-
Qhubekani Nikhandlekela Ukusindiswa Kwenu Siqu!INqabayokulinda—1998 | Novemba 1
-
-
Qhubekani Nikhandlekela Ukusindiswa Kwenu Siqu!
“Bathandekayo, . . . qhubekani nikhandlekela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.”—FILIPI 2:12.
1, 2. Yimiphi imibono ethandwayo eye yaholela abantu abaningi ekubeni nomuzwa wokuthi abanakukulawula okwenzeka ekuphileni kwabo?
“INGABE wazalwa unjalo?” Muva nje, lowo mbuzo bewubhalwe ngokugqamile esembozweni sikamagazini othile othandwayo. Ngezansi kwalesi sihloko kwakunamazwi athi: “Ubuntu, isimo sengqondo, ngisho nezinto ozikhethayo ekuphileni. Ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi ngokuyinhloko kuwufuzo.” Izinkulumo ezinjalo zingase zenze abanye babe nomuzwa wokuthi abanakukulawula ngezinga elitheni ukuphila kwabo.
2 Abanye besaba ukuthi ukukhuliswa kabi kwabo abazali noma ukufundiswa kabi othisha, ngandlela-thile kuye kwabangela ukuba babe nokuphila okungajabulisi. Bangase bazizwe bedalelwe ukuba baphinde amaphutha abazali babo, benze izinto kabi ngokungacabangi, bangathembeki kuJehova—ngamafuphi nje, bakhethe kabi. Ingabe yilokho iBhayibheli elikufundisayo? Empeleni, bakhona abantu benkolo abaphikelela ekutheni iBhayibheli lifundisa okuthile okunjengalokhu, imfundiso yokudalelwa. Ngokwale mfundiso, uNkulunkulu wazinquma kudala zonke izenzakalo zokuphila kwakho.
3. Yimuphi umyalezo okhuthazayo iBhayibheli elinawo ngekhono lethu lokuzilandisela ngekusasa lethu?
3 Yonke le mibono ehlukahlukene inomyalezo owodwa ofanayo: Akunazinqumo nakuqondisa okutheni ongakwenza ukuze ulawule indlela ukuphila kwakho okuyoba ngayo. Umyalezo odumazayo lowo, akunjalo, futhi ukudumala kwandisa inkinga. IzAga 24:10 zithi: “Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.” Nokho, sikhuthazwa ukuba sazi ukuthi ngokweBhayibheli ‘singakhandlekela ukusindiswa kwethu siqu.’ (Filipi 2:12) Singakugxilisa kanjani ukuqiniseka kwethu ngale mfundiso eqinisekile engokomBhalo?
Umsebenzi ‘Wokwakha’ Esiwenza Kithi Uqobo
4. Nakuba eyoku-1 Korinte 3:10-15 ikhuluma ngokwakha ngezinto ezingashi, yini lokhu okungayisikiseli?
4 Cabanga ngomfanekiso womphostoli uPawulu okweyoku-1 Korinte 3:10-15. Lapho, ukhuluma ngomsebenzi wokwakha wobuKristu, futhi isimiso somfanekiso wakhe singasebenza enkonzweni yangaphakathi neyangaphandle. Ingabe usikisela ukuthi, ukuthi ekugcineni umfundi ukhetha ukukhonza uJehova yini futhi anamathele kulokho akukhethile kuwumthwalo wemfanelo ngokuphelele walabo abamfundisa futhi bamqeqesha? Cha. UPawulu wayegcizelela ukubaluleka kokuba umfundisi enze umsebenzi wokwakha omuhle ngangokunokwenzeka. Kodwa njengoba sitholile esihlokweni esandulele, wayengasho ukuthi ofundiswayo noma umfundi akanakuzikhethela kule ndaba. Yiqiniso, umfanekiso kaPawulu ugxila emsebenzini esiwenza kwabanye, hhayi ekuzakheni thina. Lokhu kusobala ngoba uPawulu ukhuluma ngomsebenzi wokwakha owenziwe ngokunganaki ethi uyabhujiswa kuyilapho umakhi ngokwakhe esindiswa. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi iBhayibheli liyayisebenzisa inkulumo efanayo lapho likhuluma ngomsebenzi esiwenza kithi uqobo.
5. Yimiphi imiBhalo ebonisa ukuthi amaKristu kumelwe enze umsebenzi ‘wokwakha’ kuwo uqobo?
5 Ngokwesibonelo, cabangela uJude 20, 21: “Kodwa nina, bathandekayo, ngokuzakha okholweni lwenu olungcwele kakhulu, nangokuthandaza ngomoya ongcwele, zigcineni othandweni lukaNkulunkulu.” UJude lapha usebenzisa igama lesiGreki elisho ‘ukwakha’ elifanayo nalelo uPawulu alisebenzise kweyoku-1 Korinte isahluko 3, kodwa kubonakala sengathi iphuzu lakhe liwukuthi sizakha thina esisekelweni sokholo lwethu. Lapho ebhala umfanekiso kaJesu wendoda eyamisa umuzi wayo phezu kwedwala, uLuka usebenzisa igama lesiGreki elisho “isisekelo” elifanayo nalelo uPawulu alisebenzisa emfanekisweni wakhe wokwakha kwamaKristu. (Luka 6:48, 49) Ngaphezu kwalokho, uPawulu usebenzisa umfanekiso wokugxila “esisekelweni” lapho enxusa amaKristu akanye naye ukuba athuthuke ngokomoya. Yebo, iZwi likaNkulunkulu lifundisa ukuthi senza umsebenzi ‘wokwakha’ kithi uqobo.—Efesu 3:15-19; Kolose 1:23; 2:7.
6. (a) Bonisa ukuthi kukanjani umfundi ngamunye ongumKristu ewumphumela womsebenzi wokwakha ohlanganyelwayo. (b) Yimiphi imithwalo yemfanelo umfundi ngamunye anayo?
6 Ingabe ukwakha umKristu kuwumsebenzi womuntu oyedwa? Ake uzicabange unquma ukwakha umuzi. Uya kumklami ukuze uthole amapulani. Nakuba uhlose ukuzenzela mathupha ingxenye enkulu yomsebenzi, uqasha umakhi ukuba asebenze nawe futhi akucebise ngezindlela ezingcono kakhulu. Uma ebeka isisekelo esiqinile, ekusiza ukuba uqonde amapulani, esikisela izinto zokwakha ezingcono kakhulu ongazithenga, aze akufundise nokuningi ngokwakha, cishe ubuyovuma ukuthi wenzé umsebenzi omuhle. Kodwa kuthiwani uma ungawanaki amacebiso akhe, uthenga izinto zokwakha ezishibhile noma ezisezingeni eliphansi, uze uchezuke nasemapulanini omklami? Ngokuqinisekile ubungeke usole umakhi noma umklami uma leyo ndlu iwa! Ngokufanayo, umfundi ngamunye ongumKristu uwumphumela womsebenzi wokwakha ohlanganyelwe. UJehova ungumklami oyinhloko. Nguye osekela umKristu othembekile ofundisa futhi akhe umfundi, njengesinye ‘sezisebenzi ezikanye noNkulunkulu.’ (1 Korinte 3:9) Nokho nomfundi uhilelekile. Ekugcineni, nguye oyolandisa ngenkambo yakhe yokuphila. (Roma 14:12) Uma efuna ukuba nezimfanelo ezinhle zobuKristu, kumelwe akusebenzele kanzima ukuzizuza, azakhele ngaphakathi kuye.—2 Petru 1:5-8.
7. Yiziphi izinselele amanye amaKristu abhekana nazo, futhi yini engase iwaduduze?
7 Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi izici zofuzo, indawo abafundisi bethu abakuyo nezinga lokufundisa kwabo akusho lutho? Lutho neze. IZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi ngasinye salezi zici sibalulekile futhi sinethonya. Ukuthambekela okuningi kwesono, okungekuhle sizalwa nakho futhi kungaba nzima kakhulu ukulwisana nakho. (IHubo 51:5; Roma 5:12; 7:21-23) Ukuqeqesha kwabazali nesimo sasekhaya kungaba nethonya elikhulu kwabasebancane—ithonya elihle noma elibi. (IzAga 22:6; Kolose 3:21) UJesu walahla abaholi benkolo bamaJuda ngemiphumela emibi ukufundisa kwabo okwaba nayo kwabanye. (Mathewu 23:13, 15) Namuhla, izici ezinjalo zisithinta sonke. Ngokwesibonelo, abanye babantu bakaNkulunkulu babhekene nezinselele ngenxa yokuphila kanzima beseyizingane. Laba badinga ukuba sibabonise umusa nozwela. Futhi bangathola induduzo emyalezweni weBhayibheli othi abadalelwanga ukuba baphinde amaphutha abazali babo futhi bangathembeki. Cabangela indlela amanye amakhosi akwaJuda endulo aliveza ngayo leli phuzu.
Amakhosi AkwaJuda—Azikhethela Wona
8. Yisiphi isibonelo esibi uJothamu asibona kuyise, kodwa yena wakhetha kanjani?
8 U-Uziya waba yinkosi yakwaJuda esemncane eneminyaka engu-16 ubudala futhi wabusa iminyaka engu-52. Engxenyeni enkulu yesikhathi sakhe, “wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise uAmasiya.” (2 AmaKhosi 15:3) UJehova wambusisa ngokunqoba okumangalisayo empini izikhathi zilandelana. Nokho, ngokudabukisayo ukuphumelela kuka-Uziya kwamenza waziqhayisa. Waqhosha futhi wahlubuka kuJehova ngokunikela ngempepho e-altare ethempelini, umsebenzi owawungowabapristi kuphela. U-Uziya wasolwa kodwa wavele waba nolaka. Wabe esethotshiswa—washaywa ngochoko futhi waphoqeleleka ukuba aphile ingxenye esele yokuphila kwakhe ehlala yedwa. (2 IziKronike 26:16-23) Indodana yakhe uJothamu yasabela kanjani kukho konke lokhu? Kwakulula ukuba le nsizwa ithonywe uyise futhi ikucasukele ukulungiswa nguJehova. Abantu bebonke kungenzeka babenethonya elibi njengoba babenza imikhuba yenkolo engalungile. (2 AmaKhosi 15:4) Kodwa uJothamu wazikhethela okwakhe. “Wenza okulungile emehlweni kaJehova.”—2 IziKronike 27:2.
9. Yimaphi amanye amathonya amahle u-Ahazi ayenawo, kodwa kwaba njani ukuphila kwakhe?
9 UJothamu wabusa iminyaka engu-16, wahlala ethembekile kuJehova sonke leso sikhathi. Ngakho-ke, indodana yakhe u-Ahazi yayinesibonelo esihle sikababa othembekile. Futhi u-Ahazi wayenamanye amathonya amahle. Wabusiswa ngokuphila lapho abaprofethi abathembekile u-Isaya, uHoseya noMika babeprofetha kakhulu ezweni. Nokho, wakhetha kabi. “Akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide [ukhokho wakhe, NW].” Wenza imifanekiso kaBali futhi wayikhulekela waze washisa namanye amadodana akhe emililweni yemihlatshelo yonkulunkulu bamaqaba. Naphezu kwamathonya amahle kakhulu ayenawo, wehluleka ngokuyinhlekelele ukuba inkosi enhle nokuba inceku kaJehova.—2 IziKronike 28:1-4.
10. Wayengubaba onjani u-Ahazi, kodwa indodana yakhe uHezekiya yakhetha kanjani?
10 Ngokuphathelene nokukhulekela okuhlanzekile, kunzima ukucabanga ngobaba omubi ukudlula u-Ahazi. Nokho, uHezekiya indodana yakhe wayengenakuzikhethela uyise! Amadodana amancane u-Ahazi awabulala lapho enzela uBali umhlatshelo kungenzeka ayengabafowabo bakaHezekiya uqobo. Ingabe lesi sizinda esibi senza ukuba uHezekiya angathembeki kuJehova ekuphileni kwakhe? Ngokuphambene, uHezekiya waba enye yamakhosi akwaJuda ambalwa amakhulu ngempela—indoda ethembekile, ehlakaniphile nethandekayo. “UJehova wayenaye.” (2 AmaKhosi 18:3-7) Eqinisweni, kunesizathu sokukholelwa ukuthi ngenkathi eseyinkosana esencane, uHezekiya waba ngumlobi ophefumulelwe weHubo 119. Uma kunjalo, kulula ukubona ukuthi kungani ayengabhala amazwi athi: “Umphefumulo wami [uyaqwasha, NW] ngosizi.” (IHubo 119:28) Naphezu kwezinkinga zakhe ezazimkhathaza, uHezekiya wavumela iZwi likaJehova ukuba limqondise ekuphileni. IHubo 119:105 lithi: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” Yebo, uHezekiya wazikhethela ngokwakhe—wakhetha kahle.
11. (a) Naphezu kwethonya elihle likayise, uManase weqisa kangakanani ekuhlubukeni uJehova? (b) UManase wakhetha kanjani ngasekupheleni kokuphila kwakhe, futhi yini esingase siyifunde kulokhu?
11 Nokho, ngokuphambene, kwenye yamakhosi akwaJuda amahle kakhulu kwavela enye yamakhosi amabi kakhulu. Indodana kaHezekiya uManase yathuthukisa ukukhonza izithombe, ukusebenzelana nemimoya nobudlova obasabalala ngezinga okwakungakaze kwenzeke ngalo. Ukulandisa kuthi “uJehova [waqhubeka ekhuluma, NW] kuManase nakubantu bakhe,” cishe ngabaprofethi. (2 IziKronike 33:10) Ngokomlando wamaJuda, uManase wasabela ngokusaha u-Isaya. (Qhathanisa namaHeberu 11:37.) Kungakhathaliseki ukuthi lokho kuyiqiniso noma cha, uManase akazange alalele noma yisiphi sezixwayiso zaphezulu. Eqinisweni, wenza ukuba amanye amadodana akhe uqobo ashiswe ephila njengemihlatshelo, njengoba nje uyisemkhulu u-Ahazi ayenzile. Nokho, lapho le ndoda embi ibhekene nokulingwa okunzima kamuva ekuphileni, yaphenduka futhi yashintsha izindlela zayo. (2 IziKronike 33:1-6, 11-20) Isibonelo sayo sisifundisa ukuthi umuntu oye wakhetha kabi kakhulu akukhona ngaso sonke isikhathi ukuthi akasenakuhlengwa. Angashintsha.
12. U-Amoni nendodana yakhe uJosiya bakhetha kanjani ngokungafani ngokuphathelene nokukhonza uJehova?
12 Indodana kaManase u-Amoni yayingafunda okuningi ekuphendukeni kukayise. Kodwa yakhetha kabi. Empeleni u-Amoni “wenza amacala akhe aba-maningi” kwaze kwaba yilapho ekugcineni ebulawa. Indodana yakhe uJosiya yayihluke ngendlela eqabulayo. Ngokusobala uJosiya wakhetha ukufunda kulokho okwakwenzeke kuyisemkhulu. Waqala ukubusa eneminyaka engu-8 kuphela ubudala. Lapho eneminyaka engu-16 nje, waqala ukufuna uJehova futhi ngemva kwalokho wazibonakalisa eyinkosi eyisibonelo nethembekile. (2 IziKronike 33:20–34:5) Wakhetha—wakhetha kahle.
13. (a) Sifundani emakhosini akwaJuda esiye sawacabangela? (b) Kubaluleke kangakanani ukuqeqesha kwabazali?
13 Lokhu kuhlola kafushane amakhosi ayisikhombisa akwaJuda kufundisa isifundo esinamandla. Kwezinye izimo, amakhosi amabi kakhulu azala amadodana amahle kakhulu, kanti kwezinye, amakhosi amahle kakhulu azala amadodana amabi kakhulu. (Qhathanisa nomShumayeli 2:18-21.) Lokhu akukunciphisi ukubaluleka kokuqeqesha kwabazali. Abazali abaqeqesha izingane zabo ngokwendlela kaJehova ngokuqinisekile banika izingane zabo ithuba elingcono kakhulu lokuba yizinceku zikaJehova ezithembekile. (Duteronomi 6:6, 7) Noma kunjalo, ezinye izingane, naphezu kwemizamo emihle kakhulu yabazali abathembekile, zikhetha ukulandela inkambo engalungile. Ezinye izingane, naphezu kwethonya elibi kakhulu labazali, zikhetha ukuthanda uJehova nokumkhonza. Ngesibusiso sakhe, ziyaphumelela ekuphileni kwazo. Ingabe ngezinye izikhathi uyazibuza ukuthi yikuphi okuyokwenzeka kuwe? Khona-ke, cabangela okunye kokuqinisekisa kukaJehova kokuthi ungakhetha kahle!
UJehova Uyakwethemba!
14. Sazi kanjani ukuthi uJehova uyakuqonda ukulinganiselwa kwethu?
14 UJehova ubona konke. IzAga 15:3 zithi: “Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.” INkosi uDavide yathi ngoJehova: “Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.” (IHubo 139:16) Ngakho uJehova uyazi ukuthi yikuphi ukuthambekela okungalungile oshikashikana nakho—kungakhathaliseki ukuthi kuwufuzo noma wakuthola ngenxa yamanye amathonya owawungenakuwalawula. Uyiqonda kahle indlela aye akuthinta ngayo. Ukulinganiselwa kwakho ukuqonda kangcono ukudlula nawe uqobo. Futhi unesihe. Akalindeli nanini okungaphezu kwesingakwazi ukukwenza.—IHubo 103:13, 14.
15. (a) Uyini omunye umthombo wenduduzo ngalabo abaye balinyazwa abanye ngamabomu? (b) UJehova uhlonipha ngamunye wethu ngokusinika muphi umthwalo wemfanelo?
15 Ngakolunye uhlangothi, uJehova akasibheki njengezisulu ezingenakuzisiza zezimo ezingezinhle. Uma siye sehlakalelwa yizinto ezimbi esikhathini esidlule, singase sithole induduzo ngokuqiniseka ukuthi uJehova uyakuzonda konke ukuziphatha okunjalo kwangabomu okulimaza abanye. (IHubo 11:5; Roma 12:19) Kodwa ingabe uyobe esesiyeka uma sishintsha sikhetha esaziyo ukuthi akulungile? Lutho neze. IZwi lakhe lithi: “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5) UJehova uhlonipha ngasinye sezidalwa zakhe ezihlakaniphile ngokusinika umthwalo wemfanelo wokwenza okulungile futhi simkhonze. Kunjengoba uMose atshela isizwe sakwa-Israyeli: “Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.” (Duteronomi 30:19) UJehova uyaqiniseka ukuthi nathi singakhetha kahle. Sikwazi kanjani lokho?
16. Singaphumelela kanjani ‘ekukhandlekeleni ukusindiswa kwethu siqu’?
16 Phawula lokho umphostoli uPawulu akubhala: “Ngenxa yalokho, bathandekayo, . . . qhubekani nikhandlekela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela; ngoba uNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, ngenxa yesihle sakhe, ukuze kokubili nithande futhi nenze.” (Filipi 2:12, 13) Igama lesiGreki lokuqala elihunyushwe ngokuthi “nikhandlekela” lapha lisho ukuphelelisa okuthile. Ngakho akekho kithi odalelwe ukwehluleka noma ukuyeka. Kumelwe ukuba uJehova uNkulunkulu uyaqiniseka ukuthi singawuphelelisa umsebenzi asinike wona ukuba siwenze—umsebenzi oholela ekusindisweni kwethu—ngaphandle kwalokho wayengeke aphefumulele amazwi anjalo. Kodwa siphumelela kanjani? Asiphumeleli ngamandla ethu siqu. Ukube besinamandla ngokwanele ngokwethu, besingeke sibe khona isidingo ‘sokwesaba nokuthuthumela.’ Kunalokho, uJehova ‘usebenza ngaphakathi kithi,’ umoya wakhe ongcwele usebenza ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, usisize ukuba ‘sithande futhi senze.’ Njengoba sinalolo sizo lothando, ingabe sikhona isizathu esingenza singakhethi kahle ekuphileni futhi siphile ngokuvumelana nesikukhethile? Cha!—Luka 11:13.
17. Yiziphi izinguquko esingazenza kithi, futhi uJehova usisiza kanjani ukuba senze kanjalo?
17 Ziyoba khona izithiyo okuyomelwe sizinqobe—mhlawumbe ukuphila kwethu konke sibe nemikhuba emibi namathonya alimazayo okungasonta ukucabanga kwethu. Noma kunjalo, ngosizo lomoya kaJehova, singakunqoba! Njengoba uPawulu abhalela amaKristu aseKorinte, iZwi likaNkulunkulu linamandla ngokwanele ukuba ligumbuqele ngisho ‘nezinto ezibiyelwe ngokuqinile.’ (2 Korinte 10:4) Eqinisweni, uJehova angasisiza ukuba senze izinguquko ezinkulu kithi. IZwi lakhe lisinxusa ukuba ‘silahle ubuntu obudala’ futhi ‘sigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’ (Efesu 4:22-24) Ingabe umoya kaJehova ungasisiza ngempela ukuba senze izinguquko ezinjalo? Ngokuqinisekile! Umoya kaNkulunkulu uveza izithelo kithi—izimfanelo ezinhle neziyigugu sonke esifuna ukuzihlakulela. Esokuqala sazo uthando.—Galathiya 5:22, 23.
18. Yikuphi ukukhetha wonke umuntu ocabangayo akwaziyo ukukwenza, futhi lokhu kufanele kusisize sizimisele ukwenzani?
18 Lokhu kuyiqiniso elikhulu elikhululayo. Izinga uJehova uNkulunkulu angabonisa ngalo uthando alinamkhawulo, futhi senziwe ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26; 1 Johane 4:8) Ngakho singakhetha ukuthanda uJehova. Futhi lolo thando—hhayi ukuphila kwethu kwangaphambili, hhayi ukushiyeka esikuzuzile, hhayi ukuthambekela kwethu kokwenza okungalungile esikuzuze njengefa—luyisihluthulelo sekusasa lethu. Lokho u-Adamu no-Eva ababekudinga ukuze bahlale bethembekile e-Edene kwakuwuthando ngoJehova uNkulunkulu. Ngamunye wethu udinga uthando olunjalo ukuze asinde e-Armagedoni futhi aphumelele ovivinyweni lokugcina ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. (IsAmbulo 7:14; 20:5, 7-10) Ngamunye wethu, kungakhathaliseki izimo zethu, singaluhlakulela uthando olunjalo. (Mathewu 22:37; 1 Korinte 13:13) Masizimisele ukuthanda uJehova nokwakhela kulolo thando phakade.
-
-
Qhubekani Nikhandlekela Ukusindiswa Kwenu Siqu!INqabayokulinda—1998 | Novemba 1
-
-
16. Singaphumelela kanjani ‘ekukhandlekeleni ukusindiswa kwethu siqu’?
16 Phawula lokho umphostoli uPawulu akubhala: “Ngenxa yalokho, bathandekayo, . . . qhubekani nikhandlekela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela; ngoba uNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, ngenxa yesihle sakhe, ukuze kokubili nithande futhi nenze.” (Filipi 2:12, 13) Igama lesiGreki lokuqala elihunyushwe ngokuthi “nikhandlekela” lapha lisho ukuphelelisa okuthile. Ngakho akekho kithi odalelwe ukwehluleka noma ukuyeka. Kumelwe ukuba uJehova uNkulunkulu uyaqiniseka ukuthi singawuphelelisa umsebenzi asinike wona ukuba siwenze—umsebenzi oholela ekusindisweni kwethu—ngaphandle kwalokho wayengeke aphefumulele amazwi anjalo. Kodwa siphumelela kanjani? Asiphumeleli ngamandla ethu siqu. Ukube besinamandla ngokwanele ngokwethu, besingeke sibe khona isidingo ‘sokwesaba nokuthuthumela.’ Kunalokho, uJehova ‘usebenza ngaphakathi kithi,’ umoya wakhe ongcwele usebenza ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu, usisize ukuba ‘sithande futhi senze.’ Njengoba sinalolo sizo lothando, ingabe sikhona isizathu esingenza singakhethi kahle ekuphileni futhi siphile ngokuvumelana nesikukhethile? Cha!—Luka 11:13.
-