Usuku Oluvutha ‘Njengesithando Somlilo’
“Bheka, luyeza usuku, luvutha [njengesithando somlilo, NW].” —MALAKI 4:1.
1. Imiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene noMalaki 4:1?
PHAKATHI nalezizinsuku zokugcina, bayajabula labo uJehova akhetha ukubhala amagama abo encwadini yakhe yenkumbulo. Kodwa kuthiwani ngalabo abahlulekayo ukufanelekela lelolungelo? Kungakhathaliseki ukuthi bangababusi noma abantu nje abavamile, kuyokwenzekani kubo uma bephatha abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu nesigijimi sabo ngendelelo? UMalaki ukhuluma ngosuku lokulandisa. Kusahluko 4, ivesi 1, siyafunda: “Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha [njengesithando somlilo]; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba-ngamabibi; luyakubashisa lolosuku oluzayo, usho uJehova-Sebawoti, lungabashiyeli-mpande nagatsha.”
2. Iyiphi incazelo ecacile yesahlulelo sikaJehova enikezwa uHezekeli?
2 Abanye abaprofethi futhi bafanisa ukwahlulela kukaJehova izizwe nokushisa okuhangulayo kwesithando somlilo. Yeka ukuthi uHezekeli 22:19-22 ubhekisela ngokufaneleke kangakanani ekwahluleleni kukaNkulunkulu amahlelo eLobukholwa elihlubukayo! Ufundeka kanje: “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenxa yokuba seningamanyela nonke, ngalokho bhekani, [nginiqoqela ndawonye, NW] . . . Njengokuqoqwa kwesiliva nethusi nensimbi nomthofu nethini phakathi kwesithando ukuba kufuthwe umlilo phezu kwakho ukukuncibilikisa, kanjalo ngiyakunibutha ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nginibeke khona, nginincibilikise. Yebo, ngiyakunibutha, nginifuthe ngomlilo wentukuthelo yami, nincibilikiswe phakathi kwawo. Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina-Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.”
3, 4. (a) Ikuphi ukuzisholo kobuzenzisi okuye kwashiwo abefundisi? (b) Inkolo inamuphi umlando ongcolile?
3 Umfanekiso onamandla ngempela! Abefundisi abaye bayeka ukusebenzisa igama likaJehova, belihlambalaza ngisho nokulihlambalaza lelogama elingcwele, kumelwe babhekane nalolosuku lokulandisa. Ngokugabadela, bathi bona nemibuso yezombangazwe bayomisa uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni, noma okungenani benze umhlaba ube indawo efanelekayo yoMbuso.
4 ELobukholwa elihlubukayo liye lazihlanganisa nababusi bezombangazwe ekulweni izimpi ezisabekayo. Umlando ulandisa ngeZimpi Zenkolo zangenkathi ephakathi, ukuguqulwa ngenkani ekuQulweni Kwamacala Ezihlubuki kwaseSpain, iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu eyacekela phansi elaseYurophu ngekhulu le-17, neMpi Yombango YaseSpain yawo-1930, eyalwiwa ukuze kuvikelwe ubuKatolika eSpain. Ukuchithwa kwegazi okukhulu kunakho konke kwenzeka ezimpini ezimbili zezwe zekhulu lethu, lapho amaKatolika namaProthestani ehileleka empini kawonk’ uwonke, ebulala ngokungakhethi abakholwa nawo kanye nalabo bezinye izinkolo. Muva nje, kuye kwaba nokulwa okubulalayo phakathi kwamaKatolika namaProthestani e-Ireland, phakathi kwamaqembu enkolo eNdiya, naphakathi kwamaqembu enkolo endaweni eyayiyiYugoslavia. Amakhasi omlando ongokwenkolo nawo anindwe yigazi ngokubulawelwa ukholo kwezinkulungwane zofakazi bakaJehova abathembekile.—IsAmbulo 6:9, 10.
5. Isiphi isahlulelo esilindele inkolo yamanga?
5 Singabazisa ngokunganqikazi ubulungisa bokubhubhisa kukaJehova okusondelayo iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, kanye nabasekeli balo. Lokhukubhujiswa kuchazwe kusAmbulo 18:21, 24: “Ingelosi enamandla yaqukula itshe elinjengetshe lokugaya elikhulu yalijikijela olwandle, ithi: ‘Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyojikijelwa phansi ngomjikijelo osheshayo, futhi alisoze laphinde litholakale. Yebo, kwatholakala kulo igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.’”
6. (a) Obani okumelwe babe njengamabibi, futhi ngani? (b) Banasiphi isiqinisekiso labo abesaba uJehova?
6 Ngesikhathi esifanele, zonke izitha zokulunga, nalabo abanamathela kuzo, “bayakubangamabibi.” Usuku lukaJehova luyobavuthela njengesithando somlilo. ‘Aliyukubashiyela-mpande nagatsha.’ Ngalolosuku lokulandisa, izingane ezincane, noma amagatsha, ayokwahlulelwa ngokufanelekile ngokuvumelana nokulinganisa kukaJehova izimpande zawo, abazali bazo, abaqondisa lezizingane. Abazali ababi abanakuba nazizukulwane zokuqhubekisela phambili izindlela zabo ezimbi. Kodwa labo ababonisa ukholo ezithembisweni zoMbuso kaNkulunkulu abanakunyakaziswa. Ngakho-ke amaHeberu 12:28, 29 ayanxusa: “Masiqhubekeni siba nomusa ongafanelwe, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngokwamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nangovalo. Ngoba uNkulunkulu wethu futhi ungumlilo oqothulayo.”
Ingabe UJehova UnguNkulunkulu Ononya?
7. Uthando lukaJehova lungena kanjani esahlulelweni sakhe?
7 Ingabe lokhu kusho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ononya, ophindiselayo? Lutho neze! Kweyoku-1 Johane 4:8, umphostoli usho iqiniso eliyisisekelo: “UNkulunkulu uluthando.” Khona-ke, evesini 16 wenezela lokhu kugcizelela, ethi: “UNkulunkulu uluthando, futhi lowo ohlala othandweni uhlala esebunyeni noNkulunkulu noNkulunkulu uhlala esebunyeni naye.” UJehova uhlose ukuhlanza lomhlaba kubo bonke ububi ngenxa yothando lwakhe ngesintu. UNkulunkulu wethu onothando, nonesihe uthi: “Kuphila kwami, . . . angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani?”—Hezekeli 33:11.
8. UJohane walugcizelela kanjani uthando, wabuye futhi wazibonakalisa eyiNdodana Yokuduma?
8 UJohane ubhekisela kuyi-a·gaʹpe, uthando olunezimiso, ngokuphindwe izikhathi eziningi kunabanye abalobi bamaVangeli abathathu behlangene, kanti kuMarku 3:17, uJohane ngokwakhe uchazwa ‘njengeNdodana Yokuduma.’ Kwakungokuphefumulelwa uJehova ukuthi leNdodana Yokuduma yaloba izigijimi ezambulelayo zencwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, eveza uJehova njengoNkulunkulu owenza ubulungisa. Lencwadi igcwele amazwi esahlulelo, anjengokuthi ‘isikhamo sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu,’ “izitsha eziyisikhombisa zentukuthelo kaNkulunkulu,” nathi ‘ulaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’—IsAmbulo 14:19; 16:1; 19:15.
9. Imaphi amazwi uJesu awasho ngezahlulelo zikaJehova, futhi zagcwaliseka kanjani iziprofetho zakhe?
9 INkosi yethu uJesu Kristu, ‘engumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali,’ yamemezela ngesibindi izahlulelo zikaJehova lapho ilapha emhlabeni. (Kolose 1:15) Ngokwesibonelo, kunomaye abayisikhombisa bakaMathewu isahluko 23 eyabamemezela ngokungagwegwesi kubazenzisi benkolo bosuku lwayo. Yaphetha lesosahlulelo sokubalahla ngalamazwi: “Jerusalema, Jerusalema, umbulali wabaprofethi nomkhandi ngamatshe walabo abathunyelwe kuye,—yeka ukuthi kukaningi kangakanani ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye, ngendlela isikhukukazi esibuthela ndawonye ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso! Kodwa anifunanga. Bhekani! indlu yenu ishiywa nani.” Eminyakeni engu-37 kamuva, isahlulelo sakhishwa ibutho lamaRoma ngaphansi kukaJenene Titus. Kwakuwusuku olwesabekayo, luyisibikezelo salokho okuyoba usuku olwesabeka kakhulu kunakho konke umuntu ake abhekana nakho—usuku lukaJehova, oseluzogqashuka ngokushesha.
“Ilanga” Liyakhanya
10. “Ilanga lokulunga” liyiletha kanjani injabulo kubantu bakaNkulunkulu?
10 UJehova wazisa ukuthi kukhona abayosinda osukwini lwakhe. Ubhekisela kulaba kuMalaki 4:2, ethi: “Kinina enilesaba igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo.” Akekho omunye umuntu oyilelolanga lokulunga ngaphandle kukaJesu Kristu uqobo. ‘Uwukukhanya kwezwe’ okungokomoya. (Johane 8:12) Ukhanya kanjani? Uvela enokuphilisa emaphikweni akhe—okokuqala ukuphilisa okungokomoya, esingase sikuzwe ngisho nanamuhla, bese kuthi ezweni elisha elizayo, ukuphulukiswa okungokomzimba kwabantu abavela kuzo zonke izizwe. (Mathewu 4:23; IsAmbulo 22:1, 2) Ngokomfanekiso, njengoba uMalaki asho, abaphulukisiwe ‘bayakutshekula njengamathole [akhuluphalisiwe, NW]’ asanda kukhululwa esibayeni. Yeka futhi injabulo eyotholwa abavusiwe abavuswa benethemba lokufinyelela ekupheleleni kobuntu!
11, 12. (a) Imuphi umphumela olindele ababi? (b) Abantu bakaNkulunkulu ‘babanyathela kanjani phansi ababi’?
11 Nokho, kuthiwani ngababi? KuMalaki 4:3, siyafunda: “Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba-luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo, usho uJehova-Sebawoti.” Lapho elondoloza labo abamthandayo, uNkulunkulu wethu oyiQhawe uyobe eseshanele umhlaba wawuhlanza kulezozitha ezinonya, waziqothula. USathane namademoni akhe bayobe bevinjelwe.—IHubo 145:20; IsAmbulo 20:1-3.
12 Abantu bakaNkulunkulu abahlanganyeli ekubhubhiseni ababi. Pho-ke, ‘babanyathela kanjani phansi ababi’? Lokhu bakwenza ngendlela engokomfanekiso ngokuhlanganyela emkhosini omkhulu wokunqoba. U-Eksodusi 15:1-21 uchaza lowomkhosi. Walandela ukubhujiswa kukaFaro namabutho akhe oLwandle Olubomvu. Ekugcwalisekeni kuka-Isaya 25:3-9, ukususwa ‘kwabanonya’ kuzolandelwa idili lokunqoba elihlangene nesithembiso sikaNkulunkulu: “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile. Kuyakuthiwa ngalolosuku: Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; . . . lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.” Lenjabulo, ayibangelwa ukwenama ngenxa yokuphindiselwa kwababi noma ukukhishwa kwesibhongo, kodwa ibangelwa ukwethaba ngokubona igama likaJehova lingcwelisiwe nomhlaba uhlanziwe ukuze uhlalwe ngokuthula isintu esinobunye.
Isimiso Esikhulu Semfundo
13. Iyiphi imfundo eyoqhutshwa ‘emhlabeni omusha’?
13 KuMalaki 4:4, amaJuda ayalwa ukuba ‘akhumbule umthetho kaMose.’ Ngakho namuhla kudingeka silandele “umthetho kaKristu,” njengoba kuphawulwe kweyabaseGalathiya 6:2. Abayosinda e-Armagedoni ngokungangabazeki bayonikezwa iziyalezo ezengeziwe ezisekelwe kulomthetho, futhi leziziyalezo cishe ziyolotshwa “emiqulwini” yesAmbulo 20:12 eyovulwa ngesikhathi sovuko. Yeka ukuthi lolo kuyoba usuku oluhle kanjani njengoba abafile abavusiwe befundiswa ukulandela indlela yokuphila ‘yasemhlabeni omusha’!—IsAmbulo 21:1.
14, 15. (a) Uchazwe kanjani u-Eliya wosuku lwanamuhla? (b) Imuphi umthwalo wemfanelo ofezwa isigaba sika-Eliya?
14 Lokho kuyobe kuwukuqhutshekiselwa phambili komsebenzi wokufundisa uJehova abhekisela kuwo, njengoba kulotshwe kuMalaki 4:5: “Bhekani, ngiyakuthuma kini uEliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.” Ungubani lo-Eliya wosuku lwanamuhla? Njengoba kuboniswe kuMathewu 16:27, 28, lapho ebhekisela ‘ekuzeni embusweni wakhe,’ uJesu wathi: “INdodana yomuntu imiselwe ukuza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi zayo, khona-ke iyobuyisela kulowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe.” Ezinsukwini eziyisithupha kamuva, esentabeni noPetru, noJakobe, noJohane, “waguqulwa isimo phambi kwabo, futhi ubuso bakhe bakhanya njengelanga, nezingubo zakhe zangaphandle zakhazimula njengokukhanya.” Ingabe wayeyedwa kulombono? Cha, ngoba “bheka! kwabonakala kubo uMose no-Eliya, bexoxa naye.”—Mathewu 17:2, 3.
15 Kwakungase kusho ukuthini lokhu? Kwakubhekisela kuJesu njengoMose Omkhulu okwaprofethwa ngaye ngesikhathi sokuza kwakhe ezokwahlulela. (Duteronomi 18:18, 19; IzEnzo 3:19-23) Khona-ke wayezohlangana no-Eliya wosuku lwanamuhla ukuze afeze umsebenzi obalulekile, wokushumayela lezizindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba ngaphambi kokuba kugadle usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova. Echaza umsebenzi ‘walo-Eliya,’ uMalaki 4:6 uthi: “Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.” Ngakho ‘uEliya’ uchazwa njengesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo samaKristu agcotshiwe asemhlabeni, iNkosi, uJesu esiphathise konke okungokwayo. Lokhu kuhlanganisa ukulungiselela abendlu yokholo ‘ukudla okungokomoya okudingekile ngesikhathi esifanele.’—Mathewu 24:45, 46.
16. Imiphi imiphumela ejabulisayo eye yavezwa umsebenzi wesigaba sika-Eliya?
16 Emhlabeni wonke namuhla, singayibona imiphumela ejabulisayo yalesosimiso sokondla. Umagazini INqabayokulinda, okunyatheliswa abangu-16 100 000 umagazini ngamunye ngezilimi ezingu-120, ezingu-97 zalezi eziphuma kanyekanye, ugcwalisa umhlaba ‘ngalezizindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Ezinye izincwadi ngezilimi eziningi ziyasetshenziswa ezicini ezihlukahlukene zomsebenzi wokushumayela nokufundisa woFakazi BakaJehova. Isigaba sika-Eliya, isigqila esikholekile nesiqondayo, sikuphaphamele ukubalungiselela insada bonke ‘labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Ngaphezu kwalokho, labo abamukela lelithemba loMbuso futhi benze ngokuvumelana nalo bahlanganiswa ebunyeni obumangalisayo bomhlaba wonke. Buhlanganisa isixuku esikhulu ‘esiphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.’ (IsAmbulo 7:9) Lapho lomsebenzi usufezwe ngezinga uJehova alifunayo, khona-ke ukuphela kuzofika osukwini lwakhe olukhulu nolwesabekayo.
17. Usuku lukaJehova olwesabekayo luyogqashuka nini?
17 Luyogqashuka nini ngempela lolosuku olwesabekayo? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Usuku lukaJehova luza ngokufana ncamashí nesela ebusuku. Noma nini lapho bethi [mhlawumbe ngendlela evelele] khona: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyofika ngaso lesosikhathi phezu kwabo njengomhelo wokucindezeleka phezu kowesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nganoma iyiphi indlela.”—1 Thesalonika 5:2, 3.
18, 19. (a) “Ukuthula nokulondeka” kumenyezelwa kanjani? (b) Abantu bakaJehova bayoyithola nini impumuzo?
18 Bangobani laba abayobe ‘bethi’ kulesisiprofetho? Bangabaholi bezombangazwe abathi bangakha uhlelo olusha olubumbene ngezingxenye ezivithikile zalelizwe elinobudlova. Imikhiqizo yabo emikhulu, iNhlangano Yezizwe neZizwe Ezihlangene, iye yahluleka kulokhu. Njengoba umprofethi kaJehova abikezela, ngisho namanje “bathi: Ngukuthula, ngukuthula; kepha akukho ukuthula.”—Jeremiya 6:14; 8:11; 14:13-16.
19 Okwamanje, abantu bakaJehova bakhuthazelela ukucindezela noshushiso kwalelizwe elingenandaba noNkulunkulu. Kodwa ngokushesha, njengoba kushiwo kweyesi-2 Thesalonika 1:7, 8, bayothola impumuzo “ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu.”
20. (a) Yini uZefaniya noHabakuki abayiprofetha ngokuphathelene nosuku ‘oluvutha njengesithando somlilo’? (b) Isiphi iseluleko nesikhuthazo leziziprofetho ezisinikezayo?
20 Kuyofika ngokushesha kangakanani lokho? Abaningi bethu sebelinde isikhathi eside. Okwamanje, amanani amakhulu abathobekileyo ayosinda ayasabela obizweni olutholakala kuZefaniya 2:2, 3: “Funani uJehova . . . funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.” Khona-ke, uZefaniya 3:8 unalesisikhuthazo: “Ngalokho, ngilindeleni, usho uJehova, kuze kube-lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.” Ukuphela kuseduze! UJehova uyalwazi lolosuku nalelohora futhi akanakuluguqula uhlelo lwakhe lwezikhathi. Masikhuthazeleni ngokubekezela. “Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Usuku lukaJehova olwesabekayo lusondela ngendlela engakaze ibonwe nanini. Khumbula, lolosuku ngeke lwephuze!
Ukubukeza:
◻ Kuyokwenzekani kubabusi nakulabo ababuswayo ngosuku lukaJehova olwesabekayo?
◻ Uluhlobo luni lukaNkulunkulu uJehova?
◻ Hlobo luni lwemfundo oluyohlelelwa abantu bakaNkulunkulu?
◻ Abaprofethi bakaNkulunkulu basikhuthaza kanjani ngenxa yokusondela kokuphela?
[Isithombe ekhasini 21]
Phakathi nokuQulwa Kwamacala Ezihlubuki kwaseSpain abaningi baphoqelelwa ukuba baguqukele enkolweni yamaKatolika
[Umthombo]
The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck