Hamba Ngomoya, Uphile Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwakho
“Qhubekani nihamba ngomoya khona-ke ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—GAL. 5:16.
1. Ikuphi ukubhapathizwa okwenzeka ngosuku lwePhentekoste?
LAPHO abalandeli bakaJesu bekhuluma ngezilimi ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., kwakungemva kokuba bebhapathizwe ngomoya ongcwele. Babonakalisa isipho esimangalisayo somoya. (1 Kor. 12:4-10) Waba yini umphumela walesi sipho nowenkulumo umphostoli uPetru ayinikeza? Abaningi “bahlabeka enhliziyweni.” Besabela ekunxuseni kukaPetru, baphenduka futhi babhapathizwa. Umlando uthi: “Labo abamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa, futhi ngalolo suku kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe yizinkulungwane ezintathu.” (IzE. 2:22, 36-41) Kumelwe ukuba babhapathizwa emanzini egameni likaYise, leNdodana nelomoya ongcwele njengokuyala kukaJesu.—Math. 28:19.
2, 3. (a) Chaza umahluko okhona phakathi kokubhapathizwa ngomoya ongcwele nokubhapathizwa egameni lomoya ongcwele. (b) Kungani ukubhapathizwa emanzini kulindeleke kubo bonke ababa amaKristu eqiniso namuhla?
2 Nokho, ukhona yini umahluko phakathi kokubhapathizwa ngomoya ongcwele nokubhapathizwa egameni lomoya ongcwele? Yebo. Labo ababhapathizwa ngomoya ongcwele bazalwa kabusha njengamadodana kaNkulunkulu azelwe ngomoya. (Joh. 3:3) Bayagcotshwa babe amakhosi nabapristi noJesu besikhathi esizayo eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini, futhi bayingxenye yomzimba ongokomoya kaKristu. (1 Kor. 12:13; Gal. 3:27; IsAm. 20:6) Ngakho lolu bhapathizo—ukubhapathizwa ngomoya ongcwele—yilolo uJehova alwenza ngosuku lwePhentekoste nangemva kwalo lapho ekhetha abantu ukuba babe izindlalifa kanye noKristu. (Roma 8:15-17) Kodwa kuthiwani ngokubhapathizwa emanzini egameni lomoya ongcwele, okuyinto eyenzeka njalo emihlanganweni emikhulu nemincane yabantu bakaJehova namuhla?
3 Ukubhapathizwa emanzini kuyisinyathelo esithathwa amaKristu eqiniso njengesibonakaliso sokuzinikezela kwawo ngokungagodli kuJehova uNkulunkulu. Lesi sinyathelo silindelekile kulabo abathola ubizo lwasezulwini. Kodwa ukubhapathizwa emanzini kuyisinyathelo esidingekayo nasezigidini zamadoda nabesifazane bezikhathi zanamuhla manje abanethemba lokuphila phakade emhlabeni. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu unaliphi ithemba, ukubhapathizwa emanzini egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele kuyisinyathelo esidingekayo umuntu okumelwe asithathe ukuze amukeleke kuNkulunkulu. Wonke amaKristu abhapathizwa ngale ndlela kulindeleke ukuba ‘aqhubeke ehamba ngomoya.’ (Funda abaseGalathiya 5:16.) Ingabe uhamba ngomoya ngaleyo ndlela uphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho?
Lokho Okushiwo ‘Ukuhamba Ngomoya’
4. Ngokuyisisekelo, kusho ukuthini ‘ukuhamba ngomoya’?
4 ‘Ukuhamba ngomoya’ kuhilela ukwamukela ukusebenza komoya ongcwele kuwe, uwuvumele ukuba ukuthonye. Ungase uthi kusho ukubuswa umoya ongcwele nsuku zonke kukho konke okwenzayo. AbaseGalathiya isahluko 5 baveza umahluko phakathi kwethonya lomoya ongcwele nelenyama.—Funda abaseGalathiya 5:17, 18.
5. Ukuthonywa umoya ongcwele kuhilela ukugwema miphi imisebenzi?
5 Uma uthonywa umoya ongcwele, ufuna ukugwema imisebenzi yenyama. Leyo misebenzi ihlanganisa izinto ‘ezinjengobufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo.’ (Gal. 5:19-21) Ngomqondo othile, ‘ubulala imikhuba yomzimba ngomoya.’ (Roma 8:5, 13) Kuyokusiza ukuba ugxile ezintweni zomoya futhi ubambisane nokuhola kwawo, kunokuba uzivumele ukuba ulawulwe izifiso zenyama.
6. Bonisa ukuthi yini edingekayo ukuze ubonakalise izithelo zomoya.
6 Njengoba umoya ongcwele usebenza kuwe, ukwenza ubonakalise izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu, “izithelo zomoya.” (Gal. 5:22, 23) Nokho, uyaqaphela ukuthi lokhu akumane kuzenzakalele. Ngokwesibonelo: Umlimi ulima insimu. Yiqiniso, udinga ukukhanya kwelanga namanzi ngoba ngaphandle kwako, asikho isivuno angalindela ukusithola. Singafanisa umoya ongcwele nokukhanya kwelanga. Siyawudinga ukuze sibonakalise izithelo zawo. Nokho, yini engavela ngaphandle kokusebenza ngokuzikhandla komlimi? (IzAga 10:4) Yebo, indlela olima ngayo inhlabathi yenhliziyo yakho ithinta izinga nobungako bezithelo zomoya ongcwele oyoba nazo. Ngakho, zibuze, ‘Ingabe ngivumela umoya ongcwele ukuba uveze izithelo zawo ngokwenza ngokuvumelana nawo?’
7. Kungani ukutadisha nokuzindla kubaluleke kakhulu uma ufuna ukuhlakulela izithelo zomoya ongcwele?
7 Ukuze bathole isivuno esihle, abalimi kudingeka banisele izitshalo zabo. Ukuze uhlakulele izithelo zomoya, kudingeka amanzi eqiniso atholakala eBhayibhelini natholakala ngebandla lobuKristu namuhla. (Isaya 55:1) Cishe uye wachazela abantu abaningi ukuthi imiBhalo Engcwele iwumkhiqizo womoya ongcwele. (2 Thim. 3:16) Inceku ethembekileyo neqondayo nayo isinikeza ukuqonda esikudinga kakhulu kwamanzi ahlanzekile eqiniso leBhayibheli. (Math. 24:45-47) Iphuzu liyacaca: Ukuze sithonywe umoya ongcwele, kumelwe sifunde futhi sizindle ngeZwi likaNkulunkulu. Uma ukwenza lokhu, usuke ulingisa izibonelo ezinhle zabaprofethi ‘abaphenya ngenkuthalo, futhi bahlola ngokucophelela’ ngokwaziswa okwakunikeziwe. Kuyaphawuleka ukuthi ngisho nezingelosi ziye zaba nesithakazelo esijulile emaqinisweni angokomoya aphathelene neNzalo ethenjisiwe nebandla lamaKristu agcotshiwe.—Funda eyoku-1 Petru 1:10-12.
Umoya Usithonya Kanjani?
8. Kungani kubalulekile ukuba ucele uJehova ukuba akunike umoya wakhe?
8 Akwanele ukumane utadishe imiBhalo futhi uzindle ngayo. Kudingeka uqhubeke ucela usizo nesiqondiso sikaJehova. “[Angenza] okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo.” (Efe. 3:20; Luka 11:13) Nokho, ungaphendula kanjani uma othile ebuza, “Kungani kufanele ngiqhubeke ngicela uma uNkulunkulu esezazi ‘izinto engizidingayo ngingakaceli nakucela kuye’?” (Math. 6:8) Nokho, esinye isizathu siwukuthi lapho uthandazela umoya ongcwele usuke uvuma ukuthi uncike kuJehova. Ngokwesibonelo, uma othile eza kuwe ezocela usizo, ungenza noma yini ukuze umsize, ngesizathu sokuthi ukucelile ukuba umsize, ebonisa ukuthi uyakwethemba. (Qhathanisa nezAga 3:27.) Ngokufanayo, uJehova uyajabula uma umcela ukuba akunike umoya wakhe, futhi uyokunika wona.—IzAga 15:8.
9. Ukuba khona emihlanganweni yobuKristu kungakusiza kanjani ukuba uthonywe umoya kaNkulunkulu?
9 Ungaqonda nokuthi enye indlela umoya kaNkulunkulu osithonya ngayo ihlangene nemihlangano yethu yebandla, yesifunda neyesigodi. Kubaluleke kakhulu ukuba senze umzamo wokuba khona nokulalelisisa. Lokho kuyosisiza ukuba siqonde ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Kor. 2:10) Kuyazuzisa nokuphendula njalo emihlanganweni. Cabanga ngemihlangano owaba kuyo kula masonto amane adlule. Wasiphakamisa kangaki isandla sakho, ufuna ukuphendula ukuze uzwakalise ukholo lwakho? Ingabe ubona kunesidingo sokuba uthuthukise kulesi sici? Uma kunjalo, zimisele manje ukuthi uzokwenzani emasontweni azayo. UJehova uyokubona ukuzimisela kwakho ukuhlanganyela futhi uyokunika umoya wakhe ongcwele, oyokusiza ukuba uzuze ngisho nangokwengeziwe emihlanganweni oya kuyo.
10. Ukuhamba ngomoya kuhlanganisa ukudlulisela siphi isimemo kwabanye?
10 Ukuhamba ngomoya kuhlanganisa nokusabela esimemweni esisifunda encwadini yesAmbulo 22:17: “Umoya nomlobokazi bathi: ‘Woza!’ Noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.” Umoya udlulisela lesi simemo sokuthatha amanzi okuphila ngokusebenzisa isigaba somlobokazi ogcotshiwe. Uma ususamukele isimemo esithi “woza!” uzimisele yini ukusho kwabanye ukuthi, “Woza!”? Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuhlanganyela kulo msebenzi osindisa ukuphila!
11, 12. Umoya ongcwele uhileleke kanjani emsebenzini wokushumayela?
11 Lo msebenzi obalulekile manje ufezwa ngokuqondiswa umoya ongcwele. Sifunda ngendlela umoya owahileleka ngayo ekhulwini lokuqala ekuvuleni amasimu amasha ezithunywa zevangeli. ‘Umoya ongcwele wenqabela’ umphostoli uPawulu nabangane bakhe “ukuba bakhulume izwi esifundeni sase-Asiya”; futhi awuzange ubavumele nokuba baye eBhithiniya. Asazi ngokuthe ngqo ukuthi wabavimbela kanjani ukuba baye kulezo zindawo, nokho kusobala ukuthi yiwo owaqondisa uPawulu ukuba aye ensimini enkulu yaseYurophu. Wathola umbono wendoda ethile yaseMakedoniya eyayicela usizo.—IzE. 16:6-10.
12 Nanamuhla, umoya kaJehova usaqondisa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. Ayikho imibono eyisimangaliso esetshenziswayo ukunikeza isiqondiso; kunalokho uJehova uqondisa abagcotshiweyo ngomoya ongcwele. Lo moya ushukumisa abafowethu nodadewethu ukuba benze konke abangakwenza emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Ngokungangabazeki nawe ubulokhu uhlanganyela kulo msebenzi obalulekile. Ungayandisa yini injabulo yakho kulo msebenzi ovusa amadlingozi?
13. Ungenza kanjani ngokuvumelana nesiqondiso somoya ongcwele? Bonisa.
13 Ungenza ngokuvumelana nesiqondiso somoya ongcwele ngokusebenzisa ukwaziswa abantu bakaNkulunkulu abakunikezwayo. Cabanga ngoMihoko waseJapane. Njengephayona elisha, waba nomuzwa wokuthi wayengakakufanelekeli ukwenza izimpindelo; enomuzwa wokuthi akazi ukuthi angasibamba kanjani isithakazelo somninikhaya. Cishe ngaso leso sikhathi, INkonzo Yethu YoMbuso yaba nokusikisela okuwusizo kwendlela yokwenza izimpindelo ezimfushane. Kwabe sekunyatheliswa incwajana engangomagazini ethi A Satisfying Life—How to Attain It. Yaba usizo ngokukhethekile ensimini yaseJapane. UMihoko wasebenzisa ukusikisela okuphathelene nokusebenzisa le ncwajana, ikakhulukazi kwendlela yokwenza izimpindelo ezimfushane. Kungakabiphi wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli nabantu ngaphambili ababengase benqabe ukufundelwa. Uthi, “Ngaba nezifundo eziningi kakhulu—eziningi kangangokuthi ngesinye isikhathi ngaba nezingu-12—kwaze kwadingeka ukuba ezinye ngizifake ohlwini lwabalindele ukuqhutshelwa isifundo!” Ngempela, lapho uhamba ngomoya, usebenzisa isiqondiso sawo esinikezwa izinceku zikaJehova, ungavuna kakhulu.
Thembela Emoyeni KaNkulunkulu
14, 15. (a) Kungenzeka kanjani ukuba abantu abangaphelele baphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo? (b) Ungabathola kanjani abangane abahle kakhulu?
14 Njengesikhonzi esimisiwe, uphathiswe inkonzo okumelwe uyifeze. (Roma 10:14) Ungase uzizwe ungafaneleki ngokugcwele ukuwusingatha lo mthwalo wemfanelo. Kodwa njengoba kunjalo ngabagcotshiwe, nguNkulunkulu okwenza ufaneleke. (Funda eyesi-2 Korinte 3:5.) Ungaphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho ngokwenza konke okusemandleni akho nangokuthembela emoyeni kaNkulunkulu.
15 Kuyavunywa ukuthi akulula ngathi, bantu abangaphelele, ukuba siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu ophelele, uJehova. Enye into eyenza kube yinkinga lokhu ukuthi abanye babantu owawujwayelene nabo ngaphambili bangase bamangazwe indlela entsha osuphila ngayo bese ‘bekuhlambalaza.’ (1 Pet. 4:4) Noma kunjalo ungalibukeli phansi iqiniso lokuthi usunabangane abasha, ababaluleke kunabo bonke kubo nguJehova noJesu Kristu. (Funda uJakobe 2:21-23.) Kubalulekile nokuba wazi abazalwane nodade ebandleni lakini, abayingxenye yabo “bonke abazalwane” abasemhlabeni wonke. (1 Pet. 2:17; IzAga 17:17) UJehova uyokusiza ngomoya wakhe ukuba ube nabangane abayoqhubeka benethonya elihle kuwe.
16. NjengoPawulu, kungani ‘ungajabula ngobuthakathaka’?
16 Ngisho nalapho unabangane abawusizo ebandleni, kusengenzeka ukuthole kunzima ukubhekana nezinselele zansuku zonke. Lokho okudingeka ubhekane nakho ngezinye izikhathi kungakushiya ukhungathekile, kube ngokungathi udukuza oswini lwezinkinga. Yisona kanye isikhathi sokuba uphendukele kuJehova, ucele umoya wakhe ongcwele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (Funda eyesi-2 Korinte 4:7-10; 12:10.) UPawulu wayazi ukuthi umoya kaNkulunkulu ungamsiza kunoma ibuphi ubuthakathaka bomuntu ongaphelele. Ngakho, amandla kaNkulunkulu asebenzayo angakuqinisa noma nini lapho uzizwa ubuthaka futhi udinga usizo. UPawulu wabhala ukuthi wayekwazi ‘ukujabula ngobuthakathaka.’ Kwakungesikhathi ayebuthaka ngaso lapho ayezwa umoya ongcwele usebenza kuye. Lokhu kungenzeka nakuwe!—Roma 15:13.
17. Umoya ongcwele ungakusiza kanjani njengoba uphokophele endaweni oya kuyo?
17 Sidinga umoya kaNkulunkulu ukuze siphile njengabantu abazinikezele kuye. Zicabange ungukaputeni wesikebhe. Umgomo wakho uwukukhonza uJehova phakade. Umoya ongcwele ufana nomoya ofuna ukuwufica bese uwuvumela ukuba ukuqhube ukuze ufike uphephile lapho uya khona. Awufuni ukuqhutshwa uyiswe le nale wumoya wezwe likaSathane. (1 Kor. 2:12) Kumelwe ukwazi ukubona umoya ofanele, uwufice. Lona umoya ongcwele. Umoya ongcwele uyokuqhubela ohlangothini olufanele ngeZwi likaNkulunkulu nangenhlangano yakhe eqondiswa ngomoya.
18. Uzimisele ukwenzani manje, futhi ngani?
18 Uma ubulokhu ufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ujabulela ubudlelwane obungokomoya nabo, kodwa ungakazithathi izinyathelo ezibalulekile zokuzinikezela nokubhapathizwa, zibuze, ‘Kungani nginqikaza?’ Uma uqaphela indima yomoya ongcwele ekufezeni intando kaJehova namuhla futhi ukwazisa ukusebenza kwawo, khona-ke thatha izinyathelo osuwazi ukuthi zifanele. UJehova uyokubusisa ngokucebile. Uyokunika umoya wakhe ongcwele ngesandla esivulekile. Uma wabhapathizwa eminyakeni eminingi noma emashumini eminyaka adlule, ngokuqinisekile uye walizwa ithonya lomoya ongcwele. Uye wabona futhi wezwa indlela uNkulunkulu angakuqinisa ngayo ngomoya wakhe. Lokho kungaqhubeka—yebo, kuze kube sesikhathini esizayo esingenasiphelo. Ngakho, zimisele ukuqhubeka uhamba ngomoya ongcwele.
Ingabe Uyakhumbula?
• Kusho ukuthini ‘ukuhamba ngomoya’?
• Yini engakusiza ukuba ‘uhambe ngomoya’?
• Ungaphila kanjani ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho?
[Isithombe ekhasini 15]
Ukulima inhlabathi yenhliziyo yakho kudinga ukuzikhandla
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Ingabe uthonywa umoya kaNkulunkulu?