UKulalela Kokuhlonipha UNkulunkulu Emkhayeni Ohlukene Phakathi Ngokwenkolo
“KULIMAZA ngaphezu kwanoma ikuphi ukushaywa emzimbeni. . . . Ngizwa sengathi ngilinyazwe yonke indawo, nokho akukho namunye ongakubona.” “Ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuphelelwa ithemba . . . noma kuthi ngihambe ngingaphinde ngibuye.” “Ngezinye izikhathi kunzima ukucabanga ngendlela eqondile.”
Lawomazwi agcwele imizwelo embula imizwa yokuphelelwa yithemba nokuba nesizungu. Avela ezisulwini zokuhlukunyezwa ngamazwi—ukusolwa, ukusongelwa, ukubizwa ngamagama alulazayo, ukunganakwa—ngisho nokuhlukunyezwa ngokomzimba umngane womshado namalungu omkhaya. Kungani lababantu bephathwa kabi kangaka? Ngenxa nje yokwehluka kwezinkolelo ezingokwenkolo. Ngaphansi kwalezizimo, ukuphila emkhayeni ohlukene phakathi ngokwenkolo kwenza ukukhulekela uJehova kube inselele yangempela. Nokho, iningi lalawomaKristu enziwa izisulu libonisa ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu ngokuphumelelayo.
Ngokujabulisayo, usizi nokucindezeleka okunjalo akutholakali kuwo wonke amakhaya ahlukene phakathi ngokwenkolo. Nakuba kunjalo, kona kukhona. Ingabe ikhaya lakho linjalo? Khona-ke, ungase ukuthole kunzima ukuhlonipha umngane wakho womshado noma abazali bakho. Uma ungumfazi okulesosimo noma niyizingane eziphila ngaphansi kwesimo esinjalo, ningaphumelela kanjani ekuboniseni ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu ekhaya elihlukene phakathi ngokwenkolo? Yikuphi ukusekela abanye abangakunikeza? Futhi uNkulunkulu uyibheka kanjani lendaba?
Kungani Kunzima Kangaka Ukulalela?
Ukuzikhathalela ngokweqile kwezwe nokungabongi kusebenzisana nokuthambekela kwakho siqu kokungapheleli futhi kwenze ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu kube yimpi eqhubekayo. USathane uyakwazi lokhu, futhi injongo yakhe iwukuphula umoya wakho. Ngokuvamile usebenzisa amalungu omkhaya angenakho nhlobo ukwazisa nenhlonipho ngezindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu. Izimiso zakho eziphakeme ezingokomoya nezokuziphatha ngokuvamile zihluke ngokuphelele kulezo zomkhaya wakini ongakholwa. Lokhu kusho imibono engqubuzanayo ngokuziphatha nomsebenzi. (1 Petru 4:4) Ukucindezela kokukuphambukisa endinganisweni yobuKristu kungase kube kukhulu, njengoba uye walalela lomyalo: “Niyeke ukuhlanganyela nawo emisebenzini engatheli engeyobumnyama.” (Efesu 5:11) Emehlweni awo akusekho okulungile okwenzayo. Konke kungenxa yenkolo yakho. Omunye umama, lapho esindwa umthwalo wokugula kwabantwana, wacela usizo kumyeni wakhe futhi wathola lempendulo ebhinqayo, “Unaso isikhathi senkolo yakho; awuludingi usizo.” Izinkulumo ezinjalo zinezela enseleleni yokuba abalalelayo.
Ngaphezu kwalokho kunezikhathi lapho ningase ningavumelani ngezindaba ezithile ezingekhona ukwephulwa okuqondile kwemiBhalo. Nokho, uyaqaphela ukuthi uyingxenye yomkhaya futhi ngezinga elithile unezibopho ezithile. “Ngicasuka kakhulu lapho ngicabanga indlela ubaba asiphatha ngayo ngoba ngiyaqaphela ukuthi uzizwa enesizungu,” kusho uConnie. “Ngokuvamile kudingeka ngizikhumbuze ukuthi akumelwe ngikucasukele ukuphikisa kukababa. Kudingeka ngizitshele ukuthi kunesizathu esiqinile sokuba asabele ngokweqile noma enqabe ukuma kwethu. USathane ungumbusi walesisimiso sezinto.” USusan, oshade nomuntu ongakholwa, uyavuma: “Ekuqaleni nganginomuzwa wokuthi ngifuna ukuhlukanisa—kodwa angisakufuni. Ngangazi ukuthi uSathane wayemsebenzisa ukuze angivivinye.”
Imizamo kaSathane yokukwenza uzizwe ungelutho ingacishe ibonakale ingemibi. Kungase kudlule izinsuku ungakhulumisani nomngane wakho womshado. Ukuphila kungaba nesizungu esikhulu. Lokhu kuqeda ukuzethemba nokuzihlonipha futhi kuvivinya ukulalela kwakho kokuhlonipha uNkulunkulu. Izingane nazo zizizwa ziphelelwa amandla ngokomzwelo nangokomzimba. Kwesinye isenzakalo, izinceku zikaNkulunkulu ezintathu ezisezintsha zaziba khona ngokwethembeka emihlanganweni yobuKristu, ngisho noma abazali bazo babephikisa. Enye yazo, manje eyisikhonzi sesikhathi esigcwele, yavuma: “Sasizizwa sindikindiki futhi siphelelwa amandla; sasingakwazi ukulala; kwakusidabukisa kakhulu.”
Yini UNkulunkulu Ayilindele Kuwe?
Ukulalela uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kuza kuqala, futhi ukuthobela ubunhloko bendoda okulinganiselwe kumelwe ngaso sonke isikhathi kuvumelane nokuqondisa kukaJehova. (IzEnzo 5:29) Lokho kungaba nzima, kodwa kungenzeka. Qhubeka ubheka kuNkulunkulu ukuze uthole usizo. Ufuna ukuba ‘umkhulekele ngomoya nangeqiniso’ nokuba ulalele futhi uzithobe esiqondisweni sakhe. (Johane 4:24) Ulwazi oluvela eZwini likaNkulunkulu, njengoba lungena enhliziyweni efanele, lushukumisa ukulalela ngokuzithandela. Nakuba izimo zakho siqu zingase zishintshe, uJehova noma iZwi lakhe akushintshi. (Malaki 3:6; Jakobe 1:17) UJehova wabele indoda ukuba ibe inhloko. Lokhu kuhlala kunjalo kungakhathaliseki ukuthi iyabamukela yini ubunhloko bukaKristu noma cha. (1 Korinte 11:3) Nakuba lokhu kungase kube nzima ukukubekezelela lapho ubhekene nokuhlukunyezwa nokwehliswa okuqhubekayo, umfundi uJakobe uthi: ‘Ukuhlakanipha okuvela phezulu kuyashesha ukulalela.’ (Jakobe 3:17) Ukuze uqaphele lobubunhloko ngaphandle kokungabaza futhi ubamukele kudingeka umoya kaNkulunkulu, ikakhulukazi isithelo sawo sothando.—Galathiya 5:22, 23.
Lapho uthanda othile, kulula ukubonisa ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu egunyeni elimiswe ngokwaphezulu. Eyabase-Efesu 5:33 iyeluleka: “Lowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”
Cabanga ngoJesu. Wahlukunyezwa ngamazwi nangokomzimba, kodwa akazange athuke muntu. Walondoloza umlando ongenasici. (1 Petru 2:22, 23) Ukuze uJesu abhekane nokwehliswa okunjalo, wayedinga isibindi esikhulu nothando olungenakunyakaziswa ngoYise, uJehova. Kodwa, uthando “lukhuthazelela zonke izinto.”—1 Korinte 13:4-8.
UPawulu wakhumbuza isisebenzi ayekanye naso uThimothewu, futhi nathi uyasikhumbuza namuhla: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando nowokuhluzeka kwengqondo.” (2 Thimothewu 1:7) Uthando olujulile ngoJehova noJesu Kristu lungakushukumisela ekulaleleni kokuhlonipha uNkulunkulu lapho kubonakala kunzima ukukhuthazelela isimo. Ukuhluzeka kwengqondo kuyokusiza ukuba ugcine umbono olinganiselayo futhi uqhubeke ugxile ebuhlotsheni bakho noJehova noJesu Kristu.—Qhathanisa neyabaseFilipi 3:8-11.
Abangane Bomshado Abaphumelelayo Ekuboniseni Ukulalela Kokuhlonipha UNkulunkulu
Ngezinye izikhathi kumelwe ulinde isikhathi eside ukuze ubone indlela uJehova ayozinakekela ngayo izinkinga zakho. Nokho, isandla sakhe asifinyeziwe neze. “Ngaso sonke isikhathi yenza izinto uJehova akunike igunya nelungelo lokuzenza—ukumkhulekela emihlanganweni emincane nemikhulu, ukutadisha, ukuya enkonzweni, nokuthandaza,” kweluleka othile ophumelelayo ekuboniseni ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu. UJehova ubusisa imizamo yakho, hhayi lokho nje okufezayo. Kweyesi-2 Korinte 4:17, umphostoli uPawulu wathi ‘usizi lungolomzuzwana, kodwa lusivezela inkazimulo emi phakade.’ Zindla ngalokhu. Kuyoba isici esiqinisayo kuwe. Unkosikazi othile uqaphela lokhu: “Ukuphila komkhaya wami akubi ngcono, futhi ngezinye izikhathi ngiyazibuza ukuthi uJehova uyajabula yini ngami. Kodwa into engiyibheka njengesibusiso sakhe iqiniso lokuthi ngiphuma kulezizimo ezinzima ngisesimweni esingcono kunomyeni wami. Ukwazi ukuthi izenzo zethu ziyamjabulisa uJehova kwenza yonke lempi ifaneleke.”
UJehova uthembisa ukuthi akasoze avuma ukuba ubhekane nezimo ezingaphezu kwalokho ongakukhuthazelela. Methembe. Wazi kangcono kunawe, futhi ukwazi kangcono kunokuba wena uzazi. (Roma 8:35-39; 11:33; 1 Korinte 10:13) Ukuthandaza kuJehova ngaphansi kwezimo ezinzima kuyasiza. Thandazela umoya wakhe ukuba ukuqondise, ikakhulukazi lapho ungakwazi okumelwe ukwenze noma ungayazi indlela yokusingatha isimo esithile. (IzAga 3:5; 1 Petru 3:12) Mnxuse njalo ukuze akusize ubonise ukubekezela, ukuzithiba, nokuthobeka kokulalela igunya ekuphileni kwakho. Umhubi wathi: ‘UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.’ (IHubo 18:2) Ukukhumbula lokhu kuwusizo oluqinisayo kulabo abasemikhayeni ehlukene phakathi ngokwenkolo.
Ngaphezu kwakho konke, yenza yonke imizamo ukuze wenze umshado wakho ujabulise. Yebo, uJesu wabona kusengaphambili ukuthi izindaba ezinhle zaziyobangela ukuhlukana. Nokho, thandazela ukuba noma ikuphi ukuhlukana kungabangelwa isimo sakho sengqondo noma ukuziphatha. (Mathewu 10:35, 36) Ukuze ufinyelele lokhu, ukubambisana kuyazinciphisa izinkinga zomshado. Ngisho nalapho kunguwe kuphela obonisa lesisimo sengqondo esifanele, kungafeza okukhulu ekuvimbeleni izinkinga ukuba zifinyelele eqophelweni lokuba ingxabano nokungezwani okukhulu. Ukubekezela nothando kubaluleke kakhulu. Yiba ‘mnene futhi uzibambe ngaphansi kobubi.’—2 Thimothewu 2:24.
Umphostoli uPawulu waba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Korinte 9:22) Ngokufanayo, nakuba ungayekethisi emisebenzini yobuKristu, ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba ulungise isimiso sakho ukuze usebenzise isikhathi esengeziwe unomngane wakho womshado nomkhaya wakho. Mnike isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka lowo owakhetha ukuhlanganyela ukuphila kwakho naye. Bonisa ukukhathalela kobuKristu. Lokhu ukubonakaliswa kokulalela kokuhlonipha uNkulunkulu.
Umfazi owesaba uNkulunkulu nozithobayo ovumelana nezimo nonozwela ukuthola kulula ukubonisa ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu. (Efesu 5:22, 23) Amazwi amnene, “ayoliswe ngosawoti,” ayasiza ekunciphiseni ukuvama kwezimpikiswano.—Kolose 4:6; IzAga 15:1.
Ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kukuyala ukuba ulungise ukungaboni ngaso linye ngokushesha futhi ubuyisele ukuthula ngamazwi amahle akhayo, kunokuba uyolala ‘usesimweni sokucasuka.’ (Efesu 4:26, 29, 31) Lokhu kudinga ukuthobeka. Ncika kuJehova ngokuphelele ukuze uthole amandla. Unkosikazi othile ongumKristu wavuma ngokuthobeka: “Ngemva komthandazo ojulile, ngiye ngezwa umoya kaJehova uyiphakamisa ingalo yami ukuze ngange umngane wami womshado.” IZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:17-21) Lesi isiqondiso esihlakaniphile nenkambo yokulalela kokuhlonipha uNkulunkulu.
Izingane Ezibonisa Ukulalela Kokuhlonipha UNkulunkulu
Iseluleko sikaJehova kinina zingane ezisemikhayeni ehlukene phakathi ngokwenkolo sithi: “Lalelani abazali benu kukho konke, ngoba lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.” (Kolose 3:20) Phawula ukuthi kukhulunywa ngeNkosi uJesu Kristu kulendaba. Ngakho, ukulalela abazali akukhona okungenamingcele. Ngandlela-thile, iseluleko sezEnzo 5:29, ‘sokulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu,’ siyayithinta nentsha engamaKristu. Kuyophakama izimo lapho kuyomelwe unqume okufanele ukwenze ngesisekelo salokho owazi ukuthi kulungile ngokwemiBhalo. Umphumela ungase ube isijeziso esithile ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela esenzweni sokukhulekela kwamanga. Nakuba lokhu kuyinto engajabulisi engenzeka, ungathola induduzo futhi ungajabula ngisho nokujabula ngeqiniso lokuthi uhlupheka ngenxa yokwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu.—1 Petru 2:19, 20.
Njengoba imicabango yakho iqondiswa izimiso zeBhayibheli, ungase ungavumelani nabazali bakho ezindabeni ezithile. Lokhu akubenzi babe izitha zakho. Ngisho noma bengezona izinceku zikaJehova ezizinikezele, bafanelwe udumo olufanelekile. (Efesu 6:2) USolomoni wathi: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko.” (IzAga 23:22) Zama ukuqonda ubuhlungu ababuzwayo ngokuphishekela kwakho ukholo olubonakala lungavamile kubo. Khuluma nabo, futhi yenza ‘ukuba nengqondo kwakho kwaziwe.’ (Filipi 4:5) Hlanganyela nabo imizwa nokukhathazeka kwakho. Zimelele ngokuqinile izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu, ngesikhathi esifanayo, ‘uma kungenzeka ngokusemandleni akho, yiba nokuthula nabantu bonke.’ (Roma 12:18) Iqiniso lokuthi ulalela imiyalo yabazali manje libonisa uJehova ukuthi uyafisa ukuqhubeka ulalela njengesikhonzi soMbuso.
Lokho Abanye Abangakwenza
AmaKristu ahlala emikhayeni ehlukene phakathi ngokwenkolo adinga ukusekelwa nokuqonda kwabakhulekeli akanye nabo. Lokhu kubonakala emazwini omuntu othile owathi: “Ngizizwa ngingenathemba nalusizo ngokuphelele, njengoba kungekho muntu owenza utho, futhi akukho lutho engingalwenza ukuze ngikushintshe. Ngithembela kuJehova ukwenza intando yakhe emkhayeni wethu, kungakhathaliseki ukuthi iyini.”
Ukuhlangana nabazalwane nodade abangokomoya emihlanganweni yobuKristu kuyisivikelo. Lomuntu ofanayo wachaza ukuphila kwakhe “njengokufana nezindawo ezimbili ezihlukene. Enye okumelwe ngibe kuyo futhi nenye engifuna ukuba kuyo.” Uthando lobuzalwane lukwenza kube nokwenzeka ngalaba abahluphekile ukuba bakhuthazele futhi bakhonze ngaphansi kwazo zonke lezizimo. Bahlanganise emithandazweni yakho. (Efesu 1:16) Ngaso sonke isikhathi nangawo wonke amathuba khuluma amazwi akhuthazayo, aqondile, naduduzayo kubo. (1 Thesalonika 5:14) Lapho kungenzeka futhi kufaneleka, bahlanganise emisebenzini engokwasezulwini neyokuzijabulisa.
Izibusiso Nezinzuzo Zokulalela Kokuhlonipha UNkulunkulu
Zindla nsuku zonke ngezibusiso nezinzuzo zokubonisa ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu emkhayeni ohlukene phakathi ngokwenkolo. Sebenzela ukuba olalelayo. ‘Ungakhathali.’ (Galathiya 6:9) Ukukhuthazelela izimo ezingezinhle nokungabi nabulungisa “ngenxa kanembeza kuNkulunkulu . . . kuyinto enhle” kuNkulunkulu. (1 Petru 2:19, 20) Lalela ngendlela eyokwenza ukuba izimiso zikaJehova zokulunga nemithetho kunganyakaziswa. Lokhu kubonisa ukwethembeka elungiselelweni likaJehova. Ukuziphatha kwakho kokuhlonipha uNkulunkulu kungase kusindise ngisho nokuphila komngane wakho womshado, izingane, noma abazali.—1 Korinte 7:16; 1 Petru 3:1.
Njengoba ubhekana nezimfuno nalokho okulindelwe umkhaya ohlukene phakathi ngokwenkolo, khumbula ukubaluleka kokugcina ubuqotho kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ungazishaya indiva izinto eziningi, kodwa ukubushaya indiva ubuqotho kusho ukukushaya indiva konke, kuhlanganise nokuphila ngokwakho. Umphostoli uPawulu wathi: “UNkulunkulu . . . ukhulumé nathi ekupheleni kwalezizinsuku esebenzisa iNdodana, ayimisé ukuba ibe indlalifa yezinto zonke, naleyo enza ngayo izimiso zezinto.” Ukuqaphela ‘lensindiso enkulu kangako’ kuyokuqinisa ukuba ulalele.—Heberu 1:1, 2; 2:3.
Ukulalela kwakho kokungayekethisi nokuqina ngenxa yokuziphatha nezindinganiso ezifanele kuyisivikelo esinempilo kuwe nomngane wakho womshado ongakholwa. Ukwethembeka kwakha izibopho eziqinile zomkhaya. IzAga 31:11 zithi ngowesifazane okhuthele nothembekile: “Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye.” Ukuziphatha kwakho okumsulwa nenhlonipho ejulile kungavula amehlo omyeni wakho ongakholwa. Kungase kumholele ekubeni amukele iqiniso likaNkulunkulu.
Ngempela ukulalela kokuhlonipha uNkulunkulu kuyigugu futhi kusindisa ukuphila. Kuthandazele ekuphileni komkhaya wakho. Kuyophumela ekuthuleni kwengqondo futhi kulethe udumo kuJehova.