi kugulisa abantu. Izigidi zabantu ziyafa unyaka ngamunye ngenxa yokubhema ugwayi. Cabanga ngakho; unyaka ngamunye, izigidi zabantu bezingeke zigule futhi zife kungakabi isikhathi ukuba bezikugwema lokho ‘kungcola kwenyama’!
16, 17. (a) Yimuphi umthetho owanikezwa uJehova owavikela ama-Israyeli ezifweni ezithile? (b) Isimiso esikuDuteronomi 23:12, 13 singasetshenziswa kanjani kuyo yonke imikhaya?
16 Cabangela esinye isibonelo. Cishe eminyakeni engu-3 500 edlule, uNkulunkulu wanikeza isizwe sakwa-Israyeli uMthetho wakhe ukuze sihlele ukukhulekela kwaso, futhi ngezinga elithile, nokuphila kwaso kwansuku zonke. Lowo Mthetho wasiza ekuvikeleni isizwe ezifweni ngokubeka imithetho eyisisekelo yempilo. Omunye umthetho onjalo wawuphathelene nokulahlwa kwendle yomuntu, okwakudingeka igqitshwe kahle kude nekamu ukuze indawo ehlala abantu ingangcoli. (Duteronomi 23:12, 13) Lowo mthetho wasendulo useyiseluleko esihle. Ngisho nanamuhla abantu bayagula futhi bafe ngenxa yokuthi abawulandeli.a
17 Ngokuvumelana nesimiso okusekelwe kuso lowo mthetho wama-Israyeli, indlu yokugezela neyangasese yomkhaya—kungakhathaliseki ukuthi ingaphakathi noma ngaphandle kwendlu—kufanele igcinwe ihlanzekile futhi ihlanzwe ngesibulala-magciwane. Uma indlu yangasese ingagcinwa ihlanzekile futhi ivaliwe, igcwala izimpukane futhi zisakazele amagciwane kwezinye izingxenye zekhaya—nasekudleni esikudlayo! Ngaphezu kwalokho, izingane nabantu abadala kufanele bageze izandla ngemva kokuya kulendawo. Ngaphandle kwalokho, babuya namagciwane esikhunjeni sabo. Ngokukadokotela waseFrance, ukugeza izandla “kusengesinye seziqinisekiso ezingcono kakhulu sokuvimbela izifo ezithile zomgudu wokudla, zokuphefumula, noma zesikhumba.”
18, 19. Yikuphi ukusikisela okunikeziwe kokugcina indlu ihlanzekile ngisho nasendaweni empofu?
18 Yiqiniso, ukuhlanzeka kuyinselele ezindaweni ezimpofu. Othile ojwayelene nezindawo ezinjalo uyachaza: “Isimo sezulu esishisayo senza umsebenzi wokuhlanza ube nzima ngokuphindiwe. Izintuli zimboza yonke imifantu yendlu ngempunqumpunqu ensundu. . . . Ukwanda kwabantu emadolobheni, nakwezinye izindawo zasemaphandleni, nakho kudala izingozi zempilo. Izitamukoko ezivulekile, imfucumfucu enqwabelene, izindlu zangasese zomphakathi ezixathukayo, amagundane athwala izifo, amaphela, nezimpukane kuye kwaba insakavukela.”
19 Kunzima ukulondoloza ukuhlanzeka ngaphansi kwalezi zimo. Nakuba kunjalo, kuwufanele umzamo. Insipho namanzi nokuzikhandla kancane kushibhile kunemithi nezindleko zasesibhedlela. Uma uphila endaweni enjalo, ngezinga ongenza ngalo, gcina umuzi wakho negceke kuhlanzekile futhi kungenayo indle yezilwane. Uma indlela eya kwakho ivame ukuba nodaka ngesikhathi semvula, ungayithela inhlabathi emahhadla noma amatshe ukuze asize avimbele udaka lungangeni endlini? Uma umuntu egqoke izicathulo noma izimbadada, angazikhumula yini ngaphambi kokuba angene endlini? Futhi kumelwe ugcine indawo enikha kuyo amanzi ihlanzekile. Kulinganiselwa ukuthi okungenani abantu abayizigidi ezimbili abafayo ngonyaka babulawa izifo ezihlobene namanzi angcolile nokunganakekelwa kwezindawo zangasese.
20. Ukuze indlu ihlanzeke, obani okumelwe bahlanganyele lomthwalo?
20 Ikhaya elihlanzekile lixhomeke kuwo wonke umuntu—umama, ubaba, izingane, nezivakashi. Omunye umama onezingane ezingu-8 eKenya wathi: “Bonke baye bafunda ukwenza ingxenye yabo.” Ikhaya elihlanzekile, elicocekile, liwumelela kahle wonke umkhaya. Isaga seSpanishi sithi: “Akukho ukungqubuzana phakathi kobumpofu nokuhlanzeka.” Kungakhathaliseki ukuthi umuntu uhlala esithabathabeni somuzi, efulethini, endlini ephansi, noma emjondolo, inhlanzeko iyisihluthulelo somkhaya onempilo.
ISIKHUTHAZO SIYASITHUTHUKISA
21. Ngokuvumelana nezAga 31:28, yini eyosiza ekuletheni injabulo emkhayeni?
21 Lapho ixoxa ngenkosikazi ekhuthele, incwadi yezAga ithi: “Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa.” (IzAga 31:28) Wagcina nini ukuncoma ilungu lomkhaya wakho? Ngempela, sifana nezitshalo entwasahlobo ezilungele ukuqhakaza lapho zithola ukufudumala nomswakama. Ngokuqondene nathi, sidinga imfudumalo yokunconywa. Kuyayisiza inkosikazi ukwazi ukuthi umyeni wayo uyawazisa umsebenzi wayo onzima nokunakekela kothando nokuthi akayithathi kalula. (IzAga 15:23; 25:11) Futhi kuyajabulisa lapho inkosikazi incoma umyeni wayo ngomsebenzi wakhe wangaphandle nangaphakathi kwekhaya. Izingane nazo ziyaqhakaza lapho abazali bazo bezitusa ngomzamo wazo ekhaya, esikoleni, noma ebandleni lobuKristu. Futhi yeka ukuthi ukubonga okuncane kufeza okungakanani! Kubiza malini ukuthi: “Ngiyabonga”? Akubizi mali, nokho umphumela esimweni somkhaya mkhulu.
22. Yini edingekayo ukuze ikhaya lime ‘liqine,’ futhi lokhu kungenziwa kanjani?
22 Ngezizathu eziningi, akulula ukuphatha ikhaya. Nakuba kunjalo, kungenziwa ngempumelelo. Isaga seBhayibheli sithi: “Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.” (IzAga 24:3) Ukuhlakanipha nokuqonda kungazuzwa uma bonke emkhayeni belwela ukufunda intando kaNkulunkulu nokuyisebenzisa ekuphileni kwabo. Ngokuqinisekile, umkhaya ojabulayo uwufanele umzamo!
[Umbhalo waphansi]
a Encwajaneni yeziyalezo eluleka ngendlela yokugwema isifo sohudo—isifo esiyinsakavukela esiholela kokuningi ukufa kwezinsana—i-World Health Organization ithi: “Uma ingekho indlu yangasese: zikhulule kude nasendlini, kude nezindawo zokudlala izingane, futhi okungenani kuqhele ngamamitha angu-10 emthonjeni wamanzi; gqiba indle ngomhlabathi.”
LEZI ZIMISO ZEBHAYIBHELI ZINGAWUSIZA KANJANI . . . UMKHAYA UKUBA UPHATHE IKHAYA LAWO?
Kuwukuhlakanipha ukwaneliswa izidingo zokuphila.—1 Thimothewu 6:7, 8.
UJehova akasoze abashiya abamkhonzayo.—Heberu 13:5, 6.
Ukuthanda abanye kuyimfanelo evelele yobuKristu.—Mathewu 22:39.
AmaKristu azigcina ehlanzekile emzimbeni nasemoyeni.—2 Korinte 7:1.
[Ibhokisi ekhasini 45]
AMANZI AHLANZEKILE, IMPILO ENHLE
I-World Health Organization inikeza ukusikisela okuwusizo kubantu abasemazweni okungase kube nzima kuwo ukuthola amanzi ahlanzekile nezimo zezindawo zangasese ezingase zibe isidala.
“Yikha futhi ugcine amanzi okuphuza ngezitsha ezihlanzekile. Izitsha zokuwagcina mazihlale zimboziwe futhi ungazivumeli izingane noma izilwane ziphuze kuzo. . . . Yikha amanzi ngenkezo enesibambo eside egcinelwe leyo njongo kuphela. Chitha futhi uyakaze isitsha zonke izinsuku.
“Bilisa amanzi okuzophekelwa ngawo izingane ezincane noma ezizokwenzelwa ngawo okuphuzwayo. . . . Amanzi kudingeka abile imizuzwana embalwa nje kuphela.”
[Izithombe ekhasini 42]
Ukunakekela ikhaya kuwumsebenzi womkhaya
[Izithombe ekhasini 47]
Ukugcina izinto zihlanzekile kushibhile kunokuthenga imithi