Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
Izincwadi ezinikeza izeluleko ziyathandwa kakhulu namuhla. Kodwa zivame ukuphelelwa isikhathi futhi ngokushesha zibukezwe noma kwenziwe ezinye. Kuthiwani ngeBhayibheli? Laqedwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule. Nakuba kunjalo, isigijimi salo sokuqala asikaze sithuthukiswe noma sibukezwe ukuze sihambisane nesikhathi. Ingabe incwadi enjalo kungenzeka ibe nesiqondiso esiwusizo osukwini lwethu?
ABANYE bathi cha. UDkt. Eli S. Chesen, echaza ukuthi kungani enomuzwa wokuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi, wabhala: “Akekho ongatusa ukuba kusetshenziswe inguqulo ka-1924 [yencwadi] yesayensi yokuthakwa kwemithi ekilasini lanamuhla lokufundela ukuthakwa kwemithi.”1 Kubonakala sengathi leli phuzu linengqondo. Empeleni, umuntu uye wafunda okuningi ngempilo yengqondo nangokuziphatha komuntu kusukela iBhayibheli labhalwa. Ngakho incwadi endala kangako ingaba kanjani usizo ekuphileni kwanamuhla?
Izimiso Ezingaphelelwa Isikhathi
Nakuba kuyiqiniso ukuthi izikhathi zishintshile, izidingo eziyisisekelo zabantu zisalokhu zinjalo. Kuwo wonke umlando abantu bebenesidingo sothando nesokusondelana ngokomzwelo. Bebefuna ukujabula nokuphila ukuphila okunenjongo. Bebedinga iseluleko ngokuthi bangabhekana kanjani nokucindezela kwezomnotho, ukuthi bangawenza kanjani umshado uphumelele, nokuthi bangazigxilisa kanjani izindinganiso zokuziphatha okuhle kanye nezokuhle nokubi ezinganeni zabo. IBhayibheli linezeluleko ezanelisa lezo zidingo eziyisisekelo.—UmShumayeli 3:12, 13; Roma 12:10; Kolose 3:18-21; 1 Thimothewu 6:6-10.
Iseluleko seBhayibheli sibonisa ukusiqonda ngokujulile isimo sabantu. Cabanga ngezinye zezibonelo zezimiso zalo ezingagwegwesi, ezingaphelelwa isikhathi eziwusizo ekuphileni kwethu kwanamuhla.
Isiqondiso Esiwusizo Somshado
I-UN Chronicle ithi umkhaya “uyilungiselelo elidala kunawo wonke neliyisisekelo kunawo wonke lezinhlangano zabantu; ihhuku elibaluleke kakhulu elihlanganisa izizukulwane.” Nokho, “leli hhuku elibalulekile,” ligqashuka ngezinga elethusayo. “Ezweni lanamuhla,” kuphawula i-Chronicle, “imikhaya eminingi ibhekana nezinkinga ezisabisayo ezisongela ikhono layo lokusebenza, futhi empeleni nelokusinda.”2 Yisiphi iseluleko iBhayibheli elisinikezayo sokusiza leli lungiselelo lomkhaya ukuba lisinde?
Okokuqala nje, iBhayibheli linokuningi kokukusho ngokuthi amadoda nabesifazane kufanele baphathane kanjani. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene namadoda, lithi: “Amadoda kufanele abe athanda omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe siqu; kodwa uyayondla futhi ayinakekele.” (Efesu 5:28, 29) Owesifazane welulekwa ukuba “abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.”—Efesu 5:33.
Cabanga ngalokho okushiwo ukusebenzisa lesi seluleko seBhayibheli. Indoda ethanda umkayo ‘njengomzimba wayo’ ayimzondi noma imphathe ngendluzula. Ayimshayi, noma imphathe kabi ngamazwi noma ngokomzwelo. Kunalokho, imnikeza inhlonipho nokucabangela okufanayo nalokho ezibonisa khona yona ngokwayo. (1 Petru 3:7) Ngaleyo ndlela umkayo uzizwa ethandwa futhi elondekile emshadweni wakhe. Ngokwenza kanjalo indoda ibekela izingane zayo isibonelo esihle sokuthi abantu besifazane kufanele baphathwe kanjani. Ngakolunye uhlangothi, inkosikazi ‘emhlonipha ngokujulile’ umyeni wayo ayimephuci isithunzi ngokumgxeka njalo noma imehlise. Ngenxa yokuthi iyamhlonipha, umyeni wayo uzizwa ethenjwa, amukelwa futhi aziswa.
Ingabe iseluleko esinjalo siwusizo kuleli lizwe lanamuhla? Kuyathakazelisa ukuthi labo okuwumsebenzi wabo ukuhlola imikhaya namuhla baye bafinyelela iziphetho ezifanayo. Umphathi wohlelo lokwelulekwa kwemikhaya waphawula: “Imikhaya ephumelela kakhulu engiyaziyo, yileyo lapho umama nobaba benobuhlobo obuqinile, futhi bethandana. . . . Lobu buhlobo obuqinile obubaluleke kunabo bonke bubonakala benza izingane zizizwe zilondekile.”3
Eminyakeni eminingi edlule, iseluleko seBhayibheli ngomshado siye sabonakala sinokwethenjelwa kakhulu kunezeluleko zabeluleki bemikhaya abaningi abanezinhloso ezinhle. Empeleni, muva nje ochwepheshe abaningi bebetusa isehlukaniso njengesiyikhambi elisheshayo nelilula emshadweni ongajabulisi. Namuhla, abaningi babo bakhuthaza abantu ukuba benze ukuba imishado yabo ingahlukani uma kungenzeka. Kodwa lolu shintsho lwenziwa ngemva kokuba sekudalwe umonakalo omkhulu.
Ngokuphambene, iBhayibheli linikeza iseluleko esinokwethenjelwa, esilinganiselayo ngokuphathelene nomshado. Liyavuma ukuthi zingaba khona izimo ezimbi kakhulu ezingenza isehlukaniso sivumeleke. (Mathewu 19:9) Ngesikhathi esifanayo, liyakulahla ukuhlukanisa ngezizathu ezingezwakali. (Malaki 2:14-16) Liyakulahla nokungathembeki emshadweni. (Heberu 13:4) Lithi, umshado uhilela ukuzibophezela: “Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye.” (Omalukeke sizenzele.)a—Genesise 2:24; Mathewu 19:5, 6.
Iseluleko seBhayibheli ngomshado siwusizo namuhla ngendlela esasiwusizo ngayo lapho iBhayibheli libhalwa. Lapho indoda nomfazi bephathana ngothando nangenhlonipho futhi bebheka umshado njengobuhlobo obukhethekile, cishe umshado uyosinda—futhi usinde kanye nomkhaya.
Isiqondiso Esiwusizo Sabazali
Abazali abaningi emashumini eminyaka—beshukunyiswa “imiqondo emisha” yokukhuliswa kwezingane—babecabanga ukuthi “akuvunyelwe ukwenqaba.”8 Babesaba ukuthi ukubekela izingane imingcele, kwakungabangela usizi nokukhungatheka. Abeluleki bokukhuliswa kwezingane abanezisusa ezinhle babelokhu bethi abazali kufanele nje bangazinikezi iseluleko esiqatha izingane. Kodwa ochwepheshe abaningi abanjalo manje sebeyicabangisisa kabusha indima efezwa yisiyalo, futhi abazali abakhathazekile bafuna ukucaciselwa ngalendaba.
Nokho, iBhayibheli belilokhu linikeza iseluleko esicacile nesinengqondo sokukhulisa izingane. Cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, lathi: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isiyalo” lisho “ukukhulisa, ukuqeqesha, ukufundisa.”9 IBhayibheli lithi isiyalo esinjalo noma ukufundisa, sibonisa uthando lobuzali. (IzAga 13:24) Izingane ziyathuthuka lapho zinikezwa iziqondiso zokuziphatha eziqondile futhi ziqeqeshwa ukuba zikwazi ukubona okulungile nokubi. Isiyalo sizitshela ukuthi abazali bazo bayazikhathalela nokuthi zilolongelwa ukuba zibe abantu abanjani.
Kodwa igunya lobuzali—“induku yokulaya”—kufanele lingeqisi.b (IzAga 22:15; 29:15) IBhayibheli leluleka abazali ngokuthi: “Ungabaluleki ngokweqile abantwana bakho, ngoba uyobaphuca isibindi.” (Kolose 3:21, Phillips) Liyavuma nokuthi ukushaya ngokuvamile akuyona indlela ephumelela kakhulu yokufundisa. IzAga 17:10 zithi: “Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.” Ngaphandle kwalokho, iBhayibheli litusa isiyalo sokuvimbela kungakaqali. KuDuteronomi 11:19 abazali bakhuthazwa ukuba basebenzise ngokunenzuzo izikhathi zokuphumula ukuze bagxilise izindinganiso zokuziphatha ezinganeni zabo.—Bheka noDuteronomi 6:6, 7.
Iseluleko seBhayibheli esingaphelelwa isikhathi sicacile. Izingane zidinga isiyalo esingaguquguquki nesothando. Okuhlangenwe nakho okungokoqobo kubonisa ukuthi iseluleko esinjalo siyasebenza ngempela.c
Ukunqoba Imigoqo Ehlukanisa Abantu
Abantu namuhla bahlukaniswe imigoqo yobuhlanga, nobuzwe. Lemigoqo yokwenziwa ibangela ukufa kwabantu abangenacala ezimpini kuwo wonke umhlaba. Uma sibheka umlando, ithemba lokuba amadoda nabesifazane bezinhlanga ezihlukahlukene babhekane futhi baphathane njengabalinganayo lifiphele. Isikhulu esithile sase-Afrika sathi: “Ikhambi lisezinhliziyweni zethu.”11 Kodwa akulula ukushintsha izinhliziyo zabantu. Kodwa-ke, ake ucabange ngendlela isigijimi seBhayibheli esikhanga ngayo inhliziyo futhi sikhuthaze isimo sengqondo sokubhekana njengabalinganayo.
Imfundiso yeBhayibheli yokuthi uNkulunkulu “wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu” isusa noma imuphi umqondo wokuphakama kobuhlanga. (IzEnzo 17:26) Ibonisa ukuthi empeleni kunohlanga olulodwa—uhlanga lwesintu. IBhayibheli liyaqhubeka lisikhuthaza ukuba ‘sibe abalingisi bakaNkulunkulu,’ elithi ngaye: “Akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (Efesu 5:1; IzEnzo 10:34, 35) Kulabo abalikholelwa ngempela iBhayibheli futhi abakufuna ngempela ukuphila ngezimfundiso zalo, lolu lwazi lunamandla ahlanganisayo. Lufinyelela ekujuleni, enhliziyweni yomuntu, lususe imigoqo eyenziwe umuntu ehlukanisa abantu. Ake ucabange ngalesi sibonelo.
Lapho uHitler evivisa impi kulo lonke elaseYurophu, kwakuneqembu elilodwa lamaKristu—oFakazi BakaJehova—elanqaba ngokuqinile ukuhlanganyela ekubulaleni abantu abangenacala. ‘Lalingenakuphakamisela’ omunye umuntu “inkemba.” Lathatha lokhu kuma ukuze lijabulise uNkulunkulu. (Isaya 2:3, 4; Mika 4:3, 5) Lalikukholelwa ngempela okufundiswa iBhayibheli—ukuthi asikho isizwe noma uhlanga olungcono kunolunye. (Galathiya 3:28) Ngenxa yokuma kwabo kokuthanda ukuthula, oFakazi BakaJehova baba phakathi kwabokuqala abagcinwa emakamu okuhlushwa.—Roma 12:18.
Kodwa akubona bonke abathi balandela iBhayibheli abathatha lokho kuma. Ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe II, uMartin Niemöller, umfundisi wamaProthestani ongumJalimane, wabhala: “Noma ubani osola uNkulunkulu ngenxa [yezimpi] akalazi iZwi likaNkulunkulu noma akafuni ukulazi. . . . Amasonto amaKristu aye azinikela ngokuphindaphindiwe ekubusiseni izimpi, amabutho, kanye nezikhali . . . athandaza ngendlela engeyona neze eyobuKristu, ukuba izitha zibhujiswe empini. Konke lokhu kuyiphutha lethu nephutha lobaba bethu, kodwa akumelwe neze kusolwe uNkulunkulu. Futhi thina maKristu anamuhla siyahlazeka phambi kwalabo abaziwa ngokuthi bayihlelo, njengabaFundi BeBhayibheli Abashisekayo [oFakazi BakaJehova], amakhulu ezinkulungwane zabo agcinwa emakamu okuhlushwa futhi aze [ngisho] afa ngenxa yokwenqaba umsebenzi wezempi nokwenqaba ukudubula abantu.”12
Kuze kube namuhla, oFakazi BakaJehova baziwa kahle ngobuzalwane babo, obuhlanganisa ama-Arabhu namaJuda, abantu baseCroatia namaSerb, amaHutu namaTutsi. Nokho, oFakazi abananazi ukuvuma ukuthi lobo bunye bungenzeka, hhayi ngoba bengcono kunabanye, kodwa ngenxa yokuthi baqhutshwa amandla esigijimi seBhayibheli.—1 Thesalonika 2:13.
Isiqondiso Esiwusizo Esithuthukisa Impilo Enhle Yengqondo
Impilo yomuntu engokomzimba ngokuvamile ihambisana nesimo sakhe sengqondo kanye nempilo engokomzwelo. Ngokwesibonelo, ukuhlola kososayensi kuye kwaqinisekisa ukuthi ulaka luba nemiphumela elimazayo. “Ubufakazi obuningi obukhona busikisela ukuthi abantu abayizififane basengozini enkulu yesifo senhliziyo (kanye nezinye izifo) ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, kuhlanganise nokuba nabangane abambalwa abangabasekela, ukucindezeleka okukhulu komzimba lapho becasukile, kanye nokuzitika ngokweqile emikhubeni eyingozi empilweni,” kusho uDkt. Redford Williams, uMqondisi we-Behavioral Research eDuke University Medical Center, kanye nomkakhe uVirginia Williams, encwadini yabo ethi Anger Kills.13
Ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambi kwalokhu kuhlola okungokwesayensi, iBhayibheli, ngamazwi alula kodwa acacile, labonisa ukuthi kunokuxhumana phakathi kwesimo semizwelo nempilo yomzimba wethu: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.” (IzAga 14:30; 17:22) Ngokuhlakanipha, iBhayibheli laluleka: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka,” futhi lithi, “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho.”—IHubo 37:8; UmShumayeli 7:9.
IBhayibheli futhi lineseluleko esinengqondo sokulawula intukuthelo. Ngokwesibonelo, izAga 19:11 zithi: “Ukuhlakanipha [“ukuqonda,” NW] komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.” Igama lesiHeberu elisho “ukuqonda” lisuselwa esenzweni esibhekisela “ekubeni nolwazi lwesizathu” sokuthile.14 Iseluleko esihlakaniphile siwukuthi: “Cabanga ngaphambi kokuba wenze.” Ukuzama ukuqonda izizathu ezibangela ukuba abantu bakhulume futhi benze izinto ngendlela ethile kungamsiza umuntu ukuba abekezele ngokwengeziwe—futhi angasheshi ukuthukuthela.—IzAga 14:29.
Esinye iseluleko esiwusizo sitholakala kweyabaseKolose 3:13, ethi: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.” Ukucasuka okuncane kuyinto evamile ekuphileni. Amazwi athi “qhubekani nibekezelelana” asikisela ukubekezelela izinto esingazithandi kwabanye. Elithi “thethelela” lisho ukungayivumeli inzondo. Ngezinye izikhathi kuwukuhlakanipha ukuqeda imizwa yentukuthelo kunokuba uyifukamele; ukugcina intukuthelo kuyonezela emthwalweni wethu.—Bheka ibhokisi elithi “Isiqondiso Esiwusizo Ebuhlotsheni Babantu.”
Namuhla, kunemithombo eminingi yeseluleko nesiqondiso. Kodwa iBhayibheli liyingqayizivele ngempela. Iseluleko salo asiyona nje inkolelo-mbono, futhi iseluleko salo asikaze sisilimaze. Kunalokho, ukuhlakanipha kwalo kuye kwabonakala ‘kungethenjelwa kukho kakhulu.’ (IHubo 93:5, qhathanisa ne-NW.) Ngaphezu kwalokho, iseluleko seBhayibheli asiphelelwa isikhathi. Nakuba laqedwa ukubhalwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, amazwi alo asasebenza. Futhi asebenza ngendlela efanayo kungakhathaliseki ibala lethu lesikhumba noma izwe esihlala kulo. Amazwi eBhayibheli futhi anamandla—amandla okushintshela abantu ebungconweni. (Heberu 4:12) Khona-ke, ukufunda lencwadi nokusebenzisa izimiso zayo kungathuthukisa izinga lokuphila kwakho.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama lesiHeberu elithi da·vaqʹ, lapha elihunyushwe ngokuthi “namathela,” “linomqondo wokunamathela kumuntu ngothando lomzwelo nangokwethembeka.”6 NgesiGreki, igama elihunyushwe ngokuthi ‘iyakunamathela’ kuMathewu 19:5 lihlobene negama elisho “ukuhlanganisa ngenhlaka,” “ukufaka usimende,” “ukuhlanganisa ngqí.”7
b Ezikhathini zeBhayibheli igama elithi “uswazi” (ngesiHeberu, sheʹvet) lalisho “induku” noma “udondolo,” njengalolo olusetshenziswa umalusi.10 Kulomongo uswazi olubonisa igunya lusikisela isiqondiso sothando, hhayi indluzula yonya.—Qhathanisa neHubo 23:4.
c Bhekani izahluko ezithi “Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana,” “Siza Umntanakho Akhule,” “Ingabe Kunehlongandlebe Ekhaya?” nesithi “Vikela Umkhaya Wakho Emathonyeni Onakalisayo” encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, eyakhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
IBhayibheli linikeza iseluleko esicacile nesinengqondo ngokuphila komkhaya
[Ibhokisi ekhasini 23]
Izimpawu Zemikhaya Ephilayo
Eminyakeni ethile edlule umeluleki nochwepheshe kwezemikhaya wenza ukucwaninga okujulile lapho acela khona ochwepheshe bokweluleka imikhaya abangu-500 ukuba basho ukuthi yiziphi izici abaziphawulayo emikhayeni “ephilayo.” Ngokuthakazelisayo, phakathi kwezici ezivame kakhulu ezafakwa ohlwini kwakuyizinto iBhayibheli elazisho kudala.
Imikhuba emihle yokukhulumisana yayiphezulu ohlwini, kuhlanganise nezindlela eziphumelelayo zokuxazulula izingxabano. Inkambiso evamile etholakala emikhayeni ephilayo eyokuthi “akekho olala esathukuthelele omunye,” kuphawula umsunguli walokhu kuhlola.4 Nokho, eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule, iBhayibheli laluleka: “Thukuthelani, kodwa nokho ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Ezikhathini zeBhayibheli izinsuku zazibalwa kusukela ekushoneni kwelanga kuye ekushoneni kwelanga. Ngakho, ngaphambili kakhulu kokuba ochwepheshe banamuhla bacwaninge ngemikhaya, iBhayibheli laluleka ngokuhlakanipha: Zilungise ngokushesha izindaba ezibangela ukuhlukana—lungakapheli usuku futhi kuqale olunye.
Umsunguli walokhu kucwaninga wathola ukuthi imikhaya ephilayo “ayiziqali izingxoxo ezingase zibangele ukuqhuma kwentukuthelo lapho nje sekuzohanjwa noma sekuzolalwa. Ngangizwa ngokuphindaphindiwe amazwi athi ‘isikhathi esifanele.’”5 Ingaqondile lemikhaya yayiphinda amazwi esaga seBhayibheli esabhalwa eminyakeni engu-2 700 edlule: “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.” (IzAga 15:23; 25:11, omalukeke sizenzele.) Lesi sifaniso kungenzeka sibhekisela ezintweni zokuhlobisa zegolide ezimise okwama-apula ezibekwe phezu kwezithebe eziqoshiwe zesiliva—izinto ezaziyigugu futhi zizinhle ngezikhathi zeBhayibheli. Sibonisa ubuhle nokubaluleka kwamazwi ashiwo ngesikhathi esiyiso. Ezimweni ezicindezelayo, amazwi afanele ashiwo ngesikhathi esifanele ayigugu.—IzAga 10:19.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Isiqondiso Esiwusizo Ebuhlotsheni Babantu
“Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule.” (IHubo 4:4) Ezimweni eziningi ezihilela ukoniwa okuncane, kungase kube ukuhlakanipha ukubamba amazwi akho, ngaleyo ndlela ugweme ukuphazamiseka ngokomzwelo.
“Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.” (IzAga 12:18) Cabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Ukuphahluka kungabalimaza abanye futhi kuqede ubungane.
“Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.” (IzAga 15:1) Kudingeka ukuzithiba ukuze uphendule ngobumnene, kodwa ngokuvamile inkambo enjalo ixazulula izinkinga futhi idale ubuhlobo obunokuthula.
“Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.” (IzAga 17:14) Kuwukuhlakanipha ukusuka esimweni esivusa intukuthelo ngaphambi kokuba uhluthuke.
“Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngoba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.” (UmShumayeli 7:9, The New English Bible) Ngokuvamile yimizwelo ethile ebangela izenzo ezithile. Umuntu osheshe acasuke uyisiwula, ngoba inkambo yakhe ingaholela emazwini okuphahluka noma izenzo zokuphamazela.
[Isithombe ekhasini 25]
OFakazi BakaJehova babephakathi kwabokuqala abavalelwa emakamu okuhlushwa