-
Ukubona “Umuntu Ongenamthetho”INqabayokulinda—1990 | Febhuwari 1
-
-
Imvelaphi Yomuntu Ongenamthetho
4. Ngubani umsunguli nomsekeli womuntu ongenamthetho?
4 Ubani owasungula nosekela lomuntu ongenamthetho? UPawulu uyaphendula: “Lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.” (2 Thesalonika 2:9, 10) Ngakho uSathane unguyise nomsekeli womuntu ongenamthetho. Futhi njengoba nje uSathane emelene noJehova, nezinjongo zaKhe, nabantu baKhe, unjalo nomuntu ongenamthetho, kungakhathaliseki ukuthi uyakuqaphela lokho noma cha.
5. Isiphi isiphetho esilindele ongenamthetho nalabo abamlandelayo?
5 Labo abahambisana nomuntu ongenamthetho bayohlangabezana nesiphetho esifana nesakhe—imbubhiso: “Uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu . . . imchithe ngokubonakala kokufika kwayo.” (2 Thesalonika 2:8) Lesosikhathi sokubhujiswa komuntu ongenamthetho nabasekeli bakhe (‘ababhubhayo’) siyofika ngokushesha “ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:6-9.
-
-
Ukubona “Umuntu Ongenamthetho”INqabayokulinda—1990 | Febhuwari 1
-
-
Ukubona Lona Ongenamthetho
7. Kungani siphetha ngokuthi uPawulu wayengakhulumi ngomuntu oyedwa, futhi umuntu ongenamthetho umelelani?
7 Ingabe uPawulu wayekhuluma ngomuntu oyedwa? Cha, ngoba uthi ‘lomuntu’ wayebonakala osukwini lukaPawulu futhi wayeyoqhubeka ekhona kuze kube yilapho uNkulunkulu embhubhisa ekupheleni kwalesimiso. Kanjalo, usebe khona amakhulu eminyaka amaningi. Ngokusobala, akekho umuntu ongokoqobo oseye waphila isikhathi eside kangako. Ngakho amazwi athi “umuntu ongenamthetho” kumelwe ukuba amelela indikimba yabantu, noma isigaba.
8. Ungubani umuntu ongenamthetho, futhi yiziphi ezinye izici ezimbonakalisayo?
8 Bangobani? Ubufakazi bubonisa ukuthi bayindikimba ezidlayo nehahayo yabefundisi beLobukholwa, labo emakhulwini eminyaka adlule abaye bazenza umthetho bona ngokwabo. Lokhu kungabonakala eqinisweni lokuthi kunezinkulungwane zezinkolo ezihlukahlukene namahlelo eLobukholwa, ngalinye elinomfundisi walo, kodwa ngalinye liyaphikisana namanye esicini esithile semfundiso noma sesenzo. Lesimo sokuhlukana phakathi siwubufakazi obucacile bokuthi abalandeli umyalo kaNkulunkulu. Abanakuba ngabavela kuNkulunkulu. (Qhathanisa noMika 2:12; Marku 3:24; Roma 16:17; 1 Korinte 1:10.) Into eyodwa zonke lezinkolo ezifana ngayo iwukuthi azibambeleli ezimfundisweni zeBhayibheli, ziye zaphula umthetho othi: “[Ni]ngeqisi kokulotshiweyo.”—1 Korinte 4:6; bheka futhi uMathewu 15:3, 9, 14.
9. Yiziphi izinkolelo ezingekho ngokombhalo lona ongenamthetho aye wazifaka esikhundleni samaqiniso eBhayibheli?
9 Kanjalo, lona ongenamthetho ungumuntu ohlanganisa abaningi: abefundisi benkolo beLobukholwa. Bonke, kungakhathaliseki ukuthi bangopapa, abapristi, obaba besonto, noma abashumayeli bamaProthestani, bahlanganyela icala lezono ezingokwenkolo zeLobukholwa. Baye benana iqiniso likaNkulunkulu ngamagama obuqaba, befundisa izimfundiso ezingekho ngokomBhalo njengokungafi komphefumulo womuntu, isihogo somlilo, isihlanzo, noZiqu-zintathu. Banjengabaholi benkolo uJesu athi kubo: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. . . . [U]ngumqambimanga noyise wawo.” (Johane 8:44) Nezenzo zabo zibadalula njengabangenamthetho, ngoba bayahlanganyela ezenzweni eziphula imithetho kaNkulunkulu. Kwabanjalo uJesu uthi: “Sukani kimi nina-benzi bokubi.”—Mathewu 7:21-23.
-