-
‘Ukuvivinywa Kobuqotho Bothando Lwenu’INqabayokulinda—1989 | Disemba 1
-
-
“Kepha siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo; ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo; asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele;
-
-
‘Ukuvivinywa Kobuqotho Bothando Lwenu’INqabayokulinda—1989 | Disemba 1
-
-
Isibonelo sabaseMakedoniya abazidelayo sanikeza abaseKorinte okuningi ababengazindla ngakho. IKorinte lalidumile ngomcebo walo, ukunethezeka, nezentengiselwano. Kungenzeka ukuthi abanye babazalwane lapho babempofu ngokuqhathaniswa, kodwa, lilonke, akungabazeki ukuthi lelobandla lalingcono kunamaKristu aseMakedoniya ‘ayesebumpofwini obukhulu.’ Nokho, abaseMakedoniya babenikele ‘ngaphezu kwamandla abo.’ Abazange badinge ukushukunyiswa uPawulu ukuba banikele. Ingani ‘banxusa’ uPawulu ukuba babe nengxenye kulomnikelo!
-