Ukuzithoba Ngenjabulo Egunyeni
“Senilalela ngenhliziyo.”—ROMA 6:17.
1, 2. (a) Yimuphi umoya osobala ezweni namuhla, futhi uyini umthombo nethonya lawo? (b) Izinceku zikaJehova ezizinikezele zibonisa kanjani ukuthi zihlukile?
“UMOYA osasebenza kubantwana bokungalaleli” usobala ngendlela eshaqisayo namuhla. Ungumoya wokuzibusa okungalawuleki, ovela kuSathane, ‘umbusi wamandla omkhathi.’ ‘Lomoya,’ noma isimo sengqondo esibusayo sobugovu nokungalaleli, usebenzisa ‘igunya,’ noma amandla, phezu kweningi lesintu. Lesi esinye isizathu esenza ukuba izwe libhekane nalokho okuye kwabizwa ngokuthi inkinga yegunya.—Efesu 2:2, qhathanisa ne-NW.
2 Ngokujabulisayo, izinceku zikaJehova ezizinikezele namuhla azigcwalisi amaphaphu azo angokomoya ‘ngalomoya’ ongcolile, noma umoya wokuvukela. Ziyazi ukuthi “ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.” Umphostoli uPawulu uyanezela: “Ngakho-ke ningabi-ngabahlanganyela nabo.” (Efesu 5:6, 7) Kunalokho, amaKristu eqiniso azama ‘ukugcwaliswa ngomoya [kaJehova],’ futhi aphuza ‘ekuhlakanipheni kwaphezulu, okumhlophe, andukuba kube-nokuthula, nokuva, nokulalela.’—Efesu 5:17, 18; Jakobe 3:17.
Ukuzithoba Ngokuzithandela Ebukhosini BukaJehova
3. Siyini isihluthulelo sokuzithoba ngokuzithandela, futhi yisiphi isifundo esikhulu umlando osifundisa sona?
3 Isihluthulelo sokuzithoba ngokuzithandela siwukuqaphela igunya elingokomthetho. Umlando wesintu ubonisa ukuthi ukunqatshwa kobukhosi bukaJehova akuyilethi injabulo. Ukwenqatshwa okunjalo akuzange kulethe injabulo ku-Adamu no-Eva, noma kumshoshozeli wokuvukela kwabo, uSathane uDeveli. (Genesise 3:16-19) Esimweni sakhe samanje esonakele, uSathane ‘unolaka olukhulu’ ngoba uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. (IsAmbulo 12:12) Ukuthula nenjabulo yesintu, yebo, kwendawo yonke, kuxhomeke ekuqapheleni ubukhosi bukaJehova bokulunga endaweni yonke.—IHubo 103:19-22.
4. (a) Hlobo luni lokuzithoba nokulalela uJehova afuna izinceku zakhe zilubonise? (b) Yini okufanele siqiniseke ngayo, futhi umhubi uyichaza kanjani?
4 Nokho, ngenxa yezimfanelo zakhe ezinokulinganisela okumangalisayo, uJehova akaneliswa ukulalela kokugcina icala. Yebo, unamandla! Kodwa akayena umashiqela. UnguNkulunkulu wothando, futhi ufuna ukuba izidalwa zakhe ezihlakaniphile zimlalele ngokuzithandela, zishukunyiswa uthando. Ufuna ukuba zizithobe ebukhosini bakhe ngenxa yokuthi ngenhliziyo yonke zikhetha ukuzibeka ngaphansi kwegunya lakhe lokulunga nelingokomthetho, ziqiniseka ngokuthi kungebe nalutho olungcono ngazo kunokumlalela phakade. Uhlobo lomuntu uJehova alufunayo endaweni yakhe yonke luzizwa njengomhubi owabhala: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube-phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.” (IHubo 19:7-9) Ukuqiniseka ngokuphelele ngokufaneleka nangokulunga kobukhosi bukaJehova—lokhu kumelwe kube isimo sethu sengqondo uma sifuna ukuphila ezweni elisha likaJehova.
Ukuzithoba Ngenjabulo ENkosini Yethu
5. UJesu wavuzwa kanjani ngokulalela kwakhe, futhi yini esiyivuma ngokuzithandela?
5 UKristu Jesu ngokwakhe uyisibonelo esivelele sokuzithoba kuYise wasezulwini. Sifunda ukuthi “wazithobisa, elalela kwaze kwaba-sekufeni, yebo, ekufeni [esigxotsheni sokuhlushwa, NW].” UPawulu uyanezela: “Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.” (Filipi 2:8-11) Yebo, siguqa ngenjabulo phambi koMholi neNkosi yethu ebusayo, uKristu Jesu.—Mathewu 23:10.
6. UJesu uye wazibonakalisa kanjani engufakazi nomholi wezizwe, futhi ‘ukubusa kwakhe kobukhosi’ kuyoqhubeka kanjani ngemva kosizi olukhulu?
6 Ngokuphathelene noKristu njengoMholi wethu, uJehova waprofetha: “Bheka, ngimniké abe-ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.” (Isaya 55:4) Ngenkonzo yakhe yasemhlabeni nangokuqondisa kwakhe umsebenzi wokushumayela esezulwini ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uJesu uye wazibonakalisa ‘engufakazi othembekile noqinisileyo’ kaYise kubantu bezizwe zonke. (IsAmbulo 3:14; Mathewu 28:18-20) Izizwe ezinjalo manje zimelelwe amanani andayo ‘esixuku esikhulu,’ esiyosinda “osizini olukhulu” ngaphansi kobuholi bukaKristu. (IsAmbulo 7:9, 14) Kodwa ubuholi bukaJesu abupheleli lapho. ‘Ukubusa kwakhe kobukhosi’ kuyohlala iminyaka eyinkulungwane. Kubantu abalalelayo, uyokwenza ngokuvumelana negama lakhe elithi “UMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”—Isaya 9:6, 7; IsAmbulo 20:6.
7. Uma sifisa ukuba uKristu Jesu asiholele “emithonjeni yamanzi okuphila,” yini okumelwe siyenze ngaphandle kokulibala, futhi yini eyokwenza ukuba sithandwe uJesu noJehova?
7 Uma sifisa ukuzuza “emithonjeni yamanzi okuphila” iWundlu, uKristu Jesu, eliholela kuyo abantu abanhliziyo ziqotho, ngaphandle kokulibala kumelwe sibonise ngenkambo yethu ukuthi sizithoba ngenjabulo egunyeni lalo njengeNkosi. (IsAmbulo 7:17; 22:1, 2; qhathanisa neHubo 2:12.) UJesu wathi: “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda.” (Johane 14:15, 21) Uyathanda yini ukuthandwa uJesu noYise? Khona-ke thobela igunya labo.
Ababonisi Balalela Ngenjabulo
8, 9. (a) Yini uKristu ayilungiselele ukuze kwakhiwe ibandla, futhi lamadoda kufanele abe izibonelo zomhlambi kusiphi isici? (b) Ukuzithoba kwababonisi abangamaKristu kuboniswe kanjani encwadini yesAmbulo, futhi kufanele bayifune kanjani “inhliziyo elalelayo” lapho besingatha izindaba zokwahlulela?
8 “Ibandla lithobela uKristu.” NjengoMbonisi walo, uye wanikeza “[izipho ezingabantu, NW]” ukuze “kwakhiwe” ibandla. (Efesu 4:8, 11, 12; 5:24) Lamadoda amadala angokomoya atshelwa ukuba ‘eluse umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwawo,’ kungabi ‘njengazenza amakhosi phezu kwamabandla abelwa wona, kodwa abe yizibonelo zomhlambi.’ (1 Petru 5:1-3) Umhlambi ungokaJehova, futhi uKristu ‘ungumalusi wawo omuhle.’ (Johane 10:14) Njengoba ababonisi ngokufanele belindele ukubambisana kokuzithandela kwezimvu uJehova noKristu ababaphathise zona, nabo ngokwabo kufanele babe izibonelo ezinhle zokuthobeka.—IzEnzo 20:28.
9 Ekhulwini lokuqala, ababonisi abagcotshiwe babechazwa ‘njengabasesandleni’ noma ‘abaphezu,’ kwesandla sikaKristu sokunene, okwakubonisa ukumthobela kwabo njengeNhloko yebandla. (IsAmbulo 1:16, 20; 2:1, qhathanisa ne-NW.) Ngokufanayo nanamuhla, ababonisi emabandleni oFakazi BakaJehova kufanele bathobele isiqondiso sikaKristu futhi ‘bazithobe ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla.’ (1 Petru 5:6) Lapho becelwa ukuba basingathe izindaba zokwahlulela, njengoSolomoni phakathi neminyaka yakhe yokwethembeka, kufanele bathandaze kuJehova: “Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi.” (1 AmaKhosi 3:9) Inhliziyo elalelayo iyoshukumisela umdala ekubeni afune ukubheka izinto ngendlela uJehova noKristu Jesu abazibheka ngayo ukuze isinqumo esenziwa emhlabeni sifane kakhulu ngangokunokwenzeka naleso esenziwa ezulwini.—Mathewu 18:18-20.
10. Bonke ababonisi kufanele bazame kanjani ukulingisa uJesu endleleni aphatha ngayo izimvu?
10 Ngokufanayo ababonisi abajikelezayo nabadala bebandla bayozama ukulingisa uKristu ngendlela ayephatha ngayo umhlambi. Ngokungafani nabaFarisi, uJesu akazange amise imithetho eminingi okwakunzima ukuyilandela. (Mathewu 23:2-11) Wathi kwabanjengezimvu: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) Nakuba kuyiqiniso ukuthi umKristu ngamunye kumelwe ‘athwale owakhe umthwalo,’ ababonisi kufanele bakhumbule isibonelo sikaJesu futhi basize abafowabo ukuba bezwe ukuthi umthwalo wabo wemfanelo wobuKristu ‘muhle,’ “ulula,” futhi kuyinjabulo ukuwuthwala.—Galathiya 6:5.
Ukuzithoba Okungokwasezulwini
11. (a) Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu ahloniphe ubunhloko kodwa ebe engeyena ngempela owenza ngendlela engokwasezulwini? Bonisa. (b) Kusho ukuthini ukwenza ngendlela engokwasezulwini ngempela?
11 Umbuso ongokwasezulwini uwukubusa kukaNkulunkulu. Uhilela isimiso sobunhloko esishiwo kweyoku-1 Korinte 11:3. Kodwa usho okwengeziwe kunalokho. Umuntu angase abonakale ebonisa inhlonipho ngobunhloko kodwa angabi owenza ngendlela engokwasezulwini ngomqondo ophelele walokho okushiwo yileligama. Kungenzeka kanjani lokhu? Ngokwesibonelo, umbuso wentando yeningi uwuhulumeni wabantu, futhi umsekeli wombuso wentando yeningi uye wachazwa ‘njengomuntu okholelwa emiqondweni yombuso wentando yeningi.’ Umuntu angase athi ungumsekeli wombuso wentando yeningi, ahlanganyele okhethweni, aze abe nayisazi sezombangazwe esishisekayo. Kodwa uma, ekuziphatheni kwakhe okuvamile, engawushayi mkhuba umoya wombuso wentando yeningi nazo zonke izimiso ozihilelayo, kungashiwo yini ukuthi ungumsekeli wombuso wentando yeningi ngempela? Ngokufanayo, ukuze umuntu abe ongokwasezulwini ngempela, kumelwe enze okungaphezu kokuzithoba ngegama nje ebunhlokweni. Kumelwe alingise izindlela nezimfanelo zikaJehova. Kumelwe ngempela alawulwe uJehova ezindleleni zonke. Futhi njengoba uJehova enikeze iNdodana yakhe igunya eliphelele, ukuba ongokwasezulwini kusho futhi ukulingisa uJesu.
12, 13. (a) Ukuba ongokwasezulwini kuhilelani ngokukhethekile? (b) Ingabe ukuzithoba okungokwasezulwini kuhilela ukulalela imithetho eminingi? Chaza.
12 Khumbula, uJehova ufuna ukuzithoba kokuzithandela okushukunyiswa uthando. Lena indlela yakhe alawula ngayo indawo yonke. Uyilo kanye uthando olwenziwe samuntu. (1 Johane 4:8) UKristu Jesu ‘ungukubengezela kwenkazimulo yakhe, ufuzé yena uqobo.’ (Heberu 1:3) Ufuna ukuba abafundi bakhe beqiniso bathandane. (Johane 15:17) Ngakho ukuba ongokwasezulwini akuhileli ukuba ozithobayo nje kuphela kodwa futhi ukuba nothando. Lendaba ingase ifingqwe ngalendlela: Umbuso ongokwasezulwini ungukubusa kukaNkulunkulu; uNkulunkulu uluthando; ngakho-ke umbuso ongokwasezulwini ungukubusa kothando.
13 Umdala angase acabange ukuthi ukuze abazalwane babe abangokwasezulwini, kufanele balalele zonke izinhlobo zemithetho. Abanye abadala baye benza imithetho ngokusikisela okunikezwa “isigqila esithembekile nesiqaphile” ngezikhathi ezithile. (Mathewu 24:45, NW) Ngokwesibonelo, kwake kwasikiselwa ukuthi ukuze sikwazi ukujwayelana kalula nabazalwane ebandleni, kungaba kuhle ukuthi singahlali ngaso sonke isikhathi endaweni eyodwa eHholo LoMbuso. Kwakuqondwe ukuba lokhu kube ukusikisela okuwusizo, hhayi umthetho oqinile. Kodwa abanye abadala bangase bathambekele ekukwenzeni kube umthetho nokuba nomuzwa wokuthi labo abangakulandeli abenzi ngendlela engokwasezulwini. Nokho, kungase kube nezizathu eziningi ezizwakalayo ezenza ukuba umzalwane noma udade akhethe ukuhlala endaweni ethile. Uma umdala engazicabangeli ngothando izinto ezinjalo, ingabe yena ngokwakhe wenza ngendlela engokwasezulwini ngempela? Ukuze nibe abangokwasezulwini, “konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.”—1 Korinte 16:14.
Ukukhonza Ngenjabulo
14, 15. (a) Umdala angabaphuca kanjani abazalwane noma odade abathile injabulo yabo ekukhonzeni uJehova, futhi kungani lokhu kungenakuba ukwenza ngendlela engokwasezulwini? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyalwazisa uthando olubonakaliswa ngenkonzo yethu, kunesilinganiso esithile? (c) Yini abadala okufanele bayicabangele?
14 Ukuba ongokwasezulwini kusho futhi ukukhonza uJehova ngenjabulo. UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11, NW) Ufuna ukuba abakhulekeli bakhe bamkhonze ngenjabulo. Labo abalwela ukuba kugcinwe yonke imidanti yemithetho kufanele bakhumbule ukuthi phakathi kwezimiso u-Israyeli okwakumelwe ‘azigcine’ kwakunalesi: “Wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.” (Duteronomi 12:1, 18) Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyenzayo enkonzweni kaJehova kufanele ibe injabulo, hhayi umthwalo. Ababonisi bangenza okuningi ekwenzeni abazalwane bazizwe bekujabulela ukwenza konke okusemandleni abo ekukhonzeni uJehova. Ngokuphambene, uma abadala bengaqaphile, bangase baphuce abanye babazalwane injabulo yabo. Ngokwesibonelo, uma beqhathanisa, betusa labo abaye bafinyelela noma badlula isilinganiso esilindelekile sebandla samahora asetshenzwe ekufakazeni futhi ngokugudlisela begxeka labo abangazange basifinyelele, bayozizwa kanjani labo okungenzeka bebenesizathu esizwakalayo sokubika isikhathi esingaphansi kakhulu? Ngeke yini lokhu kubenze bazizwe benecala ngokungadingekile futhi kubaphuce injabulo yabo?
15 Amahora ambalwa abanye abangawanikela ekufakazeni kwasobala angase abe umzamo omkhulu kunamahora amaningi abanye abawasebenza ekushumayeleni, ngenxa yeminyaka yobusha, impilo engcono, nezinye izimo. Kulokhu, abadala akufanele babahlulele. Empeleni, uJesu onikezwé “amandla okwahlulela” nguYise. (Johane 5:27) Ingabe uJesu wamsola umfelokazi ompofu ngenxa yokuthi umnikelo wakhe wawungaphansi kwesilinganiso esilindelekile? Cha, wayethinteke kakhulu ngalokho lezozinhlamvu ezincane zemali ezimbili ezazimbize khona. Zaziyikho “konke anakho, konke abephila ngakho.” Yeka ukuthi zazimelela uthando olujule kangakanani ngoJehova! (Marku 12:41-44) Ingabe akufanele yini abadala bathinteke ngendlela efanayo ngemizamo yothando yalabo konke abangakwenza kungokungaphansi “kwesilinganiso esilindelekile”? Ngenxa yothando ngoJehova, imizamo enjalo ingaba engaphezu kwesilinganiso esilindelekile!
16. (a) Uma abadala besebenzisa amanani athile ezinkulumweni zabo, kungani bedinga ukuqonda nokulinganisela okuhle? (b) Abazalwane bangasizwa kanjani kangcono ukuba bandise inkonzo yabo?
16 Ingabe manje lokhu kukhulumela kufanele kwenziwe kube “umthetho” omusha wokuthi amanani athile—ngisho nezilinganiso ezilindelekile—akufanele ngisho nanokuba kukhulunywe ngawo? Lutho neze! Iphuzu liwukuthi ababonisi kufanele balinganisele phakathi kokukhuthaza abazalwane ukuba bandise inkonzo yabo nokubasiza ukuba benze konke abangakwenza ngenjabulo. (Galathiya 6:4) Emfanekisweni kaJesu wamathalenta, inkosi yaphathisa izigqila zayo impahla yayo ‘kwaba yileso naleso ngokwamandla aso.’ (Mathewu 25:14, 15) Ngokufanayo abadala kufanele bacabangele amathuba ommemezeli ngamunye woMbuso. Lokhu kudinga ukuqonda. Kungenzeka ukuthi abanye basidinga ngempela isikhuthazo sokwenza okwengeziwe. Bangase balwazise usizo olungabenza bahlele kangcono umsebenzi wabo. Nokho, uma bengase basizwe ukuba benze ngangokusemandleni abo ngenjabulo, ngokunokwenzeka leyonjabulo iyobaqinisela ukuba bandise umsebenzi wabo wobuKristu lapho kungenzeka khona.—Nehemiya 8:10; IHubo 59:16; Jeremiya 20:9.
Ukuthula Okulethwa Ukuzithoba Ngenjabulo
17, 18. (a) Ukuzithoba ngenjabulo kungasilethela kanjani ukuthula nokulunga? (b) Yini engaba ngeyethu uma siyilalela ngempela imiyalo kaNkulunkulu?
17 Ukuzithoba ngenjabulo ebukhosini bukaJehova obungokomthetho kusilethela ukuthula okukhulu. Umhubi wathi kuJehova ngomthandazo: “Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho-sikhubekiso kubo.” (IHubo 119:165) Ngokulalela umthetho kaNkulunkulu, sizizuzisa ngokwethu. UJehova watshela u-Israyeli: “Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele kaIsrayeli, uthi: NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:17, 18.
18 Umhlatshelo wesihlengo kaKristu usenza sibe nokuthula noNkulunkulu. (2 Korinte 5:18, 19) Uma sinokholo egazini likaKristu elihlawulelayo futhi sizama ngobuqotho ukulwa nobuthakathaka bethu futhi senze intando kaNkulunkulu, sithola ukukhululeka emizweni yecala. (1 Johane 3:19-23) Ukholo olunjalo, olusekelwe imisebenzi, lusinikeza ukuma kokulunga phambi kukaJehova nethemba elimangalisayo lokusinda “osizini olukhulu” nokuphila phakade ezweni elisha likaJehova. (IsAmbulo 7:14-17; Johane 3:36; Jakobe 2:22, 23) Konke lokhu kungaba okwethu ‘uma nje singalalela imiyalo kaNkulunkulu.’
19. Injabulo yethu manje nethemba lethu lokuphila okuphakade kuxhomekephi, futhi uDavide wakubonisa kanjani ukuqiniseka kwethu okuqotho?
19 Yebo, injabulo yethu manje nethemba lethu lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi kuxhomeke ekuzithobeni kwethu ngenjabulo egunyeni likaJehova njengeNkosi enguMbusi wendawo yonke. Kwangathi singahlala sinemizwa efana nekaDavide, owathi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.”—1 IziKronike 29:11, 13.
Amaphuzu Okukhunjulwa
◻ Hlobo luni lokuzithoba nokulalela uJehova afuna izinceku zakhe zilubonise?
◻ UJesu wavuzwa kanjani ngokulalela kwakhe, futhi yini okumelwe siyifakazele ngenkambo yethu?
◻ Bonke ababonisi kufanele bamlingise kanjani uJesu endleleni aphatha ngayo izimvu?
◻ Yini ehilelekile ekubeni ongokwasezulwini?
◻ Yiziphi izibusiso ukuzithoba ngenjabulo okusilethela zona?
[Isithombe ekhasini 24]
Abadala bakhuthaza umhlambi ukuba wenze konke ongakwenza ngenjabulo
[Isithombe ekhasini 26]
UJehova uyajabula ngalabo abamlalela ngokusuka enhliziyweni