ISIFUNDO 32
Ukhulumé Ngokuqiniseka
LAPHO umuntu ekhuluma ngokuqiniseka, abanye bayabona ukuthi ukukholelwa ngempela akushoyo. Ukuqiniseka okunjalo kwabonakala enkonzweni yomphostoli uPawulu. Wabhalela labo ababa amakholwa eThesalonika: “Izindaba ezinhle esizishumayelayo azivelanga phakathi kwenu ngenkulumo yodwa kodwa futhi . . . nangokuqiniseka okuqinile.” (1 Thes. 1:5) Lokho kuqiniseka kwabonakala endleleni ayekhuluma nayephila ngayo. Ukuqiniseka okuqinile kufanele kubonakale nasendleleni esethula ngayo amaqiniso eBhayibheli.
Ukubonisa ukuqiniseka akufani nokunamathela emibonweni yakho, nokuba nenkani noma ukuzidla. Kunalokho, uma umuntu oqinisekayo ekhuluma ngezinto eziseZwini likaNkulunkulu, ukhuluma ngendlela ebonisa ukholo oluqinile.—Heb. 11:1.
Izikhathi Zokubonisa Ukuqiniseka. Kubalulekile ukukhuluma ngokuqiniseka lapho usenkonzweni yasensimini. Ngokuvamile abantu baqaphela indlela okhuluma ngayo njengoba nje beqaphela isigijimi osiphethe. Bayayizwa indlela ozizwa ngayo ngempela ngalokho okushoyo. Ngendlela enamandla ukwedlula amagama nje kuphela, ukuqiniseka kwakho kungasho ukuthi unokuthile okubalulekile ofuna ukukuhlanganyela nabanye.
Kuyadingeka futhi nokubonisa ukuqiniseka lapho ukhuluma nezilaleli okholwa nazo. Umphostoli uPetru wabhala incwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe ‘ukuze abanike isikhuthazo nobufakazi obuqotho bokuthi lona yiwo isibili umusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’ Wanxusa abazalwane: “Yimani niqinile.” (1 Pet. 5:12) Lapho ebhalela ibandla laseRoma, umphostoli uPawulu wabonisa ukuqiniseka okwabazuzisa. Wabhala: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nawohulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 8:38, 39) UPawulu wabhala futhi ngendlela ekholisayo ngesidingo sokushumayeza abanye, futhi intshiseko yakhe ngalowo msebenzi yabonisa ngokucacile ukuthi naye ngokwakhe wayeqiniseka ngokubaluleka kwawo. (IzE. 20:18-21; Roma 10:9, 13-15) Ukuqiniseka okufanayo kumelwe kubonakale kubadala abangamaKristu namuhla njengoba befundisa iZwi likaNkulunkulu.
Phakathi nezikhathi zokutadisha nangezinye izikhathi, abazali kudingeka bakhulume ngokuqiniseka lapho bexoxa ngezinto ezingokomoya nabantwana babo. Lokhu kudinga ukuba abazali bahlakulele uthando ngoNkulunkulu nezindlela zakhe ezinhliziyweni zabo. Khona-ke bangakhuluma nabantwana babo ngokuqiniseka okusuka ezinhliziyweni ngoba “umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45; Dut. 6:5-7) Ukuba nokuqiniseka okunjalo kuyoshukumisa abazali ukuba babeke isibonelo ‘sokholo olungenabo ubuzenzisi.’—2 Thim. 1:5.
Kubaluleke ngokukhethekile ukukhuluma ngokuqiniseka lapho ukholo lwakho lubekelwa inselele. Ofunda naye esikoleni, uthisha noma osebenza naye angase amangale ngokuthi awuhlanganyeli emikhosini ethile. Impendulo eqinile necatshangwe kahle ingase isize lowo muntu ahloniphe ukuma kwakho okusekelwe eBhayibhelini. Kuthiwani uma othile ezama ukukuhungela ekuziphatheni okungalungile—ukungathembeki, ukusebenzisa kabi izidakamizwa noma ukuziphatha kabi kobulili? Kubalulekile ukuba ukwenze kucace ukuthi ngeke nanini uhlanganyele ekuziphatheni okunjalo nokuthi ayikho imizamo yokukuncenga engakwenza ushintshe ingqondo. Kudingeka ukhulume ngokuqiniseka lapho wenqaba leso sicelo. Ngesikhathi enqaba ukweshela kokuziphatha okubi kukamkaPotifari, uJosefa washo ngokuqinile: ‘Ngingabenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?’ Lapho umkaPotifari ephikelela, uJosefa wabaleka waphuma endlini.—Gen. 39:9, 12.
Indlela Ukuqiniseka Okubonakaliswa Ngayo. Amagama owasebenzisayo angenza lukhulu ekuboniseni ukuqiniseka kwakho. Ezimweni eziningi, uJesu wayeqala izinkulumo ezibalulekile ngokuthi: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe.” (Joh. 3:3, 5, 11; 5:19, 24, 25) Ukuqiniseka kukaPawulu kwakubonakala ezinkulumweni ezinjengokuthi, “ngiyaqiniseka,” “ngiyazi futhi ngikholisekile eNkosini uJesu,” “ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga.” (Roma 8:38; 14:14; 1 Thim. 2:7) Ngokuphathelene nokugcwaliseka kwezwi lakhe, ngezinye izikhathi uJehova waphefumulela abaprofethi bakhe ukuba bakhulume ngokugcizelela, njengokuthi, “uyakufika nokufika.” (Hab. 2:3) Uma ukhuluma ngalezi ziprofetho, ungase usebenzise ulimi olufanayo. Uma uthembela kuJehova ungazethembi wena, futhi uma ukhuluma nabanye ngendlela yenhlonipho, izinkulumo ezibonisa ukuqiniseka okufanayo ziyonikeza ubufakazi bokuthi unokholo oluqinile.
Ukuqiniseka kungase futhi kuboniswe ubuqotho namandla alokho okushoyo. Isimo sobuso bakho, ukushukuma komzimba kanye nokuma komzimba, konke kunengxenye kulokhu, nakuba lokhu kuyohlukahluka kuye ngomuntu ngamunye. Ngisho noma unamahloni noma ukhulumela phansi ngokwemvelo, uma uqiniseka ukuthi lokho okushoyo kuyiqiniso nokuthi abanye kudingeka bakuzwe, kuyobonakala ukuqiniseka kwakho.
Yiqiniso, noma ikuphi ukuqiniseka esikubonisayo kumelwe kube qotho. Uma abantu beba nomuzwa wokuthi siyazenzisa kunokuba sikhulume ngokusuka enhliziyweni, cishe bayophetha ngokuthi umyalezo wethu awunasisindo. Ngakho-ke, okubaluleke kunakho konke, yiba nguwe. Kuye ngobuningi bezilaleli zakho, kungase kudingeke ukhulume ngezwi eliphakeme kunelivamile nangomdlandla othé xaxa. Kodwa umgomo wakho kumelwe kube ukukhuluma ngobuqotho nangokwemvelo.
Usizo Ekuboniseni Ukuqiniseka. Njengoba ukuqiniseka kuhilela imizwa ngendaba yakho, ukulungiselela kahle kusemqoka. Ukumane uthathe indaba njengoba injalo encwadini bese uyisho ngekhanda akwanele. Kudingeka uyiqonde ngokucacile indaba futhi ukwazi ukuyibeka ngamazwi akho. Kumelwe uqiniseke ngokugcwele ukuthi iyiqiniso nokuthi okushoyo kuyazisiza izilaleli zakho. Lokhu kusho ukuthi lapho ulungiselela ozokusho, cabangela izimo zezilaleli zakho nalokho okungenzeka seziyakwazi kakade ngendaba nokuthi zingase zizizwe kanjani ngayo.
Kulula ngabanye ukubona ukuqiniseka kwethu uma inkulumo yethu ishelela. Ngakho-ke, ngaphezu kokulungiselela indaba enhle, zikhandle lapho ulungiselela indlela ozoyibeka ngayo. Nakisisa ngokukhethekile izingxenye zendaba yakho ezidinga ubonise ubuqotho obukhulu ukuze ukwazi ukuzidlulisela ngaphandle kokubheka uhlaka. Khumbula nokuthandazela isibusiso sikaJehova emizamweni yakho. Ngale ndlela, ‘uyoqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu’ ukuba ukhulume ngendlela ebonisa ukuqiniseka onakho ngokuthi isigijimi sakho siyiqiniso futhi sibalulekile.—1 Thes. 2:2.