Bonisa “Bonke Ubumnene Kubantu Bonke”
“Qhubeka ubakhumbuza ukuba . . . babe abalinganiselayo, bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.”—THITHU 3:1, 2.
1. Kungani kungelula njalo ukubonisa ubumnene?
UMPHOSTOLI UPAWULU wabhala: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Korinte 11:1) Zonke izinceku zikaNkulunkulu namuhla zizama kanzima ukulalela lesi sikhuthazo. Kona akulula, ngoba kubazali bethu abangabantu bokuqala sathola ufuzo oluyizifiso zobugovu nezimo zenhliziyo ezingavumelani nesibonelo sikaKristu. (Roma 3:23; 7:21-25) Noma kunjalo, sonke singaphumelela uma sizama ukubonisa ubumnene. Kodwa ukuthembela ekuzimiseleni kwethu kukodwa akwanele. Yini enye edingekayo?
2. Singabubonisa kanjani “bonke ubumnene kubantu bonke”?
2 Ubumnene bokuhlonipha uNkulunkulu bungesinye sezithelo zomoya ongcwele. Lapho sizithoba ngokwengeziwe ekuholeni kwamandla kaNkulunkulu asebenzayo, izithelo zawo ziyobonakala nakakhulu. Yileyo ndlela kuphela esiyokwazi ngayo ukubonisa “bonke ubumnene” kuwo wonke umuntu. (Thithu 3:2) Ake sihlole indlela esingalingisa ngayo isibonelo sikaJesu, senze labo esizihlanganisa nabo bakwazi ‘ukuthola ukuqabuleka.’—Mathewu 11:29; Galathiya 5:22, 23.
Ekhaya
3. Isiphi isimo esibonisa umoya wezwe emkhayeni?
3 Enye yezindawo obubaluleke kuzo ubumnene kusekhaya. I-World Health Organization ilinganisela ukuthi ubudlova basekhaya buyingozi enkulu empilweni yabesifazane kunezingozi zasemgwaqweni nomalaleveva kuhlangene. Ngokwesibonelo, eLondon, eNgilandi, ingxenye yesine yabo bonke ubugebengu obunobudlova obubikwayo ngobasekhaya. Amaphoyisa njalo athola abantu abaveza imizwa yabo ‘ngokuklabalasa nokuhlambalaza.’ Okubi nakakhulu, eminye imibhangqwana iye yavumela “ukufutheka okubi” kwaphazamisa ubuhlobo bayo. Konke lokhu kubonisa “umoya wezwe” ngokudabukisayo, futhi akwamukeleki emikhayeni yamaKristu.—Efesu 4:31; 1 Korinte 2:12.
4. Ubumnene bungaba namuphi umphumela emkhayeni?
4 Ukuze silwe nokuthambekela kwezwe, sidinga umoya kaNkulunkulu. “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Uthando, umusa, ukuzithiba nokubekezela kuyabuqinisa ubunye bamadoda nabafazi abangaphelele. (Efesu 5:33) Umoya omnene wenza kube mnandi ekhaya, kube nomehluko omnandi kunokuthethisana nokuxabana okulimaza imikhaya eminingi. Lokho umuntu akushoyo kubalulekile, kodwa yindlela akusho ngayo eveza ukuthi uzizwa kanjani. Ukuphazamiseka nokukhathazeka okuvezwa ngendlela emnene kuyakunciphisa ukungezwani. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”—IzAga 15:1.
5. Ubumnene bungasiza kanjani emkhayeni ohlukene ngokwenkolo?
5 Ubumnene bubaluleke ngokukhethekile emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Bukanye nezenzo zomusa, bungasiza ekuzuzeni abangenaso isimo sengqondo esihle, beze ngakuJehova. UPetru weluleka abafazi abangamaKristu: “Zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile. Futhi ukuhloba kwenu makungabi okokwaluka izinwele kwangaphandle nokokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Petru 3:1-4.
6. Ukubonisa ubumnene kungakuqinisa kanjani ukusondelana kwabazali nezingane?
6 Ubuhlobo phakathi kwabazali nezingane bungase bungabi buhle, ikakhulu lapho lungekho uthando ngoJehova. Kodwa kuyo yonke imikhaya yamaKristu, kunesidingo sokubonisa ubumnene. UPawulu weluleka obaba: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Uma kubusa ubumnene ekhaya, abazali nezingane basondelana nakakhulu. UDean, ozalwa nezingane ezine, wakhumbula lokhu ngoyise: “Ubaba wayenomoya omnene. Angikhumbuli nakanye ngiqophisana naye—ngisho nalapho ngisemusha. Njalo wayengeve emnene, ngisho noma ecasukile. Wayeke angivalele ekamelweni lami noma angigodlele amalungelo athile, kodwa sasingalokothi siqophisane. Wayengeyena nje ubaba kithi. Wayengumngane wethu, futhi sasingafuni ukumdumaza.” Ubumnene buyasiza ngempela ekuqiniseni ukusondelana kwabazali nezingane.
Enkonzweni Yethu
7, 8. Kungani kubalulekile ukubonakalisa ubumnene enkonzweni yasensimini?
7 Enye indawo ubumnene obubaluleke kuyo kusenkonzweni yasensimini. Njengoba sixoxa nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso, sihlangana nabantu abangafani. Abanye bayakujabulela ukulalela isigijimi sethemba esifika naso. Abanye, ngezizathu ezihlukahlukene, bangase bangasabeli kahle. Yilapha lapho imfanelo yobumnene isisiza khona kakhulu ekufezeni umsebenzi wethu wokuba ofakazi ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.—IzEnzo 1:8; 2 Thimothewu 4:5.
8 Umphostoli uPetru wabhala: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Ngenxa yokuthi ezinhliziyweni zethu siyamazisa uKristu njengeSibonelo sethu, siyaqikelela ukuthi sibonakalisa kokubili ubumnene nenhlonipho lapho sishumayeza labo abakhuluma ngokhahlo. Ukuziphatha okunjalo kuvame ukuveza imiphumela emangalisayo.
9, 10. Xoxa indaba ebonisa ukubaluleka kobumnene enkonzweni yasensimini.
9 Lapho umkaKeith evulela umuntu owayengqongqoza endlini yabo, uKeith wazithulela nje. Kwathi uma ezwa ukuthi lesi sivakashi singomunye woFakazi BakaJehova, umkaKeith wathetha ethi oFakazi banonya ezinganeni. Umzalwane waqhubeka ezolile. Waphendula ngobumnene: “Ngiyadabuka ukuthi uzizwa kanjalo. Bengicela ukukubonisa ukuthi yini oFakazi BakaJehova abayikholelwayo.” UKeith owayeyilalele le ngxoxo, wabe esesukuma eya emnyango eyoxosha lo mzalwane.
10 Kamuva, lo mbhangqwana waqala ukuzisola ngokuphatha isivakashi sawo ngokhahlo. Ubumnene baso babuwuthintile. UKeith nomkakhe bamangala lapho lo mzalwane ebuya ngemva kwesonto, bamvumela wachaza isizathu esingokomBhalo salokho akukholelwayo. “Eminyakeni emibili eyalandela, sasilalela okuningi kwalokho oFakazi ababekusho,” besho kamuva. Bavuma ukufundelwa iBhayibheli, bagcina bebhapathiziwe bobabili bebonisa ukuzinikezela kwabo kuJehova. Yeka umvuzo omuhle kulowaya Fakazi owafika kuqala kuKeith nomkakhe! Lowo Fakazi wahlangana nalo mbhangqwana ngemva kweminyaka, wathola ukuthi base bengabafowabo nodadewabo abangokomoya. Ubumnene buyaphumelela.
11. Ubumnene bungamvulela kanjani umuntu ithuba lokwamukela iqiniso lobuKristu?
11 Izigameko uHarold ahlangabezana nazo eseyisosha zamenza wathukuthela futhi wangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Izinto zaba zimbi nakakhulu lapho ekhubazeka unomphela engozini yemoto eyabangelwa umshayeli odakiwe. Lapho kufika oFakazi BakaJehova kwakhe, uHarold wathi mabagcine ngcí ukumvakashela. Kodwa ngolunye usuku, uFakazi okuthiwa uBill wayethi uvakashela umuntu othakazelayo owayehlala endlini yesine ukusuka kwekaHarold. Ngephutha, uBill wangqongqoza kwaHarold. Lapho kuvula uHarold ezimelele ngezinduku ezimbili, uBill waxolisa ngokushesha, wachaza ukuthi ubeqonde ukuya endlini eseduze. Wenze njani uHarold? UBill wayengazi ukuthi uHarold wayebone ezindabeni kuthelevishini oFakazi besebenza ndawonye bakha iHholo LoMbuso elisha ngesikhashana. Ehlabeke umxhwele ukubona abantu abaningi kangaka besebenza ngobunye, wayesebabheka ngokuhlukile oFakazi. Ukuxolisa kukaBill ngomusa nobumnene bakhe obukhangayo kwamthinta uHarold, wanquma ukubavulela oFakazi uma bemvakashela. Watadisha iBhayibheli, wathuthuka, waba inceku kaJehova ebhapathiziwe.
Ebandleni
12. Iziphi izici zezwe amalungu ebandla lobuKristu okufanele amelane nazo?
12 Indawo yesithathu lapho ubumnene bubaluleke khona kusebandleni lobuKristu. Ukuxabana kuvamile emphakathini wanamuhla. Izimpikiswano nokuhilizisana yinto yamihla le kulabo ababheka ukuphila ngombono wenyama. Ngezinye izikhathi, izici zezwe ezinjalo zingena isinyenyela ebandleni lobuKristu, zibonakale ngezingxabano nangokulwa ngamazwi. Abazalwane abaholayo bayadumala lapho kudingeka basingathe lezi zimo. Nokho, uthando ngoJehova nangabafowabo lubashukumisela ukuba bazame ukuphinde babazuze abonayo.—Galathiya 5:25, 26.
13, 14. Ungaba yini umphumela ‘wokubayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle’?
13 Ekhulwini lokuqala, uPawulu nomngane wakhe uThimothewu baba nezinkinga kwabathile ebandleni. UPawulu waxwayisa uThimothewu ukuba aqaphele abazalwane ababenjengezitsha “zenjongo engenalo udumo.” “Inceku yeNkosi akufanele ilwe,” kusho uPawulu, “kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke, ifanelekela ukufundisa, izibambe ngaphansi kobubi, ibayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.” Lapho silondoloza ubumnene ngisho nalapho sicasulwa, labo abasiphikisayo ngokuvamile bashukumiseleka ukuba bakubheke kabusha ukugxeka kwabo. Njengoba uPawulu eqhubeka esho, uJehova angase abe ‘esebanika ukuphenduka okuholela olwazini olunembile lweqiniso.’ (2 Thimothewu 2:20, 21, 24, 25) Phawula ukuthi uPawulu uhlobanisa ukuzibamba nobumnene.
14 UPawulu wayekwenza lokho ayekufundisa. Lapho esebenzelana ‘nabaphostoli abahle kakhulu’ ebandleni laseKorinte, wanxusa abazalwane: “Manje, mina Pawulu, nginincenga ngobumnene nangomusa kaKristu, nakuba ngokubonakala ngiphansi phakathi kwenu, kanti uma ngingekho nginesibindi ngakini.” (2 Korinte 10:1; 11:5) UPawulu wayelingisa uKristu ngempela. Phawula ukuthi labo bazalwane wabanxusa “ngobumnene” bukaKristu. Ngakho wasigwema isimo sengqondo sokuba ungqó shishilizi. Akungabazeki ukuthi isikhuthazo sakhe sabakhanga labo ababenezinhliziyo ezisabelayo ebandleni. Walungisa ukungezwani, wabeka isisekelo sokuthula nobunye ebandleni. Ingabe lena akuyona inkambo sonke esingalwela ukuyilingisa? Abadala ngokukhethekile kudingeka bafanelanise izenzo zabo nezikaKristu noPawulu.
15. Kungani ubumnene bubalulekile ekunikezeni iseluleko?
15 Umthwalo wemfanelo wokusiza abanye akuwona neze owangezikhathi lapho ukuthula nobunye bebandla kusengozini kuphela. Ngaphambi kokuba kube khona ukungezwani, abazalwane badinga isiqondiso sothando. “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa,” kunxusa uPawulu. Kodwa kanjani? “Ngomoya wobumnene . . . , kuyilapho niziqaphela nina ngabanye, funa nani nilingwe.” (Galathiya 6:1) Ukulondoloza ‘umoya wobumnene’ akulula njalo, ikakhulu ngoba wonke amaKristu, kuhlanganise namadoda amisiwe, anokuthambekela kwesono. Nokho, ubumnene yibona obuyokwenza kube lula ngowonayo ukuba abekezelele ukulungiswa.
16, 17. Yini engasiza ekunciphiseni ukungathandi ukusebenzisa iseluleko?
16 NgesiGreki sokuqala, igama elihunyushwe ngokuthi “lungisa” lingabhekisela nasekuqondisweni kwamathambo aphukile, okuyinto ebuhlungu. Udokotela omqinisayo umuntu lapho eqondisa ithambo eliphukile ukhuluma kahle ngezinzuzo zalokhu. Ukuzola kwakhe kuyaduduza. Amazwi ambalwa aqale awabeke ayasiza ekunciphiseni ukukhathazeka. Ngokufanayo, ukulungiswa ngokomoya kungase kube buhlungu. Kodwa ubumnene buyokwenza kwamukeleke kangconywana, kanjalo kulungiseke ubuhlobo obuhle futhi kuvuleke indlela yokuba owonile ashintshe inkambo yakhe. Ngisho noma iseluleko siqale singamukelwa, ukuba mnene kwalowo osizayo kungase kwenze osizwayo asilandele iseluleko esinengqondo semiBhalo.—IzAga 25:15.
17 Lapho sisiza abanye ukuba balungise, kuhlale kunengozi yokuba iseluleko sibhekwe njengokugxeka. Omunye umlobi ukubeka kanje: “Akukho lapho siye sibe sengozini yokuzazisa ngokweqile khona, futhi ngenxa yalokho sidinge ubumnene, ngaphezu kwalapho seluleka abanye.” Ukuhlakulela ubumnene obusuka ekuthobekeni kuyosiza umeluleki ongumKristu ukuba agweme le ngozi.
“Kubantu Bonke”
18, 19. (a) Kungani amaKristu engase akuthole kunzima ukubonisa ubumnene lapho esebenzelana neziphathimandla zezwe? (b) Yini eyosiza amaKristu abonise ubumnene kwabayiziphathimandla, futhi kungaba namuphi umphumela?
18 Indawo abaningi abakuthola kunzima kuyo ukubonisa ubumnene kusekusebenzelaneni neziphathimandla zezwe. Kuyavunywa ukuthi ezinye iziphathimandla zinokhahlo, azinaluzwela. (UmShumayeli 4:1; 8:9) Nokho, uthando lwethu ngoJehova luyosisiza siqaphele igunya lakhe eliphakeme kakhulu, sinike iziphathimandla zohulumeni ukuzithoba okulinganiselwe okuzifanele. (Roma 13:1, 4; 1 Thimothewu 2:1, 2) Ngisho noma labo abasezikhundleni eziphakeme bezama ukusinqinda ekukhulumeni kwethu nomphakathi ngokukhulekela kwethu uJehova, siyakujabulela ukufuna izindlela ezisasivulekele zokunikela umhlatshelo wethu wokudumisa.—Hebheru 13:15.
19 Noma sekunjani, asilokothi sidelele. Sizama ukuba abacabangelayo sibe singayekethisi ezimisweni zokulunga. Ngale ndlela, abafowethu bayaphumelela ekufezeni inkonzo yabo emazweni angu-234 emhlabeni wonke. Silalela iseluleko sikaPawulu ‘sokuzithoba futhi silalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi, silungele yonke imisebenzi emihle, singakhulumi kabi ngamuntu, singabi yizilwi, sibe abalinganiselayo, sibonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:1, 2.
20. Labo ababonisa ubumnene bayothola miphi imivuzo?
20 Bonke ababonisa ubumnene bayothola inala yezibusiso. UJesu wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) Kubafowabo bakaKristu abagcotshwe ngomoya, ukulondoloza ubumnene kubenza bahlale bejabula futhi benelungelo elikhethekile lokubusa ingxenye esemhlabeni yoMbuso. “Isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ siyaqhubeka sibonisa ubumnene, futhi sikulindele ngabomvu ukuphila ePharadesi lapha emhlabeni. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16; IHubo 37:11) Yeka izinto ezimangalisayo ezizayo! Ngakho, masingalokothi singasinaki isikhumbuzo uPawulu asinika amaKristu ase-Efesu: “Ngakho-ke, mina siboshwa eNkosini, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, ngokuthobeka kwengqondo okuphelele nobumnene.”—Efesu 4:1, 2.
Ukubukeza
• Iziphi izibusiso ezitholakala ngokubonisa ubumnene
• ekhaya?
• enkonzweni yasensimini?
• ebandleni?
• Labo abamnene bathenjiswa miphi imivuzo?
[Isithombe ekhasini 21]
Ubumnene bubaluleke ngokukhethekile emkhayeni ohlukene ngokwenkolo
[Isithombe ekhasini 21]
Ubumnene buqinisa ukusondelana komkhaya
[Isithombe ekhasini 23]
Vikela iqiniso ngobumnene nangenhlonipho ejulile
[Isithombe ekhasini 24]
Ubumnene bukameluleki bungase bumsize owonile