Ukuqondisisa Izindaba
Isibonakaliso Esixwayisayo
NgoDecember wangonyaka odlule ukuzamazama komhlaba okwakusesilinganisweni sika-6,9 esikalini sikaRichter kwagadla kwacekela phansi Armenia yaseSoviet. Njengoba kuchazwa ‘njengokubi kakhulu emlandweni waseSoviet,’ lokhu kuzamazama kwabulala abantu abayizi-25 000 futhi kwashiya abayizi-500 000 bengenamakhaya. Kwabhubhisa izingxenye ezimbili kwezintathu zedolobha lesibili kwamakhulu kakhulu ase-Armenia iLeninakan, enabantu abayizi-290 000 futhi kwabhubhisa iSpitak ngokuphelele, idolobha elihlalwa abantu abacishe babe yizi-30 000. Nezinye izindawana eziningi zagqitshwa ukuzamazama komhlaba. Okungenani abantu abayizi-5 400 abasinda badonswa ezindundumeni zemfucumfucu bedonswa amaqembu ezizwe ezihlukahlukene ezisebenzi ezingabahlengi, futhi ngokwezikhulu zaseSoviet, inani labalimala lafinyelela izi-13 000.
Nakuba ososayensi benomqondo othile wezimbangela eziyisisekelo zokuzamazama komhlaba okuningi, abakwazi ukubikezela ngokuqonde ngqó ukuthi kuyokwenzeka nini. Nokho, ukuvama kokuzamazama komhlaba okubhubhisayo kulelikhulu leminyaka akubamangalisi abafundi beBhayibheli abafundisiwe abajwayelene ‘nesibonakaliso’ sikaJesu Kristu esabikezelwa esiphawula ‘ukuba khona’ kwakhe okungabonakali ‘nokuphela kwesimiso sezinto.’ Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi ngisho nakuba uJesu engazange achaze imbangela yalezizehlakalo zokuzamazama komhlaba, waxwayisa ngokuthi njengengxenye ‘yalesosibonakaliso,’ kwakuzakuba khona ‘ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.’—Mathewu 24:3, 7.
“Uhulumeni Wezwe”
Okuwukuphela kwendlela yokulwisana nokushisa okwandayo kwasemkhathini nokwaphansi emhlabeni nezinye izinhlekelele ezivelayo zendawo iwuhulumeni wezwe, kusho uDkt. Kenneth Hare, isazi somumo wezwe esidumile nompetha oyisazi sokushintsha kwesimo sezulu. Isintu sinqwabela usongo olubulalayo emvelweni, kuxwayisa uHare. Iplanethi ayisongelwa nje kuphela ukhukhulela-ngoqo wenuzi “kodwa ukusetshenziswa kabi kwendawo ehlala izinto eziphilayo,” kubika iCalgary Herald, iphephandaba laseCanada. UHare uthi izigidi eziyizinkulungwane ezintathu zamathani ecarbon zichithelwa emoyeni minyaka yonke ngamapayipi ezimoto akhipha intuthu nangoshemula basezimbonini. Ukuhlola okwenziwa ngamacomputer kubonisa ukuthi naphezu kokwanda okusesilinganisweni kwezomnotho, amazinga ecarbon-dioxide ayophindeka kabili ngonyaka ka-2075. “Siye sadala inkinga yembulunga yonke,” futhi ngaphandle kokulungiswa kwendawo esihlala kuyo yembulunga yonke, “sizoba sengxakini,” kusho uHare.
Lokho uDkt. Hare akutusayo kunengqondo ngempela. Nakuba kunjalo, ingabe umuntu uyoke abe nethemba lokusungula uhulumeni wembulunga yonke oyokwazi ukwenza izinto ezinjengokuqondisa ukwanda kwezomnotho, ukwakha imithombo yamandla engangcolisi, nokugqugquzela isintu ukuba senze isimiso sokunakekela indawo yembulunga yonke?
Lutho neze! IZwi likaNkulunkulu ngokucacile lithi: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Nokho, lokhu kusezandleni zikaNkulunkulu. ‘NjengeNkosi yokuthula,’ iNdodana yakhe, uJesu Kristu, iyomisa uhulumeni wezwe oyobusa ngokwahlulela nangokulunga. Ngaphansi kokubusa kwakhe kwasezulwini, isintu ngeke siwonakalise umhlaba.—Isaya 9:6, 7; 11:9; Daniyeli 2:44.
Iseluleko Esibi
Ingabe kuyinto embi ngomntwana ukuba angabalaleli abazali bakhe? Hhayi ngempela, kusho uLeon Kuczynski, uprofesa wokusebenza kwengqondo eyunivesithi yaseGuelph eOntario, eCanada. Eqinisweni, iThe Toronto Star ibika ukuthi ngemva kokuhlola omama abangama-70 nabantwana babo, uKuczynski ukholelwa ukuthi “izindlela umntwana azisebenzisayo ekungalalelini abazali bakhe zibalulekile ekuthuthukeni kwakhe kwezokuhlalisana.” Ngokwalesihloko, uma izingane zihluleka ukwenza lokho ezikutshelwayo, akumelwe abazali badumale. Isizathu? UKuczynski uthi ukuziphatha okunjalo kuvamile. Uprofesa futhi unomuzwa wokuthi “ukwenqaba komntwana ukulalela abazali bakhe kungaba uphawu lokuzimela nokuvuthwa.”
Ukwehluleka kwabantwana ukulalela abazali babo akulona uphawu lokuvuthwa. Ngokuphambene nalokho, iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” (IzAga 22:15) Nakuba abanye bangase ngisho baphethe ngokuthi ukungalaleli komntwana kuveza imiphumela emihle, iZwi likaNkulunkulu alivumelani nalokho. Emakhulwini eminyaka adlule umphostoli uPawulu wabhala: “Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.” (Kolose 3:20) Abazali abahlakaniphile bayobheka kuJehova uNkulunkulu njengegunya labo ekuqeqesheni abantwana.—IzAga 19:18; 29:15.