Ungawenzi Lusizi Umoya Ongcwele KaJehova
‘Ningawenzi lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu, eniye naphawulwa ngawo.’—EFE. 4:30.
1. Yini uJehova aye wayenzela izigidi zabantu, futhi zinasiphi isibopho?
KUNENTO ekhethekile uJehova aye wayenzela izigidi zabantu eziphila kuleli zwe elinezinkathazo. Wenze ukuba zikwazi ukusondela kuye ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. (Joh. 6:44) Uma uye wazinikezela kuNkulunkulu futhi uphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho, nawe ungomunye walezo zigidi. Njengomuntu obhapathizwe egameni lomoya ongcwele, unesibopho sokuziphatha ngokuvumelana nawo.—Math. 28:19.
2. Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?
2 Thina ‘esihlwanyela sinombono womoya’ sigqoka ubuntu obusha. (Gal. 6:8; Efe. 4:17-24) Kodwa umphostoli uPawulu useluleka futhi asixwayise ukuba singawenzi lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu. (Funda eyabase-Efesu 4:25-32.) Manje sizohlolisisa lesi seluleko somphostoli. Wayesho ukuthini uPawulu lapho ekhuluma ngokuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuba umuntu ozinikezele kuJehova enze into enjalo? Singakugwema kanjani ukuwenza lusizi umoya kaJehova?
Lokho UPawulu Ayekusho
3. Ungakuchaza kanjani okushiwo amazwi akweyabase-Efesu 4:30?
3 Okokuqala, phawula amazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 4:30. Wabhala: “Ningawenzi lusizi umoya ongcwele kaNkulunkulu, okungawo niye naphawulelwa usuku lokukhululwa ngesihlengo.” UPawulu wayengafuni ukuba amakholwa akanye nawo awathandayo afake ingokomoya lawo engozini. ‘Ayephawulelwe usuku lokukhululwa ngesihlengo’ ngomoya kaJehova. Umoya ongcwele kaNkulunkulu wawuluphawu “lwalokho okuzokuza” abagcini bobuqotho abagcotshiweyo abalunikwa kusengaphambili, futhi useyilo. (2 Kor. 1:22) Lolu phawu lubonisa ukuthi bangabakaNkulunkulu futhi basethubeni lokuthola ukuphila kwasezulwini. Bangu-144 000 abayogcina bethole lolu phawu.—IsAm. 7:2-4.
4. Kungani kubalulekile ukuba sigweme ukuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu?
4 Uma umKristu ewenza lusizi umoya ongcwele, lokho kungaba isinyathelo sokuqala esiholela ekubeni ungabe usasebenza ekuphileni kwakhe. Ukuthi lokhu kungenzeka, kubonakala kulokho okwashiwo uDavide ngemva kwesono asenza noBhati-sheba. UDavide waphenduka futhi wancenga uJehova: “Ungangintshingi ungisuse phambi kobuso bakho; O, umoya wakho ongcwele ungawususi kimi.” (IHu. 51:11) Abagcotshiwe abahlala ‘bethembekile kuze kube sekufeni’ kuphela abayokwamukela “umqhele” wokuphila okungenakufa ezulwini. (IsAm. 2:10; 1 Kor. 15:53) AmaKristu anethemba lasemhlabeni nawo ayawudinga umoya ongcwele ukuze akwazi ukugcina ubuqotho kuNkulunkulu, athole nesipho sokuphila ngesisekelo sokholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu. (Joh. 3:36; Roma 5:8; 6:23) Yingakho sonke kumelwe siqaphe ukuba singawenzi lusizi umoya ongcwele kaJehova.
UmKristu Angawenza Kanjani Lusizi Umoya?
5, 6. UmKristu angawenza kanjani lusizi umoya kaJehova?
5 NjengamaKristu azinikezele, singakugwema ukuwenza lusizi umoya. Lokhu singakwenza uma ‘siqhubeka sihamba futhi siphila ngomoya,’ ngoba uma senza kanjalo, ngeke sinqotshwe izifiso zenyama ezingalungile futhi ngeke sibonakalise imikhuba yokungamesabi uNkulunkulu. (Gal. 5:16, 25, 26) Kodwa lokho kungenzeka kushintshe. Singawenza lusizi umoya kaNkulunkulu ngezinga elithile, mhlawumbe singaboni sivumele ukuhlehlela ekuziphatheni okulahlwa iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya.
6 Uma siqhubeka senza ngokuphambene nesiqondiso somoya ongcwele, siyobe siwenza lusizi wona noJehova onguMthombo wawo. Ukuhlola eyabase-Efesu 4:25-32 kuzosibonisa indlela okufanele siziphathe ngayo, futhi kungasisiza ukuba sigweme ukuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu.
Indlela Esingagwema Ngayo Ukuwenza Lusizi Umoya
7, 8. Chaza ukuthi kungani kumelwe sikhulume iqiniso njalo.
7 Kumelwe sikhulume iqiniso njalo. Kweyabase-Efesu 4:25, uPawulu wabhala: “Njengoba seniwalahlile amanga, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe, ngoba singamalungu elinye nelinye.” Njengoba simunye ‘njengamalungu elinye nelinye,’ ngempela akufanele sibe nobuqili noma sizame ngamabomu ukudukisa amaKristu esikanye nawo, ngoba lokho kuyafana nokuwakhohlisa. Noma ubani ophikelelayo enkambweni enjalo uyogcina engasenabo ubuhlobo noNkulunkulu.—Funda izAga 3:32.
8 Amazwi nezenzo zenkohliso kungaphazamisa ubunye bebandla. Ngakho-ke, kufanele sibe njengomprofethi othembekile, uDaniyeli, lowo abantu abangakwazanga ukuthola noma yini eyonakele kuye. (Dan. 6:4) Kumelwe sikhumbule iseluleko uPawulu asinikeza amaKristu anethemba lasezulwini esithi wonke amalungu awo ‘awumzimba kaKristu’ futhi kudingeka ahlale esebunyeni nabalandeli bakaJesu abagcotshiwe. (Efe. 4:11, 12) Uma sinethemba lokuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi, nathi kumelwe sikhulume iqiniso, ngaleyo ndlela sibe nengxenye ebunyeni bobuzalwane bethu bomhlaba wonke.
9. Kungani kubalulekile ukuba senze ngokuvumelana nokushiwo eyabase-Efesu 4:26, 27?
9 Kumelwe simelane noDeveli, singamniki ithuba lokuba asilimaze ngokomoya. (Jak. 4:7) Umoya ongcwele usisiza ukuba simelane noSathane. Ngokwesibonelo, singakwenza lokhu ngokulawula intukuthelo yethu. UPawulu wabhala: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efe. 4:26, 27) Uma kwenzeka sithukuthela ngesizathu esifanele, ukuthandaza ngokushesha buthule kungasisiza ukuba sibe “nomoya ozolile,” sizithibe kunokuba senze ngendlela engawenza lusizi umoya kaNkulunkulu. (IzAga 17:27) Ngakho, masingahlali sithukuthele futhi sinike uSathane ithuba lokusiyengela ekwenzeni okubi. (IHu. 37:8, 9) Enye indlela yokumelana naye iwukuxazulula izingxabano ngokushesha ngokuvumelana neseluleko sikaJesu.—Math. 5:23, 24; 18:15-17.
10, 11. Kungani kungamelwe sebe noma singathembeki?
10 Akumelwe sivumele ukunqotshwa yinoma isiphi isilingo sokweba noma sokungathembeki. Ngokuphathelene nokweba, uPawulu wabhala: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.” (Efe. 4:28) Uma umKristu ozinikezele ebengeba, empeleni ubeyobe ‘ehlasela igama likaNkulunkulu’ ngokulithela ngesihlamba. (IzAga 30:7-9) Ngisho nobumpofu abenzi ukuba ukweba kuthetheleleke. Labo abathanda uNkulunkulu nomakhelwane bayazi ukuthi azikho izaba zokweba.—Marku 12:28-31.
11 UPawulu akagcini ngokusho lokho okungafanele sikwenze; usho nalokho okufanele sikwenze. Uma siphila futhi sihamba ngomoya ongcwele, siyosebenza kanzima ukuze sinakekele imikhaya yethu futhi sibe “nokuthile kokwabela umuntu oswele.” (1 Thim. 5:8) UJesu nabaphostoli bakhe babenemali ababeyibekela ukusiza abampofu, kodwa umkhapheli uJuda Iskariyothe wayeyeba. (Joh. 12:4-6) Ngokuqinisekile, wayengaholwa umoya ongcwele. Thina esiholwa umoya kaNkulunkulu ‘siziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke,’ njengoba kwenza uPawulu. (Heb. 13:18) Ngokwenza kanjalo, sigwema ukuwenza lusizi umoya ongcwele kaJehova.
Ezinye Izindlela Zokugwema Ukuwenza Lusizi Umoya
12, 13. (a) Njengoba kuboniswe kweyabase-Efesu 4:29, inkulumo enjani okufanele siyigweme? (b) Inkulumo yethu kufanele ibe njani?
12 Kumelwe siqaphe ulimi lwethu. UPawulu wathi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” (Efe. 4:29) Nalapha, lo mphostoli akagcini ngokusho lokho okungafanele sikwenze; usho nalokho okufanele ukuba siyakwenza. Lapho siqondiswa umoya kaNkulunkulu, siyoshukumiseleka ukuba ‘sisho izinto ezakhayo ukuze zidlulisele okuhle kwabezwayo.’ Ngaphezu kwalokho, akufanele kuphume “izwi elibolile” emilonyeni yethu. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “bolile” liye lasetshenziselwa ukuchaza isithelo, inhlanzi noma inyama eyonakele. Njengoba nje sikwenyanya ukudla okunjalo, siyayizonda nenkulumo uJehova ayibheka njengembi.
13 Esikushoyo kufanele kube okunenhlonipho, okunomusa ‘nokuyoliswe ngosawoti.’ (Kol. 3:8-10; 4:6) Lapho abantu besilalele, kufanele bezwe ukuthi sihlukile. Ngakho, masisize abanye ngokukhuluma ‘okwakhayo.’ Kwangathi singazizwa njengomhubi owahlabelela: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova Dwala lami noMkhululi wami.”—IHu. 19:14.
14. Ngokweyabase-Efesu 4:30, 31, yini okufanele sihlukane nayo?
14 Kumelwe sihlukane nokufutheka, intukuthelo, ukuhlambalaza kanye nabo bonke ububi. Ngemva kokuba exwayise ngokuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu, uPawulu wabhala: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.” (Efe. 4:30, 31) Njengabantu abangaphelele, sonke kudingeka sizikhandle ukuze silawule imicabango nezenzo zethu. Uma singakulawuli “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka,” siyobe siwenza lusizi umoya kaNkulunkulu. Siyobe senza okufanayo uma sibamba amagqubu, sifune ukuphindisela futhi singafuni ukubuyisana nomuntu osonile. Uma nje singaqala ukungasinaki lesi seluleko seBhayibheli, singase sibe nezici ezingasiholela ekoneni umoya bese sivuna kabuhlungu.
15. Uma othile esonile, yini okufanele siyenze?
15 Kudingeka sibe nomusa, ububele futhi sithethelele. UPawulu wabhala: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efe. 4:32) Ngisho noma othile esiphathe kabi kakhulu, masimthethelele, silingise uNkulunkulu. (Luka 11:4) Ake sithi omunye umKristu ushó okuthile okubi ngathi bese siya kuye siyolungisa udaba. Uma ebonisa ukudabuka kwangempela, acele intethelelo, siyamthethelela. Kodwa akupheleli lapha. ULevitikusi 19:18 uthi: “Ungaphindiseli noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu; kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena. NginguJehova.”
Kudingeka Ukuqapha
16. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi kungase kudingeke senze ukulungisa okuthile ukuze singawenzi lusizi umoya kaJehova.
16 Ngisho nalapho sisodwa, singalingelwa ukwenza okuthile okungamjabulisi uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi umzalwane ubelalela umculo ongabazekayo. Ekugcineni unembeza wakhe uyamhlupha ngoba engasinaki iseluleko seBhayibheli esisezincwadini ezilungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45) Angase athandaze ngale nkinga futhi akhumbule amazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 4:30. Ezimisele ngokuqinile ukungenzi lutho oluyowenza lusizi umoya kaNkulunkulu, unquma ukuthi kusukela manje usezowugwema umculo ongabazekayo. UJehova uyosibusisa isimo sengqondo salo mzalwane. Ngakho, masiqhubeke siqapha ukuba singawenzi lusizi umoya kaNkulunkulu.
17. Yini engenzeka uma singaqaphile futhi singathandazi?
17 Uma singaqaphile futhi singathandazi, singawela emkhubeni ongcolile noma ongalungile ongawenza lusizi umoya. Ngenxa yokuthi umoya ongcwele uveza izimfanelo zobuntu bukaBaba wethu osezulwini, uma siwenza lusizi, simenza abe lusizi naye noma adabuke—into esingafisi nanini ukuyenza. (Efe. 4:30) Ababhali abangamaJuda bekhulu lokuqala bona ngamabomu ngokuba bathi uJesu wayenikwe uSathane amandla okwenza izimangaliso. (Funda uMarku 3:22-30.) Lezo zitha zikaKristu ‘zahlambalaza umoya ongcwele,’ ngaleyo ndlela zenza isono esingenakuthethelelwa. Kwangathi singelokothe senze isono esinjalo!
18. Singabona kanjani ukuthi asenzanga isono esingenakuthethelelwa?
18 Njengoba singafuni ngisho nokusondela ekwenzeni isono esingenakuthethelelwa, kudingeka sikhumbule lokho uPawulu akusho ngokungawenzi lusizi umoya. Kodwa kuthiwani uma senze isono esingathí sina? Uma siye saphenduka futhi sasizwa abadala, singaphetha ngokuthi uNkulunkulu usithethelele nangokuthi asonanga umoya ongcwele. Ngosizo lukaNkulunkulu, singagwema nokuwenza lusizi umoya nganoma iyiphi enye indlela.
19, 20. (a) Yiziphi ezinye izinto okudingeka sizigweme? (b) Kufanele sizimisele ukwenzani?
19 Ngomoya wakhe ongcwele, uNkulunkulu wenza abantu bakhe babe nothando, injabulo nobunye. (IHu. 133:1-3) Ngenxa yalokho, kufanele sikugweme ukuwenza lusizi umoya ngokuhlanganyela enhlebweni elimazayo noma ngokusho izinto ezingenza abelusi abamiswe umoya badeleleke. (IzE. 20:28; Jude 8) Kunalokho, kufanele sithuthukise ubunye nokuhloniphana ebandleni. Ngokuqinisekile, akufanele sikhuthaze ukwahlukana ngokwakha amaqembu phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. UPawulu wabhala: “Ngiyanikhuthaza, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, kodwa ukuba nihlangane ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.”—1 Kor. 1:10.
20 UJehova uzimisele futhi uyakwazi ukusisiza ukuba singawenzi lusizi umoya wakhe. Masiqhubeke sithandazele umoya ongcwele futhi sizimisele ukuba singawenzi lusizi. Kwangathi singaqhubeka ‘sihlwanyela sinombono womoya,’ sifune ngobuqotho isiqondiso sawo manje naphakade.
Ungaphendula Kanjani?
• Kusho ukuthini ukuwenza lusizi umoya kaNkulunkulu?
• Kungenzeka kanjani ukuba umuntu ozinikezele kuJehova awenze lusizi umoya waKhe?
• Iziphi izindlela esingagwema ngazo ukuwenza lusizi umoya ongcwele?
[Isithombe ekhasini 30]
Lungisani izingxabano ngokushesha
[Isithombe ekhasini 31]
Iziphi izithelo eziyifanekisela kangcono inkulumo yakho?