Abesifazane
Incazelo: Abantu besimame abadala. NgesiHeberu, igama elisho owesifazane ngu-’ish·shahʹ, elisho ngokuqondile ukuthi “indoda yesifazane.”
Ingabe iBhayibheli liyabehlisa abesifazane noma libathathe njengokungathi bangabantu abaphansi?
Gen. 2:18: “UJehova uNkulunkulu wathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” (Indoda lapha uNkulunkulu akayichazi njengengumuntu ongcono kunowesifazane. Kunalokho, uNkulunkulu wabonisa ukuthi owesifazane wayezoba nezimfanelo ezaziyosiza [ziphelelise] lezo zendoda elungiselelweni likaNkulunkulu. Okusizayo [okuphelelisayo] okukodwa ezingxenyeni ezimbili eziphelelisanayo. Ngakho abesifazane njengeqembu bavelele ngezimfanelo ezithile namakhono; namadoda, kwezinye. Qhathanisa neyoku-1 Korinte 11:11, 12.)
Gen. 3:16: “Wathi [uNkulunkulu] kowesifazane: . . . Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Lenkulumo ngemva kokona kuka-Adamu noEva yayingaphawuli lokho amadoda okumelwe akwenze kodwa yayiphawula lokho uJehova ayazi ngaphambili ukuthi ayeyokwenza manje njengoba ubugovu base buyingxenye yokuphila komuntu. Izingxenye eziningana zeBhayibheli ngemva kwalokho zilandisa ngezimo ezingajabulisi neze ezaba khona ngenxa yokubusa kwamadoda okunjalo kobugovu. Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu wakuvumela ukuziphatha okunjalo noma ukuthi kuyisibonelo sokulandelwa ngabanye.)
Ingabe ukunikezwa kwamadoda ubunhloko kuyabalulaza abesifazane?
Ukuba ngaphansi kobunhloko akukhona ukululazwa. Ubunhloko busiza ekusingathweni kwezinto ngendlela ehlelekile, futhi uJehova “kasiye [uNkulunkulu] wesiyaluyalu kepha ngowokuthula.” (1 Kor. 14:33) UJesu Kristu ungaphansi kobunhloko bukaJehova uNkulunkulu, futhi uthola ukwaneliseka okukhulu kulobobuhlobo.—Joh. 5:19, 20; 8:29; 1 Kor. 15:27, 28.
Ubunhloko obungaphansi kwalobo bunikezwe indoda, ikakhulukazi emkhayeni nasebandleni lobuKristu. UNkulunkulu akazange anikeze indoda igunya eliphelele phezu kowesifazane; indoda kumelwe iphendule enhlokweni yayo, uJesu Kristu, nakuNkulunkulu ngendlela esebenzisa ngayo ubunhloko obunjalo. (1 Kor. 11:3) Ngaphezu kwalokho, amadoda ayalwa ngokuthi “afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo” nangokuthi ‘abanike udumo’ omkawo. (Efe. 5:28; 1 Pet. 3:7) Izidingo zobulili zendoda azibekwa ngaphezu kwezomkayo elungiselelweni likaNkulunkulu lemibhangqwana eshadile. (1 Kor. 7:3, 4) Indima yomfazi ofanelekile, njengoba ihlelwe eBhayibhelini, igcizelela ukubaluleka kwakhe emkhayeni nasemphakathini. Ivumela indima ebanzi angasebenzisa kuyo ukwahlulela kwakhe lapho ebonisa ukuqaphela kwakhe ubunhloko bomyeni wakhe. (IzAga 31:10-31) IBhayibheli liyala abantwana ukuba bangahloniphi nje uyise kuphela kodwa futhi nonina ngokufanayo. (Efe. 6:1-3) Licabangela futhi ngokukhethekile ukunakekela izidingo zabafelokazi. (Jak. 1:27) Ngakho-ke phakathi kwamaKristu eqiniso, abesifazane bangathola ukulondeka okukhulu, ukuziqaphela kweqiniso bona ngokwabo njengabantu, nokwaneliseka komuntu siqu emsebenzini wabo.
Ukuqapheleka kwesikhundla sowesifazane elungiselelweni likaNkulunkulu kuboniswa ngokuqhubekayo iqiniso lokuthi uJehova ubhekisela enhlanganweni yakhe yezidalwa zomoya ezithembekile njengowesifazane, umfazi wakhe, unina wamadodana akhe. (IsAm. 12:1; Gal. 4:26) Futhi, ibandla eligcotshwe ngomoya likaJesu Kristu likhulunyelwa njengomlobokazi wakhe. (IsAm. 19:7; 21:2, 9) Futhi ngokombono ongokomoya akukho mehluko phakathi kwabesilisa nabesifazane kulabo ababizelwe ukuhlanganyela eMbusweni wasezulwini noKristu.—Gal. 3:26-28.
Ingabe abesifazane kumelwe babe izikhonzi (ministers)?
Labo abanikezwe ukwengamela ibandla bachazwa eBhayibhelini njengabesilisa. Abaphostoli bakaJesu Kristu abayi-12 bonke babengabesilisa, futhi labo kamuva abamiswa njengababonisi nezinceku ezikhonzayo (amadiyakoni) ebandleni lobuKristu babengabesilisa. (Math. 10:1-4; 1 Thim. 3:2, 12) Abesifazane balulekwa ukuba ‘bafunde ukuthula nokuthobeka konke’ emihlanganweni yebandla, okungukuthi abaphakamisi imibuzo ebeka inselele kwabesilisa ebandleni. Abesifazane ‘abavunyelwe ukukhuluma’ emihlanganweni enjalo uma lokho abangase bakusho kungabonisa ukuntuleka kokuzithoba. (1 Thim. 2:11, 12; 1 Kor. 14:33, 34) Kanjalo-ke, nakuba abesifazane bewusizo olukhulu emsebenzini webandla, alikho ilungiselelo ngabo lokuba bengamele, noma lokuba bahole ngokufundisa ibandla, uma amadoda afanelekayo ekhona.
Kodwa ingabe abesifazane bangaba abashumayeli, abamemezeli, izikhonzi zezindaba ezinhle, ngaphandle kwemihlangano yebandla? NgePentekoste lika-33 C.E. umoya ongcwele wathululelwa kukho kokubili abesilisa nabesifazane. Lapho echaza, umphostoli uPetru wacaphuna uJoweli 2:28, 29, ethi: “Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku zami nezincekukazi zami ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyomihla, ziyakuprofetha.” (IzE. 2:17, 18) Ngendlela efanayo, namuhla abesifazane bahlanganyela ngokufanelekile enkonzweni yobuKristu, beshumayela endlini ngendlu beqhuba nezifundo zeBhayibheli zasemakhaya.—Bheka futhi iHubo 68:11; Filipi 4:2, 3.
Kungani abesifazane abangamaKristu befaka izembozo zekhanda ngezinye izikhathi?
1 Kor. 11:3-10: “Inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu. . . . Yilowo nalowowesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, . . . Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda. Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda. Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe-nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.” (Uma owesifazane ongumKristu efaka isembozo sekhanda ngezikhathi ezifanelekile, lokho kuwubufakazi benhlonipho yakhe ngelungiselelo lobunhloko elamiswa uNkulunkulu. UKristu uyabuhlonipha ubunhloko obungokwasezulwini; amadoda nabesifazane nabo babophekile ukwenza kanjalo. Indoda yokuqala, uAdamu, ayivelanga ngokuzalwa ngowesifazane kodwa yadalwa uNkulunkulu. Lapho edala uEva, uNkulunkulu wasebenzisa ubambo luka-Adamu njengesisekelo, futhi uNkulunkulu waphawula ukuthi kwakumelwe abe umsizi ka-Adamu. Ngaleyondlela-ke, isikhundla sokuba inhloko sanikezwa indoda eyadalwa kuqala. Indoda ayisifaki isembozo sekhanda uma ‘ikhuleka noma iprofetha,’ ngoba, ngokuqondene nobunhloko, indoda ‘ingumfanekiso kaNkulunkulu,’ ayinayo inhloko yasemhlabeni ezintweni eziphathelene nomkhaya wayo. Nokho, ngowesifazane ukuba ‘akhuleke noma aprofethe’ ngaphandle kwesembozo sekhanda kungabonisa ukungasihloniphi isikhundla sendoda eyasinikwa uNkulunkulu futhi kungayihlazisa. Ngisho nezingelosi, ezingamalungu enhlangano kaJehova yasezulwini enjengomfazi, ziyalubona “uphawu lwesithunzi” olufakwa ngabesifazane abangamaKristu abathembekile futhi zikhunjuzwa ngokuzithoba kwazo kuJehova.)
Kunini lapho kudingeke khona ngowesifazane ukuba afake isembozo sekhanda?
Lapho ‘ekhuleka noma eprofetha,’ njengoba kuphawulwe kweyoku-1 Korinte 11:5. Lokhu akusho ukuthi isembozo sekhanda sidingekile uma ekhuleka ngasese noma uma exoxa nabanye ngesiprofetho seBhayibheli. Nokho, kumelwe afake isembozo sekhanda esinjalo njengesibonakaliso sangaphandle senhlonipho yakhe ngobunhloko bendoda uma enakekela izinto eziphathelene nokukhulekela ngokuvamile ebezinganakekelwa umyeni wakhe noma omunye wesilisa. Uma ezikhulekela yena nabanye ngokuzwakalayo noma eqhuba isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, ngaleyondlela efundisa, kukhona umyeni wakhe, kumelwe afake isembozo sekhanda, ngisho noma umyeni engahlanganyeli naye ekukholweni. Kodwa njengoba egunyazwe ngokwaphezulu ukuba afundise abantwana bakhe, asidingeki isembozo sekhanda uma ekhuleka noma efunda nabantabakhe abangazinikezele ngezikhathi umyeni wakhe angekho ngazo. Uma, esimweni esithile esingavamile, ilungu lebandla lesilisa elizinikezele likhona noma uma ehambisana nombonisi ojikelezayo ohambele ibandla, khona-ke, uma eqhuba isifundo seBhayibheli esihlelwe kusengaphambili, kumelwe amboze ikhanda lakhe, kodwa umzalwane kumelwe athandaze.
Ingabe kungokufanelekile ngabesifazane ukuba bafake izinto zokuzimonyonga noma amagugu okuhloba?
1 Pet. 3:3, 4: “Ukuhloba kwenu makungabi-ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube-ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.” (Ingabe lokhu kusho ukuthi abesifazane akumelwe bafake imihlobiso? Lutho neze; njengoba nje ngokusobala kungasho ukuthi akumelwe bagqoke izingubo. Kodwa lapha bakhuthazwa ukuba balinganisele embonweni wabo ngokuqondene nokuzilungisa nokugqoka, bagcizelele ngokuyinhloko ekuhlobeni okungokomoya.)
1 Thim. 2:9, 10: “Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi-ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.” (Okubaluleke ngempela kuNkulunkulu—ingabe ukubonakala komuntu ngaphandle noma isimo senhliziyo yomuntu? UNkulunkulu angajabula yini uma owesifazane engazifaki izimonyo noma imihlobiso kodwa ephila ngokuziphatha okubi? Noma angavumela abesifazane abanesizotha nabahlelekile engqondweni ekusebenziseni kwabo izimonyo nezinto zokuzihlobisa futhi abazihlobisa ngokuyinhloko ngezimfanelo zokwesaba uNkulunkulu nokuziphatha kobuKristu? UJehova uthi: ‘UJehova akabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’—1 Sam. 16:7.)
IzAga 31:30: “Ubuhle [bungase bube] yinkohliso, nokubukeka [kungase kube] yize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.”