Lapho Isono Singasekho
“INGABE sizalelwe esonweni?” Lowo mbuzo wadida umfundi oneziqu e-United States ngemva nje kokuqala ukutadisha iBhayibheli. Ngenxa yesizinda sakhe sobuHindu, wayeweshwama umqondo wesono esizuzwe njengefa. Kodwa uma ngempela isono sizuzwe njengefa, ecabanga, akunakusiza ukwenqaba noma ukungabunaki ubuqiniso balokho. Umuntu angayithola kanjani impendulo yalombuzo?
Uma isono sizuzwe njengefa, kumelwe sibe nesiqalo. Ingabe umuntu wokuqala wadalwa engalungile, wabe esedlulisela izici ezimbi ezinganeni zakhe? Noma ingabe ukonakala kwavela kamuva? Isono saqala nini ngempela? Ngakolunye uhlangothi, uma isono siwububi nje obukhona bangaphandle noma isimiso, ingabe singaba nethemba lokukhululeka kuso?
Ngokwenkolelo yamaHindu, ukuhlupheka nobubi kuhambisana nendalo. “Ukuhlupheka [noma ububi],” kuphawula isazi esingumHindu, “njenge-rheumatism engamahlalakhona, kumane kusuke endaweni ethile kuye kwenye kodwa akunakuqedwa ngokuphelele.” Ngokuqinisekile ububi buye baba ingxenye yezwe lesintu kuwo wonke umlando olotshiwe. Uma baba khona ngaphambi kwemibhalo engokomlando yomuntu, izimpendulo ezinokwethenjelwa ngemvelaphi yabo kumelwe nakanjani zivele emthonjeni ongaphezu kowomuntu. Izimpendulo kumelwe zivele kuNkulunkulu.—IHubo 36:9.
Umuntu—Wadalwa Engenasono
Izincazelo zokudalwa komuntu ezinikezwa kuyi-Vedas zingokomfanekiso, kuvuma isazi sefilosofi esingumHindu uNikhilananda. Ngokufanayo, izinkolo eziningi zaseMpumalanga zinikeza izincazelo eziyizinganekwane kuphela ngokuphathelene nendalo. Nokho, kunezizathu ezinengqondo nezingokwesayensi zokukholelwa ukulandisa kweBhayibheli kokudalwa komuntu wokuqala.a Isahluko salo sokuqala sithi: “UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.”—Genesise 1:27.
Kusho ukuthini ukudalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu”? Kumane kusho ukuthi: Umuntu wenziwa wafana noNkulunkulu, enezimfanelo zikaNkulunkulu—njengobulungisa, ukuhlakanipha nothando—okwamenza wahluka ezilwaneni. (Qhathanisa neyabaseKolose 3:9, 10.) Lezi zimfanelo zamenza wakwazi ukuzikhethela ukwenza okuhle noma okubi, zamenza waba nenkululeko yokuzikhethela. Lapho edalwa, umuntu wokuqala wayengenasono, engenabo ububi noma ukuhlupheka ekuphileni kwakhe.
UJehova uNkulunkulu wanika u-Adamu lomyalo: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Ngokukhetha ukulalela, u-Adamu nomkakhe, u-Eva, babengaletha udumo kuMdali wabo futhi bahlale bengenasono. Ngakolunye uhlangothi, isenzo sokungalaleli sasiyobonisa ukuthi bayahluleka ukufinyelela izindinganiso zikaNkulunkulu eziphelele futhi sibenze abangaphelele—abanesono.
U-Adamu no-Eva abadalwanga benesimo saphezulu. Nokho, babenaso isilinganiso esithile sezimfanelo zaphezulu nekhono lokwenza izinqumo zokuziphatha. Njengoba babeyindalo kaNkulunkulu, babengenasono, noma babephelele. (Genesise 1:31; Duteronomi 32:4) Ukudalwa kwabo akuzange kuphazamise ukuvumelana okwase kuneminyaka eminingi kukhona phakathi kukaNkulunkulu nendawo yonke. Khona-ke, saqala kanjani isono?
Imvelaphi Yesono
Isono saqala endaweni yomoya. Ngaphambi kokudalwa komhlaba nabantu, uNkulunkulu wayedale izidalwa zomoya ezihlakaniphile—izingelosi. (Jobe 1:6; 2:1; 38:4-7; Kolose 1:15-17) Enye yalezi zingelosi yacabanga kakhulu ngobuhle nangokuhlakanipha kwayo siqu. (Qhathanisa noHezekeli 28:13-15.) Ngenxa yokuyala kukaNkulunkulu ukuba u-Adamu no-Eva bazale abantwana, lengelosi yabona ukuthi ngokushesha wonke umhlaba uyogcwala abantu abalungile, bonke abakhulekela uNkulunkulu. (Genesise 1:27, 28) Lesi sidalwa somoya safisa ukuba bakhulekele sona. (Mathewu 4:9, 10) Ukugxila kwaso kulesi sifiso kwasiholela ekubeni sithathe inkambo engalungile.—Jakobe 1:14, 15.
Ikhuluma no-Eva ngenyoka, lengelosi ehlubukayo yathi ngokwenqabela ukudliwa kwezithelo zomuthi wokwazi okuhle nokubi, uNkulunkulu wayegodla ulwazi okwakufanele u-Eva abe nalo. (Genesise 3:1-5) Lawo kwakungamanga enzondo—isenzo sokona. Ngokukhuluma lamanga, lengelosi yazenza isoni. Ngenxa yalokho, yabizwa ngokuthi uDeveli, umnyundeli, noSathane, umphikisi kaNkulunkulu.—IsAmbulo 12:9.
Amazwi ayengayo kaSathane aba nethonya elibi ku-Eva. Ebeka ithemba lakhe emazwini oMyengi, wazivumela ukuba ayengeke adle esinye sezithelo zomuthi owenqatshelwe. Umyeni wakhe, u-Adamu, wahlanganyela naye ekudleni leso sithelo futhi ngaleyo ndlela bobabili baba izoni. (Genesise 3:6; 1 Thimothewu 2:14) Ngokusobala, ngokukhetha ukungamlaleli uNkulunkulu, abazali bethu bokuqala bageja uphawu lokuphelela futhi baba izoni.
Kuthiwani ngenzalo ka-Adamu no-Eva? IBhayibheli liyachaza: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Umthetho wofuzo wawususebenza kakade. U-Adamu wayengenakudlulisela ezinganeni zakhe lokho ayengenakho. (Jobe 14:4) Njengoba lombhangqwana wokuqala wawungasaphelele, wawusuyizoni lapho uba nabantwana. Ngenxa yalokho, sonke—ngothi lwethu—siye sazuza isono njengefa. (IHubo 51:5; Roma 3:23) Khona-ke, isono siye sabangela ububi nokuhlupheka. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yaso, sonke siyaguga futhi sife, “ngoba inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa.”—Roma 6:23.
Unembeza ‘Ukubeka Icala’ Noma ‘Ukuvune’
Cabanga nangomphumela wesono ekuziphatheni kombhangqwana wokuqala ongabantu. Wamboza izingxenye ezithile zemizimba yawo futhi wazama ukucashela uNkulunkulu. (Genesise 3:7, 8) Ngakho isono sawubangela ukuba uzizwe unecala, ukhathazekile futhi unamahloni. Namuhla sonke isintu sijwayelene kakhulu nalemizwa.
Ubani ongakaze aphatheke kabi ngenxa yokugodlela othile osweleyo umusa noma ongakaze azisole ngokusho amazwi obekungafanele ashiwo? (Jakobe 4:17) Kungani siba nemizwa enjalo yokukhathazeka? Umphostoli uPawulu uyachaza ukuthi ‘umthetho ulotshwe ezinhliziyweni zethu.’ Ngaphandle kwalapho unembeza wethu uye waba lukhuni, noma yikuphi ukweqiwa kwalowo mthetho kubangela ukuphazamiseka kwangaphakathi. Ngakho kunjengokungathi iphimbo likanembeza ‘lisibeka icala’ noma ‘liyasivuna.’ (Roma 2:15; 1 Thimothewu 4:2; Thithu 1:15) Kungakhathaliseki ukuthi siyakuqaphela yini noma cha, sinomuzwa wangaphakathi wobubi, wesono!
UPawulu wayekuqaphela kahle ukuthambekela kwakhe esonweni. “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi,” evuma. “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” Ngakho uPawulu wabuza: “Ubani oyongophula kulomzimba othola lokhukufa?”—Roma 7:21-24.
Ukukhululeka Esonweni—Kanjani?
Esinye isazi sithi: “Ukukhululeka, ngokwesiko lamaHindu, ukukhululeka ekuzalweni nasekufeni ngokuphindaphindiwe.” Njengekhambi, ubuBuddha nabo bukhomba kuyiNirvana—isimo sokukhohlwa izinto ezikhona ngokoqobo. Ngenxa yokungawuqondi umqondo wesono esizuzwe njengefa, ubuHindu bunikeza ithemba lokungabi bikho njengeliwukuphela kwekhambi.
Ngakolunye uhlangothi, indlela yeBhayibheli yokusikhulula iphumela ekususweni ngokoqobo kwesimo sokona. Ngemva kokubuza indlela angasindiswa ngayo esonweni, umphostoli uPawulu uyaqhubeka ephendula: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) Yebo, insindiso ivela kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.
NgokweVangeli likaMathewu, “iNdodana yomuntu,” uJesu Kristu, yeza ‘ukuzonikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Thimothewu 2:6, uPawulu waloba ukuthi uJesu “wazinikela waba isihlengo esihambelanayo sabo bonke.” Igama elithi “isihlengo” libonisa ukukhokha inani lokukhululwa kwabathunjwa. Ukuthi siyisihlengo esihambelanayo kugcizelela amandla enani okulinganisa izikali ezingokomthetho zobulungisa. Kodwa ukufa komuntu oyedwa kungabhekwa kanjani ‘njengesihlengo esihambelanayo sabo bonke’?
U-Adamu wathengisela sonke isintu, kuhlanganise nathi, esonweni nokufa. Inani, noma inhlawulo, ayikhokha yaba ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele. Ukuze kuhlangane leli nani, kwakudingeka kukhokhwe okunye ukuphila kobuntu okuphelele—isihlengo esihambelanayo. (Eksodusi 21:23; Duteronomi 19:21; Roma 5:18, 19) Njengoba ayengekho umuntu ongaphelele owayenganikeza lesi sihlengo, uNkulunkulu, ngokuhlakanipha kwakhe okungenakuphela, wavula indlela yokuphuma kulesi simo esikhungathekisayo. (IHubo 49:6, 7) Wadlulisela ukuphila okuphelele kweNdodana yakhe ezelwe yodwa esibelethweni sencasakazi esemhlabeni, enza ukuba izalwe njengomuntu ophelele.—Luka 1:30-38; Johane 3:16-18.
Ukuze afeze lomsebenzi wokuhlenga isintu, uJesu kwadingeka agcine umlando ohlanzekile sonke isikhathi ayesemhlabeni ngaso. Wakwenza lokho. Wabe esefa ukufa okuwumhlatshelo. Ngalendlela uJesu waqinisekisa ukuthi inani lokuphila kobuntu okuphelele—ukuphila kwakhe—kuyotholakala ukuze kukhokhwe njengesihlengo sokukhulula isintu.—2 Korinte 5:14; 1 Petru 1:18, 19.
Lokho Isihlengo SikaKristu Esingasenzela Kona
Umhlatshelo kaJesu wesihlengo ungasizuzisa manje. Ngokuba nokholo kuwo, singajabulela ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu futhi singaba ngaphansi kokunakekela kothando nokunesisa kukaJehova. (IzEnzo 10:43; Roma 3:21-24) Kunokunqotshwa umuzwa wecala ngenxa yezono okungenzeka siye sazenza, singacela intethelelo kuNkulunkulu ngokukhululeka ngesisekelo sesihlengo.—Isaya 1:18; Efesu 1:7; 1 Johane 2:1, 2.
Ezinsukwini ezizayo, isihlengo siyokwenza kube nokwenzeka ukwelashwa ngokuphelele kwesimo esigulayo sesintu esibangelwe isono. Incwadi yokugcina yeBhayibheli ichaza “umfula wamanzi okuphila” ovela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngasogwini lwalomfula kunemithi eminingi yezithelo enamaqabunga “okwelapha izizwe.” (IsAmbulo 22:1, 2) Ngokomfanekiso, iBhayibheli lapha likhuluma ngelungiselelo elihle loMdali lokukhulula phakade isintu esonweni nokufa ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo.
Imibono engokwesiprofetho yencwadi yesAmbulo izogcwaliseka maduze nje. (IsAmbulo 22:6, 7) Khona-ke, bonke abanhliziyo ziqotho bayophelela, ‘bakhululwe ekugqilazweni ukonakala.’ (Roma 8:20, 21) Ingabe lokhu akufanele kusishukumisele ukuba sifunde okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu nangeNdodana yakhe ethembekile, uJesu Kristu, eyaba isihlengo?—Johane 17:3.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 6]
U-Adamu waletha isono nokufa esintwini
[Isithombe ekhasini 7]
Umhlatshelo kaJesu wesihlengo uletha ukukhululeka esonweni nokufa