Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukuncintisana Kwezemidlalo Akulungile?
AMAKHEHLA amabili ahlezi epaki ngosuku olubalele, adlala i-checkers. Eduze kunomsindo wezingane ezimemezayo zijahana. Buqamama, iqembu lezinsizwa lijabulela umdlalo we-basketball. Yebo, kuyo yonke indawo nsuku zonke, abasha nabadala bajabulela ezemidlalo. Lapho beba nengxenye, abantu abaningi balwela ukwenza konke okusemandleni abo. Mhlawumbe nawe wenza okufanayo.
Kodwa kungashiwo yini ukuthi ukuncintisana kobungane okunjalo akulungile? Abaningi bayasiqaphela isiyalo somphostoli uPawulu kweyabaseGalathiya 5:26, lapho athi khona amaKristu akufanele ‘abhebhezele ukuncintisana.’ Ngenxa yalokhu, ingabe bekungenakufaneleka ngamaKristu ukuncintisana emidlalweni yokuzijabulisa?
Kalula nje, akunjalo. Ngani? Ngaphambi kokuba siphendule lowo mbuzo, ake sithi ukuhlola umlando wezemidlalo.
Umlando Wezemidlalo
Ukuhlanganyela kwezemidlalo kwaqala emuva ezikhathini zasendulo futhi kuye kwavela njalo kuwo wonke umlando—kuhlanganise nomlando wabantu bakaNkulunkulu. Igama elithi ‘ibhola’ liyavela ngisho naseBhayibhelini. Lapho ememezela ukwahlulela kukaJehova uNkulunkulu abantu ababi, u-Isaya 22:18 uthi: ‘Uyakubathandela nokubathandela njengokuthandelweyo.’ Amanye amabhola anamuhla—njengamabhola egalofu nawe-baseball—asenziwa ngokuthandela izinto ziqiniswe. IBhayibheli i-King James lihumusha ivesi elifanayo ngokuthi: ‘Uyakukunqaka njengebhola.’ Ukuze lomfanekiso ube nengqondo, kumelwe ukuba ababephila ngaleso sikhathi babewasebenzisa amabhola.
Ngaphezu kwalokho, eBhayibhelini kunendaba ephathelene nenzalamizi uJakobe ibambana nengelosi. Lokhu kulandisa kubonakala kuveza ikhono elake lasetshenziswa uJakobe ngaphambili, njengoba lokhu kubambana kwakuwumzukuzuku owathatha amahora amaningi. (Genesise 32:24-26) Ngokuthakazelisayo, ngokwezinye izazi, lokhu kulandisa kungase kubonise ukuthi uJakobe wayeyazi imithetho yomdlalo wokubambana. Ngokunokwenzeka ama-Israyeli ayedlala umdlalo wokuciba—omunye umdlalo odinga ukuprakthiza nekhono. (1 Samuweli 20:20; IsiLilo 3:12) Ukugijima kwakungesinye isenzo sokusubatha amadoda asendulo ayezivivinya futhi aziqeqeshele sona.—2 Samuweli 18:23-27; 1 IziKronike 12:8.
Imidlalo eyayisebenzisa ingqondo—njengokusho izimfumbe—ngokusobala yayithandwa futhi yaziswa kakhulu. Mhlawumbe isibonelo salokhu esiphawuleka kakhulu ukusho imfumbe kukaSamsoni kumaFilisti.—AbAhluleli 14:12-18.
EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, ngezinye izikhathi imidlalo yayisetshenziswa njengezingathekiso zokuphila kobuKristu. Ngokwesibonelo, kweyoku-1 Korinte 9:24, 25, uPawulu ukhuluma ngomkhuba wokuziqeqesha ngamandla komsubathi futhi uwusebenzisa ekuvezeni isidingo somKristu sokuzithiba nokukhuthazela. Futhi, kusobala ukuthi uJehova wafaka umuzwa wokudlala endalweni yakhe eningi, ngoba kokubili abantu nezilwane kunesikhathi sokudlala.—Jobe 40:20; Zakariya 8:5; qhathanisa namaHeberu 12:1.
Lapho Ukuncintisana Kungasalawuleki
Khona-ke, umphostoli uPawulu wayethini kumaKristu akanye nawo lapho ewatshela ukuba ‘angabhebhezeli ukuncintisana’? (Galathiya 5:26) Impendulo itholakala emongweni. Ngaphambi kokusho lamazwi uPawulu wawatshela ukuba ‘angabi azazisayo’ noma, njengoba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zikubeka, angabi ‘aqhoshayo,’ ‘azigqajayo,’ ‘afisa inkazimulo eyize.’ Ukuphishekela udumo nenkazimulo kwakuvelele phakathi kwabasubathi bosuku lukaPawulu.
Kungokufanayo nasezweni lanamuhla elizazisayo, abasubathi abaningi ngokwengeziwe baphendukela ekuzikhukhumezeni nasekudonseleni ukunakekela kubo namakhono abo. Abanye baze balulaze abanye. Ukuklolodela, ukusola, ukululaza ngamazwi, noma lokho abanye abasubathi abakubiza ngokuthi “inkulumo yokugxeka,” ngokushesha kuba into evamile. Konke lokhu bekungaba ‘ukubhebhezela ukuncintisana,’ okuholela kulokho uPawulu abhekisela kukho engxenyeni yokugcina yabaseGalathiya 5:26—ukufelana umona.
Okubi nakakhulu ukuncintisana okungenakulinganisela kuholela ezimpini ngisho nasekufeni. Cabangela ukuhlangana kwamadoda kaSawule nakaDavide eGibeyoni, lapho u-Abineri noJowabe bevumelana ukuba ‘izinsizwa zisondele futhi zidlale phambi kwabo.’ (2 Samuweli 2:14-32, Tanakh) Lokhu kubonakala kubhekisela emncintiswaneni wokubambana wohlobo oluthile. Kungakhathaliseki ukuthi lomncintiswano wawuyini, ngokushesha waphenduka impi eshubile nechitha igazi.
Umbono Olinganiselayo
Imidlalo yokuzijabulisa kufanele ilethe ukuqabuleka—hhayi ukucindezeleka. Lokhu singakufinyelela ngokugcina umbono olinganiselayo, sikhumbula ukuthi ukubaluleka kwethu kuNkulunkulu nakwabanye abantu akuhlobene neze namakhono ethu kwezemidlalo.
Kungaba ubuwula ukuvumela imizwa yokuphakama ikhule ngaphakathi kithi ngenxa yamakhono angokomzimba noma angokwengqondo. Ngakho masikugweme ukuthambekela kwezwe okungafanele, kokudonsela ukunakekela kithi, funa senze abanye basifele umona, ngoba uthando aluzigabisi. (1 Korinte 13:4; 1 Petru 2:1) Futhi nakuba kunengqondo ukulindela ukujabula, ukubonakaliswa kwentshiseko, nokuhalaliselana kwabaseqenjini elifanayo, asifuni ukuba lemizwelo ingalawuleki futhi ibe ukubukisa.
Asinakulinganisa ukubaluleka kwabanye ngamakhono abo kwezemidlalo. Ngokufanayo, asinakuzinyeza ngenxa yokuntula ikhono. Ingabe lokho kusho ukuthi kungaba okungalungile ukubala amaphuzu? Akunjalo. Kodwa kufanele sikhumbule ukuthi noma imuphi umdlalo awusho lutho ngempela—ukubaluleka kwabantu kwangempela akuxhomekile ekutheni badlala kahle kangakanani. Lapho amaqembu edlala, amanye ashintshana njalo ngabadlali eqenjini ngalinye ukuze kunganqobi iqembu elifanayo ngaso sonke isikhathi.
AmaKristu kufanele akhumbule futhi ukuthi nakuba iBhayibheli likhuluma ngezemidlalo, aligxili kuzo. Bekungaba iphutha ukuphetha ngokuthi ukuthintwa nje kwezemidlalo eBhayibhelini kuyigunyaza ngokuqondile yonke imidlalo. (Qhathanisa eyoku-1 Korinte 9:26 neHubo 11:5.) Futhi, uPawulu waphawula ukuthi “ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke.”—1 Thimothewu 4:8.
Ngakho lapho zisendaweni yazo efanele, ezemidlalo ziyajabulisa futhi ziyaqabula. IBhayibheli alikulahli konke ukuncintisana, kodwa lilahla ukuncintisana okubhebhezela ukuqhosha, ukuqhudelana, ukuhaha, ukufelana umona, noma ubudlova.