UJehova—UNkulunkulu Owambula Izimfihlo
“Kukhona uNkulunkulu emazulwini owambula izimfihlakalo.”—DANIYELI 2:28.
1, 2. (a) UJehova uhluke kanjani eSitheni sakhe esikhulu? (b) Abantu bawubonisa kanjani lomehluko?
UJEHOVA, uNkulunkulu wendawo yonke ophakeme nonothando, uMdali owukuphela kwakhe, unguNkulunkulu ohlakaniphile nonobulungisa. Akudingeki afihle ukuthi ungubani, imisebenzi yakhe, noma izinjongo. Ngesikhathi sakhe nangokuhlakanipha kwakhe, uyazembula. Ngalendlela uhlukile eSitheni sakhe, uSathane uDeveli, ozama ukufihla ubuntu nezinhloso zakhe zangempela.
2 Njengoba uJehova noSathane bengafani, banjalo nabakhulekeli babo. Labo abaholwa uSathane babonakala ngobuqili nenkohliso. Bazama ukuziveza bebahle, kanti benza imisebenzi yobumnyama. AmaKristu aseKorinte atshelwa ukuba angamangali ngaleli qiniso. “Ngoba abantu abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezinenkohliso, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Futhi akumangalisi, ngoba uSathane ngokwakhe uqhubeka eziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:13, 14) Ngakolunye uhlangothi, amaKristu abheka uKristu njengoMholi wawo. Lapho esemhlabeni wabubonisa ngokuphelele ubuntu bukaYise, uJehova uNkulunkulu. (Heberu 1:1-3) Ngakho, ngokulandela uKristu, amaKristu alingisa uJehova, uNkulunkulu weqiniso, ongafihli lutho nonokukhanya. Nawo akudingeki afihle ukuthi angobani, imisebenzi yawo, noma izinjongo.—Efesu 4:17-19; 5:1, 2.
3. Singakuphikisa kanjani ukusola kokuthi abantu ababa oFakazi BakaJehova bayaphoqwa ukuba bazihlanganise ‘nehlelo eliyimfihlo’?
3 Ngezikhathi aziyo ukuthi zikahle, uJehova wambula imininingwane ngezinjongo zakhe nangekusasa abantu ababengalazi. Ngalomqondo unguNkulunkulu owambula izimfihlo. Ngaleyo ndlela, abantu abafuna ukumkhonza bayamenywa—yebo bayanxuswa—ukuba bakufunde ukwaziswa okunjalo okwambuliwe. Ukuhlolwa koFakazi abangaphezu kuka-145 000 ngo-1994 kwelinye izwe laseYurophu kwambula ukuthi, ngokwesilinganiso, ngamunye wabo wazihlolela ngokwakhe izimfundiso zoFakazi BakaJehova iminyaka emithathu ngaphambi kokuba akhethe ukuba uFakazi. Bazikhethela bona ngokwabo ngaphandle kokuphoqwa. Futhi baqhubeka benenkululeko yokukhetha nokwenza abakuthandayo. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi abathile abambalwa babuye bangavumelana nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha kwamaKristu, kamuva banquma ukuthi abafuni ukuqhubeka bengoFakazi. Nokho, kuyathakazelisa ukuthi phakathi neminyaka emihlanu edlule, iningi lalaba ababengoFakazi, lathatha izinyathelo zokuhlanganyela nokusebenza njengoFakazi futhi.
4. Yini okungadingeki iphazamise amaKristu akholekile, futhi ngani?
4 Yebo, akubona bonke ababengoFakazi ababuyayo, futhi phakathi kwabo kunabathile ababenemithwalo yemfanelo ebandleni lobuKristu. Lokhu akufanele kumangaze, ngoba ngisho nomunye wabalandeli bakaJesu oseduze kakhulu, umphostoli uJuda, wamshiya. (Mathewu 26:14-16, 20-25) Kodwa ingabe lesi isizathu sokungabaza ubuKristu ngokwabo? Ingabe lokhu kushabalalisa impumelelo oFakazi BakaJehova abenza ngayo umsebenzi wabo wokufundisa? Lutho neze, njengoba nesenzo sobumbuka sikaJuda Iskariyothe singazange simise izinjongo zikaNkulunkulu.
UnguMninimandla Onke Kodwa Unothando
5. Sazi kanjani ukuthi uJehova noJesu bayabathanda abantu, futhi baye balubonisa kanjani lolu thando?
5 UJehova unguNkulunkulu wothando. Uyabakhathalela abantu. (1 Johane 4:7-11) Naphezu kwesikhundla sakhe esiphakeme, uyakujabulela ukwenza abantu babe abangane bakhe. Ngomunye wezinceku zakhe zasendulo, siyafunda: “‘U-Abrahama wabeka ukholo kuJehova, futhi kwabalelwa kuye njengokulunga,’ futhi wabizwa ngokuthi ‘umngane kaJehova.’” (Jakobe 2:23; 2 IziKronike 20:7; Isaya 41:8) Njengoba abantu abangabangane bexoxelana ngezinto eziyisifuba sabo, noma izimfihlo, noJehova wenza okufanayo kubangane bakhe. Kulokhu uJesu walingisa uYise, ngoba waba umngane wabafundi bakhe futhi wabaxoxela izimfihlo. “Angisanibizi ngokuthi niyizigqila,” ebatshela, “ngoba isigqila asikwazi lokho inkosi yaso ekwenzayo. Kodwa nginibize ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Johane 15:15) Ukwaziswa kwangasese, noma “izimfihlo,” ezihlanganyelwa uJehova, iNdodana yakhe nabangane babo, zibahlanganisa esibophweni sothando nokuzinikela esingenqamuke.—Kolose 3:14.
6. Kungani kungadingekile ukuba uJehova afihle izinhloso zakhe?
6 Incazelo yegama elithi Jehova ethi, “Ubangela Kube Khona,” ibonisa ikhono lakhe lokuba yinoma yini okudingeka abe yiyo ukuze afeze injongo yakhe. Ngokungafani nabantu, uJehova akadingi ukufihla izinhloso zakhe ngenxa yokwesaba ukuthi abanye bangase bamvimbele ukuba azifeze. Umane nje akanakuhluleka, ngakho eZwini lakhe, iBhayibheli, wambula ngokukhululekile okuningi kwalokho ajonge ukukwenza. Uyathembisa: “Izwi lami . . . aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:11.
7. (a) Yini uJehova ayibikezela e-Edene, futhi uSathane wambonakalisa kanjani uNkulunkulu eqinisile? (b) Isimiso esikweyesi-2 Korinte 13:8 sihlala kanjani siyiqiniso?
7 Ngemva nje kokuhlubuka kwase-Edene, uJehova wambula kafushane umphumela wokugcina wempikiswano eqhubekayo phakathi kwakhe neSitha sakhe, uSathane. INzalo kaNkulunkulu ethenjisiwe yayiyolinyazwa kabuhlungu, kodwa kungabi okubulalayo, kanti ekugcineni uSathane wayeyolimalela ukufa. (Genesise 3:15) Ngo-33 C.E., uDeveli wayilimaza ngempela iNzalo, enguKristu Jesu, ngokubangela ukuba ife. Ngalendlela, uSathane wagcwalisa umBhalo futhi ngesikhathi esifanayo wabonakalisa uJehova enguNkulunkulu weqiniso, nakuba lokhu ngokuqinisekile kwakungeyona injongo kaSathane. Inzondo yakhe ngeqiniso nokulunga, kanye nesimo sakhe sengqondo sokuqhosha nokungaphenduki, kwamholela ekwenzeni lokho kanye uNkulunkulu abikezela ukuthi wayeyokwenza. Yebo, kubo bonke abaphikisi beqiniso, ngisho nakuSathane imbala, lesi simiso siyiqiniso: “Asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa kuphela oluvuna iqiniso.”—2 Korinte 13:8.
8, 9. (a) Yini uSathane ayaziyo, kodwa ingabe lolu lwazi lufaka engozini ukufezwa kwezinjongo zikaJehova? (b) Yisiphi isixwayiso esicacile abaphikisi bakaJehova abasishaya indiva, futhi ngani?
8 Njengoba uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngokungabonakali ngo-1914, isAmbulo 12:12 siye sasebenza: “Ngenxa yalokhu thokozani, nina mazulu nani enihlala kuwo! Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.” Nokho, ingabe ulwazi lokuthi isikhathi sakhe sifushane lwenza uSathane ashintshe inkambo yakhe? Lokhu bekuyofana nokuthi uSathane uyavuma ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso nokuthi njengoMbusi Ophakeme, nguye kuphela ofanelwe ukukhulekelwa. Nokho, uDeveli akazimisele ukuvuma ukunqotshwa, nakuba ekwazi lokhu.
9 UJehova ukwambula ngokukhululekile lokho okuyokwenzeka lapho uKristu eza ezokwahlulela isimiso sezwe sikaSathane. (Mathewu 24:29-31; 25:31-46) Ngokuqondene nalokhu, iZwi lakhe liyamemezela ngokuphathelene nababusi bezwe: “Noma nini lapho bethi khona: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyofika ngaso lesosikhathi phezu kwabo njengomhelo wokucindezeleka phezu kowesifazane okhulelweyo.” (1 Thesalonika 5:3) Labo abaholwa uSathane basishaya indiva lesi sixwayiso esicacile. Ababoni ngenxa yezinhliziyo zabo ezimbi, futhi lokhu kubavimbela ukuba baphenduke enkambweni yabo embi nasekubeni bashintshe amacebo namasu abo okuzama ukubhuntshisa izinjongo zikaJehova.
10. (a) Eyoku-1 Thesalonika 5:3 kungenzeka yagcwaliseka ngezinga elingakanani, kodwa abantu bakaJehova kufanele basabele kanjani? (b) Kungani abantu abangenalo ukholo bengase babe nesibindi kakhulu sokuphikisa abantu bakaNkulunkulu esikhathini esizayo?
10 Ikakhulukazi kusukela ngo-1986, lapho iZizwe Ezihlangene zimemezela uNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke, izwe belilokhu likhuluma ngokuthula nokulondeka. Kuye kwathathwa izinyathelo eziqondile zokuletha ukuthula emhlabeni futhi kubonakala sengathi kuye kwaba nesilinganiso esithile sempumelelo. Ingabe lokhu kuwukugcwaliseka okuphelele kwalesi siprofetho, noma ingabe singalindela uhlobo oluthile lwesimemezelo esethusayo esikhathini esizayo? UJehova uyoyicacisa leyo ndaba ngesikhathi sakhe esifanele. Okwamanje, masihlale siphapheme ngokomoya, ‘silindile futhi sikugcina kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova.’ (2 Petru 3:12) Njengoba isikhathi siqhubeka futhi kusakhulunywa ngokuqhubekayo ngokuthula nokulondeka, abanye abaziyo ngalesi sixwayiso, kodwa abakhetha ukusishaya indiva, bangase badelele ngokwengeziwe ngokucabanga ukuthi uJehova ngeke aligcwalise izwi lakhe, noma uyahluleka ukuligcwalisa. (Qhathanisa nomShumayeli 8:11-13; 2 Petru 3:3, 4.) Kodwa amaKristu eqiniso ayazi ukuthi uJehova uyoyifeza injongo yakhe!
Inhlonipho Efanele Ngamanxusa UJehova Awasebenzisayo
11. Yini uDaniyeli noJosefa abayifunda ngoJehova?
11 Lapho iNkosi uNebukadinesari, umbusi woMbuso WaseBabiloni Elisha, iba nephupho eyahluleka ukulikhumbula, yacela usizo. Abapristi bayo, abalumbi nezanusi abakwazanga ukuyitshela ukuthi iphupheni futhi babengenakuchaza ukuthi lisho ukuthini lelo phupho. Nokho, inceku kaNkulunkulu uDaniyeli, yakwazi ukwenza kanjalo, nakuba yavuma ngokushesha ukuthi ukwambulwa kwephupho nencazelo yalo kwakungabangelwa ukuhlakanipha kwayo. UDaniyeli wathi: “Kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo; wazisile inkosi uNebukadinesari okuyakuba-khona ngezinsuku ezizayo.” (Daniyeli 2:1-30) Emakhulwini eminyaka amaningana ngaphambili, uJosefa, omunye umprofethi kaNkulunkulu, wayebone ngendlela efanayo ukuthi uJehova unguMambuli wezimfihlo.—Genesise 40:8-22; Amose 3:7, 8.
12, 13. (a) Ubani owayengumprofethi kaNkulunkulu omkhulu kunabo bonke, futhi kungani uphendula kanjalo? (b) Obani namuhla abakhonza ‘njengabaphathi bezimfihlo ezingcwele zikaNkulunkulu,’ futhi kufanele sibabheke kanjani?
12 Umprofethi kaJehova omkhulu kunabo bonke owakhonza emhlabeni nguJesu. (IzEnzo 3:19-24) UPawulu wachaza: “UNkulunkulu, lowo kudala ezikhathini eziningi nangezindlela eziningi owakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi, ukhulumé nathi ekupheleni kwalezizinsuku esebenzisa iNdodana, ayimisé ukuba ibe indlalifa yezinto zonke, naleyo enza ngayo izimiso zezinto.”—Heberu 1:1, 2.
13 UJehova wakhuluma namaKristu okuqala ngeNdodana yakhe, uJesu, eyawambulela izimfihlo zaphezulu. UJesu wawatshela: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 8:10) Kamuva uPawulu wakhuluma ngamaKristu agcotshiwe “njengangaphansi kukaKristu nabaphathi bezimfihlo ezingcwele zikaNkulunkulu.” (1 Korinte 4:1) Namuhla, amaKristu agcotshiwe ayaqhubeka ekhonza kanjalo, akha isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo esilungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele ngeNdikimba Ebusayo yaso. (Mathewu 24:45-47) Uma sibahlonipha kakhulu abaprofethi bakaNkulunkulu abaphefumulelwe bezikhathi ezidlule, ikakhulukazi iNdodana kaNkulunkulu, akufanele yini siwahloniphe namanxusa angabantu uJehova awasebenzisayo namuhla ukuze ambule ukwaziswa okungokweBhayibheli abantu bakhe abakudinga kakhulu kulezi zikhathi ezibucayi?—2 Thimothewu 3:1-5, 13.
Obala Noma Ekusithekeni?
14. AmaKristu ayiqhuba nini imisebenzi ekusithekeni, ngaleyo ndlela elandela isibonelo sikabani?
14 Ingabe ukwambula kukaJehova izinto ngokukhululekile kusho ukuthi amaKristu ngaso sonke isikhathi nangaphansi kwazo zonke izimo kufanele ambule konke akwaziyo? AmaKristu alandela iseluleko sikaJesu kubaphostoli bakhe ‘sokuqapha njengezinyoka kodwa nokho abe msulwa njengamajuba.’ (Mathewu 10:16) Uma etshelwa ukuthi awanakukhulekela uNkulunkulu ngokuvumelana nonembeza bawo, amaKristu ayaqhubeka ‘elalela uNkulunkulu,’ ngoba ayaqaphela ukuthi akukho nxusa elingumuntu elinelungelo lokuvimbela ukukhulekelwa kukaJehova. (IzEnzo 5:29) UJesu ngokwakhe wabonisa ukufaneleka kwalokhu. Siyafunda: “Manje ngemva kwalezizinto uJesu waqhubeka ehambahamba eGalile, ngoba wayengafuni ukuhambahamba eJudiya, ngoba amaJuda ayefuna ukumbulala. Nokho, umkhosi wamaJuda, umkhosi wamatabernakele, wawuseduze. Ngakho-ke uJesu wathi kubo [abafowabo benyama ababengakholwa]: . . . ‘Khuphukani nina niye emkhosini; Mina angikakhuphukeli kulomkhosi njengamanje, ngoba isikhathi sami esifanele asikafiki ngokugcwele.’ Ngakho ngemva kokubatshela lezizinto, wahlala eGalile. Kodwa lapho abafowabo sebekhuphukele emkhosini, khona-ke naye wakhuphuka, hhayi obala kodwa njengokungathi ekusithekeni.”—Johane 7:1, 2, 6, 8-10.
Sikhulume Noma Singakhulumi?
15. UJosefa wabonisa kanjani ukuthi ukugcina imfihlo ngezinye izikhathi kuwukubonisa uthando?
15 Kwezinye izimo, ukugcina indaba iyimfihlo akuhlakaniphile nje kuphela kodwa kubonisa nothando. Ngokwesibonelo, uJosefa, usingayise kaJesu, wasabela kanjani lapho ethola ukuthi ingoduso yakhe, uMariya, yayikhulelwe? Siyafunda: “Nokho, uJosefa umyeni wakhe, ngenxa yokuthi wayelungile futhi engafuni ukumenza umbukwane wasobala, wahlosa ukuhlukanisa naye ngasese.” (Mathewu 1:18, 19) Yeka ukuthi kwakungaba okungenamusa kangakanani ukumenza umbukwane wasobala!
16. Yimuphi umthwalo wemfanelo abadala, nawo wonke amanye amalungu ebandla, abanawo ngokuqondene nezindaba eziyimfihlo?
16 Izindaba eziyimfihlo ezingabangela amahloni noma ubuhlungu akufanele zambulwe kubantu abangenalo lelo lungelo. Abadala abangamaKristu bayakukhumbula lokhu lapho kumelwe banikeze amaKristu abakanye nawo iseluleko somuntu siqu noma induduzo noma ngisho nesiyalo ngokona okungathi sína kuJehova. Ukusingatha lezi zindaba ngendlela engokomBhalo kuyadingeka; ukwambula imininingwane eyimfihlo kulabo abangahilelekile akudingekile futhi akubonisi uthando. Ngokuqinisekile, amalungu ebandla lobuKristu ngeke azame ukuqhwanda ukwaziswa okuyimfihlo kubadala kodwa ayohlonipha umthwalo wemfanelo wabadala wokugcina izinto eziyimfihlo ziyimfihlo. IzAga 25:9 ziyaphawula: “Mela indaba yakho nomakhelwane wakho, ungambuli imfihlakalo yomunye.”
17. Kungani amaKristu ezimweni eziningi egcina izindaba eziyimfihlo ziyimfihlo, kodwa kungani engenakwenza kanjalo ngaso sonke isikhathi?
17 Lesi simiso siyasebenza nasemkhayeni noma kubangane abaseduze. Ukugcina izindaba ezithile ziyimfihlo kubalulekile ukuze kugwenywe ukungaqondani kahle nokungezwani. “Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi [olukhipha imfihlo, NW] ubuso obuthukutheleyo.” (IzAga 25:23) Yiqiniso, ukuthembeka kuJehova nasezimisweni zakhe zokulunga, kanye nothando ngabantu abonayo, ngezinye izikhathi kungase kudinge ukuba kutshelwe abazali, abadala abangamaKristu, noma abanye abanegunya ngisho nezindaba eziyimfihlo.a Kodwa ezimweni eziningi, amaKristu ayazigcina izimfihlo zabanye, azigodle njengoba egodla ezawo.
18. Yiziphi izimfanelo ezintathu zobuKristu ezingasisiza ukuba sinqume lokho okufanele nokungafanele sikusho?
18 Ngamafuphi, umKristu ulingisa uJehova ngokugcina izindaba ezithile ziyimfihlo lapho kudingekile, azambule kuphela lapho kufaneleka. Ekunqumeni ukuthi yini okufanele nokungafanele ayisho, uqondiswa ukuthobeka, ukholo nothando. Ukuthobeka kumvimbela ekubeni agqamise ukubaluleka kwakhe, azame ukuhlaba abanye umxhwele ngokubatshela konke akwaziyo noma ngokubagabisela ngezimfihlo angenakuzisho. Ukholo eZwini likaJehova nasebandleni lobuKristu lumshukumisela ukuba ashumayele ukwaziswa kweBhayibheli okuvela phezulu kuyilapho eqaphela ukuthi ugwema ukusho izinto ezingasuke zicasule abanye. Yebo, uthando lumshukumisela ukuba asho izinto ezikhazimulisa uNkulunkulu ngokukhululekile nalezo abantu okudingeka bazazi ukuze bazuze ukuphila. Ngakolunye uhlangothi, izindaba zomuntu siqu eziyimfihlo uyazigodla, eqaphela ukuthi ezimweni eziningi ukuzambula kuyobonisa ukuntula uthando.
19. Iyiphi inkambo esisiza ukuba sibone amaKristu eqiniso, futhi iphumelaphi?
19 Lendlela elinganiselayo isiza ekuhlukaniseni amaKristu eqiniso. Awakufihli ukuthi uNkulunkulu ungubani ngokuthi akanagama noma ngemfundiso kaZiqu-zintathu eyimfihlo nengachazeki. Onkulunkulu abangaziwa bangabenkolo yamanga, hhayi eyeqiniso. (Bheka IzEnzo 17:22, 23.) OFakazi BakaJehova abagcotshiwe balazisa ngempela ilungelo lokuba “abaphathi bezimfihlo ezingcwele zikaNkulunkulu.” Ngokwambula lezi zimfihlo ngokukhululekile kwabanye, badonsa abanhliziyo ziqotho ukuba bafune ubungane noJehova.—1 Korinte 4:1; 14:22-25; Zakariya 8:23; Malaki 3:18.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka esithi “Ungahlanganyeli Ezonweni Zabanye” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1985.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kungadingekile ukuba uJehova afihle izinhloso zakhe?
◻ UJehova uzambulela obani izimfihlo zakhe?
◻ AmaKristu anamuphi umthwalo wemfanelo ngezindaba eziyimfihlo?
◻ Yiziphi izimfanelo ezintathu eziyosiza amaKristu azi lokho okufanele nokungafanele akusho?
[Izithombe ekhasini 8, 9]
UJehova wambula izimfihlo ngeZwi lakhe