Isahluko Sesishiyagalombili
‘Ukubambana Nendikimba Yomoya Ababi’
1. Kungani sinesithakazelo emsebenzini womoya ababi?
ABANTU abaningi bawuhleka usulu umqondo wokuthi kunomoya ababi. Kodwa le ndaba ayilona ihlaya. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bayakukholelwa noma cha, omoya ababi bakhona, futhi bazama ukucindezela wonke umuntu. Abakhulekeli bakaJehova abagonyiwe. Eqinisweni, bayizisulu eziyinhloko. Umphostoli uPawulu usiqaphelisa lelo qiniso, ethi: “Asibambene negazi nenyama kodwa nawohulumeni [abangabonakali], namagunya, nababusi bezwe balobubumnyama, nendikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Osukwini lwethu ukucindezela kwendikimba yomoya ababi kufinyelele iqophelo elinamandla kakhulu ngenxa yokuthi uSathane uxoshiwe ezulwini futhi uthukuthele, azi ukuthi unesikhathi esifushane.—IsAmbulo 12:12.
2. Singanqoba kanjani ekulweni nomoya abanamandla angaphezu kwawomuntu?
2 Singanqoba yini lapho silwa nendikimba yomoya abanamandla angaphezu kwawomuntu? Yebo, kodwa kuphela ngokuthembela kuJehova ngokuphelele. Kumelwe simlalele futhi sithobele iZwi lakhe. Ngokwenza kanjalo, singagwema umonakalo ongokomzimba, ongokokuziphatha nongokomzwelo owehlela labo abangaphansi kwethonya likaSathane.—Jakobe 4:7.
Ababusi Bezwe Abasezindaweni Zasezulwini
3. Obani uSathane abaphikisa ngonya, futhi kanjani?
3 UJehova usichazela ngokucacile ngesimo sezwe njengoba esibona ephezulu emazulwini. Wanikeza umphostoli uJohane umbono lapho uSathane echazwa khona ngokuthi “udrako omkhulu onombala onjengomlilo.” Wayemi ngomumo efuna ithuba lokushwabadela uMbuso KaMesiya kaNkulunkulu ngokushesha lapho uzalwa ezulwini ngo-1914. Wathi angahluleka kulokho, uSathane wabangela ukuba abameleli basemhlabeni balowo Mbuso baphikiswe ngonya olukhulu. (IsAmbulo 12:3, 4, 13, 17) USathane wayeyolwa ngayiphi indlela? Ngabameleli bakhe abangabantu.
4. Ungubani umthombo wamandla ohulumeni babantu, futhi sikwazi kanjani lokho?
4 Ngokulandelayo, uJohane waboniswa isilo sasendle esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, isilo esasinegunya ‘phezu kwabo bonke abantu nezilimi nezizwe.’ Leso silo simelela sonke isimiso sezombangazwe sembulunga yonke. UJohane watshelwa ukuthi “udrako [uSathane uDeveli] wanika lesisilo amandla aso nesihlalo saso sobukhosi negunya elikhulu.” (IsAmbulo 13:1, 2, 7) Yebo, uSathane uwumthombo wamandla negunya lohulumeni babantu. Ngakho, njengoba umphostoli uPawulu abhala, ‘ababusi bezwe’ bangempela ‘yindikimba yomoya ababi esezindaweni zasezulwini,’ elawula ohulumeni babantu. Bonke abafuna ukukhulekela uJehova kufanele baqonde ukubaluleka kwalelo qiniso.—Luka 4:5, 6.
5. Ababusi bezombangazwe bahlanganiselwaphi manje?
5 Nakuba ababusi abaningi bezombangazwe bethi balandela inkolo, awukho nowodwa umbuso ozithoba ekubuseni kukaJehova noma ekubuseni kweNkosi ayimisile, uJesu Kristu. Yonke izabalaza ngamandla ifuna ukulondoloza igunya layo. Namuhla, njengoba ukulandisa kwesAmbulo kubonisa, ‘izinkulumo eziphefumulelwe amademoni’ zihlanganisela ababusi bezwe “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” e-Armagedoni.—IsAmbulo 16:13, 14, 16; 19:17-19.
6. Kungani kufanele siqaphe ukuze sigweme ukushoshozelwa ukuba sisekele isimiso sikaSathane?
6 Nsuku zonke, ukuphila kwabantu kuthintwa yizingxabano zezombangazwe, zezenhlalo, zezomnotho nezenkolo ezihlukanisa umkhaya wesintu. Ngokuvamile kulezi zingxabano—ngezinkulumo nangezinye izindlela—abantu bathatha uhlangothi lwezwe, isizwe, iqembu lolimi, noma isigaba sezenhlalo abayingxenye yaso. Ngisho noma abantu bengahilelekile ngokuqondile engxabanweni ethile, bavame ukuzithola besekela uhlangothi oluthile baphikise olunye. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi basekela muphi umuntu noma inhlangano, basuke besekela bani ngempela? IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Umuntu angakugwema kanjani-ke ukudukiswa naso sonke isintu? Ngokuwusekela ngokugcwele uMbuso kaNkulunkulu nangokuzigcina engathathi hlangothi ezingxabanweni zezwe.—Johane 17:15, 16.
Amacebo Omubi Awubuqili
7. Ubuqili bukaSathane bubonakala kanjani ekusebenziseni kwakhe inkolo yamanga?
7 Phakathi nawo wonke umlando, uSathane uye wasebenzisa ushushiso lwamazwi nolungokoqobo ukuze asuse abantu ekukhulekeleni kweqiniso. Uye wasebenzisa nezindlela ezicashile—izenzo nezinto eziwubuqili. Ngobuqili, uye wagcina abaningi esintwini besebumnyameni ngenkolo yamanga, ebenza bacabange ukuthi bakhulekela uNkulunkulu. Njengoba bengenalo ulwazi olunembile ngoNkulunkulu futhi bengalithandi neqiniso, bangase bakhangwe yizinkonzo zenkolo eziyimfihlakalo nezivusa imizwelo noma bahlatshwe umxhwele yimisebenzi yamandla. (2 Thesalonika 2:9, 10) Kodwa siyaxwayiswa ngokuthi ngisho naphakathi kwalabo abake bahlanganyela ekukhulekeleni kweqiniso, “abanye bayokuwa . . . , benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Kungenzeka kanjani lokho?
8. USathane angasiyengela kanjani enkolweni yamanga yize sikhulekela uJehova?
8 Ngobuqili, uDeveli usizakala ngobuthakathaka bethu. Ingabe sisalawulwa ukwesaba abantu? Uma kunjalo, singase siyekethise ngaphansi kokucindezela kwezihlobo noma omakhelwane ukuba sihlanganyele emikhubeni enomsuka wenkolo yamanga. Ingabe siyaqhosha? Uma kunjalo, singase sicasuke lapho selulekwa noma lapho abanye bengavumelani nemibono esinayo. (IzAga 15:10; 29:25; 1 Thimothewu 6:3, 4) Esikhundleni sokulungisa umbono wethu ukuze uvumelane nesibonelo sikaKristu, singase sithambekele ngakulabo ‘abakitaza izindlebe zethu’ ngokusitshela ukuthi ukufunda nje iBhayibheli nokuphila ukuphila okuhle kwanele. (2 Thimothewu 4:3) Ukuthi sizibandakanya nenye inkolo noma simane sizakhela olwethu uhlobo lwenkolo akubalulekile kuSathane, uma nje singamkhulekeli uJehova ngendlela uNkulunkulu asiqondisa ngayo ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe.
9. USathane ubusebenzisa kanjani ubulili ngobuqili ukuze afeze izinjongo zakhe?
9 USathane ngobuqili uyenga abantu ukuba banelise izinkanuko ezingokwemvelo ngezindlela ezingalungile. Lokhu uye wakwenza ngesifiso sokusondelana ngokobulili. Belahla izimiso zokuziphatha zeBhayibheli, abaningi ezweni babheka ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu abangashadile njengendlela efanele yokuzijabulisa noma njengendlela yokubonisa ukuthi sebekhulile. Kuthiwani ngalabo abashadile? Abaningi bayaphinga. Ngisho noma kungekho ukungathembeki emshadweni wabo, abantu abaningi bafuna isehlukaniso noma ukuhlala ngokwahlukana ukuze bakwazi ukuyohlala nomunye umuntu. Umgomo kaSathane owumshoshaphansi uwukuthonya abantu ukuba baphilele ukuthola injabulo manje, abashukumisele ukuba bangayishayi mkhuba imiphumela eyohlala phakade engathinti bona nje nabanye abantu kuphela kodwa ethinta ikakhulukazi ubuhlobo babo noJehova neNdodana yakhe.—1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 6:7, 8.
10. Yiziphi izinto uSathane azama ngazo ukuwohloza umbono wethu ngokuziphatha okubi nobudlova?
10 Esinye isifiso esingokwemvelo esokuzijabulisa. Uma kukuhle, kungasenza siqabuleke ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Kodwa sisabela kanjani uma uSathane ngobuqili esebenzisa amathuba okuzilibazisa ukuze azame ukususa izingqondo zethu kuNkulunkulu? Ngokwesibonelo, siyazi ukuthi uJehova uyakuzonda ukuziphatha okubi kobulili nobudlova. Uma amabhayisikobho, izinhlelo zethelevishini, noma imidlalo yaseshashalazini iveza lezo zinto, ingabe siyahlala nje sibukele? Khumbula futhi ukuthi uSathane uyoqiniseka ukuthi izinto ezinjalo zonakala ngisho nakakhulu njengoba isikhathi sokuba a phonswe kwalasha sisondela, ngoba “abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” (2 Thimothewu 3:13; IsAmbulo 20:1-3) Ngakho kufanele sihlale siwaqaphile amaqhinga kaSathane.—Genesise 6:13; IHubo 11:5; Roma 1:24-32.
11. Ngisho nomuntu olaziyo iqiniso mayelana nokusebenzelana nemimoya angabanjwa ugibe ngaziphi izindlela uma engaqaphile?
11 Siyazi futhi ukuthi labo abahileleka kunoma yiluphi uhlobo lokusebenzelana nemimoya—ukubhula, ukuthakatha, noma ukuzama ukukhuluma nabafileyo—bayisinengiso kuJehova. (Duteronomi 18:10-12) Sicabanga ngalokho, asinakulokotha siye kwababhulayo, futhi ngokuqinisekile asinakubamukela emizini yethu bazokwenza imikhuba yabo yobudemoni. Kodwa ingabe besiyobalalela uma bevela kuthelevishini noma kuyi-Internet? Nakuba singeke sivume ukwelashwa yinyanga, singayibopha yini intambo esihlakaleni sosana olusanda kuzalwa, sicabanga ukuthi ngandlela-thile izoluvikela ezingozini? Njengoba sazi ukuthi iBhayibheli liyakulahla ukulumba abanye, besingamvumela yini umuntu owelapha ngokulutha ingqondo ukuba alawule ingqondo yethu?—Galathiya 5:19-21.
12. (a) Umculo usetshenziswa kanjani ukuze usenze sicabange ngemiqondo esaziyo ukuthi ayilungile? (b) Indlela umuntu agqoka ngayo, isitayela sakhe sezinwele noma indlela akhuluma ngayo ingase ibonise kanjani ukuthi uyabathanda labo abanendlela yokuphila elahlwa nguJehova? (c) Yini edingekayo kithi ukuze sigweme ukuba yizisulu zamacebo kaSathane obuqili?
12 IBhayibheli lithi ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo akufanele kuphathwe nakuphathwa (ngezinhloso ezingahlanzekile) phakathi kwethu. (Efesu 5:3-5) Kodwa kuthiwani uma izinto ezinjalo zihambisana nomculo omnandi, isigqi esihehayo, noma esibeleselayo? Ingabe sizophinda izosha ezidumisa ubulili ngaphandle komshado, ukusebenzisa izidakamizwa ngenjongo yokuzijabulisa, nezinye izenzo eziyisono? Noma ingabe sithambekele ekuzifaniseni nabantu abazitika ngezinto ezinjalo ngokulingisa indlela abagqoka ngayo, izitayela zabo zezinwele, noma indlela abakhuluma ngayo, nakuba sazi ukuthi akufanele silingise indlela yabo yokuphila? Yeka ukuthi ziwumshoshaphansi kanjani izindlela uSathane azisebenzisayo ukuze ahehe abantu bavumelane nendlela yakhe yokucabanga ekhohlakele! (2 Korinte 4:3, 4) Ukuze singabi yizisulu zamacebo akhe obuqili, kumelwe sigweme ukukhukhuleka nezwe. Kufanele sikhumbule ukuthi bangobani ‘ababusi bezwe balobubumnyama’ futhi silwe ngokuzimisela nethonya labo.—1 Petru 5:8.
Sihlonyiselwe Ukuba Ngabanqobi
13. Nakuba singaphelele, kungenzeka kanjani ukuba noma ubani kithi anqobe izwe elibuswa nguSathane?
13 Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Nabo babenganqoba. Eminyakeni engaba ngu-60 kamuva, umphostoli uJohane wabhala: “Ubani onqoba izwe ngaphandle kwalowo onokholo lokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu?” (1 Johane 5:5) Ukholo olunjalo silubonisa ngokulalela imiyalo kaJesu nokuthembela eZwini likaNkulunkulu, njengoba nje noJesu enza. Yini enye edingekayo? Ukuba sinamathele ebandleni ayiNhloko yalo. Lapho sishiyeka, kumelwe siphenduke ngobuqotho futhi sicele intethelelo kaNkulunkulu ngesisekelo somhlatshelo kaJesu. Ngale ndlela, nakuba singaphelele futhi sinamaphutha, nathi singanqoba.—IHubo 130:3, 4.
14. Funda eyabase-Efesu 6:13-17, bese usebenzisa imibuzo nemibhalo ekulesi sigaba njengesisekelo sokuxoxa ngezinzuzo zengxenye ngayinye yesambatho sokuzivikela esingokomoya.
14 Ukuze siphumelele, kufanele sembathe “sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu,” singadebeseleli nayinye ingxenye yaso. Siza uvule iBhayibheli lakho kweyabase-Efesu 6:13-17, ufunde incazelo yayo ngaleso sambatho. Khona-ke, ngokuphendula imibuzo engezansi, cabangela indlela ongazuza ngayo ngesivikelo sengxenye ngayinye yalesi sambatho sokuzivikela.
‘Izinkalo zibhinciswe iqiniso’
Nakuba silazi iqiniso, ukutadisha njalo, ukuzindla ngeqiniso leBhayibheli, nokuba khona emihlanganweni kusivikela kanjani? (1 Korinte 10:12, 13; 2 Korinte 13:5; Filipi 4:8, 9)
“Isivikelo sesifuba sokulunga”
Ubani obeka le ndinganiso yokulunga? (IsAmbulo 15:3)
Bonisa ukuthi ukungazilandeli izindlela zikaJehova zokulunga kungamchaya kanjani umuntu engozini engokomoya. (Duteronomi 7:3, 4; 1 Samuweli 15:22, 23)
‘Izinyawo zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula’
Kuyisivikelo ngayiphi indlela kithi ukugcina izinyawo zethu zimatasa ngokuya kubantu siyokhuluma nabo ngamalungiselelo kaNkulunkulu okuthula? (IHubo 73:2, 3; Roma 10:15; 1 Thimothewu 5:13)
“Isihlangu esikhulu sokholo”
Uma sinokholo oluqinile, siyosabela kanjani emizamweni ehloselwe ukusenza singabaze noma sesabe? (2 AmaKhosi 6:15-17; 2 Thimothewu 1:12)
“Isigqoko sokuzivikela sensindiso”
Ithemba lensindiso limsiza kanjani umuntu ukuba agweme ugibe lokukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo? (1 Thimothewu 6:7-10, 19)
‘Inkemba yomoya’
Yini okufanele sithembele kuyo ngaso sonke isikhathi lapho kuhlaselwa ingokomoya lethu noma elabanye? (IHubo 119:98; IzAga 3:5, 6; Mathewu 4:3, 4)
Yini enye ebalulekile ukuze siphumelele empini engokomoya? Kufanele isetshenziswe kangakanani? Isetshenziselwe obani? (Efesu 6:18, 19)
15. Singasithatha kanjani isinyathelo empini engokomoya?
15 Njengamasosha kaKristu, siyingxenye yebutho elikhulu elisempini engokomoya. Uma sihlala siphapheme futhi sisisebenzisa ngokugcwele isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu, ngeke sisale enkundleni kule mpi. Kunalokho, siyoba usizo oluqinisayo kwezinye izinceku zikaNkulunkulu. Siyokulungela futhi sizimisele ukuthatha isinyathelo, sisakaze izindaba ezinhle zoMbuso KaMesiya kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini uSathane awuphikisa ngolaka olukhulu.
Ingxoxo Yokubukeza
• Kungani abakhulekeli bakaJehova bengathathi hlangothi nhlobo ezingxabanweni zezwe?
• Yiziphi ezinye zezindlela zobuqili ezisetshenziswa nguSathane ukuze onakalise ingokomoya lamaKristu?
• Isambatho sokuzivikela esingokomoya esivela kuNkulunkulu sisivikela kanjani empini yethu engokomoya?
[Izithombe ekhasini 76]
Izizwe zibuthelwa e-Armagedoni