-
Ukukhululwa Ekwambulweni KukaJesu KristuINqabayokulinda—1993 | Meyi 1
-
-
Abafowethu baseThesalonika lasendulo, lapho besebasha eqinisweni, babhekana nosizi olufana nalolo ababhekana nalo abaningi boFakazi BakaJehova namuhla. Ngakho, amazwi omphostoli uPawulu kubo abaluleke kakhulu nakithi. Wabhala: “Kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
-
-
Ukukhululwa Ekwambulweni KukaJesu KristuINqabayokulinda—1993 | Meyi 1
-
-
4. Kungani abefundisi befanelwe isahlulelo esiyokhishwa ekwambulweni kukaJesu?
4 Esikhathini sikaPawulu usizi oluningi lwalubangelwa abaholi benkolo bamaJuda. Ngokufanayo nanamuhla, ukuphikiswa koFakazi BakaJehova abathanda ukuthula ngokuvamile kuye kwashoshozelwa yilabo abathi bamelela uNkulunkulu, ikakhulukazi abefundisi beLobukholwa. Laba benza sengathi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamenqaba “uJehova oyedwa” weBhayibheli, bemukela uZiqu-zintathu oyimfihlo esikhundleni sakhe. (Marku 12:29, NW) Abazilaleli izindaba ezinhle eziphathelene neNkosi yethu uJesu, bebheka ekubuseni komuntu ukuze bathole ukukhululeka futhi benqaba izindaba ezinhle zoMbuso kaKristu ozayo wokulunga. Bonke labaphikisi benkolo kumelwe babhubhe ngesikhathi ‘sokwambulwa kweNkosi yethu uJesu evela ezulwini’!
-