Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nokukhubazeka Kwami?
“USAKWAZI ukuhamba,” kusho umama wentombazanyana esizoyibiza ngokuthi uMaggie. “Kodwa uyahluleka ukwenza ezinye izingxenye zomzimba wakhe zisebenze kanyekanye, futhi akakwazi ukukhuluma kahle.” UMaggie une-multiple sclerosis futhi ungomunye wezigidi zentsha emhlabeni kabanzi ekhubazekile ngokomzimba.
Mhlawumbe ungomunye wabo. Futhi kungakhathaliseki ukuthi wazalwa ukhubazekile noma wakuthola ngenxa yokugula noma ingozi,a asikho isidingo sokuphetha ngokuthi ukuphila kwakho akusizi. Ngomzamo wesineke owenzayo, ungathatha izinyathelo eziqondile zokubhekana ngokuphumelelayo nesimo sakho.
Ugibe Lokucabanga Izinto Ezingenakwenzeka
Yiqiniso, kungokwemvelo ukungafuni ukwamukela iqiniso elibuhlungu kodwa ukwethemba ngokulangazela ukuthi ukukhubazeka kuyomane kuphele. Ngokusobala umphostoli uPawulu wayehlushwa isifo esithile esasithinta amehlo akhe. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:11.) Ebhekisela ekuhambeleni kwakhe kokuqala amaKristu aseGalathiya, uPawulu wathi: “Kwaba-ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala, nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho.” (Galathiya 4:13, 14) Ezinye izazi zicabanga ukuthi isifo sikaPawulu sasibangela amehlo akhe ukuba aphume ubovu noma ngandlela-thile sasenza ukubukeka kwakhe kucasule. Khona-ke, akumangalisi ukuthi uPawulu ‘wanxusa iNkosi kathathu’ ukuba lesifo sisuke. Kodwa asizange. (2 Korinte 12:8, 9) Nokho, naphezu kokukhubazeka kwakhe, wajabulela umsebenzi ovelele njengesithunywa sevangeli, isazi, nomlobi.
Nawe futhi kungase kudingeke ukuba ukwamukele ukuhlala njalo kokukhubazeka kwakho. Encwadini ethi Living With the Disabled, umlobi uJan Coombs uyabhala: “Ukuze isiguli sikwamukele ukukhubazeka kwaso kumelwe kuqala siqaphele ukuthi sikhubazekile. Kumelwe sifunde ukuthi ukulinganiselwa kwaso kungase kusenze singakwazi ukwenza ezinye izinto futhi kuyosicindezela kodwa akusehlisi isithunzi saso njengomuntu.” Uma lingekho ithemba eliqinisekile lekhambi, ukuphika iqiniso lesimo sakho kuyomane nje kukufake enkiyankiyeni yokuzisola, usizi, nokudumazeka. Ngakolunye uhlangothi, “kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha,” kusho iBhayibheli kuzAga 11:2, futhi umuntu othobekile uyakwazi futhi uyakwamukela ukulinganiselwa kwakhe. Lokhu akusho ukuba unkom’ idla yodwa noma ukwamukela ukuba khona kwakho okuyisicefe, okungenanjabulo. Kunalokho, ukuthobeka kuhilela ukubhekisisa isimo sakho ngokwethembeka nokubeka imigomo engokoqobo.
Yenza Ngokwazi
Udinga futhi ulwazi oluqondile ngohlobo lokukhubazeka kwakho. “Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi,” kusho izAga 13:16. (Qhathanisa nezAga 10:14.) Lokhu kungase kusho ukufunda izincwadi ezithile zezokwelapha noma ukubuza imibuzo ekhethekile kudokotela wakho nakwabanye ochwepheshe bezempilo abakwelaphayo. Ukuthola kwakho ulwazi ngalendaba kungase kukukhulule kunoma ikuphi ukuqonda okuyiphutha okungase kukuvimbele ekwenzeni konke okusemandleni akho.
Kungase kusize futhi ukuzigcina unolwazi lwamuva lwentuthuko nezindlela zokwelapha ezingase zithuthukise isimo sakho. Ngokwesibonelo, kuye kwenziwa izitho zomzimba zokufakelwa (ama-prosthesis) kusetshenziswa izinto ezintsha, ezilula ezikwenza unethezeke ngokwengeziwe futhi kube lula ukunyakaza. Ngempela, umagazini i-Time ubika “indathane” yemishini ewusizo yabantu abakhubazekile. Mhlawumbe imikhiqizo enjalo iyatholakala endaweni yakini futhi umkhaya wakini ungaba nayo imali yokuyithenga.
Izinto ezivame kakhulu, njengezinsiza-kuzwa, izindondolo, kanye nezinto zokusekela amalungu omzimba abuthaka, nazo zingaba usizo kakhulu. Nokho, enye intsha ingase izizwe izenyeza kakhulu futhi ingathandi ukusebenzisa izinto ezinjalo. Kodwa iNkosi uSolomoni yaphawula ngokuhlakanipha: “Uma izembe lakho libuthuntu futhi ungaliloli, kumelwe usebenze ngamandla ngokwengeziwe ukuze lisebenze.” (UmShumayeli 10:10; Today’s English Version) Ngokufanayo nawe ungase ukhathale—noma ungahileleki emisebenzini ejabulisayo—uma wehluleka ukusebenzisa kahle amathuluzi angakusiza ngokunenzuzo. Kungani uvumela ukuqhosha kwenze ukuphila kwakho kube nzima ngokwengeziwe kunendlela okumelwe kube ngayo? USolomoni waphetha ngokuthi: “Kuyinzuzo ukusebenzisa ukuhlakanipha ukuze uphumelele.”—Qhathanisa ne-NW.
Yebo, kungokwenzuzo yakho ukusebenzisa okuthile okuyokusiza ukuba uhambe, ubone, noma uzwe kangcono. Yiqiniso, kungase kudingeke ukuprakthiza okukhulu nesineke ukuze ukwazi ukusebenzisa kahle udondolo, isitho somzimba sokufakelwa noma insiza-kuzwa. Futhi lezinto zingase zingasizi ngempela ekuthuthukiseni ukubukeka kwakho. Kodwa cabanga ngenkululeko ezingakunikeza yona namathuba ezingase ziwavule! Enye intombazane ekhubazekile yase-Afrika ebizwa ngokuthi uJay yayiphila ukuphila kokuba unkom’ idla yodwa, iphuma kanye kuphela endlini eyahlala kuyo iminyaka engu-18. Ngemva kokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, yaqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu. Lokhu kwakudinga ukuba “ihambe” ibanga elithile, izidonsela phambili ngezandla zayo, bese ihudula umzimba wayo ngemuva. Lapho uFakazi othile eYurophu ezwa ngosizi lukaJay, wamthumelela isihlalo sabakhubazekile esinamasondo amathathu. Safika neketanga uJay ayengalihambisa ngezandla zakhe. Ingabe kwakukhanga? Nakancane. Kodwa lendlela yokuhamba ebonakala ikhathaza yamvumela ukuba aye emihlanganweni futhi ahlanganyele emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu.
Zibekele Inselele!
Nokho, qaphela ukuba ungabi nesimo sengqondo esiphambene. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.” (UmShumayeli 11:4) Ingabe uvumela ukwesaba noma ukungazethembi ukuba kukuvimbele ekwenzeni izinto ofuna ukuzenza nodinga ukuzenza? Cabangela uMose. Lapho uNkulunkulu emkhetha ukuze akhulule ama-Israyeli ebugqilini eGibithe, uMose wazama ukwenqaba ngezaba zokungakwazi ukukhuluma kahle. “Nginezindebe zomlomo ezingasokwanga,” kwasho uMose, mhlawumbe ekhomba ukukhubazeka okuthile okwakuphazamisa indlela yakhe yokukhuluma. (Eksodusi 6:12) Kodwa uMose wayezenyeza. Ngokuhamba kwesikhathi, wazibonakalisa ukuthi wayekwazi ukukhuluma ngokushelela—ekhuluma naso sonke isizwe sakwa-Israyeli.—Duteronomi 1:1.
Ungalenzi iphutha elifanayo lokuzenyeza. Zikhuthaze futhi uzibekele inselele! Ngokwesibonelo, uBecky osemusha unobunzima obuthile bokukhuluma ngenxa yokulimala akuthola engozini eyenzeka lapho eneminyaka emihlanu. Kodwa abazali bakhe abazange bamvumele ukuba adikibale. Ngokuphambene nalokho, bambhalisa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Lapho eneminyaka eyisikhombisa, uBecky wayenikeza izinkulumo ezimfushane phambi kwezilaleli. UBecky uyakhumbula: “Ukunikeza izinkulumo kwasiza. Kwangishukumisela ekubeni ngizikhandle ekuthuthukiseni indlela yami yokukhuluma.” UBecky wakhuthazwa futhi ukuba ahlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. “Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi abantu bayakuzonda ngempela ukungilalela ngikhuluma; ngikhathazeka ngalokho abakucabangayo. Kodwa ngiyaye ngizitshele ukuthi, ‘Lokhu ngikwenzela uJehova,’ futhi ngiyamcela ukuba angisize ngiphumelele.” Namuhla, uBecky ukhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele.
UCraig, manje osengumuntu omdala, uphethwe yi-cerebral palsy. Naye futhi uye wenqaba ukuvumela ukukhubazeka kwakhe kumvimbele ekubeni yilungu elibalulekile lebandla lobuKristu. Uthi: “Ngithembela kuJehova, futhi uye wangivumela ukuba ngijabulele izibusiso zakhe eziningi. Ngiye ngakwazi ukukhonza njengephayona elisizayo [umshumayeli] izikhathi ezinhlanu. Nginikeza izinkulumo zeBhayibheli eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, futhi ngiyakwazi ukunakekela ama-akhawunti ebandla.”
Kukhona futhi ‘nesikhathi sokuhleka,’ futhi ngokuprakthiza, ungase ukwazi ngisho nokujabulela ezinye zezinto ezijabulisayo ezijatshulelwa enye intsha. (UmShumayeli 3:4) UBecky uyavuma: “Angikwazi ukudlala imidlalo enjenge-volleyball ngoba izicubu zami azikwazi ukushesha. Kodwa ngiyakwazi ukugijima. Futhi ngokushesha ngemva kwalengozi, umama wangikhuthaza ukuba ngifunde ukugibela ibhayisekili. Wayengikhuthaza ngaso sonke isikhathi ukuba ngizame izinto ezintsha.”
Ungazami Ukubhekana Nalesimo Ngaphandle Kosizo Lwabanye
Ukubhekana nokukhubazeka okungokomzimba akulula. Umphostoli uPawulu wayebiza ukukhubazeka kwakhe ngokuthi “iva enyameni.” (2 Korinte 12:7) Ngenhlanhla, akudingekile ukuba ubhekane nezinkinga zakho uwedwa. USarne, owesifazane osemusha okhubazeke enqulwini, uthi: “Ngithola ukuthi ukuba nobudlelwane obufanele bobuKristu nokusekela kothando komkhaya nabangane ebandleni kuye kwaba okubaluleke kakhulu kimi.” Yebo, ungazehlukanisi. (IzAga 18:1) Ngezinga okungenzeka ngalo, ‘vama njalo emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) USarne uchaza inzuzo yalokhu: “Ukuba matasa ezithakazelweni zoMbuso kungisiza ukuba ngibe nombono ofanele ngezinkinga zami.” UBecky uyaphawula: “Uthola ithuba lokuxoxa nabantu abasesimweni esibi ngempela kunawe ngoba abanalo ithemba lesikhathi esizayo. Lokho kungisiza ukuba ngingagxilisi ingqondo yami ezinkingeni zami.”
Ngaphezu kwakho konke, ncika kuJehova uNkulunkulu ukuze uthole ukusekelwa. Uyaziqonda izidingo nemizwa yakho futhi angase akunikeze ngisho ‘namandla angaphezu kwavamile’ ukuze akusize ubhekane nakho ngokuphumelelayo. (2 Korinte 4:7, NW) Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi ungase ube nombono wethemba womKristu osemusha okhubazekile okuthiwa uTerrence. Lapho eneminyaka eyisishiyagalunye, uTerrence waba impumputhe kodwa uye wenqaba ukuba lokhu kumnqobe, ethi: “Ubumpumputhe bami abukona ukukhubazeka; bumane nje buyisiphazamiso.”
[Umbhalo waphansi]
a Uma usanda kukhubazeka, ngokuqondakalayo kungenzeka ulwisana nemizwa yobuhlungu, intukuthelo, nokudumazeka. Eqinisweni, kungokwemvelo ngempela—futhi kunempilo—ukubhekana nesikhathi sokudabuka lapho uye wabhekana nokulahlekelwa ngokungathi sína. (Qhathanisa nabAhluleli 11:37; UmShumayeli 7:1-3.) Qiniseka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kanye nokusekela kothando komkhaya nabangane, imizwa ebuhlungu iyodamba ekugcineni.
[Isithombe ekhasini 15]
Funda konke ongase ukwazi ukukufunda ngokukhubazeka kwakho