Masingayeki Ukwenza Okuhle
UMPHOSTOLI UPETRU wanxusa: “Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe.” (1 Petru 2:12) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “kuhle” lisho into ethile “ekhangayo, ehloniphekayo, eyaziswayo, enhle kakhulu.” Namuhla, kungase kubonakale kuwukudlala ukulindela ukuba abantu baziphathe ngendlela ehloniphekayo noma ngendlela eyaziswayo. Nokho, abantu bakaJehova namuhla baye bakwazi ukwenza ngokuvumelana nokunxusa kukaPetru. Empeleni, baziwa izwe lonke ngokuziphatha kwabo okuhle.
Lokhu kuphawuleka ngokukhethekile uma sicabangela izingcindezi nobunzima esibhekene nabo kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Izilingo ziyingxenye yokuphila kwethu kwansuku zonke, kanti nokuphikiswa kwendlela yobuKristu yokuphila kuyinto evamile. Ngaphezu kwalokho, nakuba ezinye izilingo zisheshe zidlule, ezinye ziqhubeka ziqhubekile, zize zibe nzima kakhulu. Noma kunjalo, umphostoli uPawulu wayala: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.” (Galathiya 6:9) Kodwa umuntu angakwazi kanjani ukwenza—nokuqhubeka—enza okuhle ebe ebhekene nezilingo eziqeda amandla kanye nenzondo engapheli?
Usizo Ekwenzeni Okuhle
Kusobala ukuthi ukwenza izinto “ezihloniphekayo, ezaziswayo, ezinhle kakhulu” kuhilela ingaphakathi lomuntu, inhliziyo yakhe. Ngakho, ukugcina ukuziphatha kwethu kukuhle nalapho umuntu ebhekene nezilingo nobunzima akuyona into ezenzakalelayo, kodwa kwenzeka lapho nsuku zonke umuntu elandela futhi esebenzisa izimiso zeBhayibheli kuzo zonke izici zokuphila. Iziphi ezinye zezinto ezingasiza kule ndaba? Cabangela okulandelayo.
Hlakulela isimo sengqondo sikaKristu. Ukuze umuntu akwazi ukubekezelela izinto ezibonakala ziwukungaphathwa ngobulungisa, kudingeka athobeke. Umuntu ocabanga ukuthi ubaluleke kakhulu cishe akanakukwazi ukubekezelela ukuphathwa kabi. Nokho, uJesu “wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni.” (Filipi 2:5, 8) Uma simlingisa, ngeke ‘sikhathale noma siphele amandla’ enkonzweni yethu engcwele. (Hebheru 12:2, 3) Zifundise ukulalela ngokuthobeka ngokuzimisela ukubambisana nalabo abaholayo ebandleni lakini. (Hebheru 13:17) Funda ukubheka abanye ‘njengabakhulu’ kunawe, ubeke izithakazelo zabo ngaphambi kwezakho.—Filipi 2:3, 4.
Khumbula ukuthi uJehova uyakuthanda. Kumelwe sikholelwe ukuthi uJehova “ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Usikhathalela ngempela futhi ufuna sithole ukuphila okuphakade. (1 Thimothewu 2:4; 1 Petru 5:7) Ukukhumbula ukuthi ayikho into engaqeda uthando uNkulunkulu analo ngathi kuyosisiza singayeki ukwenza okuhle nalapho silingwa.—Roma 8:38, 39.
Methembe ngokugcwele uJehova. Ukwethemba uJehova kubalulekile, ikakhulukazi lapho izilingo zibonakala zilokhu ziza zilandelana noma zisongela ukuphila. Kumelwe sethembe ngokugcwele ukuthi uJehova ngeke avumele noma iluphi uvivinyo lube ‘ngaphezu kwalokho esingakuthwala,’ sethembe nokuthi njalo nje uyohlale “enza nendlela yokuphuma.” (1 Korinte 10:13) Uma sethembele kuJehova, singakwazi ngisho nokubhekana ngesibindi nanokusongelwa ngokufa.—2 Korinte 1:8, 9.
Phikelela emthandazweni. Kubalulekile ukuthandaza ngokusuka enhliziyweni. (Roma 12:12) Ukuthandaza kuJehova ngobuqotho kungenye yezindlela esingasondelana naye ngazo. (Jakobe 4:8) Sifunda ngalokho okwenzeke ekuphileni kwethu ukuthi “kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo . . . , uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Uma uJehova evumela izilingo ukuba ziqhubeke ukuze kuvivinywe ubuqotho bethu, sithandazela usizo lwakhe sicele asisize sikhuthazele. (Luka 22:41-43) Umthandazo usifundisa ukuthi asisodwa, usifundise nokuthi njengoba uJehova engakithi, siyonqoba.—Roma 8:31, 37.
Imisebenzi Emihle—‘Iyisizathu Sendumiso Nodumo’
Wonke amaKristu ahlale ahlale abe ‘lusizi ngenxa yezilingo ezihlukahlukene.’ Noma kunjalo, akumelwe ‘sikhathale ekwenzeni okuhle.’ Lapho ucindezelekile, thola amandla ngokwazi ukuthi ekugcineni ukwethembeka kwakho kuyoba “isizathu sendumiso nenkazimulo nodumo.” (1 Petru 1:6, 7) Wasebenzise ngokugcwele amalungiselelo angokomoya asakhayo esiwathola kuJehova. Uma udinga usizo, yana kulabo abakhonza njengabelusi, abafundisi nabeluleki ebandleni lobuKristu. (IzEnzo 20:28) Yiba khona njalo emihlanganweni yebandla, okuyiyona ‘evuselela uthando nemisebenzi emihle kithi.’ (Hebheru 10:24) Isimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke nesifundo somuntu siqu kuyokusiza uhlale uphapheme futhi uqinile ngokomoya; kuhlanganise nokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini.—IHubo 1:1-3; Mathewu 24:14.
Lapho ulubona njalo uthando nokunakekela kukaJehova, siyoba sikhulu nesifiso sakho ‘sokushisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Khumbula, “lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Yebo, zimisele ukungalokothi ‘uyeke ukwenza okuhle’!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Kumelwe sethembe ngokugcwele ukuthi uJehova ngeke avumele noma iluphi uvivinyo lube ‘ngaphezu kwalokho esingakuthwala,’ sethembe nokuthi njalo nje uyohlale “enza nendlela yokuphuma.”
[Izithombe ekhasini 30]
Ukuhlala simatasa emisebenzini engokwasezulwini kungasisiza sizilungiselele ukubhekana nezilingo