Hlakulela Ukucabangela
“[Ukucabangela, NW] kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.”—FILIPI 4:5.
1. Kungani kuyinselele ukuba ocabangelayo ezweni lanamuhla?
“INDODA ecabangelayo”—umlobeli wephephandaba oyiNgisi uSir Alan Patrick Herbert wayibiza ngokuthi umuntu wasenganekwaneni. Ngempela, ngezinye izikhathi kungase kubonakale sengathi abasekho abantu abacabangelayo abasele kulelizwe elihlukaniswe izingxabano. IBhayibheli labikezela ukuthi ‘kulezizinsuku zokugcina’ ezibucayi, abantu babeyoba “abangenabumnene,” “abanamawala,” ‘nabangafuni sivumelwano’—ngamanye amazwi, abangacabangeli neze. (2 Thimothewu 3:1-5, qhathanisa ne-NW.) Nakuba kunjalo, amaKristu eqiniso akwazisa kakhulu ukucabangela, azi ukuthi kuwuphawu lokuhlakanipha kwaphezulu. (Jakobe 3:17, NW) Asinawo umuzwa wokuthi akunakwenzeka ukuba ocabangelayo ezweni elingenakucabangela. Kunalokho, siyamukela ngokuphelele inselele eseselulekweni esiphefumlelwe sikamphostoli uPawulu esitholakala kweyabaseFilipi 4:5: “[Ukucabangela] kwenu akwaziwe ngabantu bonke.”
2. Amazwi kamphostoli uPawulu akweyabaseFilipi 4:5 asisiza kanjani ukuba sibone ukuthi siyacabangela yini?
2 Phawula indlela amazwi kaPawulu asisiza ngayo ukuba sibone ukuthi siyacabangela yini. Akuyona indaba yokuthi sizibheka kanjani thina ngokwethu; kuyindaba yokuthi abanye basibheka kanjani, ukuthi saziwa kanjani. Inguqulo kaPhillips ihumusha lelivesi ngalendlela: “Yiba nedumela lokuba ocabangelayo.” Ngamunye wethu angase azibuze, ‘Ngaziwa kanjani? Ingabe nginedumela lokuba ocabangelayo, obonelelayo, nomnene? Noma ngaziwa njengolukhuni, onokhahlo, noma onenkani?’
3. (a) Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ocabangelayo,” futhi kungani lemfanelo ikhanga? (b) UmKristu angafunda kanjani ukuba ocabangela ngokwengeziwe?
3 Idumela lethu kulendaba liyomane nje libonise izinga esilingisa ngalo uJesu Kristu. (1 Korinte 11:1) Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wasibonakalisa ngokuphelele isibonelo sikaYise esiphakeme sokucabangela. (Johane 14:9) Eqinisweni, lapho uPawulu ebhala “ngobumnene nangokuva kukaKristu,” igama lesiGreki alisebenzisela ukuhumusha elithi ukuva (e·pi·ei·kiʹas) lisho futhi “ukucabangela” noma, ngokwezwi nezwi, “ukubonelela.” (2 Korinte 10:1) I-Expositor’s Bible Commentary ibiza leligama ngokuthi “elinye lamagama aphawulekayo achaza imfanelo yobuntu e[Testamenteni Elisha].” Lichaza imfanelo ekhanga kakhulu kangangokuthi esinye isazi sihumusha leligama ngokuthi “ukucabangela okuthinta imizwa.” Ngakho-ke, ake sixoxe ngezindlela ezintathu uJesu, njengoYise, uJehova, abonisa ngazo ukucabangela. Ngaleyondlela nathi ngokwethu singase sifunde indlela esingaba ngayo abacabangela ngokwengeziwe.—1 Petru 2:21.
“Ukulungele Ukuthethelela”
4. UJesu wazibonakalisa kanjani ‘ekulungele ukuthethelela’?
4 NjengoYise, uJesu wabonisa ukucabangela ngokuba ‘okulungele ukuthethelela’ ngokuphindaphindiwe. (IHubo 86:5, qhathanisa ne-NW.) Cabangela isikhathi lapho uPetru, umngane oseduze, ephika uJesu izikhathi ezintathu ngobusuku bokuboshwa nokuthethwa kwecala likaJesu. Ngaphambili uJesu ngokwakhe wayethe: “Lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba.” (Mathewu 10:33) Ingabe uJesu wawusebenzisa ngokuqinile nangokungenasihawu lomthetho kuPetru? Cha; ngemva kokuvuswa kwaKhe, uJesu wavakashela uPetru, ngokungangabazeki ukuze aduduze futhi aqinisekise lomphostoli owayephendukile, edabukile. (Luka 24:34; 1 Korinte 15:5) Ngokushesha ngemva kwalokho, uJesu wavumela uPetru ukuba abe nomthwalo wemfanelo omkhulu. (IzEnzo 2:1-41) Lokhu kwakuwukubonakaliswa okuvelele kokucabangela okuthinta imizwa! Akududuzi yini ukucabanga ukuthi uJehova umise uJesu njengoMahluleli phezu kwaso sonke isintu?—Isaya 11:1-4; Johane 5:22.
5. (a) Yiliphi idumela abadala okufanele babe nalo phakathi kwezimvu? (b) Yikuphi ukwaziswa abadala abangase bakubukeze ngaphambi kokuba basingathe amacala okwahlulela, futhi ngani?
5 Lapho abadala besebenza njengabahluleli ebandleni, bazama ukulandela isibonelo sikaJesu sokucabangela. Abafuni ukuba izimvu zibesabe njengabajezisi. Kunalokho, bafuna ukulingisa uJesu ukuze izimvu zizizwe zilondekile lapho zinabo njengabelusi abanothando. Emacaleni okwahlulela, benza wonke umzamo wokuba abacabangelayo, abakulungele ukuthethelela. Ngaphambi kokuba basingathe indaba enjalo, abanye abadala baye bakuthola kuwusizo ukubukeza izihloko ze-Nqabayokulinda ka-July 1, 1992, esithi “UJehova, ‘Umahluleli Womhlaba Wonke’ Ongakhethi” nesithi “Badala, Yahlulelani Ngokulunga.” Ngaleyondlela bakhumbula ukubukezwa kwendlela kaJehova yokwahlulela: “Ukuqina lapho kudingekile, isihe lapho kungenzeka khona.” Akulona iphutha ukuthambekela ekubeni nesihe ekwahluleleni lapho kunesisekelo esinengqondo sokwenza kanjalo. (Mathewu 12:7) Kuyiphutha elingathi sína ukuba nokhahlo noma ukungabi nasihe. (Hezekeli 34:4) Ngakho abadala bagwema ukwenza amaphutha ngokuphishekela indlela engcono kakhulu ngangokunokwenzeka yokubonisa uthando nesihe ngokuvumelana nobulungisa.—Qhathanisa noMathewu 23:23; Jakobe 2:13.
Ukuvumelana Nezimo Lapho Sibhekene Nezimo Ezishintshayo
6. UJesu wakubonisa kanjani ukucabangela ekusebenzelaneni nowesifazane weZizwe ondodakazi yakhe yayihlushwa amademoni?
6 NjengoJehova, uJesu wazibonakalisa eshesha ukuguqula inkambo noma ukuvumelana nezimo ezintsha lapho ziphakama. Ngesinye isikhathi owesifazane weZizwe wamnxusa ukuba aphulukise indodakazi yakhe eyayihlushwa kakhulu amademoni. Ngezindlela ezintathu ezihlukene, ekuqaleni uJesu wabonisa ukuthi wayengenakumsiza—okokuqala, ngokungamphenduli; okwesibili, ngokusho ngokuqondile ukuthi wayengathunyelwanga kwabeZizwe, kodwa kumaJuda; futhi okwesithathu, ngokunikeza umfanekiso owaveza ngomusa iphuzu elifanayo. Nokho, lowesifazane waphikelela naphezu kwakho konke lokhu, enikeza ubufakazi bokholo olungavamile. Ecabangela lesisimo esingavamile, uJesu wayengabona ukuthi lesi kwakungesona isikhathi sokuphoqelela umthetho ovamile; kwakuyisikhathi sokuvumelana nezimo ngokwezimiso eziphakeme.a Ngakho, uJesu wenza khona kanye lokho ayebonise izikhathi ezintathu ukuthi wayengasoze akwenza. Wayiphulukisa indodakazi yalowesifazane!—Mathewu 15:21-28.
7. Kungaziphi izindlela abazali abangabonisa ngazo ukucabangela, futhi ngani?
7 Ingabe nathi ngokufanayo saziwa ngokuzimisela kwethu ukuvumelana nezimo lapho kufanelekile? Ngokuvamile abazali kudingeka babonise ukucabangela okunjalo. Njengoba ingane ngayinye ihlukile, izindlela eziphumelelayo kwenye zingase zingafaneleki kwenye. Ngaphezu kwalokho, njengoba izingane zikhula, izidingo zazo ziyashintsha. Ingabe isikhathi esimiselwe ukuba zonke izingane zibe sezisekhaya ngaso singashintshwa? Ingabe isifundo somkhaya singathuthukiswa ngokwenziwa siphile kakhudlwana? Lapho umzali esabela ngokweqile ephutheni elincane, ingabe uzimisele ukuzithoba futhi alungise izindaba? Abazali ababonelela ngezindlela ezinjalo bagwema ukucunula ngokungadingekile izingane zabo nokuzidedisela kude noJehova.—Efesu 6:4.
8. Abadala bebandla bangahola kanjani ekuzivumelaniseni nezidingo zensimu?
8 Abadala nabo kudingeka bazivumelanise nezimo ezintsha lapho ziphakama, nakuba bengenakulokotha bayekethise imithetho ecacile kaNkulunkulu. Lapho niqondisa umsebenzi wokushumayela, ingabe niluphaphamele ushintsho ensimini? Njengoba izindlela zokuphila zishintsha endaweni, mhlawumbe kufanele kukhuthazwe ukufakaza kwakusihlwa, ukufakaza kwasemgwaqeni, noma ukufakaza ngocingo. Ukuzivumelanisa nezimo ngalezozindlela kusisiza ukuba sifeze ukuthunywa kwethu kokushumayela ngendlela ephumelela kakhulu. (Mathewu 28:19, 20; 1 Korinte 9:26) UPawulu futhi waqikelela ukuthi uzivumelanisa nazo zonke izinhlobo zabantu enkonzweni yakhe. Ngokwesibonelo, ingabe nathi senza okufanayo, ngokufunda okwengeziwe ngezinkolo namasiko asendaweni ukuze sikwazi ukusiza abantu?—1 Korinte 9:19-23.
9. Kungani umdala kungafanele ukuba ngaso sonke isikhathi aphikelele ekusingatheni izinkinga ngendlela ayezisingatha ngayo esikhathini esidlule?
9 Njengoba lezizinsuku zokugcina ziqhubeka ziba bucayi ngokwengeziwe, kungase kudingeke futhi ukuba abelusi bazivumelanise nezimo eziyinkimbinkimbi ngokudidayo nezimo ezingathandeki zezinye zezinkinga manje ezibhekene nomhlambi wabo. (2 Thimothewu 3:1) Badala, lesi akusona isikhathi sokuba lukhuni! Ngokuqinisekile umdala akanakuphikelela ekusingatheni izinkinga ngendlela ayezisingathe ngayo esikhathini esidlule uma izindlela zakhe ziye zaba ezingaphumeleli noma uma “isigqila esithembekile nesiqaphile” siye sakubona kufanelekile ukuba sikhiphe ukwaziswa okusha ezindabeni ezinjalo. (Mathewu 24:45, NW; qhathanisa nomShumayeli 7:10; 1 Korinte 7:31.) Omunye umdala othembekile wazama ngobuqotho ukusiza udade owayecindezelekile owayesidinga ngempela isilaleli esihle. Nokho, lomdala wakuthatha kalula lokhu kucindezeleka futhi wamnikeza amakhambi alula. Khona-ke i-Watch Tower Society yakhipha ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini okwakukhuluma ngayo kanye inkinga yalodade. Lomdala waqikelela ukuba aphinde akhulume naye, manje esebenzisa lokhu kwaziswa okusha futhi ebonisa ububele ngosizi lwakhe. (Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 5:14, 15.) Yeka isibonelo esihle sokucabangela!
10. (a) Abadala kufanele basibonise kanjani isimo sengqondo sokubonelela komunye nomunye nasendikimbeni yabadala iyonke? (b) Indikimba yabadala kufanele ibabheke kanjani labo abazibonakalisa bengacabangeli?
10 Abadala futhi kudingeka babonise isimo sengqondo sokubonelelana. Lapho indikimba yabadala ihlangana, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba kungabikho noyedwa umdala oba ngaphezu kwabanye ezintweni ezixoxwayo! (Luka 9:48) Umdala owengamele ikakhulukazi udinga ukuzithiba kulokhu. Futhi lapho umdala oyedwa noma ababili bengavumelani nesinqumo sendikimba yabadala iyonke, abanakuphikelela ekufuneni ukuba izinto zenziwe ngendlela yabo. Kunalokho, uma nje kungekho simiso esingokomBhalo esiphulwayo, bayothamba, bekhumbula ukuthi kuyadingeka ukuba abadala babe nokucabangela. (1 Thimothewu 3:2, 3) Ngakolunye uhlangothi, indikimba yabadala kufanele ikhumbule ukuthi uPawulu wayala ibandla laseKorinte ‘ngokubekezelela abayiziwula’ ababeziveza ‘njengabaphostoli abaqhamileyo kakhulu.’ (2 Korinte 11:5, 19, 20) Ngakho kufanele bazimisele ukululeka umdala abakanye naye oziphatha ngendlela enenkani, engacabangeli, kodwa nabo ngokwabo kufanele babe mnene futhi babe nomusa ekwenzeni kanjalo.—Galathiya 6:1.
Ukucabangela Ekusebenziseni Igunya
11. Yimuphi umehluko owawukhona phakathi kwendlela abaholi benkolo bamaJuda osukwini lukaJesu ababesebenzisa ngayo igunya nendlela uJesu enza ngayo?
11 Lapho uJesu esemhlabeni, ukucabangela kwakhe kwakhanya kakhulu ngempela endleleni ayesebenzisa ngayo igunya lakhe ayelinikezwe uNkulunkulu. Yeka indlela ayehluke ngayo kubaholi benkolo bosuku lwakhe! Cabangela lesibonelo. Umthetho kaNkulunkulu wawuyale ukuthi akukho msebenzi, ngisho nokutheza izinkuni, okwakumelwe wenziwe ngeSabatha. (Eksodusi 20:10; Numeri 15:32-36) Abaholi benkolo babefuna ukulawula ngisho nendlela abantu ababesebenzisa ngayo lowomthetho. Ngakho bazinqumela bona ngokwabo ukuthi yini ngempela umuntu ayengase ayiphakamise ngeSabatha. Banquma: akube okungengaphezu kwamakhiwane amabili omisiwe. Baze banqabela ngisho nokugqoka izimbadada ezinezipikili, bethi ukuphakamisa isisindo esengeziwe sezipikili kwakuyosho ukuthi umuntu uyasebenza! Sekukonke, kuthiwa orabi banezela imithetho engu-39 emthethweni kaNkulunkulu ophathelene neSabatha base benezela kuleyomithetho eminye imithetho engapheli. Ngakolunye uhlangothi, uJesu akazange afune ukulawula abantu ngokubadumaza ngokubabekela imithetho eminingi evimbelayo noma ngokumisa izindinganiso eziqinile, ezingenakufinyeleleka.—Mathewu 23:2-4; Johane 7:47-49.
12. Kungani singase sithi uJesu akazange antengantenge lapho kuziwa ezindinganisweni zikaJehova zokulunga?
12 Khona-ke, ingabe kumelwe siphethe ngokuthi uJesu akazange azisekele ngokuqinile izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga? Ngokuqinisekile wazisekela! Wayeqonda ukuthi imithetho isebenza ngokuphumelela kakhulu lapho abantu befaka enhliziyweni izimiso ezihambisana naleyomithetho. Lapho abaFarisi babekhathazeke ngokuzama ukulawula abantu ngemithetho eminingi, uJesu wafuna ukufinyelela izinhliziyo. Ngokwesibonelo, wayazi kahle ukuthi akukho ukuyekethisa ngokuphathelene nemithetho yaphezulu ‘enjengokubalekela ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Ngakho uJesu waxwayisa abantu ngemicabango eyayingaholela ekuziphatheni okubi. (Mathewu 5:28) Ukufundisa okunjalo kwakudinga ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kunokumane nje kumiswe imithetho eqinile, eyisimiso.
13. (a) Kungani abadala kufanele bagweme ukwenza imithetho engavumelani nezimo? (b) Yiziphi ezinye izici lapho kubaluleke khona ukuhlonipha unembeza womuntu?
13 Abazalwane abanomthwalo wemfanelo namuhla ngokufanayo banesithakazelo sokufinyelela izinhliziyo. Ngakho, bayakugwema ukumisa imithetho yabo siqu, engavumelani nezimo noma ukuguqula imibono yabo siqu nokucabangela kube umthetho. (Qhathanisa noDaniyeli 6:7-16.) Ngezikhathi ezithile, izikhumbuzo zomusa ezindabeni ezinjengokugqoka nokuzilungisa zingase zidingeke futhi zibe ezifike ngesikhathi, kodwa umdala angase onakalise idumela lakhe njengendoda ecabangelayo uma egxila ezindabeni ezinjalo noma ezama ukuphoqelela ngokuyinhloko izinto ezibonisa lokho yena akuthandayo. Ngempela, sonke ebandleni kufanele sigweme ukuzama ukulawula abanye.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 1:24; Filipi 2:12.
14. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayecabangela ngokuphathelene nalokho ayekulindele kwabanye?
14 Abadala bangase bathande ukuzihlola kwenye indaba: ‘Ingabe ngingocabangelayo kulokho engikulindele kwabanye?’ Ngokuqinisekile uJesu wayenjalo. Ngokungaguquki wayebonisa abalandeli bakhe ukuthi wayengalindele okungaphezu kwemizamo yabo yomphefumulo wonke nokuthi wayeyazisa kakhulu. Watusa umfelokazi ompofu ngokunikela ngezinhlamvu zakhe zemali yenani eliphansi. (Marku 12:42, 43) Wakhuza abafundi bakhe lapho begxeka umnikelo kaMariya obiza kakhulu, ethi: “Myekeni; . . . Wenzile abengakwenza.” (Marku 14:6, 8) Wayecabangela ngisho nalapho abafundi bakhe bemdumaza. Ngokwesibonelo, nakuba anxusa abaphostoli bakhe abathathu abaseduze kakhulu ukuba bahlale bephapheme futhi baqaphe naye ngobusuku bokuboshwa kwakhe, bamdumaza ngokuzumeka ngokuphindaphindiwe. Nokho, waphawula ngozwela: “Umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”—Marku 14:34-38.
15, 16. (a) Kungani abadala kufanele baqaphele ukuba bangawucindezeli noma basabise umhlambi? (b) Omunye udade othembekile wakwazi kanjani ukulungisa lokho ayekulindele kwabanye?
15 Yiqiniso, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba ‘baphikelele.’ (Luka 13:24) Kodwa akakaze abaphoqe ukuba benze kanjalo! Wabashukumisa, wabeka isibonelo, wahola, futhi wafuna ukufinyelela izinhliziyo zabo. Wathembela emandleni omoya kaJehova ukuba wenze nokunye. Ngokufanayo abadala namuhla kufanele bakhuthaze umhlambi ukuba ukhonze uJehova ngenhliziyo yonke kodwa kufanele bagweme ukuwesabisa ngomuzwa wecala noma amahloni, besikisela ukuthi lokho okwenza manje enkonzweni kaJehova akwanele noma akwamukeleki ngandlela-thile. Ukutshelwa ngokuqinile nangamandla ukuthi “yenza okwengeziwe, yenza okwengeziwe, yenza okwengeziwe!” kungase kubathene amandla labo abenza konke abangakwenza. Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani uma umdala ezakhele idumela lokuba umuntu ‘okunzima ukumjabulisa’—okuhluke kakhulu ekubeni ocabangelayo!—1 Petru 2:18, NW.
16 Sonke kufanele sibe abacabangelayo kulokho esikulindele kwabanye! Omunye udade, ngemva kokuba yena nomyeni wakhe beshiye isabelo sabo sobuthunywa bevangeli ukuze banakekele unina owayegula, wabhala: “Lezizikhathi zinzima ngempela kithina bamemezeli esilapha emabandleni. Njengoba besisemsebenzini wesifunda nowesigodi, sivikelekile ekucindezeleni okuningi okunjalo, siye sakuqaphela lokhu ngendlela engalindelekile necindezelayo. Ngokwesibonelo, ngangivame ukucabanga ukuthi, ‘Kungani lodade engahambisi incwadi efanele kulenyanga? Akayifundi yini INkonzo YoMbuso?’ Manje sengiyazi ukuthi kungani. Kwabanye lokho ukuphela kwento abangayenza ukuze babe khona [enkonzweni].” Yeka ukuthi kungcono kanjani ukutusa abafowethu ngalokho abakwenzayo kunokuba sibahlulele ngalokho abangakwenzi!
17. UJesu wasibekela kanjani isibonelo ngokuphathelene nokucabangela?
17 Cabangela isibonelo sokugcina sendlela uJesu asebenzisa ngayo igunya lakhe ngendlela ecabangelayo. NjengoYise, uJesu akalivikeli ngomona igunya lakhe. Naye futhi ungumphathisi wegunya omkhulu, emisa isigaba sakhe sesigqila esithembekile ukuba sinakekele ‘konke anakho’ lapha emhlabeni. (Mathewu 24:45-47) Futhi akakwesabi ukulalela imibono yabanye. Ngokuvamile wayebuza izilaleli zakhe: “Nithini na?” (Mathewu 17:25; 18:12; 21:28; 22:42) Ngakho kufanele kube njalo phakathi kwabo bonke abalandeli bakaKristu namuhla. Kungakhathaliseki ukuthi banegunya elingakanani, lokho akufanele kubenze bangazimiseli ukulalela. Bazali, lalelani! Madoda, lalelani! Badala, lalelani!
18. (a) Singazi kanjani ukuthi sinedumela lokuba abacabangelayo yini? (b) Yisiphi isinqumo sonke esiyobe senza kahle ngokusenza?
18 Ngokungangabazeki, ngamunye wethu ufuna “ukuba nedumela lokuba ocabangelayo.” (Filipi 4:5, Phillips) Kodwa sazi kanjani ukuthi sinedumela elinjalo? Phela, lapho uJesu enelukuluku lokwazi ukuthi abantu babethini ngaye, wabuza abangane bakhe abathembayo. (Mathewu 16:13) Kungani ungalandeli isibonelo sakhe? Ungabuza othile ongathemba ukuthi angakutshela ngokungagwegwesi ukuthi unalo yini idumela lokuba umuntu ocabangelayo, obonelelayo. Ngokuqinisekile kunokuningi sonke esingakwenza ukuze silingise ngokuseduze isibonelo sikaJesu esiphelele sokucabangela! Ikakhulukazi uma sisebenzisa isilinganiso esithile segunya kwabanye, ngaso sonke isikhathi masilandele isibonelo sikaJehova noJesu, ngaso sonke isikhathi silisebenzise ngendlela ecabangelayo, sihlale sikulungele ukuthethelela, ukuvumelana nezimo, noma ukubonelela lapho kufanele. Ngempela, kwangathi sonke singalwela ‘ukuba abacabangelayo’!—Thithu 3:2, NW.
[Umbhalo waphansi]
a Incwadi ethi New Testament Words ithi: “Umuntu one-epieikēs [ocabangelayo] uyazi ukuthi kunezikhathi lapho into ingase ithethelelwe ngokuphelele ngokomthetho kodwa ibe ingalungile ngokuphelele ngokokuziphatha. Umuntu one-epieikēs uyazi ukuthi kunini lapho kufanele athambise khona umthetho lapho ephoqwe amandla aphakeme nangaphezu komthetho.”
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani amaKristu kufanele afune ukuba acabangelayo?
◻ Abadala bangamlingisa kanjani uJesu ekubeni abakulungele ukuthethelela?
◻ Kungani kufanele silwele ukuba abavumelana nezimo njengoba uJesu ayenjalo?
◻ Singakubonisa kanjani ukucabangela endleleni esisebenzisa ngayo igunya?
◻ Singazihlola kanjani ukuthi siyacabangela ngempela yini?
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu wamthethelela kalula uPetru ophendukile
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho owesifazane ebonisa ukholo olungavamile, uJesu wabona ukuthi kwakungesona isikhathi sokuphoqelela umthetho ovamile
[Isithombe ekhasini 18]
Bazali lalelani!
[Isithombe ekhasini 18]
Madoda lalelani!
[Isithombe ekhasini 18]
Badala lalelani!