“Nathengwa Ngenani Elikhulu”
“Nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.”—1 KORINTE 6:20.
1, 2. (a) Yini eyavula ‘izindlela zokuphuma ekufeni’? (b) Yini okwakumelwe yenziwe ukuze yenze umhlatshelo kaKristu usebenze ngokomthetho, njengoba yafanekiselwa yini kusengaphambili?
UMHUBI wathi: “Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo; [izindlela zokuphuma, NW] ekufeni [ngezi]kaJehova iNkosi.” (IHubo 68:20) Umhlatshelo kaJesu Kristu wavula leyondlela. Kodwa ukuze lowomhlatshelo usebenze ngokomthetho, uKristu kwadingeka avele ngokoqobo phambi kukaNkulunkulu ngokwakhe.
2 Lokhu kwafanekiselwa kusengaphambili Osukwini Lokubuyisana lapho umpristi omkhulu engena eNgcwelengcwele. (Levitikusi 16:12-15) “Kepha,” kubhala umphostoli uPawulu, “lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu . . . , wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, [wasizuzela, NW] ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.”—Heberu 9:11, 12, 24.
Amandla Egazi
3. (a) Abakhulekeli bakaJehova balibheka kanjani igazi, futhi ngani? (b) Yini ebonisa ukuthi igazi linamandla angokomthetho okuhlangula izono?
3 Iyiphi indima igazi likaKristu eliyifezayo ekusindisweni kwethu? Kusukela osukwini lukaNowa, abakhulekeli beqiniso baye babheka igazi njengelingcwele. (Genesise 9:4-6) Igazi linengxenye ebalulekile enqubweni yokuphila, ngoba iBhayibheli lithi “umphefumulo [noma ukuphila] womzimba usegazini.” (Levitikusi 17:11) Ngakho uMthetho kaMose wawufuna ukuthi lapho isilwane senziwa umhlatshelo, igazi laso lithululwe phambi kukaJehova. Ngezinye izikhathi futhi igazi lalibhecwa ezimpondweni zealtare. Ngokusobala, amandla ahlangulayo omhlatshelo ayesegazini lawo. (Levitikusi 8:15; 9:9) “Cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.”—Heberu 9:22.
4. (a) Iyiphi injongo eyafezwa ukubeka kukaNkulunkulu imingcele ngokusetshenziswa kwegazi? (b) Yini eyayibalulekile ngendlela uJesu abulawa ngayo?
4 Khona-ke, akumangalisi ukuthi ngaphansi koMthetho, noma yikuphi ukusetshenziswa kabi kwegazi kwakunesijeziso sokufa! (Levitikusi 17:10) Sonke siyazi ukuthi lapho into ethile yenziwa ingatholakali kalula, noma ibekelwe imingcele eqinile ngokusetshenziswa kwayo, inani layo liyenyuka. Ukunqabela kukaJehova ukusetshenziswa kwalo kwaqinisekisa ukuthi igazi lalingeke libhekwe njengokuthile okunenani eliphansi, kodwa laliyobhekwa njengeliyigugu nelibalulekile. (IzEnzo 15:29; Heberu 10:29) Lokhu kwavumelana nenjongo ephakeme eyayiyofezwa igazi likaKristu. Ngokufanelekile, wafa ngendlela eyabangela ukuba kuchitheke igazi lakhe. Ngakho, kwaba sobala ukuthi uKristu akazange enze umhlatshelo ngokuphila kwakhe kobuntu kuphela kodwa wathulula umphefumulo wakhe, enza umhlatshelo ngakho kanye ukuphila kwakhe njengomuntu ophelele! (Isaya 53:12) UKristu akazange alahlekelwe yilungelo elingokomthetho ayenalo kulokho kuphila ngenxa yokungapheleli, ngakho igazi lakhe elathululwa lalinenani elikhulu futhi lalingalethwa phambi kukaNkulunkulu ukuze kuhlangulwe izono zesintu.
5. (a) Yini uKristu ayiyisa ezulwini, futhi ngani? (b) Kwabonakala kanjani ukuthi uNkulunkulu wawamukela umhlatshelo kaKristu?
5 UKristu wayengenakuliyisa igazi lakhe elingokoqobo ezulwini. (1 Korinte 15:50) Kunalokho, wathatha lokho lelogazi elalikufanekisela: inani elingokomthetho lokuphila kwakhe kobuntu okuphelele okwenziwa umhlatshelo. Phambi kukaNkulunkulu uqobo, wayengaletha ngokomthetho lokho kuphila njengesihlengo ngenxa yesintu esinesono. Ukuwamukela kukaJehova lowomhlatshelo kwabonakala ngePentekoste lika-33 C.E., lapho umoya ongcwele wehlela kubafundi abangu-120 eJerusalema. (IzEnzo 2:1-4) Manje, kwaba njengokungathi uKristu ungumnini wohlanga lwesintu ngokuluthenga. (Galathiya 3:13, NW; 4:5, NW; 2 Petru 2:1) Ngakho, izinzuzo zesihlengo zazingagelezela esintwini.
Abazuza Kuqala Esihlengweni
6. Yimaphi amalungiselelo uNkulunkulu aye wawenza okusebenzisa izinzuzo zesihlengo sikaKristu?
6 Nokho, lokhu kwakungasho ukuthi isintu sasiyonikezwa ukuphelela okusheshayo okungokomzimba, ngoba ngaphandle kokuba kunqotshwe isimo somuntu esingokwemvelo esinesono, ukuphelela okungokomzimba kwakungenakwenzeka. (Roma 7:18-24) Ukuba nesono kwakuyonqotshwa kanjani futhi nini? Okokuqala uNkulunkulu walungiselela ‘abapristi’ basezulwini abangu-144 000 ‘kuNkulunkulu wethu ukuba babuse emhlabeni’ noKristu Jesu. (IsAmbulo 5:9, 10; 7:4; 14:1-3) Ngabo izinzuzo zesihlengo kancane kancane ziyosetshenziswa esintwini phakathi nesikhathi esiyiminyaka eyinkulungwane.—1 Korinte 15:24-26; IsAmbulo 21:3, 4.
7. (a) Siyini isivumelwano esisha, obani abahlanganyela kuso, futhi sifeza yiphi injongo? (b) Kungani kwakumelwe kube khona ofayo ukuze isivumelwano esisha sisebenze, futhi igazi likaKristu lifeza yiphi indima?
7 Ekulungiseleleni lokhu, amakhosi angabapristi angu-144 000 ‘ayathengwa ebantwini.’ (IsAmbulo 14:4) Lokhu kufezwa ‘ngesivumelwano esisha.’ Lesivumelwano siyisivumelwano phakathi kukaJehova uNkulunkulu kanye noIsrayeli ongokomoya kaNkulunkulu sokuba amalungu akhe akhonze njengamakhosi nabapristi. (Jeremiya 31:31-34; Galathiya 6:16; Heberu 8:6-13; 1 Petru 2:9) Nokho, kwenzeka kanjani ukuba kube nesivumelwano phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ongaphelele? UPawulu uyachaza: ‘Lapho kukhona [isivumelwano, NW] [phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ongaphelele], kufuneka ukuba kubikwe ukufa [komuntu] owasenza; ngokuba [isivumelwano, NW] sisebenza sekufiwe, ngokuba asize singaba-namandla esekhona [umuntu] owasenzayo.’—Heberu 9:16, 17.
8, 9. Isihlengo sihlobene kanjani nesivumelwano esisha?
8 Ngakho, umhlatshelo wesihlengo uyisisekelo sesivumelwano esisha, uJesu anguMlamuleli waso. UPawulu wabhala: “Munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke, kube-ngubufakazi besikhathi esiyiso.” (1 Thimothewu 2:5, 6) Lawomazwi asebenza ngokukhethekile kwabangu-144 000, esenziwa nabo isivumelwano esisha.
9 Lapho uNkulunkulu enza isivumelwano noIsrayeli ongokwenyama, sasingasebenzi ngokomthetho kuze kube yilapho kuchithwa igazi lesilwane ngomhlatshelo. (Heberu 9:18-21) Ngokufanayo, ukuze isivumelwano esisha sisebenze, uKristu kwadingeka ukuba achithe ‘igazi lesivumelwano.’ (Mathewu 26:28; Luka 22:20) Njengoba uKristu esebenza njengomPristi Omkhulu ‘nomlamuleli wesivumelwano esisha,’ uNkulunkulu usebenzisa inani legazi likaJesu kulabo abalethwa esivumelwaneni esisha, esho ngokomthetho ukuthi balungile njengabantu. (Heberu 9:15; Roma 3:24; 8:1, 2) Khona-ke uNkulunkulu angabafaka esivumelwaneni esisha ukuba babe amakhosi angabapristi basezulwini! NjengoMlamuleli wabo nomPristi Omkhulu, uJesu uyabasiza ukuba balondoloze ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu.—Heberu 2:16; 1 Johane 2:1, 2.
Ukubuthela Ndawonye Izinto Ezisemhlabeni
10, 11. (a) Isihlengo sidlulela kanjani ngalé kwamaKristu agcotshiwe? (b) Obani abayisixuku esikhulu, futhi basesimweni esinjani noNkulunkulu?
10 Ingabe amaKristu agcotshiwe kuphela angakhululwa ngesihlengo, athethelelwe izono zawo? Cha, uNkulunkulu ubuyisela zonke ezinye izinto kuye ngokwenza ukuthula ngegazi elachitheka esigxotsheni sokuhlushwa, njengoba kubonisa abaseKolose 1:14, 20 (qhathanisa neNW). Lokhu kuhilela izinto ezisezulwini (abangu-144 000) kanye nezinto ezisemhlabeni. Lezi okugcinwe ngazo yilezo ezizothola ukuphila kwasemhlabeni, abantu abayojabulela ukuphila okuphelele ePharadesi emhlabeni. Ikakhulukazi kusukela ngo-1935 kuye kwenziwa umzamo ohlangene wokubuthela ndawonye abanjalo. IsAmbulo 7:9-17 sibachaza ‘njengesixuku esikhulu’ esikweleta uNkulunkulu neWundlu insindiso yaso. Kusadingeka basinde “osizini olukhulu” futhi ‘baholelwe emithonjeni yamanzi okuphila,’ ngoba isAmbulo 20:5 sibonisa ukuthi abanjalo bayophila ngokugcwele, benokuphila kobuntu okuphelele, ngasekupheleni kokuBusa KukaKristu KweMinyaka Eyinkulungwane. Labo abaphumelelayo ngalesosikhathi ovivinyweni lokugcina esimweni sabo sobuntu esiphelele kuyothiwa balungile kuholele ekuphileni okuphakade emhlabeni.—IsAmbulo 20:7, 8.
11 Nokho, njengendlela yokulungiselela lokho, isixuku esikhulu kakade siye ‘sahlanza izingubo zaso, sazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAmbulo 7:14) UKristu akasebenzi kuso njengoMlamuleli wesivumelwano esisha, nokho siyazuza kulesivumelwano ngalokho okwenziwa uMbuso kaNkulunkulu. Nokho, uKristu usasebenza kuso njengomPristi Omkhulu, uJehova angasebenzisa futhi asebenzisa ngaye isihlengo ngezinga lokuthi manje kuthiwe silungile njengabangane bakaNkulunkulu. (Qhathanisa noJakobe 2:23, NW.) Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, kancane kancane ‘bayokhululwa ebugqilini bokubhubha, [kuze kube yilapho ekugcineni] bethola inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:21.
12. Yisiphi isisekelo uNkulunkulu asebenzelana ngaso nabantu abathembekile ezikhathini zangaphambi kobuKristu?
12 Ngokuqondene nokuma kwabo noNkulunkulu, kungase kubonakale sengathi abesixuku esikhulu bahlukile kancane kubakhulekeli bangaphambi kobuKristu. Nokho, uNkulunkulu wasebenzelana nalaba okugcinwe ngabo enombono welungiselelo lesihlengo lesikhathi esizayo. (Roma 3:25, 26) Bajabulela ukuthethelelwa kwezono zabo ngendlela ehlala isikhashana kuphela. (IHubo 32:1, 2) Kunokuba ibakhulule ngokugcwele ekubeni “novalo [ekuqapheleni izono, NW] ngezono,” imihlatshelo yezilwane yabangela “ukukhunjulwa kwezono.”—Heberu 10:1-3.
13. Yiziphi izinzuzo esinazo ukwedlula izinceku zikaNkulunkulu zangaphambi kobuKristu?
13 Kuhlukile ngamaKristu eqiniso namuhla. Akhulekela ngesisekelo sesihlengo esesikhokhiwe! NgomPristi wawo Omkhulu, ‘asondela ngesibindi esihlalweni somusa.’ (Heberu 4:14-16) Ukubuyisana noNkulunkulu akusona isenzakalo esithile okwethenjwa ukuthi sizoba khona kodwa kwenzeka ngokoqobo manje! (2 Korinte 5:20) Lapho ona, angathethelelwa ngempela. (Efesu 1:7) Ajabulela unembeza ohlanzeke ngempela. (Heberu 9:9; 10:22; 1 Petru 3:21) Lezibusiso ziyisibonakaliso senkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu ezojatshulelwa izinceku zikaJehova esikhathini esizayo!
Ukujula Kokuhlakanipha Nothando LukaNkulunkulu
14, 15. Isihlengo sikuqokomisa kanjani ukuhlakanipha kukaJehova okungenakuqondakala, kanye nokulunga kwakhe nothando?
14 Yeka ukuthi isihlengo siyisipho esimangalisa kanjani esivela kuJehova! Siqondakala kalula, nokho sijule ngokwanele ukuba sibangele ukwesaba kumuntu ohlakaniphe kakhulu. Ukubukeza kwethu indlela isihlengo esisebenza ngayo akuzange kube ukukha phezulu. Kodwa, sibabaza kanye nomphostoli uPawulu: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!” (Roma 11:33) Ukuhlakanipha kukaJehova kuboniswa ngokuthi wakwazi kokubili ukusindisa isintu nokulwela ubukhosi bakhe. Ngesihlengo, “kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu . . . [uKristu] [wamiswa] uNkulunkulu abe-yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe.”—Roma 3:21-26.
15 UNkulunkulu akanakusolwa ngokuthethelela izono ezenziwa esikhathini esidlule abakhulekeli bangaphambi kobuKristu. Ngaphezu kwalokho, uJehova akanakusolwa ngenxa yokuba ethe abagcotshiwe balungile njengamadodana akhe noma ngokubiza isixuku esikhulu ngokuthi abangane bakhe. (Roma 8:33) Nakuba kwasho ukulahlekelwa okukhulu, uNkulunkulu ubelokhu ebambelele ngokuphelele emthethweni, noma ethembekile, ezindleleni zakhe, ekubonakalisa njengokungamanga ngokuphelele ukuzisholo kukaSathane kwamanga kokuthi uJehova ungumbusi ongalungile! Ngokufanayo uthando lukaNkulunkulu olungenabugovu ngezidalwa zakhe luye lwabonakaliswa ngaphandle kokungabaza.—Roma 5:8-11.
16. (a) Iyiphi indlela isihlengo esiye salungiselela ngayo ukuxazulula impikiswano yobuqotho bezinceku zikaNkulunkulu? (b) Isihlengo sisinikeza kanjani isisekelo sokuba nokholo ezweni elisha elizayo lokulunga?
16 Indlela isihlengo esalungiselelwa ngayo nayo yaxazulula izimpikiswano ezihilela ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu. Ukulalela kukaJesu kukodwa kwakufeza lokho. (IzAga 27:11; Roma 5:18, 19) Kodwa kulokho hlanganisa nenkambo yokuphila yamaKristu angu-144 000 okuthi, naphezu kokuphikisa kukaSathane, ahlale ethembekile kuze kube sekufeni! (IsAmbulo 2:10) Isihlengo senza kube nokwenzeka ngalaba ukuba bamukele ukungafi njengomvuzo wabo—ukuphila okungenakubhubha! (1 Korinte 15:53; Heberu 7:16) Lokhu kukwenza kungabi nangqondo ukuzisholo kukaSathane kokuthi izinceku zikaNkulunkulu azinakwethenjelwa! Isihlengo futhi siye sasinikeza isisekelo esiqinile sokukholelwa ezithembisweni zikaNkulunkulu. Singawubona umfanekiso wensindiso ‘emiswe [ngokomthetho]’ ngomhlatshelo wesihlengo. (Heberu 8:6) Kanjalo kuqinisekiswa izwe elisha lokulunga!—Heberu 6:16-19.
Ungalahlekelwa Injongo Yaso
17. (a) Abanye bakubonisa kanjani ukuthi baye balahlekelwa injongo yesihlengo? (b) Yini engasishukumisela ukuba sihlale sihlanzekile ngokokuziphatha?
17 Ukuze azuze esihlengweni, kubalulekile ukuba umuntu angenise ulwazi, abonise ukholo, futhi aphile ngezindinganiso zeBhayibheli. (Johane 3:16; 17:3) Nokho, bambalwa uma kuqhathaniswa, abazimisele ukwenza kanjalo. (Mathewu 7:13, 14) Ngisho naphakathi kwamaKristu eqiniso, abanye bangase ‘bamukele umusa kaNkulunkulu ongasifanele bese belahlekelwa injongo yawo.’ (2 Korinte 6:1, qhathanisa neNW.) Ngokwesibonelo, eminyakeni edlule izinkulungwane ziye zasuswa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi ngokobulili. Yeka ukuthi kuyihlazo kanjani uma sicabanga ngalokho uJehova noKristu abasenzele khona! Ingabe ukuba nokwazisa ngesihlengo akufanele yini kushukumisele umuntu ukuba agweme ukuba ‘ngokhohlwayo ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala’? (2 Petru 1:9) Khona-ke, ngokufanelekile uPawulu ukhumbuza amaKristu: “Nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.” (1 Korinte 6:20) Ukukhumbula lokhu kusinikeza amandla amakhulu ashukumisayo okuhlala sihlanzekile ngokokuziphatha!—1 Petru 1:14-19.
18. UmKristu owela esonweni esingathi sína usengazenza kanjani atholakalele isihlengo?
18 Kuthiwani uma umuntu kakade eseye wawela esonweni esingathi sína? Kufanele akusebenzise ngokugcwele ukuthethelelwa isihlengo esikwenza kube nokwenzeka, amukela usizo oluvela kubabonisi abanothando. (Jakobe 5:14, 15) Ngisho noma kudingeka isiyalo esiqinile, umKristu ophendukayo akufanele adikibale ngokulungiswa okunjalo. (Heberu 12:5) Sinalesiqinisekiso esimangalisayo esivela eBhayibhelini: “Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.”—1 Johane 1:9.
19. Imuphi umbono umKristu angaba nawo ngokuziphatha kwakhe okubi kwangaphambi kokuba afunde iqiniso?
19 Ngezinye izikhathi amaKristu adumazeka ngokungafanele ngenxa yokuziphatha okubi kwangesikhathi esidlule. “Ngaphambi kokuba singene eqinisweni,” kubhala omunye umzalwane odumazekile, “mina nomkami saphathwa isifo sokumila kwamabhamuza ezithweni zangasese. Ngezinye izikhathi sizizwa singahlanzekile, njengokungathi ‘asifaneleki’ enhlanganweni kaJehova ehlanzekile.” Kuyavunywa, ngisho nangemva kokuba babe amaKristu, abanye bangavuna ukuhlupheka ngezinga elithile ngenxa yamaphutha esikhathi esidlule. (Galathiya 6:7) Nakuba kunjalo, asikho isizathu sokuba umuntu azizwe engahlanzekile emehlweni kaJehova uma eye waphenduka. “Igazi likaKristu” liyakwazi ‘ukuhlanza unembeza wethu emisebenzini efile.’—Heberu 9:14.
20. Ukuba nokholo esihlengweni kungamphumuza kanjani umKristu ekuzizweni enecala ngokungadingekile?
20 Yebo, ukukholelwa esihlengweni kungasiza ukuba kusiphumuze emithwalweni engadingekile yokuba necala. Omunye udade osemusha wavuma: “Bengilokhu ngilwisana nomkhuba ongahlanzekile wokushaya indlwabu iminyaka engaphezu kwengu-11 manje. Ngesinye isikhathi ngacishe ngalishiya ibandla, nginomuzwa wokuthi uJehova wayengeke afune ukuba umuntu onyanyeka kanjalo angcolise ibandla lakhe.” Nokho, kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova ‘muhle futhi uyathethelela’ uma nje siqhubeka silwisana nokungalungi ngobuqotho, singakuvumeli kusinqobe!—IHubo 86:5.
21. Isihlengo kufanele siwuthinte kanjani umbono wethu ngalabo abasonayo?
21 Isihlengo kufanele futhi sibe nethonya endleleni esisebenzelana ngayo nabanye. Ngokwesibonelo, usabela kanjani lapho umKristu okanye naye ekona? Ingabe ubonisa ukuthethelela okukhululekile okunjengokukaKristu? (Luka 17:3, 4) Ingabe ‘uyahawukela, uthethelele [abanye], njengalokho noNkulunkulu wakuthethelela ngoKristu’? (Efesu 4:32) Noma ingabe uthambekele ekubeni namagqubu noma uhlakulele intukuthelo? Ngokuqinisekile lokho bekuyoba ukulahlekelwa injongo yesihlengo.—Mathewu 6:15.
22, 23. (a) Isihlengo kufanele sibe namuphi umphumela emigomweni nasendleleni yethu yokuphila? (b) Yikuphi ukuzimisela okufanele wonke amaKristu abe nakho ngokuqondene nesihlengo?
22 Okokugcina, ukuba nokwazisa ngesihlengo kufanele kube nomphumela omkhulu emigomweni yethu nasendleleni yethu yokuphila. UPawulu wathi: “Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi-yizigqila zabantu.” (1 Korinte 7:23) Ingabe izidingo ezingokomnotho—ikhaya, umsebenzi, ukudla, izimpahla—ziseyizinto ezisemqoka ekuphileni kwakho? Noma ingabe ufuna uMbuso kuqala, ubeka ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi uzokunakekela? (Mathewu 6:25-33) Ingabe ungaba isigqila somqashi wakho kodwa uhluleke ukuzinika isikhathi esanele semisebenzi engokwasezulwini? Khumbula, uKristu “wazinikela ngenxa yethu, ukuze . . . asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.”—Thithu 2:14; 2 Korinte 5:15.
23 “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu” ngenxa yalesisipho esikhulu kunazo zonke—isihlengo! (Roma 7:25) Kwangathi singelokothe silahlekelwe injongo yesihlengo kodwa sisivumele ukuba sibe ithonya elinamandla ekuphileni kwethu. Ngemicabango, ngamazwi nangezenzo, kwangathi njalo singakhazimulisa uNkulunkulu, ngokubonga sikhumbula ukuthi siye sathengwa ngenani elikhulu.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kungani igazi lithathwa njengelingcwele, futhi igazi likaKristu lalethwa kanjani phambi kukaJehova ezulwini?
◻ Igazi likaKristu lafeza yiphi indima ekuqinisekiseni isivumelwano esisha?
◻ Isihlengo sibazuzisa kanjani abagcotshiwe nesixuku esikhulu?
◻ Singabonisa kanjani ukuthi asilahlekelwanga injongo yesihlengo?
[Isithombe ekhasini 16]
Amandla okuhlangula omhlatshelo asegazini lawo lokuphila
[Isithombe ekhasini 17]
Umuntu okwazisayo ukuthethelela kukaNkulunkulu uyazimisela ukuthethelela abanye