Ukuthola Imicebo ‘Ethukuswe Ngokucophelela Kuye’
“Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.”—KOL. 2:3.
1, 2. (a) Iziphi izinto ezatholakala ngo-1922, futhi zaphelelaphi? (b) IZwi likaNkulunkulu linxusa wonke umuntu ukuba enzeni?
UKUTHOLAKALA kwemicebo efihliweyo kuvame ukuvela ezihlokweni eziphambili zamaphephandaba. Ngokwesibonelo, ngo-1922, ngemva kokuzikhandla amashumi eminyaka ngaphansi kwezimo ezingezinhle neze, umvubukuli waseBrithani, uHoward Carter, wathola ingcebo eyaba ngundabamlonyeni. Wathola ithuna likaFaro Tutankhamen, cishe lisenjengoba, linezinto ezicishe zibe ngu-5 000.
2 Nakuba ingcebo eyatholwa uCarter yayimangalisa, eziningi zezinto azithola zaphelela eminyuziyamu noma kubantu abaqongelela izinto zobuciko. Kungenzeka ukuthi zinenzuzo ethile emkhakheni wezomlando noma wezobuciko, kodwa azisizi ngalutho noma incane kakhulu inzuzo yazo ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Nokho, iZwi likaNkulunkulu lisinxusa ukuba sifune imicebo esithinta ngempela. Linxusa wonke umuntu ukuba enze lokhu, futhi ukwenzenjalo kunomvuzo obaluleke ngaphezu kwanoma iyiphi ingcebo yezinto ezibonakalayo.—Funda izAga 2:1-6.
3. Izuzisa ngaziphi izindlela imicebo uJehova anxusa abakhulekeli bakhe ukuba bayifune?
3 Cabanga ngenzuzo yemicebo uJehova anxusa abakhulekeli bakhe ukuba bayifune. Le micebo ihlanganisa “ukwesaba uJehova,” okungasivikela futhi kusilonde kulezi zikhathi eziyingozi. (IHu. 19:9) Ukuthola “ulwazi ngoNkulunkulu” kungenza umuntu athole ilungelo elidlula noma iliphi umuntu angase abe nalo—ukuba nobuhlobo bomuntu siqu noPhezukonke. Lapho sinale micebo ewukuhlakanipha, ulwazi nokuqonda esikunikezwa uNkulunkulu, siyokwazi ukubhekana ngempumelelo nezinkinga nezinselele zokuphila kwansuku zonke. (IzAga 9:10, 11) Singayithola kanjani le micebo eyigugu?
Ukuthola Imicebo Engokomoya
4. Siqondiswa ukuba siyifune kuphi imicebo engokomoya?
4 Ngokungafani nabavubukuli nabanye abahlwaya umcebo ngokuvamile okudingeka bawufune endaweni ebanzi, thina siyazi ukuthi imicebo engokomoya ingatholakalaphi. IZwi likaNkulunkulu linjengebalazwe lomcebo, lisibonisa ngokuthe ngqo ukuthi singawutholaphi umcebo uNkulunkulu asithembisa wona. Umphostoli uPawulu wabhala lokhu ngoKristu: “Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.” (Kol. 2:3) Njengoba sifunda lawo mazwi, singase sizibuze: ‘Kungani kufanele sifune leyo micebo? “Ithukuswe” kanjani kuKristu? Singayithola kanjani?’ Ake sihlolisise amazwi omphostoli ukuze sithole izimpendulo.
5. Yini eyenza uPawulu ukuba abhale ngemicebo engokomoya?
5 La mazwi uPawulu wayewabhalela amaKristu aseKolose. Wawatshela ukuthi wayezikhandla ngenxa yawo ukuze ‘izinhliziyo zawo ziduduzeke futhi ahlanganiswe ndawonye ngokuvumelanayo othandweni.’ (Funda abaseKolose 2:1, 2.) Kungani ayekhathazeke kangaka ngawo? Kusobala ukuthi wayebona ukuthi kungenzeka ukuthi abafowabo babethonywe abathile phakathi kwabo ababethuthukisa amafilosofi athile amaGreki noma ababegqugquzela ukuba kuphindelwe ekugcineni uMthetho KaMose. Wabaxwayisa ngokuqinile abafowabo: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.”—Kol. 2:8.
6. Kungani kufanele sibe nesithakazelo eselulekweni sikaPawulu?
6 Namuhla, sibhekene namathonya afanayo avela kuSathane nasesimisweni sakhe esibi. Amafilosofi ezwe, ahlanganisa imfundiso yokuthi umuntu angaziphilela ngaphandle kukaNkulunkulu neyokuziphendukela kwemvelo, alolonga ukucabanga, izimiso zokuziphatha, imigomo nendlela yabantu yokuphila. Inkolo yamanga ineqhaza elikhulu ekugujweni kwamaholidi amaningi athandwayo. Ezokuzijabulisa zihloselwe ukukhanga inyama yethu enesono, futhi okuningi okukuyi-Internet kuyingozi enkulu kwabasha nabadala. Ukuzichaya njalo kulezi zinto nakweminye imikhuba yezwe kungayithinta kalula imizwa nesimo sethu sengqondo ngeseluleko uJehova asinikeza sona, kusenze singabe sisabambelela ngokuqinile ekuphileni kwangempela. (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:17-19.) Kuyacaca ukuthi uma singafuni ukubanjwa amaqhinga kaSathane kudingeka siqonde okushiwo amazwi kaPawulu awabhalela abaseKolose futhi silalele iseluleko sakhe.
7. Iziphi izinto ezimbili uPawulu athi zaziyosiza abaseKolose?
7 Uma siphindela emazwini uPawulu awabhalela abaseKolose, siphawula ukuthi ngemva kokukhuluma ngokukhathazeka kwakhe, wabe esekhuluma ngezinto ezimbili ezaziyobasiza ukuba baduduzeke futhi babe munye othandweni. Okokuqala, wakhuluma ‘ngesiqinisekiso esigcwele sokuqonda kwabo.’ Kwakudingeka baqiniseke ngokugcwele ukuthi babeyiqonda ngokunembile imiBhalo, ukuze ukholo lwabo lusekelwe esisekelweni esiqinisekile. (Heb. 11:1) Wabe esekhuluma ‘nangolwazi olunembile ngemfihlo engcwele kaNkulunkulu.’ Kwakudingeka bathuthuke kulolo lwazi oluyisisekelo lweqiniso futhi baziqonde ngokucacile izinto ezijulile zikaNkulunkulu. (Heb. 5:13, 14) Ngempela, iseluleko asinikeza sasiwusizo kwabaseKolose futhi sisewusizo nakithi namuhla! Nokho, singasithola kanjani leso siqinisekiso nolwazi olunembile? UPawulu wasicebisa emazwini akhe ajulile awasho ngoJesu Kristu: “Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.”
Imicebo ‘Ethukuswe’ KuKristu
8. Chaza okushiwo inkulumo ethi ‘imicebo ithukuswe’ kuKristu.
8 Inkulumo ethi yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi ‘ithukuswe’ kuKristu ayisho ukuthi ihluthulelwe, ayinakufinyelelwa muntu. Kunalokho, imane nje isho ukuthi ukuze siyithole kumelwe sizikhandle futhi sigxile kuJesu Kristu. Lokhu kuvumelana nalokho uJesu akusho ngaye ngokwakhe: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Joh. 14:6) Yebo, sidinga usizo nesiqondiso sikaJesu ukuze sithole ulwazi ngoNkulunkulu.
9. Iyiphi indima uJesu anikwe yona?
9 Ngaphezu kokuba ‘indlela,’ uJesu wathi ‘uyiqiniso nokuphila.’ Lokhu kubonisa ukuthi indima yakhe ingaphezu kakhulu kokuba nje indlela yokusondela kuBaba. Indima yakhe ibalulekile nasekuqondeni iqiniso leBhayibheli nasekutholeni ukuphila okuphakade. Ngempela, kuJesu kuthukuswe amagugu angokomoya enani elingenakuqhathaniswa, ayotholwa yilabo abafunda iBhayibheli ngokucophelela. Ake sihlole amanye ala magugu athinta ngokuqondile ubuhlobo bethu noNkulunkulu kanye namathemba ethu esikhathi esizayo.
10. Singafundani ngoJesu kweyabaseKolose 1:19 nasesahlukweni 2:9?
10 “Kukuye lapho kuhlezi khona konke ukugcwala kobuNkulunkulu ngesimo somzimba.” (Kol. 1:19; 2:9) Njengoba achitha izigidi zeminyaka noYise wasezulwini, uJesu ubazi ngaphezu kwanoma ubani omunye ubuntu bukaNkulunkulu nentando yaKhe. Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wafundisa abanye lokho uYise ayemfundise khona futhi izenzo zakhe zabonisa izimfanelo ayezifunde kuYise. Yingakho uJesu ayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:9) Konke ukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu kuthukuswe, noma kugcinwe kuKristu, futhi ayikho indlela engcono esingafunda ngayo ngoJehova ngaphandle kokufundisisa konke esingakufunda ngoJesu.
11. Ikuphi ukuhlobana okukhona phakathi kukaJesu neziprofetho zeBhayibheli?
11 “Ukufakaza ngoJesu yikho okuphefumulela ukuprofetha.” (IsAm. 19:10) La mazwi abonisa ukuthi uJesu unendima eyinhloko ekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli eziningi. Kusukela emazwini esiprofetho sokuqala esashiwo uJehova kuGenesise 3:15, kuya emibonweni ekhazimulayo yencwadi yesAmbulo, iziprofetho zeBhayibheli zingaqondwa ngokunembile kuphela lapho kucatshangwa ngendima kaJesu eMbusweni KaMesiya. Lokhu kukwenza kucace ukuthi kungani iziprofetho eziningi ezisemiBhalweni YesiHebheru zibadida labo abangamamukeli uJesu njengoMesiya othenjisiwe. Kwenza kucace nokuthi kungani labo abangayazisi imiBhalo YesiHebheru eneziprofetho eziningi eziphathelene noMesiya bebheka uJesu njengomuntu nje odumile. Ulwazi ngoJesu luyisihluthulelo esenza abantu bakaNkulunkulu baqonde okushiwo iziprofetho zeBhayibheli ezisazogcwaliseka.—2 Kor. 1:20.
12, 13. (a) UJesu ‘uwukukhanya kwezwe’ ngamuphi umqondo? (b) Njengoba abalandeli bakaKristu bekhululiwe ebumnyameni obungokwenkolo, isiphi isibopho abanaso?
12 “Ngiwukukhanya kwezwe.” (Funda uJohane 8:12; 9:5.) Esikhathini eside ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, umprofethi u-Isaya wabikezela: “Abantu ababehamba ebumnyameni baboné ukukhanya okukhulu. Ngokuqondene nalabo abahlala ezweni lethunzi elimnyama, ukukhanya kuye kwakhanya kubo.” (Isaya 9:2) Umphostoli uMathewu wachaza ukuthi uJesu wasigcwalisa lesi siprofetho lapho eqala umsebenzi wakhe wokushumayela, ethi: “Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.” (Math. 4:16, 17) Inkonzo kaJesu yalethela abantu ukukhanya okungokomoya nokukhululwa ekugqilazweni izimfundiso zamanga zenkolo. UJesu wathi: “Ngizé njengokukhanya ezweni, ukuze wonke umuntu oba nokholo kimi angahlali ebumnyameni.”—Joh. 1:3-5; 12:46.
13 Eminyakeni eminingi kamuva, umphostoli uPawulu watshela amaKristu ayekanye nawo: “Nanikade niwubumnyama kodwa manje seniwukukhanya ngokuqondene neNkosi. Qhubekani nihamba njengabantwana bokukhanya.” (Efe. 5:8) Njengoba amaKristu ekhululiwe ebumnyameni obungokwenkolo, anesibopho sokuhamba njengabantwana bokukhanya. Lokhu kuvumelana nalokho uJesu akusho kubalandeli bakhe eNtshumayelweni YaseNtabeni: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Math. 5:16) Ingabe imicebo engokomoya oyithole kuJesu uyazisa kangangokuthi ungakhuthaza abanye ngamazwi nangokuziphatha kwakho okuhle kobuKristu ukuba nabo balwele ukuyithola?
14, 15. (a) Izimvu nezinye izilwane zasetshenziswa kanjani ekukhulekeleni kweqiniso ezikhathini zeBhayibheli? (b) Kungani indima kaJesu ‘njengeWundlu likaNkulunkulu’ iwumcebo ongenakuqhathaniswa?
14 UJesu ‘uyiWundlu likaNkulunkulu.’ (Joh. 1:29, 36) Kulo lonke iBhayibheli, izimvu zazinendima ephawulekayo ekuthethelelweni kwezono nasekusondeleni kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngemva kokuba u-Abrahama ebonisile ukuthi wayezimisele ukunikela ngendodana yakhe u-Isaka, watshelwa ukuba angayilimazi futhi wanikezwa inqama esikhundleni sendodana yakhe. (Gen. 22:12, 13) Lapho ama-Israyeli ekhululwa eGibhithe, izimvu zaphinde zaba nendima ebalulekile, kulokhu zaba ingxenye ‘yephasika likaJehova.’ (Eks. 12:1-13) Ngaphezu kwalokho, uMthetho KaMose wanikeza imininingwane ngemihlatshelo yezilwane ezihlukahlukene, ehlanganisa izimvu nezimbuzi.—Eks. 29:38-42; Lev. 5:6, 7.
15 Awukho kuleyo mihlatshelo—eqinisweni, awukho umhlatshelo ongenziwa abantu—owawungenza abantu bakhululwe ngokuphelele esonweni nasekufeni. (Heb. 10:1-4) Ngakolunye uhlangothi, uJesu ‘uyiWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.’ Leli qiniso lilodwa lenza uJesu abe yigugu ukudlula wonke umcebo wezinto ezibonakalayo owake watholakala. Ngakho-ke, senza kahle ngokuzinika isikhathi sokuyitadisha ngokucophelela indaba yesihlengo futhi sibonise ukholo kuleli lungiselelo elimangalisayo. Ngokwenza lokho, sizibeka ethubeni lokuthola isibusiso nomvuzo omkhulu—inkazimulo nodumo kanye noKristu ezulwini ‘kwabomhlambi omncane’ nokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni ‘kwabezinye izimvu.’—Luka 12:32; Joh. 6:40, 47; 10:16.
16, 17. Kungani kubalulekile ukuba siqonde indima kaJesu ‘njengoMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu’?
16 UJesu ‘unguMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu.’ (Funda amaHebheru 12:1, 2.) KumaHebheru isahluko 11, sithola ingxoxo enhle kakhulu kaPawulu ngokholo, anikeza kuyo incazelo emfushane yokholo nohlu lwamadoda nabesifazane bokholo abanjengoNowa, u-Abrahama, uSara noRahabi. Ecabanga ngabo bonke laba, uPawulu wanxusa amaKristu ayekanye nawo ukuba ‘agxilise amehlo awo kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.’ Kungani?
17 Nakuba lawo madoda nabesifazane bokholo okukhulunywa ngabo kumaHebheru isahluko 11 babenokholo oluqinile esithembisweni sikaNkulunkulu, babengayazi yonke imininingwane yendlela uNkulunkulu ayeyosigcwalisa ngayo isithembiso sakhe ngoMesiya nangoMbuso. Ngenxa yalokho, ukholo lwabo lwalungaphelele. Eqinisweni, ngisho nalabo abaye basetshenziswa uJehova ukuba balobe iziprofetho eziningi eziphathelene noMesiya babengakuqondi ngokugcwele okwakushiwo yilokho ababekubhala. (1 Pet. 1:10-12) Ukholo lungapheleliswa ngoJesu kuphela. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba siyiqonde ngokucacile indima kaJesu ‘njengoMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu’!
Qhubekani Nifuna
18, 19. (a) Yisho amanye amagugu angokomoya athukuswe kuKristu. (b) Kungani kufanele siqhubeke sibheka kuJesu ukuze sithole imicebo engokomoya?
18 Siye saxoxa ngezimbalwa kuphela zezindima zikaJesu eziyigugu enjongweni kaNkulunkulu yokusindisa isintu. Kusenamanye amagugu angokomoya athukuswe kuKristu. Ukuwathola kuyosijabulisa futhi kusizuzise. Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru wabiza uJesu ngokuthi “uMmeli Oyinhloko wokuphila” nangokuthi ‘uyikhwezi’ eliphumayo. (IzE. 3:15; 5:31; 2 Pet. 1:19) IBhayibheli libiza uJesu nangokuthi “u-Amen.” (IsAm. 3:14) Ingabe uyayazi incazelo nokubaluleka kwalezi zindima? Njengoba uJesu asho, “qhubekani nifuna, niyothola.”—Math. 7:7.
19 Kuwo wonke umlando akekho umuntu okuphila kwakhe kuye kwaba okubaluleke kangaka nokuhlobene kakhulu nenhlalakahle yethu yaphakade njengokukaJesu. Kuye kunemicebo engokomoya engase itholwe kalula yinoma ubani oyifuna ngenhliziyo ephelele. Kwangathi ungathola injabulo nesibusiso sokuthola imicebo ‘ethukuswe ngokucophelela kuye.’
Ingabe Uyakhumbula?
• Imiphi imicebo amaKristu anxuswa ukuba ayifune?
• Kungani iseluleko uPawulu asinikeza abaseKolose sisafaneleka nakithi namuhla?
• Yisho futhi uchaze eminye yemicebo engokomoya ‘ethukuswe’ kuKristu.
[Izithombe ekhasini 5]
IBhayibheli linjengebalazwe lomcebo elisiqondisa engcebweni ‘ethukuswe ngokucophelela’ kuKristu