-
Ungakuhlukanisi Lokho UNkulunkulu Akubophele NdawonyeINqabayokulinda—2007 | Meyi 1
-
-
13. IBhayibheli liqukethe ziphi izimiso ezingasiza abafazi?
13 IBhayibheli liqukethe nezimiso ezingasiza abafazi. Eyabase-Efesu 5:22-24, 33 ithi:
-
-
Ungakuhlukanisi Lokho UNkulunkulu Akubophele NdawonyeINqabayokulinda—2007 | Meyi 1
-
-
15. Iziphi ezinye zezeluleko ezitholakala eBhayibhelini eziqondiswe kubafazi?
15 UPawulu wabuye wathi umfazi “kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” Umfazi ongumKristu kufanele abonise ‘umoya onokuthula nobumnene,’ angazidli aphikisane nomyeni wakhe noma alandele inkambo yokuzibusa. (1 Petru 3:4) Umfazi owesaba uNkulunkulu usebenza kanzima ukuze azuzise abendlu yakhe futhi uletha udumo kulowo oyinhloko yakhe. (Thithu 2:4, 5) Uyozama ukukhuluma kahle ngomyeni wakhe, kanjalo angenzi lutho oluyokwenza abanye bangamhloniphi umyeni wakhe. Uyosebenza kanzima futhi ukuze enze izinqumo zomyeni wakhe ziphumelele.—IzAga 14:1.
16. Abafazi abangamaKristu bangafundani ezibonelweni zikaSara noRebheka?
16 Ukuba nomoya onokuthula nobumnene akusho ukuthi owesifazane ongumKristu akabi nalo izwi noma ukuthi lokho akucabangayo akubalulekile. Abesifazane basendulo abesaba uNkulunkulu abanjengoSara noRebheka, bathatha isinyathelo ngokwabo sokuveza ukukhathazeka kwabo ngezindaba ezithile, futhi ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi uJehova wazamukela izenzo zabo. (Genesise 21:8-12; 27:46–28:4) Abafazi abangamaKristu nabo bangayiveza imizwa yabo. Nokho, kufanele babonise ukucabangela lapho benza kanjalo, kungabi ngendlela yokweyisa. Cishe bayothola ukuthi ukukhulumisana okunjalo kuyoba okujabulisayo nokuphumelela kakhudlwana.
-