-
“Izicelo Zenu Mazaziwe NguNkulunkulu”INqabayokulinda—2006 | Septhemba 1
-
-
3. (a) Njengoba kuboniswa imithandazo yezinceku ezithembekile zasendulo, imithandazo ingahlanganisa naziphi izinto? (b) Imithandazo yethu ingaba eyaziphi izinhlobo?
3 Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu osuku lwakhe: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6, 7) IBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zabantu abazisa uNkulunkulu izinto ezibakhathazayo. Phakathi kwabantu abanjalo kunoHana, u-Eliya, uHezekiya noDaniyeli. (1 Samuweli 2:1-10; 1 AmaKhosi 18:36, 37; 2 AmaKhosi 19:15-19; Daniyeli 9:3-21) Kufanele silandele isibonelo sabo. Phawula nokuthi amazwi kaPawulu abonisa ukuthi imithandazo yethu ingahlukahluka. Wakhuluma ngokubonga, okungukuthi, umthandazo wokubonga uNkulunkulu ngalokho asenzela kona. Lokhu kungase kuhambisane nokudumisa. Umthandazo wokunxusa usho ukuncenga ngentobeko nangobuqotho. Singenza nezicelo esicela ngazo okuthile. (Luka 11:2, 3) UBaba wethu osezulwini uyakujabulela ukusamukela uma sisondela kuye nganoma iyiphi yalezi zindlela.
-
-
“Izicelo Zenu Mazaziwe NguNkulunkulu”INqabayokulinda—2006 | Septhemba 1
-
-
Yiziphi Izinto Esingazicela?
9. Iziphi izinto okufanele sizikhathalele ngokuyinhloko lapho sithandaza?
9 Khumbula ukuthi uPawulu wathi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu.” (Filipi 4:6) Ngakho, imithandazo yomuntu siqu ingase ithinte cishe zonke izici zokuphila. Nokho, into okufanele siyikhathalele ngokuyinhloko emithandazweni yethu yizithakazelo zikaJehova. UDaniyeli wabeka isibonelo esihle kulokhu. Ngesikhathi u-Israyeli ejeza ngenxa yezono zakhe, uDaniyeli wancenga uJehova ukuba abonise isihe, wathi: “Ungalibali, ngenxa yakho Nkulunkulu wami, [ngenxa yegama] lakho siqu.” (Daniyeli 9:15-19) Ingabe imithandazo yethu ibonisa ukuthi ukungcweliswa kwegama likaJehova nokugcwaliseka kwentando yakhe kuyizinto esizikhathalela ngokuyinhloko?
10. Sazi kanjani ukuthi kuyafaneleka ukuthandazela izindaba zomuntu siqu?
10 Noma kunjalo, kuyafaneleka nokwenza izicelo eziphathelene nezindaba zomuntu siqu. Ngokwesibonelo, njengomhubi singathandazela ukuziqonda ngokujulile izinto ezingokomoya. Wathandaza: “Ngenze ngiqonde, ukuze ngigcine umthetho wakho futhi ngiwugcine ngenhliziyo yonke.” (IHubo 119:33, 34; Kolose 1:9, 10) UJesu “wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni.” (Hebheru 5:7) Ngokwenza kanjalo, wabonisa ukuthi kuyafaneleka ukuba umuntu acele amandla lapho ebhekene nengozi noma izilingo. Lapho enika abafundi bakhe umthandazo oyisibonelo, uJesu wahlanganisa izindaba zomuntu siqu, njengokuthethelelwa iziphambeko nokuthola ukudla kwansuku zonke.
-