“Gqokani Zonke Izembatho Zempi Ezivela KuNkulunkulu”
“Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.”—EFESU 6:11.
1, 2. Ngamazwi akho, chaza izembatho zempi ezingokomoya amaKristu okudingeka azigqoke.
UMBUSO WASEROMA wawudlondlobele ngekhulu lokuqala C.E. Amandla amabutho aseRoma enza lo muzi wakwazi ukulawula cishe wonke umhlaba owawaziwa ngaleso sikhathi. Esinye isazi-mlando sachaza leli butho ngokuthi “ibutho lempi eliphumelela kunawo wonke emlandweni.” Ibutho laseRoma lalinamasosha agcina umthetho ayeqeqeshwa kanzima, kodwa ukuphumelela kwawo empini kwakuxhomeke nasezembathweni zawo. Umphostoli uPawulu wasebenzisa izembatho zesosha laseRoma ukuze afanekise izikhali ezingokomoya amaKristu azidingayo ukuze alwe noDeveli amnqobe.
2 Lezi zembatho zempi ezingokomoya zichazwe kweyabase-Efesu 6:14-17. UPawulu wabhala: “Yimani niqinile izinkalo zenu ziboshwe ngeqiniso, futhi nigqoke isivikelo sesifuba sokulunga, nezinyawo zenu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula. Ngaphezu kwazo zonke izinto, thathani isihlangu esikhulu sokholo, eniyokwazi ngaso ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Futhi, yamukelani isigqoko sokuzivikela sensindiso, nenkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.” Ngomqondo ongokoqobo, izembatho zempi uPawulu azichaza zazilivikela kakhulu isosha laseRoma. Laliphatha nanenkemba, isikhali salo esiyinhloko sokulwa bukhoma.
3. Kungani kufanele silalele iziyalezo zikaJesu Kristu futhi silandele isibonelo sakhe?
3 Ngaphandle kwezikhali nokuqeqeshwa, ukuphumelela kwebutho laseRoma kwakuxhomeke ekulaleleni kwamasosha umkhuzi wawo. Ngokufanayo, amaKristu kumelwe alalele uJesu Kristu, iBhayibheli elimbiza ngokuthi ‘umyali emaqenjini ezizwe.’ (Isaya 55:4) Futhi ‘uyinhloko yebandla.’ (Efesu 5:23) UJesu usinika iziyalezo empini yethu engokomoya futhi usibekela isibonelo esiphelele sendlela yokugqoka izembatho zempi ezingokomoya. (1 Petru 2:21) Njengoba ubuntu obunjengobukaKristu buthi abufane nezembatho zethu zempi ezingokomoya, imiBhalo iseluleka ukuba ‘sihlome’ ngesimo sengqondo sikaKristu. (1 Petru 4:1) Ngakho, njengoba sihlaziya isembatho sethu ngasinye esingokomoya sizosebenzisa isibonelo sikaJesu ukuze siveze ukubaluleka nokuphumelela kwaleso sembatho.
Ukuvikela Amanyonga, Isifuba, Nezinyawo
4. Ibhande lalisiza ngani ezembathweni zesosha, futhi lifanekiselani?
4 Izinkalo ziboshwe ngeqiniso. Ngezikhathi zeBhayibheli, amasosha ayebopha ibhande lesikhumba okhalweni, elalingamasentimitha angu-5 kuya kwangu-15 ububanzi. Abanye abahumushi basikisela ukuthi leli vesi kufanele ngabe lithi, “nineqiniso njengebhande eliboshwe laqina okhalweni lwenu.” Leli bhande lesosha lalivikela amanyonga alo, futhi laliba indawo ekahle yokugaxa inkemba. Lapho isosha libopha ukhalo, lalisuke lilungela impi. UPawulu wasebenzisa ibhande lesosha ukuze afanekise izinga iqiniso elingokomBhalo okufanele lithonye ngalo ukuphila kwethu. Kufanele kube njengokungathi liboshwe laqina kithi, ukuze siphile ngokuvumelana neqiniso futhi sikwazi ukulivikela noma nini. (IHubo 43:3; 1 Petru 3:15) Ukuze senze lokho, kudingeka sitadishe iBhayibheli ngenkuthalo futhi sizindle ngalokho elikuqukethe. UJesu wayenomthetho kaNkulunkulu ‘ezibilinini zakhe.’ (IHubo 40:8) Ngakho, lapho abaphikisi bemphonsa imibuzo, wayengaphendula ngokucaphuna imiBhalo ngekhanda.—Mathewu 19:3-6; 22:23-32.
5. Chaza indlela iseluleko esingokomBhalo esingasisiza ngayo lapho sivivinywa noma silingwa.
5 Lapho sivumela iqiniso leBhayibheli lisiqondise, lingasivikela ekucabangeni okuyiphutha futhi lisenze sikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile. Lapho silingwa noma sivivinywa, iziqondiso zeBhayibheli ziyoqinisa ukuzimisela kwethu ukwenza okulungile. Kuyoba njengokungathi siyambona uMfundisi wethu Omkhulu, uJehova, futhi sizwa izwi emva kwethu lithi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.”—Isaya 30:20, 21.
6. Kungani inhliziyo yethu engokomfanekiso idinga ukuvikelwa, futhi ukulunga kungayilonda kanjani?
6 Isivikelo sesifuba sokulunga. Isivikelo sesifuba sesosha sasivikela isitho esibalulekile, inhliziyo. Inhliziyo yethu engokomfanekiso—umuntu esinguye ngaphakathi—idinga ukuvikelwa ngokukhethekile ngoba ithambekele kokungalungile. (Genesise 8:21) Ngakho, kumelwe sizazi futhi sizithande izindinganiso zikaJehova zokulunga. (IHubo 119:97, 105) Uthando lwethu ngokulunga lusiholela ekubeni senqabe ukucabanga kwezwe okungazishayi mkhuba noma okuzilulazayo iziqondiso zikaJehova ezicacile. Ngaphezu kwalokho, lapho sithanda okulungile futhi sizonda okungalungile, sigwema ukuphishekela inkambo engonakalisa ukuphila kwethu. (IHubo 119:99-101; Amose 5:15) UJesu uyisibonelo kulokhu, ngoba imiBhalo ithi ngaye: “Wathanda ukulunga, wazonda ukweqa umthetho.”—Hebheru 1:9.a
7. Kungani isosha laseRoma lalidinga izicathulo eziqinile, futhi zifanekiselani?
7 Izinyawo zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle zokuthula. Amasosha aseRoma ayedinga izicathulo noma izimbadada eziqinile, ngoba lapho esempini ayevamile ukuhamba amakhilomitha angu-30 ngosuku, enezembatho nezikhali ezingamakhilogremu angaba ngu-27. Kwakufaneleka ukuba uPawulu asebenzise izicathulo ukuze afanekise ukulungela kwethu ukushumayela isigijimi soMbuso kuwo wonke umuntu olalelayo. Lokhu kubalulekile ngoba abantu bayomazi kanjani uJehova uma singakulungele futhi singazimisele ukushumayela?—Roma 10:13-15.
8. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu njengomshumayeli wezindaba ezinhle?
8 Imuphi umsebenzi owawubaluleke kakhulu ekuphileni kukaJesu? Wathi kuMbusi waseRoma uPontiyu Pilatu: ‘Ngize ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.’ UJesu wayeshumayela noma nini lapho ayelalelwa, futhi wayeyijabulela kakhulu inkonzo yakhe kangangokuthi wayenza yeza kuqala kunezidingo zakhe ezingokwenyama. (Johane 4:5-34; 18:37) Uma nathi, njengoJesu, simagange ukumemezela izindaba ezinhle, siyothola amathuba amaningi okuxoxa nabanye ngazo. Ngaphezu kwalokho, ukuba matasa kwethu enkonzweni yethu kuyosigcina siqinile ngokomoya.—IzEnzo 18:5.
Isihlangu, Isigqoko, Nenkemba
9. Isihlangu esikhulu sasilivikela kanjani isosha laseRoma?
9 Isihlangu esikhulu sokholo. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isihlangu esikhulu” libhekisela esihlangwini esasisikhulu ngokwanele ukuvikela cishe wonke umzimba. Sasingavikela umuntu ‘emicibisholweni evuthayo’ okukhulunywa ngayo kweyabase-Efesu 6:16. Ngezikhathi zeBhayibheli, amasosha ayesebenzisa imicibisholo eyenziwe ngomhlanga eyayinezitshana zensimbi ezazithelwa uketshezi oluvuthayo i-naphtha. Esinye isazi sichaza le micibisholo ngokuthi “esinye sezikhali ezaziyingozi kakhulu ezimpini zasendulo.” Uma isosha lalingenaso isihlangu esikhulu sokuzivikela emicibisholweni enjalo, lalingalimala kabi noma life imbala.
10, 11. (a) Imiphi “imicibisholo evuthayo” kaSathane engacekela phansi ukholo lwethu? (b) Isibonelo sikaJesu sikubonisa kanjani ukubaluleka kokholo lapho sivivinywa noma silingwa?
10 Imiphi “imicibisholo evuthayo” uSathane ayisebenzisayo ukuze acekele phansi ukholo lwethu? Angase aphembe ushushiso noma ukuphikiswa ekhaya, emsebenzini, noma esikoleni. Isifiso sokuba nezinto ezibonakalayo ezengeziwe nehuha lokuziphatha okubi nakho kuye kwabacekela phansi abanye ngokomoya. Ukuze sizivikele ezinsongweni ezinjalo, “ngaphezu kwazo zonke izinto, [kumelwe sithathe] isihlangu esikhulu sokholo.” Ukholo lutholakala ngokufunda ngoJehova, ngokukhuluma naye njalo ngomthandazo, nangokubona indlela asivikela ngayo nasibusisa ngayo.—Joshuwa 23:14; Luka 17:5; Roma 10:17.
11 Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa ukubaluleka kokuba nokholo oluqinile ezikhathini ezibucayi. Wayezethemba ngokuphelele izinqumo zikaYise futhi ekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu. (Mathewu 26:42, 53, 54; Johane 6:38) Ngisho nalapho ecindezeleke kakhulu ensimini yaseGetsemane, uJesu wathi kuYise: “Kungabi njengoba kuthanda mina, kodwa kube njengoba kuthanda wena.” (Mathewu 26:39) UJesu akazange nanini akukhohlwe ukubaluleka kokugcina ubuqotho nokwenza uYise ajabule. (IzAga 27:11) Uma simethemba ngendlela efanayo uJehova, ngeke sivumele ukugxekwa noma ukuphikiswa kwenze ukholo lwethu lube buthaka. Kunalokho, ukholo lwethu luyoqina uma sincika kuNkulunkulu, sibonisa ukuthi siyamthanda, futhi sigcina imiyalo yakhe. (IHubo 19:7-11; 1 Johane 5:3) Akukho mivuzo yezinto ezibonakalayo noma ubumnandi besikhashana bobulili obungaqhathaniswa nezibusiso uJehova azigcinele labo abamthandayo.—IzAga 10:22.
12. Isigqoko sethu sokuzivikela esingokomfanekiso sivikela siphi isitho esibalulekile, futhi kungani leso sivikelo sibalulekile?
12 Isigqoko sokuzivikela sensindiso. Isigqoko sokuzivikela sasivikela ikhanda nobuchopho besosha—isizinda semicabango. Ithemba lethu lobuKristu lifaniswa nesigqoko sokuzivikela ngoba livikela ingqondo yethu. (1 Thesalonika 5:8) Nakuba siye sashintsha ingqondo yethu ngolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, sisengabantu ababuthakathaka futhi abangaphelele. Ingqondo yethu ingonakaliswa kalula. Imigomo yalesi simiso sezinto ingasiphambukisa noma ithathe indawo yethemba lethu elivela kuNkulunkulu imbala. (Roma 7:18; 12:2) Nakuba ahluleka, uDeveli wazama ukuphambukisa uJesu ngokumthembisa “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Mathewu 4:8) Kodwa uJesu wala waphetha ukuyamukela, futhi uPawulu wathi ngaye: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe [uJesu] wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”—Hebheru 12:2.
13. Singahlala kanjani siqiniseka ngethemba lethu lezinto eziseza?
13 Ukuqiniseka okunjengokukaJesu akuzenzakaleli. Uma sigcwalisa izingqondo zethu ngamaphupho nemigomo yalesi simiso sezinto kunokugxila ethembeni lezinto eziseza, ukholo lwethu ezithembisweni zikaNkulunkulu luyoba buthakathaka. Ngokuhamba kwesikhathi, lingasilahlekela ngokuphelele ithemba lethu. Ngakolunye uhlangothi, uma sizindla njalo ngezithembiso zikaNkulunkulu, siyoqhubeka sijabula ethembeni elibekwe phambi kwethu.—Roma 12:12.
14, 15. (a) Iyini inkemba yethu engokomfanekiso, futhi ingasetshenziswa kanjani? (b) Fanekisa indlela inkemba yomoya engasisiza ngayo ukuba simelane nezilingo.
14 Inkemba yomoya. Izwi likaNkulunkulu eliseBhayibhelini, noma isigijimi sakhe, linjengenkemba enamandla esika nhlangothi zombili engagawula amanga enkolo futhi isize abantu abanhliziyo zilungile ukuba bathole inkululeko engokomoya. (Johane 8:32; Hebheru 4:12) Le nkemba engokomoya ingasivikela nathi lapho sihlaselwa izilingo noma imizamo yezihlubuki yokucekela phansi ukholo lwethu. (2 Korinte 10:4, 5) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi ‘yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi isihlomisela ngokuphelele yonke imisebenzi emihle’!—2 Thimothewu 3:16, 17.
15 Lapho elingwa uSathane ehlane, uJesu wayisebenzisa ngokuphumelelayo inkemba yomoya ukuze aphebeze ukucabanga okungamanga nezilingo zobuqili. Enseleleni ngayinye kaSathane, waphendula: “Kulotshiwe.” (Mathewu 4:1-11) UDavid, omunye woFakazi BakaJehova eSpain, naye wathola ukuthi imiBhalo yamsiza ukuba anqobe isilingo. Lapho eneminyaka engu-19 ubudala, intokazi enhle eyayisebenza naye enkampanini yokuhlanza yasikisela ukuba bake “bazitike.” UDavid wenqaba futhi wacela kumphathi wakhe ukusebenza kwenye indawo ukuze kungaphinde kwenzeke lokhu. UDavid wathi: “Ngakhumbula isibonelo sikaJosefa. Wakwenqaba ukuziphatha okubi futhi wasuka ngokushesha kuleso simo. Nami ngenza okufanayo.”—Genesise 39:10-12.
16. Chaza ukuthi kungani kudingeka siqeqeshwe ukuze ‘siphathe izwi leqiniso ngokufanele.’
16 Inkemba yomoya uJesu wayisebenzisela nokusiza abanye ukuba baphunyule ekulawuleni kukaSathane. UJesu wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Ukuze silingise ukufundisa kukaJesu kobuciko, kudingeka siqeqeshwe. Mayelana namasosha aseRoma, isazi-mlando esingumJuda uJosephus sabhala: “Isosha ngalinye lilolongwa ngenkuthalo enkulu nsuku zonke, njengokungathi kusempini, okuyikhona okwenza akubekezelele kalula kangaka ukukhathala kwasempini.” Empini yethu engokomoya, kudingeka sisebenzise iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, kumelwe ‘senze konke okusemandleni ethu ukuba sizinikele samukeleka kuNkulunkulu, njengezisebenzi ezingenamahloni ngalutho, eziphatha izwi leqiniso ngokufanele.’ (2 Thimothewu 2:15) Futhi yeka ukwaneliseka esikutholayo lapho sisebenzisa imiBhalo ukuze siphendule umbuzo oqotho womuntu othakazelayo!
Thandaza Njalo
17, 18. (a) Umthandazo ufeza yiphi indima ekumelaneni noSathane? (b) Nikeza isibonelo esibonisa ukubaluleka komthandazo.
17 Ngemva kokucabangela zonke izembatho zempi ezingokomoya, uPawulu unezela esinye iseluleko esibalulekile. Ekumelaneni noSathane, amaKristu kufanele asebenzise “zonke izinhlobo zomthandazo nokunxusa.” Kangaki? UPawulu wabhala: ‘Thandazani ngomoya ngezikhathi zonke.’ (Efesu 6:18) Lapho sibhekene nezilingo, ukuhlupheka, noma ukudangala, umthandazo ungasiqinisa kakhulu. (Mathewu 26:41) UJesu wenza “ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi, futhi wazwiwa ngomusa ngenxa yokwesaba kwakhe kokuhlonipha uNkulunkulu.”—Hebheru 5:7.
18 UMilagros, oseneminyaka engaphezu kwengu-15 enakekela umyeni wakhe ogulayo, uthi: “Lapho ngizizwa ngidangele, ngiya kuJehova ngomthandazo. Akekho ongangisiza ngaphezu kwaKhe. Yiqiniso, ziba khona izikhathi lapho ngizwa sengathi sekungaphezu kwamandla ami. Kodwa kukaningi ngizwa amandla ami evuseleleka futhi ngisimama emoyeni, ngemva kokuthandaza kuJehova.”
19, 20. Yini esiyidingayo ukuze sinqobe ekulweni kwethu noSathane?
19 UDeveli uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane, futhi uyayiqinisa imizamo yakhe yokusinqoba. (IsAmbulo 12:12, 17) Kumelwe simelane nalesi sitha esinamandla futhi ‘silwe ukulwa okuhle kokholo.’ (1 Thimothewu 6:12) Lokhu kudinga amandla angaphezu kwavamile. (2 Korinte 4:7) Sidinga nosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho kufanele siwuthandazele. UJesu wathi: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”—Luka 11:13.
20 Ngokusobala, kubalulekile ukuba sigqoke zonke izembatho zempi ezinikezwa uJehova. Ukugqoka lezi zembatho zempi ezingokomoya kufuna ukuba sihlakulele izimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu, ezinjengokholo nokulunga. Kufuna ukuba sithande iqiniso njengokungathi silibophelé okhalweni, silungele ukusakaza izindaba ezinhle ngazo zonke izikhathi, futhi sihlale sicabanga ngethemba lezinto eziseza. Kumelwe sifunde ukusebenzisa inkemba yomoya ngobuciko. Ngokugqoka zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu, singanqoba ekubambaneni kwethu nebandla lomoya ababi futhi singayiletha ngempela inkazimulo egameni likaJehova elingcwele.—Roma 8:37-39.
[Umbhalo waphansi]
a Esiprofethweni sika-Isaya, uJehova uqobo uchazwa njengogqoke “ukulunga njengejazi lensimbi.” Ngakho, ufuna ukuba ababonisi bamabandla benze ngobulungisa nangokulunga.—Isaya 59:14, 15, 17.
Ungaphendula Kanjani?
• Ubani oyisibonelo esizidlula zonke sokugqoka izembatho zempi ezingokomoya, futhi kungani kufanele sihlolisise isibonelo sakhe?
• Singayivikela kanjani ingqondo nenhliziyo yethu engokomfanekiso?
• Singaba kanjani nekhono ekusebenziseni inkemba yomoya?
• Kungani kufanele sithandaze njalo?
[Izithombe ekhasini 17]
Ukutadisha iBhayibheli ngenkuthalo kungasishukumisela ukuba simemezele izindaba ezinhle njalo
[Izithombe ekhasini 18]
Ithemba lethu eliqinisekile lisisiza ukuba sibhekane novivinyo
[Izithombe ekhasini 19]
Uyayisebenzisa yini “inkemba yomoya” enkonzweni?