‘Izipho Ezingabantu’ Zokunakekela Izimvu ZikaJehova
“Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.”—EFESU 4:8.
1. Wathini udade ongumKristu ngabadala bebandla lakubo?
“NGIYABONGA ngokusikhathalela kangaka. Ukumamatheka kwenu, imfudumalo yenu nokukhathalela kwenu kuqotho ngempela. Nihlale nikulungele ukulalela nokunikeza amazwi asiqinisayo avela eBhayibhelini. Ngithandazela ukuba ngingalokothi nginithathe kalula.” Wabhala kanjalo udade ongumKristu ebhalela abadala ebandleni lakubo. Kusobala ukuthi uthando olwaluboniswe ngabelusi abakhathalelayo abangamaKristu lwalumthinté inhliziyo.—1 Petru 5:2, 3.
2, 3. (a) Ngokuka-Isaya 32:1, 2, abadala abanobubele bazinakekela kanjani izimvu zikaJehova? (b) Kunini lapho umdala engase abhekwe njengoyisipho?
2 Abadala balungiselelwe nguJehova ukuze banakekele izimvu zakhe. (Luka 12:32; Johane 10:16) UJehova uyazithanda izimvu zakhe—eqinisweni, uzithanda kangangokuthi wazithenga ngegazi eliyigugu likaJesu. Khona-ke, akumangalisi ukuthi uJehova uyajabula lapho abadala bewuphatha ngesisa umhlambi wakhe. (IzEnzo 20:28, 29) Phawula indlela abachazwe ngayo ngokwesiprofetho laba badala, noma “izikhulu”: “Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:1, 2) Yebo, kufanele bazivikele, baziqabule futhi baziduduze izimvu zakhe. Ngakho abadala abelusa umhlambi ngozwela bazama ukufeza lokho uNkulunkulu akulindele kubo.
3 EBhayibhelini abadala abanjalo babizwa ngokuthi ‘izipho ezingabantu.’ (Efesu 4:8) Uma ucabanga ngesipho, ucabanga ngento enikezwa othile ukuze igcwalise isidingo sakhe noma imjabulise. Umdala angabhekwa njengoyisipho lapho esebenzisa amakhono akhe ukuze anikeze usizo oludingekayo futhi enze umhlambi ujabule. Angakwenza kanjani lokhu? Impendulo, etholakala emazwini kaPawulu akweyabase-Efesu 4:7-16, igcizelela indlela uJehova azikhathalela ngayo ngothando izimvu zakhe.
‘Izipho Ezingabantu’—Zivelaphi?
4. Ekugcwalisekeni kweHubo 68:18, uJehova “wenyukela phezulu” ngayiphi indlela, futhi zazingobani “izipho ezingabantu”?
4 Lapho uPawulu esebenzisa amazwi athi ‘izipho ezingabantu,’ wayecaphuna okwashiwo yiNkosi uDavide eyayithé ngoJehova: “Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho [“ezingabantu,” NW].” (IHubo 68:18) Ngemva kweminyaka ethile ama-Israyeli eseZweni Lesithembiso, uJehova “wenyukela” ngokomfanekiso eNtabeni yaseZiyoni wafike wenza iJerusalema inhloko-dolobha yombuso wakwa-Israyeli onkosi yawo kwakunguDavide. Kodwa zazingobani lezi “zipho ezingabantu”? Zazingabantu ababethunjwe lapho kunqotshwa leli zwe. Kamuva ezinye zalezi zithunjwa zanikezwa amaLevi ukuze zisize emsebenzini wasetabernakele.—Ezra 8:20.
5. (a) UPawulu ubonisa kanjani ukuthi iHubo 68:18 ligcwaliseka ebandleni lobuKristu? (b) UJesu “wenyukela phezulu” ngayiphi indlela?
5 Encwadini yakhe eya kwabase-Efesu, uPawulu ubonisa ukuthi amazwi omhubi agcwaliseka ngezinga elikhulu ebandleni lobuKristu. Ebeka amazwi eHubo 68:18 ngenye indlela, uPawulu uyabhala: “Manje lowo nalowo kithi waphiwa umusa ongafanelwe ngokwendlela uKristu asilinganisa ngayo lesisipho samahhala. Ngakho-ke uthi: ‘Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.’” (Efesu 4:7, 8) Lapha uPawulu usebenzisa leli hubo kuJesu njengommeleli kaNkulunkulu. UJesu ‘walinqoba izwe’ ngenkambo yakhe yokwethembeka. (Johane 16:33) Futhi wanqoba ukufa noSathane njengoba uNkulunkulu amvusa kwabafileyo. (IzEnzo 2:24; Heberu 2:14) Ngo-33 C.E., uJesu ovusiwe wenyukela “ngaphezulu kakhulu kunawo wonke amazulu”—ngaphezulu kwazo zonke ezinye izidalwa zasezulwini. (Efesu 4:9, 10; Filipi 2:9-11) Njengomnqobi, uJesu wathatha “izithunjwa” esitheni. Kanjani?
6. Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., uJesu owayesenyukele ezulwini waqala kanjani ukuchitha indlu kaSathane, futhi wazenze njani ‘izithunjwa’?
6 Lapho esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi unamandla kunoSathane ngokukhulula labo ababethunjwe amademoni. Kwakunjengokungathi uJesu wayehlasele indlu kaSathane, wambopha wayesemqhwaga impahla yakhe. (Mathewu 12:22-29) Ake ucabange nje ukuthi ingakanani impango ayengayithatha uJesu lapho esevusiwe futhi waphathiswa ‘lonke igunya ezulwini nasemhlabeni’! (Mathewu 28:18) Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., uJesu onyukele ezulwini, njengommeleli kaNkulunkulu, waqala ukuchitha indlu kaSathane ‘ngokuthumba izithunjwa’—abantu okwase kuyisikhathi eside besebugqilini besono nokufa, belawulwa uSathane. Ngokuzithandela lezi “zithunjwa” zaba ‘izigqila zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo wonke.’ (Efesu 6:6) Empeleni, uJesu, esetshenziswa uJehova, wazikhulula ekulawulweni uSathane, wayesezinikeza ibandla ‘njengezipho ezingabantu.’ Ake ucabange ukuthi uSathane waba nolaka kanjani lapho ephucwa zona ezandleni ebhekile futhi engenakwenza lutho!
7. (a) Yimiphi imikhakha ‘izipho ezingabantu’ ezikhonza kuyo ebandleni? (b) Yiliphi ithuba uJehova aye walinikeza indoda ngayinye ekhonza njengomdala?
7 Ingabe siyazithola lezi “zipho ezingabantu” ebandleni namuhla? Yebo, siyazithola! Sizithola zikhonza njengabadala, zisebenza kanzima ‘njengabavangeli, abelusi nabafundisi’ emabandleni abantu bakaNkulunkulu angaphezu kuka-87 000 emhlabeni wonke. (Efesu 4:11) USathane angajabula afe uma bengawuxhaphaza umhlambi. Kodwa uNkulunkulu ngoKristu akazange abaphe ibandla ngenxa yaleyo njongo. Kunalokho, uJehova uye walungiselela la madoda ngenjongo yokuba asize ibandla, futhi kumelwe alandise kuye ngezimvu awaphathise zona. (Heberu 13:17) Uma ukhonza njengomdala, uJehova ukunike ithuba elihle kakhulu lokuzibonakalisa uyisipho, noma isibusiso, kubafowenu. Lokho ungakwenza ngokufeza imithwalo yemfanelo emine ebalulekile.
Lapho Kunesidingo ‘Sokulungisa’
8. Yiziphi izindlela sonke esidinga ukulungiswa ngazo ngezinye izikhathi?
8 Okokuqala, uPawulu uthi ‘izipho ezingabantu’ zinikezwé ‘ngombono wokulungiswa kwabangcwele.’ (Efesu 4:12) Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukulungiswa’ libhekisela ‘ekuqondiseni [into ethile] kahle.’ Njengabantu abangaphelele, sonke siyakudinga ukulungiswa ngezikhathi ezithile—ukuba ukucabanga kwethu, izimo zengqondo, noma ukuziphatha kwenziwe ‘kuqondane kahle’ nokucabanga kukaNkulunkulu nentando yakhe. UJehova uye walungiselela ‘izipho ezingabantu’ ngothando ukuze zisisize ekwenzeni ukulungisa okufanele. Zikwenza kanjani lokhu?
9. Umdala angasiza kanjani ekulungiseni imvu eyonile?
9 Ngezinye izikhathi, umdala kungase kudingeke asize imvu eyonile, mhlawumbe eye ‘yathatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba isiqaphele.’ Umdala angasiza kanjani? EyabaseGalathiya 6:1 ithi: “Zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.” Ngakho, lapho umdala enikeza iseluleko ngeke amthethise lowo owonile, asebenzise amazwi anokhahlo. Iseluleko akufanele ‘simesabise’ ositholayo, kodwa kufanele simkhuthaze. (2 Korinte 10:9; qhathanisa noJobe 33:7.) Kungenzeka ukuthi lowo muntu uzizwa enamahloni kakade, ngakho abadala abanothando bayakugwema ukumchoboza emoyeni. Lapho kusobala ukuthi ukweluleka, ngisho nokusola ngokuqinile, kushukunyiswa uthando futhi kwenziwa ngalo, cishe kuyoqondisa ukucabanga noma ukuziphatha kowonile, kanjalo kumbuyise.—2 Thimothewu 4:2.
10. Kuhilelani ukulungisa abanye?
10 Lapho enikeza ‘izipho ezingabantu’ ngenjongo yokuba silungiswe, uJehova wayehlose ukuba abadala babe abaqabulayo ngokomoya nabafanelwe ukulingiswa abantu bakhe. (1 Korinte 16:17, 18; Filipi 3:17) Ukulungisa abantu akuhileli nje kuphela ukuqondisa labo abathatha inkambo engalungile, kodwa kuhlanganisa nokusiza abathembekile ukuba banamathele enkambweni efanele.a Namuhla, njengoba kunezinkinga eziningi kangaka ezithena amandla, abaningi badinga isikhuthazo sokuba baqhubeke. Abanye bangase badinge usizo olunesisa lokuba baqondanise ukucabanga kwabo nokukaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu athembekile ashikashikana nemizwa ejulile yokungafaneleki. Leyo “miphefumulo ecindezelekile” ingase ibe nomuzwa wokuthi uJehova akasoze ayithanda nokuthi ngisho nemizamo yayo emikhulu kakhulu yokukhonza uNkulunkulu ayisoze yamukeleka kuye. (1 Thesalonika 5:14) Kodwa le ndlela yokucabanga ayihambisani nendlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngempela ngabakhulekeli bakhe.
11. Yini abadala abangayenza ukuze basize labo abashikashikana nemizwa yokungafaneleki?
11 Badala, yini eningayenza ukuze nisize abanjalo? Baboniseni ngomusa ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uJehova ukhathalela ngayinye yezinceku zakhe, nibaqinisekise nangokuthi le mibhalo yeBhayibheli isebenza kubona uqobo. (Luka 12:6, 7, 24) Basizeni ukuba babone ukuthi uJehova uye ‘wabadonsa’ ukuze bazomkhonza, ngakho kumelwe nakanjani ukuba uyabazisa. (Johane 6:44) Baqinisekiseni ukuthi ababodwa—ziningi izinceku zikaJehova ezithembekile ezake zaba nemizwa efanayo. Umprofethi u-Eliya wake wacindezeleka kakhulu kangangokuthi wayesefuna ukufa. (1 AmaKhosi 19:1-4) Amanye amaKristu agcotshiwe ekhulwini lokuqala azizwa ‘elahlwa’ yizinhliziyo zawo uqobo. (1 Johane 3:20) Kuyaduduza ukwazi ukuthi abantu abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli ‘babenemizwa efana neyethu.’ (Jakobe 5:17) Ningabukeza futhi kanye nabadangeleyo izihloko ezikhuthazayo ezikuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! UNkulunkulu ophane ngani ‘njengezipho ezingabantu’ uyoyiqaphela imizamo yenu yothando yokubuyisela ukuzethemba kwabanjalo.—Heberu 6:10.
‘Ukwakha’ Umhlambi
12. Abonisani amazwi athi ‘ukwakhiwa komzimba kaKristu,’ futhi siyini isihluthulelo sokwakha umhlambi?
12 Okwesibili, ‘izipho ezingabantu’ zinikezwa ngenjongo “yokwakhiwa komzimba kaKristu.” (Efesu 4:12) UPawulu lapha usebenzisa isifengqo. Elithi ‘ukwakha’ likhumbuza umuntu ngokwakhiwa kwesakhiwo, futhi amazwi athi ‘umzimba kaKristu’ abhekisela kubantu—amalungu ebandla lamaKristu agcotshiwe. (1 Korinte 12:27; Efesu 5:23, 29, 30) Abadala kudingeka basize abafowabo ukuba baqine ngokomoya. Umgomo wabo ‘uwukwakha hhayi ukudiliza’ umhlambi. (2 Korinte 10:8) Isihluthulelo sokwakha umhlambi uthando, ngoba “uthando luyakha.”—1 Korinte 8:1.
13. Kusho ukuthini ukuba nozwela, futhi kungani kubalulekile ngabadala ukuba babonise uzwela?
13 Esinye sezici zothando esisiza abadala ukuba bakhe umhlambi uzwela. Ukuba nozwela kusho ukuzwela abanye—ukuqonda imicabango nemizwa yabo, uqaphela nokuthi balinganiselwe. (1 Petru 3:8) Kungani kubalulekile ukuba abadala babe nozwela? Ngokuyinhloko yingoba uJehova—okunguye onikeza ‘izipho ezingabantu’—unguNkulunkulu wozwela. Lapho izinceku zakhe zihlupheka noma zisezinhlungwini, uyazizwela. (Eksodusi 3:7; Isaya 63:9) Uyakucabangela ukulinganiselwa kwazo. (IHubo 103:14) Khona-ke, abadala bangalubonisa kanjani uzwela?
14. Yiziphi izindlela abadala abangalubonisa ngayo uzwela kwabanye?
14 Lapho othile odikibele eza kubo bayalalela, bakwamukele ukuthi yileyo ndlela azizwa ngayo. Bazama ukuqonda isizinda, ubuntu nezimo zabafowabo. Khona-ke, lapho abadala benikeza usizo olwakhayo olungokomBhalo, izimvu ziyokuthola kulula ukulwamukela ngoba luvela kubelusi abaziqondayo nabazikhathalela ngempela. (IzAga 16:23) Futhi uzwela lushukumisela abadala ukuba baqaphele ukulinganiselwa kwabanye nemizwa engase ibangelwe yiko. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu aqotho angase azizwe enecala ngoba engakwazi ukwenza okwengeziwe ekukhonzeni uNkulunkulu, mhlawumbe ngenxa yokukhula ngeminyaka noma impilo ebuthaka. Ngakolunye uhlangothi, amanye angase adinge isikhuthazo sokuthuthukisa inkonzo yawo. (Heberu 5:12; 6:1) Uzwela luyoshukumisela abadala ukuba bathole “amazwi enamisayo” ayobakha abanye. (UmShumayeli 12:10) Lapho izimvu zikaJehova zakhiwa futhi zishukunyiswa, uthando lwazo ngoNkulunkulu luyozishukumisela ukuba zenze konke ezingakwenza ekumkhonzeni!
Amadoda Athuthukisa Ubunye
15. Abonisani amazwi athi ‘ubunye okholweni’?
15 Okwesithathu, ‘izipho ezingabantu’ zinikezwa ngenjongo yokuba ‘sonke sifinyelele ebunyeni okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu.’ (Efesu 4:13) Amazwi athi ‘ubunye okholweni’ awabonisi nje kuphela ukufana kwezinkolelo, kodwa kubonisa nobunye bamakholwa. Ngakho-ke, lokhu kungesinye futhi isizathu esenza uNkulunkulu asinikeze ‘izipho ezingabantu’—ukwenza kube nobunye phakathi kwabantu bakhe. Zikwenza kanjani lokhu?
16. Kungani kubalulekile ukuba abadala balondoloze ubunye phakathi kwabo?
16 Okokuqala nje, kumelwe zilondoloze ubunye phakathi kwazo. Uma abelusi behlukene phakathi, izimvu zingase zinganakwa. Isikhathi esiyigugu ebesingasetshenziselwa ukwalusa umhlambi singase sichitheke ngokungadingekile emihlanganweni nasezinkulumweni-mpikiswano ezinde zezinto ezingasho lutho. (1 Thimothewu 2:8) Abadala bangase bangavumelani ngokuzenzakalelayo kuzo zonke izinto abaxoxa ngazo, ngoba bangabantu abanobuntu obungase buhlukahluke kakhulu. Ubunye abubavimbi ukuba babe nemibono engafani noma ngisho nokuyiveza ngendlela enokulinganisela phakathi nengxoxo eyenziwa ngomqondo ovulekile. Abadala balondoloza ubunye babo ngokulalelana ngenhlonipho ngaphandle kokwahlulela kusengaphambili. Futhi uma nje kungekho simiso seBhayibheli esephulwayo, ngamunye kufanele azimisele ukuzivumelanisa nesinqumo sokuphetha sendikimba yabadala futhi asisekele. Umoya wokuzivumelanisa ubonisa ukuthi baqondiswa “ukuhlakanipha okuvela phezulu,” ‘okunokuthula nokunengqondo.’—Jakobe 3:17, 18.
17. Abadala bangasiza kanjani ekulondolozeni ubunye ebandleni?
17 Abadala bayakuphaphamela futhi ukuthuthukisa ubunye ebandleni. Lapho amathonya ahlukanisayo—njengenhlebo elimazayo, ukuthambekela kokusola izisusa zabanye, noma umoya wokubanga—esongela ukuthula, banikeza iseluleko esisizayo ngaphandle kokunqikaza. (Filipi 2:2, 3) Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi abadala bazi abathile abagxeka ngokweqile noma abathambekele ekugxambukeleni ezindabeni zabanye, kanjalo babe ogaxekile. (1 Thimothewu 5:13; 1 Petru 4:15) Abadala bayozama ukusiza abanjalo ukuba baqaphele ukuthi le nkambo iphambene nalokho esiye sakufundiswa uNkulunkulu nokuthi ngamunye kumelwe ‘athwale umthwalo wakhe siqu.’ (Galathiya 6:5, 7; 1 Thesalonika 4:9-12) Besebenzisa imiBhalo, bayochaza ukuthi izinto eziningi uJehova uzishiyela konembeza bethu ngabanye, futhi akekho kithi okufanele ahlulele abanye ezindabeni ezinjalo. (Mathewu 7:1, 2; Jakobe 4:10-12) Ukuze sikhonze uJehova ngobunye, kumelwe kube nomoya wokwethembana nokuhloniphana ebandleni. Ngokunikeza iseluleko esingokomBhalo lapho sidingeka, lezi “zipho ezingabantu” zisisiza ukuba silondoloze ukuthula nobunye bethu.—Roma 14:19.
Ukuvikela Umhlambi
18, 19. (a) ‘Izipho ezingabantu’ zisivikela kobani? (b) Iyiphi enye ingozi izimvu ezidinga ukuvikelwa kuyo, futhi yini abadala abayenzayo ukuze bavikele izimvu?
18 Okwesine, uJehova unikeza ‘izipho ezingabantu’ ukuze asivikele ekuthonyweni “yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu, ngobuqili ekuklameni isiphambeko.” (Efesu 4:14) Igama lokuqala elisho ‘ukukhohlisa’ kuthiwa lisho ‘ukuphamba emadayisini’ noma ‘ubuciko bokudlala amadayisi.’ Ingabe lokho akusikhumbuzi indlela izihlubuki ezihlakaniphile ezisebenza ngayo? Zisebenzisa indlela yokucabanga enobuqili, zishintsha imiBhalo, zizama ukuyenga amaKristu eqiniso ukuba alushiye ukholo lwawo. Abadala kumelwe baziqaphele lezo “zimpisi ezicindezelayo”!—IzEnzo 20:29, 30.
19 Izimvu zikaJehova kudingeka zivikelwe nakwezinye izingozi. Umalusi wasendulo uDavide wawuvikela ngesibindi umhlambi kayise ezilwaneni ezizingelayo. (1 Samuweli 17:34-36) Nanamuhla, kungase kube nezimo lapho kudingeka ukuba abelusi abakhathazekile abangamaKristu babonise isibindi ukuze bavikele umhlambi kunoma obani abangase baxhaphaze noma bacindezele izimvu zikaJehova, ikakhulukazi lezo ezingaba yizisulu kalula. Abadala bayoshesha ukuzisusa ebandleni izoni zangamabomu ezisebenzisa ngenhloso ukuphamba, ukukhohlisa nozungu ukuze zisakaze ububi.b—1 Korinte 5:9-13; qhathanisa neHubo 101:7.
20. Kungani singase sizizwe silondekile njengoba sinakekelwa ‘yizipho ezingabantu’?
20 Yeka indlela esibonga ngayo “ngezipho ezingabantu”! Njengoba zisinakekela ngothando, singazizwa silondekile, ngoba zisilungisa ngesisa, zisakhe ngothando, zinganqikazi ukulondoloza ubunye bethu futhi zisivikele ngesibindi. Kodwa ‘izipho ezingabantu’ kufanele ziyibheke kanjani indima yazo ebandleni? Futhi singabonisa kanjani ukuthi siyazazisa? Le mibuzo kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Enguqulweni yesiGreki i-Septuagint, lesi senzo esifanayo esihunyushwe ngokuthi “lungisa” sisetshenziswe kumaHubo 17[16]:5, lapho uDavide othembekile ethandazela ukuba izinyathelo zakhe zinamathele emikhondweni kaJehova.
b Ngokwesibonelo, bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 15, 1979, amakhasi 31-2, nesithi “Masikwenyanye Okubi” esikweka-January 1, 1997, amakhasi 26-9.
Uyakhumbula?
◻ Zingobani ‘izipho ezingabantu,’ futhi kungani uNkulunkulu ngoKristu eye waphana ngazo ebandleni?
◻ Abadala bawufeza kanjani umthwalo wabo wokulungisa umhlambi?
◻ Yini abadala abangayenza ukuze bakhe abakholwa nabo?
◻ Abadala bangabulondoloza kanjani ubunye bebandla?
[Isithombe ekhasini 10]
Uzwela lusiza abadala ukuba bakhuthaze labo abadangele
[Isithombe ekhasini 10]
Ubunye phakathi kwabadala benza kube nobunye ebandleni