Ukudalelwa
Incazelo: Umphumela ongenakuvinjelwa futhi ngokuvamile omubi. Ukumiselwa kusengaphambili kuyinkolelo yokuthi zonke izenzakalo zinqunywa ngokwentando yaphezulu noma ngamandla athile angaphezu komuntu, ukuthi zonke izenzakalo kumelwe zenzeke ngendlela ezenzeka ngayo ngoba kuye kwanqunywa kusengaphambili. Akulona igama eliseBhayibhelini noma imfundiso.
Ingabe wonke umuntu “unesikhathi” sokufa esinqunywe ngaphambili?
Lenkolelo yayidumile phakathi kwamaGreki namaRoma. Ngokwenganekwane yobuqaba yamaGreki, ukuDalelwa kwakungonkulunkulukazi abathathu ababephotha intambo yokuphila, benquma ubude bayo, bese beyinqamula.
UmShumayeli 3:1, 2 ukhuluma ‘ngesikhathi sokufa.’ Kodwa, ukubonisa ukuthi lesi akusona isikhathi esinqunywe kusengaphambili ngomuntu, umShumayeli 7:17 uyeluleka: “Ungabi-mubi ngokudluleleyo, ungabi-yisiwula; uyakufelani kungakabi-yisikhathi na?” IzAga 10:27 zithi: “Iminyaka yababi iyancishiswa.” Futhi amaHubo 55:23 ayanezela: “Abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo.” Pho, usho ukuthini umShumayeli 3:1, 2? Umane nje ukhulumela umjikelezo oqhubekayo wokuphila nokufa kulesimiso sezinto esingaphelele. Kunesikhathi lapho abantu bezalwa khona nesikhathi lapho befa khona—ngokuvamile bengekho ngaphezu kwama-70 noma 80 eminyaka ubudala, kodwa ngezinye izikhathi ngokushesha kanti ngezinye kuyephuza.—IHu. 90:10; bheka futhi umShumayeli 9:11.
Ukuba isikhathi somuntu ngamunye nendlela yokufa kwase kunqunyiwe kakade ngesikhathi sokuzalwa noma ngaphambili, besingeke sibe khona isidingo sokugwema izimo eziyingozi noma sokunakekela impilo yomuntu, futhi izindlela zokuphepha bezingeke zishintshe izinga lokufa kwabantu. Kodwa ingabe ukholelwa ukuthi ukuba senkundleni yempi ngesikhathi sempi kulondeke njengokuba sekhaya lakho kude nendawo okulwelwa kuyo? Ingabe uyayinakekela impilo yakho noma uyise abantwana bakho kudokotela? Kungani ababhemayo befa bebancane ngeminyaka emithathu kuya kwemine, ngokwesilinganiso, kunabangabhemi? Kungani zimbalwa izingozi ezibulalayo uma abahamba ngezimoto bebophe amabhande nalapho abashayeli belalela imithetho yomgwaqo? Ngokusobala, ukuqapha kunenzuzo.
Ingabe konke okwenzekayo ‘kuyintando kaNkulunkulu’?
2 Pet. 3:9: “INkosi [uJehova] . . . iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (Kodwa akubona bonke abasabelayo ekubekezeleni kwayo. Ngokusobala, akuyona ‘intando kaNkulunkulu’ uma abanye bengaphenduki. Qhathanisa nesAmbulo 9:20, 21.)
Jer. 7:23-26: “Ngabayala kuphela [amaIsrayeli] lento yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba-nguNkulunkulu wenu, nina nibe-ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube-kuhle kini. Kepha abalalelanga, . . . ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo. Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza-lukhuni izintamo zabo.” (Ngokusobala, ububi obabenzeka kwaIsrayeli babungeyona ‘intando kaNkulunkulu.’)
Marku 3:35: “Owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.” (Uma noma yini umuntu ayeyenza ‘yayiyintando kaNkulunkulu,’ khona-ke wonke umuntu wayeyojabulela uhlobo lobuhlobo noJesu aluchaza lapho. Kodwa wathi kwabanye: “Nina ningabakayihlo uSathane.”—Joh. 8:44.)
Yini ebangela eziningi zezinto ezenzekayo ezingenakuchazeka?
UmSh. 9:11: “Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba [“izenzakalo ezingalindelekile,” NW].” (Kanjalo-ke, akuve kungenxa yokubona ngaphambili ukuphila komuntu, kodwa kungenxa yethuba elingalindelekile angase abe yisisulu sezimo ezingezinhle.)
Ingabe abantu banecala ngobuningi bobunzima obubahluphayo nobuhlupha abanye besintu?
Roma 5:12: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Ukungapheleli, kuhlanganise nokuthambekela ngasebubini, sonke sakuzuza ngefa kuAdamu.)
UmSh. 8:9: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.”
IzAga 13:1: “Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise.” (Lokho abazali abakwenzayo kunethonya elikhulu ekuphileni kwenzalo yabo.)
Gal. 6:7: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.” (NezAga 11:17; 23:29, 30; 29:15; 1 Korinte 6:18)
Ingabe akhona amandla angaphezu komuntu nawo abangela umaye esintwini?
IsAm. 12:12: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (NezEnzo 10:38)
Ingabe uNkulunkulu wazi noma anqume yonke into kusengaphambili?
Isaya 46:9, 10: “NginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami.” (Uyenza yaziwe injongo yakhe, uyazinquma ezinye izinto kusengaphambili ngokuqondene nokufezeka kwazo, futhi unamandla onke okuqiniseka ukuthi lezi ziyogcwaliseka.)
Isaya 11:1-3: “Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. [UJesu wazalwa ohlwini lukaJese.] UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, . . . Intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova.” (UJehova wayengakubikezela ngesibindi lokhu ngokuqondene neNdodana yakhe ngoba wayesibonile isimo sayo nokuziphatha emazulwini kusukela ekuqaleni kokudala.) (Ngokuqondene nokuba khona kukaJesu ngaphambi kokuba ngumuntu, bheka ikhasi 256, ngaphansi kwesihloko esithi “UJesu Kristu.”)
Dut. 31:20, 21: “Lapho sengibangenisile [isizwe sakwaIsrayeli] ezweni engalifungela oyise, elivamé ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami. Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, lelihubo [elilandisa ngendlela abaziphatha ngayo ngenxa yokwehluleka ukwazisa umusa kaNkulunkulu] lifakaze phambi kwabo njengofakazi, . . . lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.” (Phawula ukuthi amandla kaNkulunkulu okubona umphumela wenkambo yabo awazange asho ukuthi wakubangela noma yilokho ayefuna kwenzeke kubo, kodwa ngesisekelo salokho ababekwenza wakwazi ukubona umphumela kusengaphambili. Ngokufanayo, ngesisekelo salokho okubonakalayo, isangoma sezulu singase sibikezele isimo sezulu ngokunemba okukhulu, kodwa asilibangeli libe njalo, noma singase singakuthandi lokho.)
Ingabe amandla kaNkulunkulu okwazi nawokunquma izenzakalo kusengaphambili abonisa ukuthi wenza lokhu ngokuqondene nazo zonke izenzo zezidalwa zakhe?
IsAm. 22:17: “Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” (Ukukhetha akunqunywa kusengaphambili; kushiyelwa kulowomuntu.)
Roma 2:4, 5: “Uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na? Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu.” (Akukho ukuphoqelelwa kwabantu ukuba balandelele inkambo emisiwe. Kodwa kukhona ukulandisa ngalokho umuntu akwenzayo.)
Zef. 2:3: “Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba . . . funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” (Ingabe uNkulunkulu wokulunga nowothando angakhuthaza abantu ukuba benze okulungileyo, benethemba lomvuzo, uma azi ukuthi banqunyelwa kusengaphambili ukuba bangaphumeleli?)
Umfanekiso: Umnikazi womsakazo angase alalele izindaba zezwe. Kodwa iqiniso lokuthi angase alalele esinye isiteshi alisho ukuthi uyasilela. Kumelwe okokuqala avule umsakazo abese ekhetha isiteshi. Ngokufanayo, uJehova unamandla okwazi izenzakalo kusengaphambili, kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi lawomandla uwasebenzisa ngokukhetha nangokuzithandela, eqaphela ngokufanelekile amandla okukhetha awanikeze indalo yakhe engabantu.—Qhathanisa noGenesise 22:12; 18:20, 21.
Lapho uNkulunkulu edala uAdamu, ingabe wayazi ukuthi uAdamu wayezokona?
Nakhu uNkulunkulu akubeka phambi kuka-Adamu noEva: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” “UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Gen. 1:28; 2:16, 17) Ubungabakhuthaza yini abantabakho ukuba basukele umsebenzi omkhulu onekusasa elimangalisayo, wazi zisuka nje ukuthi akunakuphumelela? Ubungabaxwayisa yini ngengozi, ube wazi ukuthi uye wahlela yonke into ukuze nakanjani bangene osizini? Kunengqondo-ke yini ukuthi uNkulunkulu wenza okunjalo?
Math. 7:11: “Uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.”
Uma uNkulunkulu anquma futhi wazi kusengaphambili ngesono sika-Adamu nakho konke okwakuyoba umphumela waso, kwakuyosho ukuthi ngokudala uAdamu, uNkulunkulu waqalisa ngamabomu bonke ububi obenziwa emlandweni wesintu. Ubeyoba uMthombo wazo zonke izimpi, ubugebengu, ukuziphatha okubi, ukucindezela, amanga, ubuzenzisi, nezifo. Kodwa iBhayibheli lisho ngokukhanyayo: “Wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi.” (IHu. 5:4) “Othanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.” (IHu. 11:5) “UNkulunkulu ongaqambi amanga.” (Thithu 1:2) “[Leyo ekhethwe uNkulunkulu njengeNkosi yobuMesiya] iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni ayo.” (IHu. 72:14) “UNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) “Uthanda ukulunga nokwahlulela.”—IHu. 33:5.
Ingabe uNkulunkulu wabanqumela kusengaphambili oJakobe noEsawu?
Gen. 25:23: “UJehova wathi kuye [uRebeka]: Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlulela esinye, omkhulu [uEsawu] akhonze omncane [uJakobe].” (UJehova wakwazi ukufunda izakhi zofuzo zalamawele ayengakazalwa. Kungenzeka lokhu wakucabangela lapho ebona kusengaphambili izimfanelo ngamunye walabafana ayeyoba nazo futhi ebikezela umphumela. [IHu. 139:16] Kepha akukho lapha okubonisa ukuthi wamisa okwakuyokwenzeka phakade noma ukuthi wanquma kusengaphambili indlela isenzakalo ngasinye ekuphileni kwabo esasiyophumela kuyo.)
Ingabe uJuda Iskariyote wanqunyelwa kusengaphambili ukuba akhaphele uJesu?
IHu. 41:9: “Nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.” (Phawula ukuthi isiprofetho asisho ngokuqondile ukuthi kwakuyoba imuphi umngane kaJesu oseduze. UJehova wayazi ukuthi uDeveli wayesebenzise umeluleki kaDavide uAhitofeli ukuba amkhaphele, futhi wenza lokho ukuba kubhalwe ngoba kwabonisa indlela uDeveli ayesebenza ngayo nokuthi wayeyokwenzani esikhathini esizayo. Kwakungeyena uNkulunkulu kodwa “uSathane esekufaké enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele [uJesu].” [Joh. 13:2] Esikhundleni sokuzabalaza, uJuda wavumela ithonya lobuSathane.)
Joh. 6:64: “UJesu wazi kwasekuqaleni ukuba . . . ngubani ozakumkhaphela.” (Hhayi ekuqaleni kokudala, noma esikhathini sokuzalwa kukaJuda, kodwa “kwasekuqaleni” kokwenza kwakhe kobuqili. Qhathanisa uGenesise 1:1, Luka 1:2, no-1 Johane 2:7, 13, lapho kuwo ngamunye walemibhalo elithi “kwasekuqaleni” lisetshenziswe ngomqondo ohlobene. Qaphela futhi uJohane 12:4-6.)
Ingabe umphostoli uPawulu akakhulumi yini ngamaKristu ‘njenganqunyelwe kusengaphambili’?
Roma 8:28, 29: “Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe. Ngokuba labo ayebazi ngaphambili [“abanqumela kusengaphambili,” KJ] wabamisa ngaphambili bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe-yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.” (Neyabase-Efesu 1:5, 11) Nokho, kubo labo abafanayo, eyesi-2 Petru 1:10 ithi: “Khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.” (Uma abantu babenqunyelwe insindiso kusengaphambili, kwakungenakwenzeka ukuba bakhubeke, kungakhathaliseki ukuthi benzani. Njengoba kufuneka umzamo kubantu, kumelwe kube isigaba esimiselwa kusengaphambili. Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba isigaba sisonke sihambisane nendlela eyabekwa uJesu Kristu. Khona-ke, labo abakhethwa uNkulunkulu ukuba babe ingxenye yalesosigaba, kumelwe bazibonakalise bethembekile ukuze bathole umvuzo obekwe phambi kwabo.)
Efe. 1:4, 5: “Njengalokho asikhethela kuye [uJesu Kristu] ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe-ngcwele, singabi-nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe-ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba-kuhle kuye ngentando yakhe.” (Kungokuphawulekayo ukuthi, kuLuka 11:50, 51, uJesu ufanisa ‘ukusekelwa komhlaba’ nesikhathi sika-Abela. UAbela ungumuntu wokuqala owaqhubeka enomusa kaNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakhe. Ngaleyondlela, kwakungemva kokuhlubuka Edene kepha ngaphambi kokuba uAbela abe khona esiswini sikanina lapho uNkulunkulu enza injongo yakhe yokuveza “inzalo” okwakuyokuza ngayo ukukhululwa. [Gen. 3:15] Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba iNzalo eyinhloko, uJesu Kristu, ahlangane neqembu labalandeli bakhe abathembekile abayohlanganyela naye kuhulumeni omusha phezu komhlaba, uMbuso wobuMesiya.)
Ingabe izinkanyezi namaplanethi kuthinta izenzakalo ekuphileni kwethu noma kunikeza izibikezelo okumelwe sizicabangele uma senza izinqumo?
Iyini imvelaphi yokufundwa kwezinkanyezi?
“Ukufundwa kwezinkanyezi kwaseNtshonalanga kungalandelelwa kuze kuyofikwa emiqondweni nasemikhubeni yamaKaledi neyabaseBabiloni ngawo-2000 B.C.”—The Encyclopedia Americana (1977), Umq. 2, k. 557.
“Ukufundwa kwezinkanyezi kwakusekelwe emiqondweni emibili yobuBabiloni: izimpawu zomgamu wezulu, nobunkulunkulu bezindikimba zasezulwini. . . . AbaseBabiloni banikeza amaplanethi udumo namathonya umuntu abengawalindela konkulunkulu babo.”—Great Cities of the Ancient World (New York, 1972), L. Sprague de Camp, k. 150.
“EBabiloni kanye naseAsiriya njengomxhantela wamasiko aseBabiloni . . . ukuhlolwa kwezinkanyezi kwenziwa enkolweni engokomthetho njengenye yezindlela ezimbili eziyinhloko ezisetshenziswa ngabapristi . . . ukuze babone intando nenhloso yawonkulunkulu, enye iwukuhlola isibindi sesilwane esiwumhlatshelo. . . . Ukuhamba kwelanga, inyanga namaplanethi ayisihlanu kwakubhekwa njengokumelele umsebenzi walabonkulunkulu abayisihlanu, kanye nonkulunkulu wenyanga uSin nonkulunkulu welanga uShamash, ekulungiseleleni izenzakalo emhlabeni.”—Encyclopædia Britannica (1911), Umq. II, k. 796.
Uyini umbono woMdali wesintu ngalomkhuba?
Dut. 18:10-12: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo . . . Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”
KwabaseBabiloni wathi: “Mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela. Bheka, bayakuba-njengamabibi ashiswa ngumlilo . . . Ziyakuba-njalo izinto [“abenzi bemilingo,” NE) okhandleké kuzo, zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube-yileyo naleyo ngendlela yayo, ekusindisayo ingabikho.”—Isaya 47:13-15.