Ungazithola Izibusiso ZoMbuso
UMPHOSTOLI UPAWULU ongumKristu wayezikhuluma kahle izilimi ezithile eziyinhloko zosuku lwakhe. Wayethole imfundo elingana neyaseyunivesithi ngokwanamuhla. Wayejabulela zonke izinzuzo namalungelo esakhamuzi esingumRoma. (IzEnzo 21:37-40; 22:3, 28) Lezi zinto zazingamenza akwazi ukuceba futhi adume. Nokho, wathi: “Noma iziphi izinto ezaziyinzuzo kimi, lezi ngizishaye indiva ngenxa kaKristu . . . futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.” (Filipi 3:7, 8) Kungani uPawulu akhuluma kanjalo?
Njengoba ngaphambili ayaziwa ngelikaSawulu waseTarsu nanjengomshushisi walabo “abangabaleyoNdlela,” uPawulu waba yikholwa ngemva kokunikwa umbono kaJesu ovusiwe nokhazinyulisiwe. (IzEnzo 9:1-19) KuPawulu, lesi senzakalo sasemgwaqweni oya eDamaseku sabonisa ngokungenakungatshazwa nakancane ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe, noma uKristu, umbusi wesikhathi esizayo woMbuso othenjisiwe. Sabangela noshintsho olukhulu enkambweni yokuphila kukaPawulu, njengoba kubonisa amazwi akhe anamandla angenhla. Ngamanye amazwi, njengoba ayenenhliziyo eqotho, uPawulu waphenduka.—Galathiya 1:13-16.
Ezikhathini eziningi isenzo esithi “phenduka” eBhayibhelini sisuke sihunyushwe sisuselwa egameni lesiGreki elisho “ukwazi kamuva,” ngokungafani “nokwazi kusengaphambili.” Ngakho, ukuphenduka kuhilela ukushintsha komuntu ingqondo yakhe, isimo sakhe sengqondo, noma injongo, alahle izindlela zakhe zangaphambili njengezingagculisi. (IzEnzo 3:19; IsAmbulo 2:5) UPawulu akazange avumele leso senzakalo esibalulekile sasemgwaqweni oya eDamaseku ukuba sibe yisenzakalo esithinta imizwelo kuphela noma sibe yilokho okuthiwa yisenzakalo esingokomoya. Samphaphamisa, waqaphela ukuthi indlela yakhe yokuphila yangaphambili yokungamazi uKristu yayiyize. Waqaphela nokuthi ukuze azuze olwazini ayesanda kuluthola mayelana noKristu, kwakumelwe enze okuthile ukuze alungise inkambo yokuphila kwakhe.—Roma 2:4; Efesu 4:24.
Ushintsho Olwabangela Izibusiso
Ngaphambili, oluningi lolwazi uPawulu ayenalo ngoNkulunkulu wayeluthola ehlelweni labaFarisi ayeyilungu lalo. Izinkolelo zalo zazihlanganisa amafilosofi amaningi namasiko abantu. Ngenxa yemibono engokwenkolo ayenayo, intshiseko nemizamo kaPawulu yayingenaso isiqondiso esifanele. Nakuba ayecabanga ukuthi wayekhonza uNkulunkulu, empeleni wayelwa naye.—Filipi 3:5, 6.
Ngemva kokuthola ulwazi olunembile ngoKristu nendima yakhe enjongweni kaNkulunkulu, uPawulu wabona ukuthi kwakumelwe akhethe: Ingabe kwakufanele aqhubeke engumFarisi futhi ejabulela isikhundla nodumo, noma ingabe kwakufanele ashintshe inkambo yokuphila kwakhe, aqale ukwenza noma yini eyayidingeka ukuze amukeleke kuNkulunkulu? Ngokujabulisayo, uPawulu wakhetha okuyikonakona, ngoba wathi: “Anginamahloni ngezindaba ezinhle; eqinisweni, zingamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo, kumJuda kuqala nakumGreki futhi.” (Roma 1:16) UPawulu waba ngumshumayeli oshisekayo wezindaba ezinhle zikaKristu noMbuso.
Ngemva kweminyaka eminingi, uPawulu watshela amaKristu ayekanye nawo: “Bafowethu, angikazicabangeli njengosekubambile; kodwa yinye into ekhona ngakho: Ukukhohlwa izinto ezingemuva nokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni ukuze ngithole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu.” (Filipi 3:13, 14) UPawulu wazuza ezindabeni ezinhle ngoba wakushiya ngokuzithandela okwakukade kumphambukisa kuNkulunkulu, waphishekela ngenhliziyo yonke imigomo eyayivumelana nenjongo kaNkulunkulu.
Yini Owawungayenza Wena?
Mhlawumbe usanda kuzizwa izindaba ezinhle zoMbuso. Ingabe liyakukhanga ithemba lokuphila phakade epharadesi eliphelele? Uma likukhanga, kuhle, ngoba sonke sinesifiso esizalwa naso sokuphila futhi sijabulele ukuphila ngokuthula nokulondeka. IBhayibheli lithi uNkulunkulu “ubekile nokuphakade ezinhliziyweni” zethu. (UmShumayeli 3:11) Ngakho kungokwemvelo ukuba silangazelele isikhathi lapho abantu beyokwazi ukuphila phakade ngokuthula nenjabulo. Futhi yilokho okuthenjiswa yizindaba ezinhle zoMbuso.
Nokho, ukuze wenze lelo themba lifezeke, kudingeka uhlole, uthole ukuthi ziphathelene nani izindaba ezinhle. Umphostoli uPawulu wanxusa: “[Zitholele ngokwakho] intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Ngakho, njengoPawulu, ngemva kokuzuza ulwazi nokuqonda, kumelwe ukhethe.
Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka usunezinkolelo ezithile kakade mayelana nekusasa lakho. Khumbula ukuthi noSawulu wayeneyakhe imibono mayelana nentando kaNkulunkulu ngaphambi kokuba abe ngumphostoli uPawulu. Kodwa kunokuba ulindele isambulo esiyisimangaliso esivela kuNkulunkulu, kungani ungabhekani namaqiniso kule ndaba? Zibuze: ‘Ingabe ngiyazi ngempela ukuthi iyini intando kaNkulunkulu mayelana nesintu nomhlaba? Nginabuphi ubufakazi engingabunikeza ukuze ngisekele izinkolelo zami? Ingabe ubufakazi bami bungamelana nokuhlolisiswa ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli?’ Ukuhlola izinkolelo zakho ezingokwenkolo ngale ndlela akunakukulahlekisela ngalutho. Eqinisweni, kufanele ufune ukuzihlola ngoba iBhayibheli liyasinxusa: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Kakade, into ebaluleke ngempela akukhona yini ukwamukelwa nguNkulunkulu?—Johane 17:3; 1 Thimothewu 2:3, 4.
Abaholi benkolo bangase basithembise ikusasa elingunaphakade. Kodwa uma leso sithembiso singasekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli, ngeke sisisize sithole izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa ngendlela enamandla: “Akuwona wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini nguye oyongena.’”—Mathewu 7:21.
Phawula ukuthi uJesu wagcizelela ukwenza intando kaYise njengokuyimfuneko yokuthola izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, lokho okubonakala kuwukuhlonipha uNkulunkulu kungase kungamukeleki kuNkulunkulu. Eqinisweni, uJesu waqhubeka wathi: “Abaningi bayothi kimi ngalolosuku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, futhi saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngalesosikhathi: Angizange nginazi! Sukani kimi, nina zisebenzi zokungabi namthetho.” (Mathewu 7:22, 23) Kusobala ukuthi into ebalulekile iwukuba siqiniseke ukuthi siqonda ngokunembile ukuthi ziyini ngempela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu bese senza ngokuvumelana nazo.—Mathewu 7:24, 25.
Usizo Luyatholakala
Sekuyiminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngezincwadi nangomlomo, basiza abantu emhlabeni wonke ukuba bathole ulwazi olunembile ngokuthi uMbuso uyini, yiziphi izibusiso oyoziletha futhi yini okumelwe umuntu ayenze ukuze athole lezo zibusiso.
Sikukhuthaza ukuba usabele esigijimini esishunyayelwa oFakazi BakaJehova. Ngokwamukela izindaba ezinhle bese uthatha isinyathelo, ungathola izibusiso ezinkulu—hhayi manje kuphela kodwa nasesikhathini esizayo lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa wonke umhlaba.—1 Thimothewu 4:8.
Thatha isinyathelo manje, ngoba izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu ziseduze!
[Izithombe ekhasini 7]
OFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngezincwadi nangomlomo