Indlela Yokuqaphela Nokunqoba Ubuthakathaka Obungokomoya
NGOKWENGANEKWANE YAMAGREKI, U-ACHILLES WAYEYIQHAWE ELINESIBINDI kunawo wonke amabutho angamaGreki eMpini YaseTroy, eyayiwumkhankaso wokumelana nedolobha laseTroy. Le nganekwane ithi lapho u-Achilles esewusana, unina wamcwilisa eMfuleni iStyx, ngaleyo ndlela emenza angalimali ngaphandle kwengxenye ayebanjwe kuyo unina—i-Achilles’ heel (indawo esengozini) ngokwesaga. Kwaba khona kanye kuleyo ndawo lapho umcibisholo obulalayo, owacitshwa uParis, indodana yeNkosi uPriam, yaseTroy, wamgwaza khona wambulala u-Achilles.
AmaKristu angamasosha kaKristu asempini engokomoya. (2 Thimothewu 2:3) Umphostoli uPawulu uyachaza: “Asibambene negazi nenyama kodwa nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobubumnyama, nendikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini.” Yebo, izitha zethu nguSathane uDeveli namademoni.—Efesu 6:12.
Ngokusobala, lena bekuyoba impi engaqhathiwe kahle ukube besingalutholi usizo oluvela kuJehova uNkulunkulu, oye wachazwa ngokuthi “indoda yempi.” (Eksodusi 15:3) Ukuze sizivikele kulezi zitha zethu ezinonya, sinikwe isambatho sokuzivikela esingokomoya. Yingakho umphostoli anxusa: “Gqokani sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukuma niqinile ekumelaneni namaqhinga kaDeveli.”—Efesu 6:11.
Akungabazeki ukuthi isambatho sokuzivikela esisilungiselelwe uJehova uNkulunkulu singesezinga eliphezulu, sikwazi ukumelana nanoma ikuphi ukuhlasela okungokomoya. Ake ubheke uhlu uPawulu alunikeza: ibhande leqiniso, isivikelo sesifuba sokulunga, izicathulo zezindaba ezinhle, isihlangu esikhulu sokholo, isigqoko sokuzivikela sensindiso nenkemba yomoya. Yiziphi izinto ezingcono kunalezi umuntu abengafisa ukuba nazo? Lapho isosha elingumKristu ligqoke isambatho esinjalo sokuzivikela, linawo wonke amathuba okunqoba, nakuba lingalingani nakancane nesitha.—Efesu 6:13-17.
Nakuba isambatho sokuzivikela esingokomoya esivela kuJehova singesezinga eliphezulu kakhulu futhi sisigcina silondekile, akumelwe sithathe izinto kalula. Uma sikhumbula u-Achilles okwakucatshangwa ukuthi wayengenakunqotshwa, kungenzeka yini ukuthi nathi sinendawo ebuthakathaka, i-Achilles’ heel engokomoya? Lokho kungaba okubulalayo uma sitholakale singalindele.
Hlola Isambatho Sakho Sokuzivikela Esingokomoya
Lowo oshwibeka eqhweni owazuza indondo yegolide yama-Olympic kabili, owayebonakala engumqemane, wawa futhi wafa kungazelelwe phakathi nesikhathi sokuzivivinya. Ngemva nje kwalokho kwabikwa izindaba ezisangulukisayo kuyi-New York Times: “Ingxenye yabantu abangu-600 000 baseMelika abahlaselwa isifo senhliziyo unyaka ngamunye ababi nazo izimpawu ngaphambi kwalokho.” Ngokusobala, isimo sempilo yethu asinakunqunywa indlela esizizwa ngayo kuphela.
Kungokufanayo nalapho kuziwa enhlalakahleni yethu engokomoya. Iseluleko seBhayibheli siwukuthi: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:12) Nakuba isambatho sethu esingokomoya singesingcono kakhulu kwezingatholakala, ubuthakathaka bungakheka. Lokhu kungenxa yokuthi sizalelwe esonweni, futhi isimo sethu sokuba nesono nesokungapheleli singakunqoba kalula ukuzimisela kwethu ukwenza intando kaNkulunkulu. (IHubo 51:5) Naphezu kwezisusa zethu ezinhle, inhliziyo yethu ekhohlisayo ingasikhohlisa ngokwakha izizathu noma izaba eziyengayo, ukuze singabunaki ubuthakathaka bethu bese sizikhohlisa ngokucabanga ukuthi konke kusahamba kahle.—Jeremiya 17:9; Roma 7:21-23.
Ngaphezu kwalokho, siphila ezweni lapho umuzwa wokulungile nokungalungile uphanjaniswa futhi usontwa khona. Ukuthi into ilungile noma ayilungile kungase kunqunywe indlela lowo muntu azizwa ngayo. Lolu hlobo lokucabanga luthuthukiswa ezikhangisweni, ezintweni zokuzijabulisa ezithandwayo nasemthonjeni wabezindaba. Ngokusobala, uma singaqaphile, singayengelwa ekucabangeni ngaleyo ndlela, bese isambatho sethu sokuzivikela esingokomoya siqala ukuba buthakathaka.
Kunokuba siwele esimweni esinjalo esiyingozi, kufanele silalele iseluleko seBhayibheli esithi: “Qhubekani nivivinya ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Uma senza kanjalo, sizokwazi ukubona ubuthakathaka okungenzeka ukuthi buye bakheka bese sithatha izinyathelo ezifanele zokubulungisa ngaphambi kokuba izitha zethu zibubone bese zigadla. Nokho, singazivivinya kanjani? Yiziphi izimpawu okufanele siziqaphele kulokhu kuzihlola?
Ukuqaphela Izimpawu
Olunye uphawu oluvamile olungase lubonise ubuthakathaka obungokomoya ukuyekethisa emikhubeni yethu yesifundo somuntu siqu. Abanye banomuzwa wokuthi kufanele batadishe ngokwengeziwe, kodwa babonakala behluleka ukuzinika isikhathi esidingekayo sokwenza kanjalo. Kulokhu kuphila kwanamuhla okumatasa, kulula ukuwela esimweni esibi kanjalo. Nokho, okubi nakakhulu ukuthi abantu bavame ukuzithethelela ngokuthi abababi kangako, ngoba bayazifunda izincwadi zeBhayibheli noma nini lapho bengakwazi khona futhi bayakwazi ukuya kweminye yemihlangano yamaKristu.
Ukucabanga okunjalo kuwuhlobo oluthile lokuzikhohlisa. Kufana nendoda ecabanga ukuthi imatasa kakhulu ukuba ingahlala phansi idle ukudla okufanele, ngakho idla okuthile lapha nalaphaya njengoba yenza izinto ezihlukahlukene. Nakuba ingase ingabulawa indlala, ingase ibe nezinkinga zempilo esikhathini esithile esizayo. Ngokufanayo, ngaphandle kokudla ukudla okunempilo okungokomoya njalo, kungakabiphi, singase sibe nezindawo ezibuthakathaka esambathweni sethu sokuzivikela esingokomoya. Njengoba silokhu sihlaselwa ngezinkulumo-ze nezimo zengqondo zezwe, singase sihlulwe kalula ukuhlasela okubulalayo kukaSathane.
Olunye uphawu lobuthakathaka obungokomoya ukuphelelwa umuzwa wokuphuthuma empini yethu engokomoya. Ngesikhathi esinokuthula isosha alikuzwa ukucindezela nengozi yempi. Ngakho lingase lingakuboni ukuphuthuma kokuma ngomumo. Uma kuthiwa lihlasele kungazelelwe, kungenzeka libe lingakulungele. Kunjalo nangokomoya. Uma sivumela ukuba umuzwa esinawo wokuphuthuma udambe, singaba abangakulungele ukumelana nokuhlaselwa.
Nokho, singabona kanjani ukuthi siye sawela kulesi simo? Singazibuza imibuzo ethile engase ibonise isimo sangempela sendlela izinto ezimi ngayo: Ingabe ngimagange ukuhlanganyela enkonzweni ngendlela efanayo nengimagange ngayo ngokuzikhipha? Ingabe ngizimisele ukusebenzisa isikhathi esithile ngilungiselela imihlangano ngendlela efanayo nengizimisela ngayo ukuyothenga noma ukubuka i-TV? Ingabe sengizicabangela ngenye indlela izinto engangizenza noma amathuba engawadela lapho ngiba umKristu? Ingabe ngifisa ukuphila impilo okuthiwa impilo emnandi ephilwa ngabanye? Lena imibuzo yokuzihlola, kodwa iyasiza ekuboneni noma yibuphi ubuthakathaka esambathweni sethu sokuzivikela esingokomoya.
Njengoba isambatho sokuzivikela esinaso kungesingokomoya, kubalulekile ukuba umoya kaNkulunkulu usebenze ngokukhululekile ekuphileni kwethu. Lokhu kubonakala ezingeni izithelo zomoya kaNkulunkulu ezibonakala ngalo kukho konke esikwenzayo. Ingabe ucasuka kalula noma uze uphatheke kabi lapho abanye benza noma besho okuthile ongakuthandi? Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela iseluleko, noma ingabe unomuzwa wokuthi abanye bahlale bekusola? Ingabe unomona kakhulu ngezibusiso zabanye abantu noma ngalokho abaye bakufeza? Ingabe ukuthola kunzima ukuphila kahle nabanye, ikakhulukazi ontanga yakho? Ukuzihlola okuqotho kuyosisiza ukuba sibone ukuthi ukuphila kwethu kugcwele izithelo zomoya kaNkulunkulu yini noma ingabe sekuqala ukubonakala imisebenzi yenyama ngendlela ecashile.—Galathiya 5:22-26; Efesu 4:22-27.
Izinyathelo Eziqinisekile Zokunqoba Ubuthakathaka Obungokomoya
Kungenye into ukuqaphela izimpawu zobuthakathaka obungokomoya; kungehluke ngokuphelele ukubhekana nazo nokuthatha izinyathelo zokulungisa izinto. Ngokudabukisayo, abaningi bathambekele ekubekeni izaba, bazithethelele, balulaze inkinga, noma baphike ukuthi ikhona. Yeka ukuthi lokhu kuyingozi kanjani—kunjengokuya empini ugqoke isambatho esingenazo ezinye izingxenye! Inkambo enjalo ingasichaya ngokuphelele ekuhlaseleni kukaSathane. Kunalokho, kufanele sizithathe ngokushesha izinyathelo eziqinisekile zokulungisa noma ikuphi ukushiyeka esingase sikuphawule. Yini esingayenza?—Roma 8:13; Jakobe 1:22-25.
Njengoba sisempini engokomoya—impi ehlanganisa ukulawulwa kwengqondo nenhliziyo yomKristu—kumelwe senze konke esingakwenza ukuze sikuvikele. Khumbula ukuthi phakathi kwezingxenye zesambatho sethu sokuzivikela esingokomoya kukhona “isivikelo sesifuba sokulunga,” esivikela inhliziyo yethu, ‘nesigqoko sokuzivikela sensindiso,’ esivikela ingqondo yethu. Ukufunda ukuwasebenzisa ngokuphumelelayo lawa malungiselelo kungasho umehluko phakathi kokunqoba nokunqotshwa.—Efesu 6:14-17; IzAga 4:23; Roma 12:2.
Ukuze sibe abagqoke “isivikelo sesifuba sokulunga” ngendlela efanele kudingeka sihlale sizihlola ngokuphathelene nothando lwethu ngokulunga nokuzonda ukungabi namthetho. (IHubo 45:7; 97:10; Amose 5:15) Ingabe izindinganiso zethu ziye zehla zafana nezezwe? Ingabe manje seziyasijabulisa izinto—kungakhathaliseki ukuthi ezokuphila kwangempela noma eziboniswa kuma-TV noma emafilimini, ezincwadini nakomagazini—okungenzeka ukuthi zake zasishaqisa noma zasicasula? Ukuthanda ukulunga kuyosisiza ukuba sibone ukuthi lokho izwe elikudumisa njengokuyinkululeko nokwazi empeleni kungase kube ukuziphatha okuxekethile nokuzidla okucashile.—Roma 13:13, 14; Thithu 2:12.
Ukugqoka “isigqoko sokuzivikela sensindiso” kuhlanganisa ukuzigcina zigqamile engqondweni izibusiso ezimangalisayo ezizayo, singazivumeli ukuba sichezukiswe ubukhazikhazi nobuhle obukhangayo baleli lizwe. (Heberu 12:2, 3; 1 Johane 2:16) Ukuba nombono onjalo kuyosisiza ukuba sibeke izithakazelo ezingokomoya ngaphambi kwenzuzo yezinto ezibonakalayo noma izinto ezizuzisa thina. (Mathewu 6:33) Ngakho, ukuze siqiniseke ukuthi le ngxenye yesambatho sokuzivikela esingokomoya isendaweni efanele, kumelwe sizibuze ngobuqotho: Yini engiyiphishekelayo ekuphileni? Ingabe nginemigomo eqondile engokomoya? Yini engiyenzayo ukuze ngiyifinyelele? Kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu ayinsali egcotshiwe noma “isixuku esikhulu,” kufanele silingise uPawulu, owathi: “Angikazicabangeli njengosekubambile; kodwa yinye into ekhona ngakho: Ukukhohlwa izinto ezingemuva nokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni.”—IsAmbulo 7:9; Filipi 3:13, 14.
Incazelo kaPawulu yesambatho sokuzivikela esingokomoya iphetha ngalokhu kuyala: ‘Qhubekani nithandaza ngomoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa ngezikhathi zonke. Futhi ngenxa yaleyonjongo hlalani niphapheme ngakho konke ukuqinisela nangokunxusa ngenxa yabo bonke abangcwele.’ (Efesu 6:18) Lokhu kubonisa izinyathelo ezimbili eziqinisekile esingazithatha ukuze sinqobe noma sivimbele noma yibuphi ubuthakathaka obungokomoya: Yiba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu, usondelane kakhulu namaKristu okanye nawo.
Lapho sinomkhuba wokuphendukela kuJehova “ngazo zonke izinhlobo” zemithandazo (sivuma izono zethu, sicela intethelelo, sicela isiqondiso, sibonga izibusiso, simdumisa ngokusuka enhliziyweni) ‘nangezikhathi zonke’ (obala, ngasese, ngokomuntu siqu, ngokuzenzakalelayo), siba nobuhlobo obuseduze noJehova. Leso isivikelo esikhulu kunazo zonke kwesingaba nazo.—Roma 8:31; Jakobe 4:7, 8.
Ngakolunye uhlangothi, siyalwa ukuba sithandazele “bonke abangcwele,” okuwukuthi, amaKristu esikanye nawo. Emithandazweni yethu singahle sikhumbule abafowethu abangokomoya abasemazweni akude abashushiswayo noma ababhekene nobunye ubunzima. Kodwa kuthiwani ngamaKristu esisebenza nawo nesiba nawo zonke izinsuku? Kuyafaneleka ukuwathandazela nawo, njengoba nje noJesu abathandazela abafundi bakhe. (Johane 17:9; Jakobe 5:16) Imithandazo enjalo isenza sisondelane futhi isiqinisele ukuba simelane nokuhlasela “komubi.”—2 Thesalonika 3:1-3.
Ekugcineni, wugxilise engqondweni umyalo wothando womphostoli uPetru othi: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, yibani abahluzekile engqondweni, futhi nibe abaqaphile ngokuqondene nemithandazo. Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.” (1 Petru 4:7, 8) Kulula kakhulu ukuvumela ukungapheleli kobuntu—kwabanye abantu nokwethu—kungene ezinhliziyweni zethu kube izithiyo nezikhubekiso. USathane ubazi kahle lobu buthakathaka bobuntu. Ukuhlukanisa bese unqoba, enye yezindlela zakhe zobuqili. Ngakho-ke, kumelwe sisheshe simboze izono ezinjalo ngothando olukhulu ngomunye nomunye, ‘singamvumeli uDeveli athole indawo.’—Efesu 4:25-27.
Hlala Uqinile Ngokomoya Manje
Uma uqaphela ukuthi izinwele zakho zihlikizekile noma uthayi wakho utshekile, uye wenzeni? Cishe ukulungisa ngokushesha ngangokunokwenzeka. Bambalwa abantu abayomane bakuyeke kunjalo, benomuzwa wokuthi izinto ezinjalo ezingalungile emzimbeni azisho lutho. Masisabele ngokushesha ngendlela efanayo lapho kuziwa ebuthakathakeni obungokomoya. Isici esingalungile emzimbeni singase senze abantu basibuke ngokusola, kodwa ukushiyeka okungokomoya okuyekwa kungalungisiwe kungaphumela ekulahlweni uJehova.—1 Samuweli 16:7.
UJehova uye wasinika ngothando konke esikudingayo ukuze asisize sisiphule noma yibuphi ubuthakathaka obungokomoya futhi sihlale siqinile ngokomoya. Ngemihlangano yamaKristu, ngezincwadi zeBhayibheli nangamaKristu esikanye nawo avuthiwe nanakekelayo, usinika izikhumbuzo neziqondiso eziqhubekayo ngokuphathelene nalokho okumelwe sikwenze. Kukithi ukuba sizamukele futhi sizisebenzise. Lokhu kudinga umzamo nokuzithiba. Kodwa khumbula lokho umphostoli uPawulu akusho ngobuqotho: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya; kodwa ngiyawutuba umzimba wami futhi ngiwuhola njengesigqila, ukuze kuthi, ngemva kokuba sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngingabi ongamukeleki ngandlela-thile.”—1 Korinte 9:26, 27.
Qapha, futhi ungalokothi uvumele ukuba i-Achilles’ heel yakheke. Kunalokho, ngokuthobeka nangesibindi masenze okudingekayo manje ukuze siqaphele futhi sinqobe noma yibuphi ubuthakathaka obungokomoya esinabo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
“QHUBEKANI NIVIVINYA UKUTHI NISOKHOLWENI YINI, QHUBEKANI NIHLOLA LOKHO NINA NGOKWENU ENIYIKHO.”—2 Korinte 13:5.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
“NIBE ABAQAPHILE NGOKUQONDENE NEMITHANDAZO. NGAPHEZU KWAKHO KONKE, YIBANI NOTHANDO OLUKHULU NGOMUNYE NOMUNYE, NGOBA UTHANDO LUMBOZA IZONO EZININGI.”—1 Petru 4:7, 8.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20]
ZIBUZE . . .
◆ Ingabe ngimagange ukusebenzisa isikhathi esithile ngilungiselela imihlangano ngendlela efanayo nengimagange ngayo ukuyothenga noma ukubuka i-TV?
◆ Ingabe ngifisa ukuphila impilo okuthiwa impilo emnandi ephilwa ngabanye?
◆ Ingabe ngicasuka kalula lapho abanye benza noma besho okuthile engingakuthandi?
◆ Ingabe ngikuthola kunzima ukwamukela iseluleko, noma ingabe ngiba nomuzwa wokuthi abanye bahlale bengisola?
◆ Ingabe ngikuthola kunzima ukuphila kahle nabanye?
◆ Ingabe izindinganiso zami ziye zehla kanye nezezwe?
◆ Ingabe nginemigomo eqondile engokomoya?
◆ Yini engiyenzayo ukuze ngifinyelele imigomo yami engokomoya?
[Imithombo Yezithombe ekhasini 18]
Achilles: From the book Great Men and Famous Women; Roman soldiers and page 21: Historic Costume in Pictures/Dover Publications, Inc., New York